Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • dg ingxenye 4 kk. 9-10
  • UNkulunkulu Usazisa Ngezinjongo Zakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Usazisa Ngezinjongo Zakhe
  • Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Zitholakala Kuphi Izimpendulo?
  • Isipho SikaNkulunkulu
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Umthombo Oyingqayizivele Wokuhlakanipha Okuphakeme
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • Kungani Sifunda IBhayibheli?
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
  • IBhayibheli—Incwadi Yethu Yesifundo Eyinhloko
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?
dg ingxenye 4 kk. 9-10

INgxenye 4

UNkulunkulu Usazisa Ngezinjongo Zakhe

1, 2. Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyazinikeza izimpendulo kulabo ababuza ngobuqotho?

UNKULUNKULU onothando uyabembulela ngempela izinjongo zakhe abantu abaqotho abamfunayo. Abantu abafuna ukwazi uyabanika izimpendulo zemibuzo enjengokuthi kungani evumele ukuhlupheka.

2 IBhayibheli lithi: “Uma umfuna [uNkulunkulu], uyakufunyanwa nguye.” “Kukhona uNkulunkulu ezulwini owambula izimfihlakalo.” “INkosi uJehova ayenzi-lutho, ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaprofethi.”—1 Izikronike 28:9; Daniyeli 2:28; Amose 3:7.

Zitholakala Kuphi Izimpendulo?

3. Singakutholaphi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka?

3 Izimpendulo zemibuzo enjengokuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka nokuthi yini azoyenza ngakho zitholakala embhalweni ogciniwe awuphefumulela ngokwenzuzo yethu. Lowombhalo ogciniwe iZwi lakhe, iBhayibheli Elingcwele. “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.

4, 5. Yini eyenza iBhayibheli libe incwadi eyingqayizivele?

4 IBhayibheli liyincwadi eyingqayizivele ngempela. Linombhalo ogciniwe womlando wesintu onembe kunayo yonke futhi lihlehlela emuva lifinyelele ngisho nangaphambi kokuba abantu badalwe. Futhi lihambisana nesikhathi, ngoba iziprofetho zalo ziphathelene nezenzakalo zesikhathi sethu kanye nezesikhathi esizayo esiseduze.

5 Ayikho enye incwadi efakazelwa kangaka ngokunemba okungokomlando. Ngokwesibonelo, imibhalo yesandla embalwa kuphela esekhona yabalobi bakudala abaqashelwayo. Kodwa imibhalo yesandla eminingi yeBhayibheli ikhona, eminye iyingxenye kanti eminye iphelele, cishe ingu-6 000 imiBhalo YesiHeberu (izincwadi ezingu-39 ‘zeTestamente Elidala’) futhi icishe ibe ngu-13 000 imiBhalo YamaKristu YesiGreki (izincwadi ezingu-27 ‘zeTestamente Elisha’).

6. Kungani singaqiniseka ukuthi iBhayibheli namuhla ngokuyisisekelo lisenjengoba lalinjalo ngesikhathi uNkulunkulu eliphefumulela?

6 UNkulunkulu uMninimandla onke, owaphefumulela iBhayibheli, uye waqikelela ukuba ukubumbana komongo walo kulondolozwe kulawomakhophi emibhalo yesandla. Ngakho amaBhayibheli ethu namuhla ngokuyisisekelo ayafana nemibhalo ephefumulelwe yokuqala. Esinye isici esisisizayo ukuba sikuqaphele lokhu ukuthi amanye amakhophi emibhalo yesandla emiBhalo YamaKristu YesiGreki ahlehlela emuva eminyakeni eyikhulu yesikhathi sombhalo wokuqala. Amakhophi ombhalo wesandla ambalwa abalobi bakudala bezincwadi zezwe asekhona namanje kuyethukela ehlehlela emuva ngisho nasemakhulwini ambalwa eminyaka abalobi bokuqala.

Isipho SikaNkulunkulu

7. IBhayibheli lisakazwe kabanzi kangakanani?

7 IBhayibheli liyincwadi esakazwa kabanzi kunazo zonke emlandweni. Kuye kwanyatheliswa amakhophi angaba izinkulungwane ezintathu zezigidi. Ayikho enye incwadi esondela kulelonani. Futhi iBhayibheli liphelele noma izingxenye zalo liye lahunyushelwa ezilimini ezingaba ngu-2 000. Ngakho, kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angu-98 enani labantu abakuleplanethi yethu bangakwazi ukulithola iBhayibheli.

8-10. Yiziphi ezinye izizathu ezenza ukuba iBhayibheli likufanelekele ukuba silihlole?

8 Ngokuqinisekile incwadi ethi ivela kuNkulunkulu futhi enabo bonke ubufakazi obuvela ngaphandle nangaphakathi bobuqiniso bayo ikufanelekele ukuba siyihlole.a Ichaza injongo yokuphila, lokho okushiwo izimo zezwe, nanokuthi ikusasa liphetheni. Ayikho enye incwadi engakwenza lokho.

9 Yebo, iBhayibheli liyindlela kaNkulunkulu axhumana ngayo nomkhaya wesintu. Waqondisa ukulotshwa kwalo ngamandla akhe asiphekupheku, noma umoya, kunabantu abangaba ngu-40 ababebhala. Ngaleyondlela uNkulunkulu ukhuluma nathi ngeZwi lakhe, iBhayibheli Elingcwele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili.”—1 Thesalonika 2:13.

10 UAbraham Lincoln, umongameli waseUnited States we-16, wabiza iBhayibheli ngokuthi “isipho esingcono kakhulu uNkulunkulu ake wasinikeza umuntu . . . Ngaphandle kwalo besingenakukwazi okulungile nokungalungile.” Khona-ke, lesisipho esibabazekayo sisitshelani ngokuthi ukuhlupheka kwaqala kanjani, kungani uNkulunkulu ekuvumela, nanokuthi uzokwenzani ngakho?

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ukwaziswa okuningilizwe ngokwengeziwe ngobuqiniso beBhayibheli, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Ingabe Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, eyakhishwa ngo-1989 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Isithombe ekhasini 10]

IBhayibheli, eliphefumulelwe uNkulunkulu, liyindlela axhumana ngayo nomkhaya wesintu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela