Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
INGABE ngokuvamile ukuthola kulula ukuxoxa nabantu? Abaningi uyabethusa nje kwamcabango wokukhuluma nothile, ikakhulukazi umuntu abangamazi. Kungenzeka ukuthi abantu abanjalo banamahloni. Bangase bazibuze: ‘Kumelwe ngixoxe ngani? Ngingayiqala kanjani ingxoxo? Ngingayigcina kanjani iqhubeka?’ Abantu abazethembayo nabangamaqhalaqhala kungase kube yibo abalawula ingxoxo. Kungenzeka ukuthi eyabo inselele eyokwenza abanye baxoxe ngokukhululeka noma eyokufunda ukulalela lokho okushiwoyo. Ngakho-ke sonke, kungakhathaliseki ukuthi sinamahloni noma singamaqhalaqhala, kudingeka siqhubeke sihlakulela ikhono lokuxoxa.
Qala Ekhaya
Ukuze uthuthukise amakhono akho okuxoxa, kungani ungaqali ekhaya? Izingxoxo ezakhayo zingenza lukhulu ekuletheni injabulo ekhaya.
Isihluthulelo esiyinhloko sezingxoxo ezinjalo ukukhathalelana ngokujulile. (Dut. 6:6, 7; IzAga 4:1-4) Uma sibakhathalela abanye, siyaxoxa nabo futhi silalele lapho omunye efuna ukusho okuthile. Esinye isici esibalulekile ukuba nokuthile okuwusizo kokukusho. Uma sinesimiso esimile sokufunda iBhayibheli nokutadisha, siyoba nokuningi kokukuhlanganyela nabanye. Ukusetshenziswa ngobuhlakani kwencwajana ethi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke kungaqalisa ingxoxo. Phakathi nosuku, mhlawumbe sithola okuhlangenwe nakho okumnandi enkonzweni yasensimini. Singase sifunde okuthile okuzuzisayo noma okuhlekisayo. Kumelwe sikwenze umkhuba ukuzixoxela abanye lezi zinto phakathi nengxoxo eyakhayo yomkhaya. Lokhu kuyosisiza futhi lapho sixoxa nabantu okungebona abakithi.
Ukuxoxa Nomuntu Ongamazi
Abantu abaningi bayanqikaza ukuqala ingxoxo nomuntu abangamazi. Kodwa ngenxa yothando lwabo ngoNkulunkulu nangomakhelwane, oFakazi BakaJehova benza umzamo wenkuthalo wokufunda ukuxoxa ukuze bahlanganyele amaqiniso eBhayibheli nabanye. Yini engakusiza ukuba uthuthuke kulesi sici?
Isimiso esibekwe kweyabaseFilipi 2:4 sisemqoka. Sikhuthazwa ukuba sinakekele “hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba [zethu] kuphela, kodwa futhi nezabanye.” Kucabange kanje lokhu: Uma ungakaze umbone lo muntu ngaphambili, ukubheka njengomuntu angamazi. Ungamenza kanjani akhululeke? Ukumamatheka ngomusa nokubingelela ngobungane kuyosiza. Kodwa kunokwengeziwe kokukucabangela.
Kungenzeka umphazamise ecabanga. Uma uzama ukuxoxa ngalokho okusengqondweni yakho kodwa ungabi nandaba nalokho okusengqondweni yakhe, ingabe uyosabela kahle? Wenzenjani uJesu lapho ehlangana nowesifazane emthonjeni eSamariya? Ingqondo yakhe yayisekukheni amanzi. UJesu waqala naye ingxoxo ngalokho, futhi ngokushesha wayijika yaba ingxoxo engokomoya evuthayo.—Joh. 4:7-26.
Uma uziqaphela izinto, nawe ungabona ukuthi cishe yini abantu abayicabangayo. Ingabe lo muntu ubukeka ejabule noma edumele? Ingabe usekhulile, mhlawumbe ubuthakathaka? Bukhona yini ubufakazi obubonayo bokuthi kunezingane ekhaya? Ingabe kubonakala sengathi lo muntu umi kahle ngokwezinto ezibonakalayo noma uyakhandleka ukuze athole izidingo zokuphila? Ingabe imihlobiso esendlini noma izinto zokuhloba ziveza ithonya elithile lenkolo? Uma ukubingelela kwakho kuzithinta lezi zinto, lowo muntu angase akubheke njengomuntu onesithakazelo esifana nesakhe.
Uma ningabonani ubuso nobuso nomninikhaya, mhlawumbe umuzwa ekhuluma ngalé komnyango okhiyiwe, ungaphetha ngokuthini? Ngokuthi kungenzeka ukuthi uphila ngokwesaba. Ungakusebenzisa yini lokho ukuze uqale ingxoxo khona emnyango?
Kwamanye amazwe uyakwazi ukufaka umuntu engxoxweni ngokumtshela okuthile ngawe—imvelaphi yakho, ukuthi kungani umvakashele, ukuthi kungani ukholelwa kuNkulunkulu, ukuthi kungani waqala ukutadisha iBhayibheli nokuthi iBhayibheli liye lakusiza kanjani. (IzE. 26:4-23) Yiqiniso, lokhu kufanele kwenziwe ngokuhlakanipha nangenjongo ethile. Nalokhu kungase kushukumise umuntu ukuba akutshele okuthile ngaye nangendlela abheka ngayo izinto.
Kwezinye izindawo, kuyisiko ukungenisa abantu ongabazi. Abantu bangavele bakungenise uhlale phansi. Lapho usuhleli, uma ngesizotha ubuza impilo yomkhaya bese uyayilalelisisa impendulo, umninikhaya angase akulalelisise ngendlela efanayo lokho ofuna ukukusho. Abanye abantu babonisa isithakazelo esijule nakakhulu ezivakashini, ngakho ukubingelela nokubuza impilo kungase kuthathe isikhathi. Phakathi nalokho kubingelelana, bangase bathole ukuthi kunezinto abafana nawe ngazo. Lokhu kungaholela engxoxweni engokomoya ezuzisayo.
Kuthiwani uma kunabantu abaningi endaweni yakini abangalukhulumi ulimi lwakho? Ungabafinyelela kanjani laba bantu? Uma nje ufunda indlela elula yokubingelela ngezinye izilimi, abantu bayobona ukuthi unesithakazelo kubo. Lokhu kungavula ithuba lokuba uqhubeke uxoxa nabo.
Indlela Yokuqhuba Ingxoxo
Ukuze ugcine ingxoxo iqhubeka, yiba nesithakazelo emibonweni yomunye umuntu. Mkhuthaze ukuba akhulume ngokukhululekile uma ethanda ukwenza kanjalo. Imibuzo ekhethwe kahle ingasiza. Imibuzo efuna imibono yakhe siqu mihle ngoba ngokuvamile imenza angagcini nje ngokuphendula ngo-yebo noma ngo-cha. Ngokwesibonelo, ngemva kokusho inkinga ekhathazayo endaweni, ungase umbuze: “Yini ocabanga ukuthi ibangele lesi simo?” noma “Ucabanga ukuthi liyini ikhambi?”
Lapho ubuza umbuzo, lalelisisa impendulo. Bonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho ngokusho igama elithile, ngokunqekuzisa ikhanda noma ngokunyakazisa umzimba. Ungaphazamisi. Ngomqondo ovulekile, cabangela okushiwoyo. ‘Shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’ (Jak. 1:19) Lapho usuphendula, bonisa ukuthi ubukulalele ngempela lokho obekushiwo.
Nokho, yazi ukuthi akubona bonke abayoyiphendula imibuzo yakho. Abanye abantu bangase baphendule ngokuphakamisa amashiya noma ngokumamatheka. Abanye bangase bamane nje bathi yebo noma cha. Kungakukhungathekisi lokho. Yiba nesineke. Ungazami ukumxoxisa ngenkani. Uma umuntu ethanda ukulalela, sebenzisa lelo thuba uhlanganyele naye amaphuzu akhayo angokomBhalo. Ngokuhamba kwesikhathi, lo muntu angase akuthathe njengomngane. Mhlawumbe ngaleso sikhathi uyothanda ukukutshela ngokukhululekile lokho akucabangayo.
Njengoba ukhuluma nabantu, yiba nombono wokubuyela kubo. Uma umuntu ebuza imibuzo eminingi, phendula eminye yayo kodwa ushiye owodwa noma emibili ukuze nixoxe ngayo ngokuzayo. Mazise ukuthi uzocwaninga, bese ukuhlanganyela naye lokho okutholile. Uma engabuzi mibuzo, ungase uphethe ingxoxo yakho ngombuzo ocabanga ukuthi uzomthakazelisa. Sikisela ukuba uwuphendule ekuhambeleni okulandelayo. Kunokusikisela okuningi okungatholakala encwadini ethi Ukubonisana NgemiBhalo, encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? nakomagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama!
Lapho Ukanye Nokholwa Nabo
Lapho uhlangana nomunye woFakazi BakaJehova ngokokuqala ngqá, ingabe usithatha kuqala isinyathelo sokumazi? Noma uvele uzimele nje uvale umlomo? Uthando lwethu ngabafowethu kumelwe lusishukumisele ukuba sifune ukubazi kangcono. (Joh. 13:35) Ungaqala kanjani? Kalula nje, ungamtshela igama lakho bese umbuza elakhe. Ukumbuza nje ukuthi walithola kanjani iqiniso kuyoholela engxoxweni emnandi futhi kuyonisiza ukuba nazane kangcono. Ngisho noma lokho okushoyo kungaphumi kalula, umzamo wakho ubonisa lo omunye umuntu ukuthi uyamkhathalela, futhi yilokho okubalulekile.
Yini engenza ingxoxo nelungu lebandla lakini ibe ezuzisayo? Bonisa isithakazelo esiqotho kumuntu nasemkhayeni wakhe. Ingabe umhlangano usanda kuphela? Khuluma ngamaphuzu owathole ewusizo. Lokhu kunganizuzisa nobabili. Ungase ukhulume ngephuzu elithakazelisayo elikumagazini wamuva INqabayokulinda noma i-Phaphama! Lokhu akumelwe kwenziwe ngenjongo yokubukisa noma yokuhlola ulwazi lwabanye. Kwenze ngenjongo yokuhlanganyela nabanye okuthile okukuthokozise ngokukhethekile. Ningase nikhulume ngenkulumo omunye wenu anayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi nibonisane ngokuthi ingasingathwa kanjani. Ningaxoxa nangokuhlangenwe nakho kwasenkonzweni yasensimini.
Yiqiniso, isithakazelo sethu kubantu sivame ukuholela ekuxoxeni ngabantu—izinto abazishoyo nabazenzayo. Izinto esizixoxayo zingase zihlekise. Ingabe esiyokusho kuyokwakha? Uma sisithatha iseluleko seZwi likaNkulunkulu futhi sishukunyiswa uthando ngoNkulunkulu, nakanjani inkulumo yethu iyokwakha.—IzAga 16:27, 28; Efe. 4:25, 29; 5:3, 4; Jak. 1:26.
Ngaphambi kokuya enkonzweni yasensimini, siyalungiselela. Kungani ungalungiseleli indatshana ethile emnandi ozoyixoxela abangane? Lapho ufunda futhi uzwa izinto ezithakazelisayo, wagcine engqondweni amaphuzu ofuna ukuwahlanganyela nabanye. Ngokuhamba kwesikhathi, uyoba nokuningi ongakhetha kukho. Ukwenza lokhu kuyokusiza ukuba uxoxe nangezinye izinto ngaphandle kwezenzakalo zokuphila kwansuku zonke. Ngaphezu kwakho konke, kwangathi izinto ozikhulumayo zinganikeza ubufakazi bendlela eliyigugu ngayo iZwi likaNkulunkulu kuwe!—IHu. 139:17.