Isahluko 107
Umfanekiso Wedili Lomshado
NGEMIFANEKISO emibili, uJesu uye wadalula ababhali nabapristi abakhulu, futhi bafuna ukumbulala. Kodwa uJesu akakazukuqeda ngabo. Uyaqhubeka ebatshela omunye futhi umfanekiso, ethi:
“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado. Wathuma izinceku zakhe ukubiza abamenyiweyo emshadweni; kepha abavumanga ukuza.”
UJehova uNkulunkulu uyiNkosi elungiselela iNdodana yayo, uJesu Kristu, idili lomshado. Ekugcineni, umlobokazi owakhiwa abalandeli abagcotshiwe abangu-144 000 uyohlanganiswa noJesu ezulwini. Izikhonzi zeNkosi zingabantu bakwaIsrayeli, okwathi ngokungeniswa esivumelwaneni soMthetho ngo-1513 B.C.E., bamukela ithuba lokuba “umbuso wabapristi.” Ngaleyondlela, ngalesosenzakalo, isimemo sokuba sedilini lomshado sadluliselwa kubo kuqala.
Nokho, ubizo lokuqala lwalabo abamenyiwe aluzange lwenziwe kwaze kwaba sekwindla ka-29 C.E., lapho uJesu nabafundi bakhe (izinceku zenkosi) beqala umsebenzi wabo wokushumayela ngoMbuso. Kodwa amaIsrayeli emvelo ayethole lolubizo olwenziwa izinceku kusukela ngo-29 C.E. kuya ku-33 C.E. ayengazimisele ukuza. Ngakho uNkulunkulu wanika lesizwe sabamenyiwe elinye ithuba, njengoba uJesu elandisa:
“Waphinda wathuma ezinye izinceku, wathi: Shonini kwabamenyiweyo ukuthi: Bhekani, sengilungisile ukudla kwami; izinkabi zami nokunonileyo sekuhlatshiwe; konke sekulungile, wozani emshadweni.” Lolubizo lwesibili nolokugcina lwalabo abamenyiwe lwaqala ngePentekoste lika-33 C.E., lapho umoya ongcwele uthululelwa phezu kwabalandeli bakaJesu. Lolubizo lwaqhubeka kwaze kwaba u-36 C.E.
Nokho, iningi lalawomaIsrayeli nalo lalwenqaba ngendelelo lolubizo. “Badelela, bahamba,” kuchaza uJesu, “omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe. Abaseleyo babamba izinceku zakhe, baziphatha kabi, bazibulala.” “Kepha,” kuqhubeka uJesu, “inkosi yathukuthela, yathuma amabutho ayo, yabulala labobabulali, yashisa umuzi wabo.” Lokhu kwenzeka ngo-70 C.E., lapho iJerusalema lichithwa amaRoma, futhi labobabulali bebulawa.
UJesu ube esechaza lokho okwenzeka phakathi nalesosikhathi: “Khona [inkosi] yathi ezincekwini zayo: Umshado usulungiselwe, kepha abamenyiweyo bebengafanele; ngakho-ke hambani niye ezinhlanganweni zezindlela, nibizele emshadweni bonke eningabafumana.” Izinceku zakwenza lokhu, futhi “indlu yomshado yagcwala abahleziyo ekudleni.”
Lomsebenzi wokuqoqa izimenywa emigwaqweni engaphandle komuzi wabamenyiwe waqala ngo-36 C.E. Induna yebutho engumRoma uKorneliyu nomkhaya wakhe baba ngabokuqala abaqoqwa kwabangewona amaJuda abangasokiwe. Ukuqoqwa kwalaba abangewona amaJuda, bonke ababethatha indawo yalabo ababelwenqabile ekuqaleni ubizo, kuye kwaqhubeka kwaze kwaba sekhulwini lama-20 leminyaka.
Kuphakathi nekhulu lama-20 leminyaka lapho indlu yomshado igcwala khona. UJesu ulandisa okwenzekayo kamuva, ethi: “Kuthé inkosi ingena ukubona abahleziyo ekudleni, yabona khona umuntu obengayembethe ingubo yomshado; yathi kuye: Mngane, ungené kanjani lapha ungayembethe ingubo yomshado na? Kepha wathula. Khona inkosi yathi ezincekwini: Mbopheni izinyawo nezandla, nimphonse ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba-khona ukukhala nokugedla amazinyo.”
Lomuntu ongayembethe ingubo yomshado ufanekisela amaKristu-mbumbulu eLobukholwa. UNkulunkulu akakaze awabheke lawa njenganophawu olufanele njengamaIsrayeli angokomoya. UNkulunkulu akakaze awagcobe ngomoya ongcwele njengezindlalifa zoMbuso. Ngakho aphonswa ngaphandle ebumnyameni lapho eyobhujiswa khona.
UJesu uphetha umfanekiso wakhe ngokuthi: “Ngokuba baningi ababiziweyo, kepha bayingcosana abakhethiweyo.” Yebo, baningi ababemenyiwe esizweni samaIsrayeli ukuba babe amalungu omlobokazi kaKristu, kodwa ambalwa kuphela amaIsrayeli emvelo akhethwa. Iningi lezimenywa ezingu-144 000 ezamukela umvuzo wasezulwini aliwona amaIsrayeli. Mathewu 22:1-14; Eksodusi 19:1-6; IsAmbulo 14:1-3.
▪ Obani ekuqaleni ababemenyelwe edilini lomshado, futhi bamenywa nini?
▪ Ubizo lokuqala luyiswa nini kulabo abamenyiwe, futhi zingobani izinceku ezisetshenziswayo ekuluyiseni?
▪ Ubizo lwesibili ludluliselwa nini, futhi obani kamuva abamenywayo?
▪ Obani abafanekiselwa umuntu ongayembethe ingubo yomshado?
▪ Bangobani abaningi ababiziwe, nabayingcosana abakhethiwe?