ISIFUNDO 4
Ukukhuluma Ngokuqephuza
LAPHO ufunda ngokuzwakalayo, ingabe uyabambeka emagameni athile? Noma lapho uma phambi kwezilaleli ukuze unikeze inkulumo, ingabe uye uzithole ulahlekelwa amagama afanele? Uma kunjalo, kungenzeka ukuthi unenkinga yokukhuluma ngokuqephuza. Umuntu oqephuzayo ufunda futhi akhulume ngendlela yokuthi amagama namaphuzu aphume ngokushelela nakalula. Lokhu akusho ukuthi ukhuluma undendende, ukuthi ukhuluma asheshise kakhulu noma ukuthi ukhuluma engacabangile. Akushoyo kuzwakala kumnandi futhi kuphiqilika. Kugxilwa kakhulu ekuqephuzeni eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini.
Kunezici ezihlukahlukene ezingase zibe nomthelela ekuntulekeni kokuqephuza. Ingabe kudingeka ucabangele ngokukhethekile okunye kwalokhu okulandelayo? (1) Lapho ufundela abanye, ukungajwayelani namanye amagama kungase kukwenze ungingize. (2) Izikhawu eziningi ezincane zingase zikwenze uhixize uma ukhuluma. (3) Ukungalungiseleli kungaba nomthelela kule nkinga. (4) Lapho ukhuluma eqenjini, isici esivamile sokungakhulumi ngokuqephuza ukwehluleka ukulandelanisa ngononina indaba yakho. (5) Ukuswela amagama kungase kubangele umuntu ukuba angingize njengoba efuna amagama akahle. (6) Uma kugcizelelwa amagama amaningi kakhulu, ukuqephuza kungase kuphazamiseke. (7) Ukungajwayelani nemithetho yolimi kungase kube nomthelela.
Uma ungaqephuzi, izilaleli eHholo LoMbuso ngeke ziphume zihambe ngokoqobo, kodwa izingqondo zazo zingase zizule. Ngenxa yalokho, okuningi okushoyo kungase kuhambe nomoya.
Ngakolunye uhlangothi, kumelwe kuqashelwe ukuba inkulumo ehloselwe ukuba ibe namandla futhi inikezwe ngokuqephuza akufanele ibonise indelelo, mhlawumbe ize ibangele izilaleli amahloni. Uma mhlawumbe ngenxa yokungafani kwamasiko, abantu bebheka indlela okhuluma ngayo njengengacabangeli noma engenamusa, lokho kungase kungayifezi injongo yakho. Kuyaphawuleka ukuthi nakuba umphostoli uPawulu ayeyisikhulumi esinokuhlangenwe nakho, wakhuluma nabaseKorinte “ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu” ukuze angaziqhakambisi ngokungadingekile.—1 Kor. 2:3.
Izejwayezi Okumelwe Zigwenywe. Abantu abaningi banomkhuba wokufakela amazwana anjengokuthi “eh, eh” lapho bekhuluma. Abanye bavama ukuqala umusho ngokuthi “kush’ ukuthi,” noma bafaka inkulumo enjengokuthi “angith’ uyabona,” “sibe yilabo,” “sibe nakho” noma “sibe nokuthi” kunoma yini abayishoyo. Mhlawumbe awuqapheli ukuthi uyisebenzisa kaningi kangakanani inkulumo enjalo. Ungase wenze isikhathi sokuprakthiza lapho kunothile okulalele futhi aphindaphinde lezi zejwayezi njalo lapho uzisho. Uyomangala.
Abanye abantu lapho befunda futhi bekhuluma, balokhu bebuyela emuva. Baqala umusho bese beziphazamisa phakathi nawo babuye baphinde okungenani ingxenye yalokho abasuke sebekushilo kakade.
Kanti abanye bakhuluma basheshise ngokwanele, kodwa baqala umqondo othile, bese kuthi phakathi nalowo musho bagxumele komunye umqondo. Nakuba amagama ephuma ngokushelela, ukushintsha umqondo ngokungazelelwe kuyakuphazamisa ukuqephuza.
Indlela Yokuthuthuka. Uma inkinga yakho iwukuthi uvame ukulahlekelwa igama elifanele, kudingeka wenze umzamo wokwandisa uhlu lwamagama owaziyo. Waphawule ngokukhethekile amagama ongawajwayele kuyi-Nqabayokulinda, i-Phaphama!, nezinye izincwadi okungenzeka uzifunde. Wabheke kusichazamazwi, bheka ukuphinyiselwa kwawo nencazelo yawo, bese ufaka amanye ala magama enqolobaneni yakho yamagama. Uma ungenaso isichazamazwi, cela usizo kothile olukhuluma kahle lolo lulimi.
Ukukwenza umkhuba ukufunda ngokuzwakalayo kuyokusiza uthuthuke. Phawula amagama anzima, bese uwasho ngokuzwakalayo izikhathi eziningana.
Ukuze ufunde ngokushelela, kudingeka ukuba uqonde indlela amagama asebenza ngayo ndawonye emushweni. Ngokuvamile, amagama kudingeka afundwe ngamaqoqo ukuze adlulisele umqondo wombhali. Phawula indlela lawo maqoqo amagama ahlelwe ngayo. Uma kuyokusiza, wadwebele. Umgomo wakho uwukudlulisela amaphuzu ngokucacile, hhayi nje kuphela ukufunda kahle amagama. Ngemva kokuhlaziya umusho owodwa, dlulela kolandelayo kuze kube yilapho ususitadishe sonke isigaba. Zijwayelanise nendlela amaphuzu alandelana ngayo. Yibe usuprakthiza ukufunda ngokuzwakalayo. Funda isigaba ngokuphindaphindiwe kuze kube yilapho ungasabambeki noma ungasami ezindaweni ezingafanele. Yibe usuqhubekela kwezinye izigaba.
Ngokulandelayo, thuthukisa ijubane lakho. Uma sewazi ukuthi asebenza kanjani ndawonye amagama emushweni, uyokwazi ukubona amagama angaphezu kwelilodwa ngesikhathi futhi ukwazi ukucabanga ngokufanele kulandele. Lokhu kuyolekelela kakhulu ekuphumeleleni kokufunda kwakho.
Ukuzijwayeza ukuvele ufunde nje ungaprakthizanga kungaba yindlela enhle yokuziqeqesha. Ngokwesibonelo, ngaphandle kokulungiselela kusengaphambili, funda umbhalo wosuku nokukhulunyelwa kwawo ngokuzwakalayo; futhi kwenze njalo lokhu. Jwayela ukuvumela iso lakho lifunde iqoqo lamagama eliveza umqondo ophelele kunokubuka igama elilodwa nje ngesikhathi.
Ukuze uqephuze lapho uxoxa, kudingeka ucabange ngaphambi kokukhuluma. Kwenze umkhuba lokho ekuphileni kwakho kwansuku zonke. Nquma ukuthi yini ofuna ukuyisho nokuthi ufuna ukuyibeka kanjani; yibe usuqala-ke ukukhuluma. Ungasheshi. Zama ukusho umqondo ophelele ngaphandle kokuma noma ukushintshela kwelinye iphuzu phakathi nendawo. Ungase ukuthole kuwusizo ukusebenzisa imisho emifushane nelula.
Amagama ayoziphumela kalula uma wazi kahle ukuthi ufuna ukuthini. Akudingekile ngempela ukuba ukhethe amagama ozowasebenzisa. Empeleni, ngenjongo yokuprakthiza, kungcono ukuqiniseka ukuthi umqondo ucacile engqondweni yakho bese ucabanga ngamagama njengoba uqhubeka ukhuluma. Uma wenza kanjalo futhi ugxila kulokho ofuna ukukusho kunokuba unake kakhulu amagama owakhulumayo, amagama ayoziphumela nje kalula futhi okushoyo kuyozwakala njengokuphuma enhliziyweni. Kodwa lapho uqala ukucabanga ngamagama kunokucabanga ngamaphuzu, ungase ubambeke lapho ukhuluma. Ngokuprakthiza, ungaphumelela ekuthuthukiseni ukuqephuza, isici esibalulekile ekukhulumeni nasekufundeni ngokuphumelelayo.
Lapho abelwa ukuba amelele uJehova esizweni sakwa-Israyeli phambi kukaFaro waseGibithe, uMose waba nomuzwa wokuthi wayengafaneleki. Ngani? Ngenxa yokuthi wayengesona isikhulumi esiqephuzayo; kungenzeka ukuthi wayenobuthaka ekukhulumeni. (Eks. 4:10; 6:12) UMose wabeka izaba eziningi, kodwa asikho nesisodwa esamukeleka kuNkulunkulu. UJehova wamthuma kanye no-Aroni ukuba abe umkhulumeli wakhe, kodwa [uJehova] wamsiza noMose ukuba akhulume. UMose akagcinanga nje ngokukhuluma nabantu ngabanye namaqembu amancane, kodwa wakhuluma nesizwe sonke, ngokuphindaphindiwe nangokuphumelelayo. (Dut. 1:1-3; 5:1; 29:2; 31:1, 2, 30; 33:1) Uma wenza okusemandleni akho kuyilapho uthembela kuJehova, nawe ungamdumisa uNkulunkulu ngendlela okhuluma ngayo.