Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 1/15 kk. 8-9
  • Umfanekiso Wedili Lomshado

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umfanekiso Wedili Lomshado
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfanekiso Wedili Lomshado
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Inkosi Iyala Ukuba Kumenyelwe Abantu Edilini Lomshado
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukubungazwa UmFarisi Ovelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukubungazwa UmFarisi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 1/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Umfanekiso Wedili Lomshado

NGEMIFANEKISO emibili, uJesu udalule ababhali nabapristi abakhulu, futhi bafuna ukumbulala. Kodwa uJesu akakaqedi ngabo. Uyaqhubeka ebatshela omunye futhi umfanekiso, ethi:

“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.”

UJehova uNkulunkulu uyiNkosi elungiselela iNdodana yayo, uJesu Kristu, idili lomshado. Ekugcineni, umlobokazi wayo ongabalandeli abagcotshiwe abayizi-144 000 uyohlanganiswa nayo ezulwini. Izikhonzi zeNkosi zingabantu bakwaIsrayeli, okwathi ngokungeniswa esivumelwaneni soMthetho ngo-1513 B.C.E., bamukela ithuba lokuba ‘umbuso wabapristi.’ Kanjalo, ngalesosehlakalo, kwasekuqaleni bamenywa edilini lomshado.

Nokho, ubizo lokuqala lwalabo abamenyiwe aluzange lwenziwe kwaze kwaba intwasahlobo ka-29 C.E., lapho uJesu nabafundi bakhe (izinceku zenkosi) beqala umsebenzi wabo wokushumayela ngoMbuso. Kodwa amaIsrayeli emvelo athola lolubizo olwenziwa izinceku kusukela ngo-29 C.E. kuya ku-33 C.E. ayengathandi ukuza. Ngakho uNkulunkulu wanika lesizwe sabamenyiwe elinye ithuba, njengoba uJesu echaza:

“Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.” Lolubizo lwesibili nolokugcina lwalabo abamenyiwe lwaqala ngePhentekoste lika-33 C.E., lapho umoya ongcwele uthululelwa phezu kwabalandeli bakaJesu. Lolubizo lwaqhubeka kwaze kwaba u-36 C.E.

Nokho, iningi lalawomaIsrayeli nalo lalwenqaba ngendelelo lolubizo. “Badelela, bahamba,” kuchaza uJesu, “omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.” “Kepha,” kuqhuba uJesu, “inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labobabulali, yashisa umuzi wabo.” Lokhu kwenzeka ngo-70 C.E., lapho iJerusalema lichithwa amaRoma, futhi labobulali bebulawa.

UJesu ube esechaza lokho okwenzeka phakathi nalesosikhathi: “Khona [inkosi] yathi ezincekwini zayo: Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.” Izinceku zakwenza lokhu, “indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.”

Lomsebenzi wokuqoqa izimenywa emigwaqweni engaphandle komuzi wabamenyiwe waqala ngo-36 C.E. Umphathi webutho ongumRoma uKorneliyu nomkhaya wakhe baba ngabokuqala babangemaJuda abangasokiwe abaqoqwa. Ukuqoqwa kwalaba abangemaJuda, bonke ababethatha indawo yalabo ababelwenqabile ekuqaleni ubizo, kuye kwaqhubeka kwaze kwaba kulelikhulu leminyaka lama-20.

Kuphakathi nekhulu leminyaka lama-20 lapho indlu yomshado igcwala khona. UJesu ulandisa okwenzekayo ngemva kwalokho, ethi: “Kuthé inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; yathi kuye: Mngane, ungené kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na? Kepha wathula. Khona inkosi yathi ezincekwini: Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

Umuntu ongayembethe ingubo yomshado ufanekisela amaKristu mbumbulu eLobukholwa. Lawa uNkulunkulu akakaze awabheke njenganophawu olufanele njengamaIsrayeli angokomoya. UNkulunkulu akakaze awagcobe ngomoya ongwele njengezindlalifa zoMbuso. Ngakho aphonswa ngaphandle ebumnyameni lapho eyobhujiswa khona.

UJesu uphetha umfanekiso wakhe ngokuthi: “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.” Yebo, baningi ababemenyiwe esizweni sakwaIsrayeli ukuba babe amalungu omlobokazi kaKristu, kodwa ambalwa kuphela amaIsrayeli emvelo akhethwa. Iningi lezimenywa eziyizi-144 000 ezamukela umvuzo wasezulwini aliwona amaIsrayeli. Mathewu 22:1-14; Eksodusi 19:1-6; IsAmbulo 14:1-3.

◆ Obani ekuqaleni ababemenyelwe edilini lomshado, futhi bamenywa nini?

◆ Babizwa nini okokuqala labo abamenyiwe, futhi zingobani izinceku ezisetshenziswa ekubabizeni?

◆ Ubizo lwesibili lwenziwa nini, futhi obani kamuva abamenywayo?

◆ Obani abafanekiselwa umuntu ongayembethe ingubo yomshado?

◆ Bangobani abaningi ababiziwe, nabambalwa abakhethiwe?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela