Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 12 k. 121-k. 123 isig. 3
  • Ukushukuma Komzimba Nesimo Sobuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukushukuma Komzimba Nesimo Sobuso
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusetshenziswa Kokuphindaphinda Nokushukuma Komzimba
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Intshiseko
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Imfudumalo Nozwela
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 12 k. 121-k. 123 isig. 3

ISIFUNDO 12

Ukushukuma Komzimba Nesimo Sobuso

Yini okudingeka uyenze?

Nyakazisa izandla, amahlombe, noma umzimba wonke lapho uchaza amaphuzu, imizwa noma izimo zengqondo.

Sebenzisa amehlo nomlomo nekhanda ukuze ugcizelele lokho okushoyo futhi udlulisele imizwa kwabanye.

Kungani Kubalulekile?

Ukushukuma komzimba nesimo sobuso kugcizelela lokho okushoyo ngendlela abantu abayibonayo nebathintayo ngaphakathi. Kungase kushukumise imizwa yakho futhi ngaleyo ndlela kwenze izwi lakho liphile.

ABANTU bezizwe ezithile bashukumisa umzimba kalula kunabezinye izizinda. Noma kunjalo, cishe bonke abantu bayasishintsha isimo sobuso lapho bekhuluma noma bashukumise umzimba ngandlela-thile. Bakwenza lapho bekhuluma nabanye noma bekhuluma eningini.

Ukushukuma komzimba kwakungokwemvelo kuJesu nabafundi bakhe bokuqala. Ngesinye isikhathi, othile wabikela uJesu ukuthi unina nabafowabo bafuna ukukhuluma naye. UJesu waphendula: “Ngubani ongumama, obani abangabafowethu?” IBhayibheli libe selenezela: “Elulela isandla ngakubafundi bakhe, wathi: ‘Bhekani! Umama nabafowethu!’ (Math. 12:48, 49) Phakathi kweminye imibhalo, iBhayibheli kuzEnzo 12:17 naku-13:16 libonisa ukuthi ukushukuma komzimba komphostoli uPetru noPawulu nako kwakuzenzakalela.

Imibono nemizwa akuvezwa nje ngezwi kuphela kodwa nangokushukuma komzimba nesimo sobuso. Ukuhluleka ukukwenza kahle lokhu kungase kudlulisele umuzwa wokuthi okhulumayo akanandaba. Kodwa lapho lezi zindlela zokukhuluma zihlanganiswa kahle, okushiwoyo kuzwakala kahle kakhulu. Ngisho noma ukhuluma ocingweni, uma uwushukumisa kahle umzimba futhi unesimo sobuso esifanele, izwi lakho liyovele likwazi ukudlulisela ukubaluleka komyalezo kanye nemizwa yakho ngalokho okushoyo. Ngakho-ke, kungakhathaliseki ukuthi uyakhuluma noma uyafunda, kungakhathaliseki ukuthi izilaleli zakho zikubhekile noma zibheke amaBhayibheli azo, ukushukumisa umzimba nesimo sobuso kubalulekile.

Ukushukuma komzimba wakho nesimo sobuso bakho kumelwe kube ngokwemvelo. Akuzange kudingeke ukufundele ukuhleka noma ukuthukuthela. Ukushukuma komzimba nako kumelwe kuveze imizwa engaphakathi kuwe. Kuba ngcono kakhulu uma ukushukuma komzimba wakho kuzenzekela.

Ukushukuma komzimba kuyizigaba ezimbili: okuchazayo kanye nokugcizelelayo. Ukushukuma komzimba okuchazayo kuveza isenzo noma kubonise ubukhulu nendawo. Lapho usebenzela ekushukumeni komzimba esikoleni, unganeliswa nje okukodwa noma okubili. Zama ukushukumisa umzimba ngendlela engokwemvelo kuyo yonke inkulumo yakho. Uma unenkinga yokwenza lokhu, kungakusiza ukufuna amagama abonisa uhlangothi, ibanga, ubungako bento, indawo ekuyo, noma ukuthi ikuphi uma iqhathaniswa nenye. Nokho, ezimweni eziningi, okudingeka ukwenze nje ukuba ugxile enkulumweni yakho, ungazikhathazi ngokuthi abantu bacabangani ngawe, kodwa usho futhi wenze izinto ngendlela obungenza ngayo ekuphileni kwansuku zonke. Uma umuntu ekhululekile, ukushukuma komzimba kuba ngokwemvelo.

Ukushukuma okugcizelelayo kuveza umuzwa nokuqiniseka. Kwenza amaphuzu agqame, aphile futhi agcizeleleke. Ukushukuma komzimba okugcizelelayo kubalulekile. Kodwa, qaphela! Kalula nje ukushukuma komzimba kungase kuphenduke isejwayezi. Uma ushukumisa umzimba ngendlela eyodwa njalo nje, kungase kugqame kona kunokuba kuthuthukise inkulumo yakho. Uma umbonisi wesikole ekutshela ukuthi unale nkinga, zama ukusebenzisa ukushukuma komzimba okuchazayo kuphela okwesikhashana. Ngemva kwesikhashana, qala futhi usebenzise ukushukuma komzimba okugcizelelayo.

Ukuze uthole ukuthi kumelwe ukusebenzise ngezinga elingakanani ukushukuma komzimba okugcizelelayo kanye nezindlela ezifanele zokushukumisa umzimba, cabangela imizwa yalabo okhuluma nabo. Ukukhomba izilaleli kungazenza zizizwe zingakhululekile. Kwezinye izizwe, uma owesilisa eshukumisa umzimba ngendlela ethile, njengokubonisa ukumangala ngokubeka isandla emlonyeni, lokho kungase kubhekwe njengokungathi uzenza usisi. Kwezinye izingxenye zomhlaba, kubhekwa njengokungabi nasizotha uma abesifazane besebenzisa izandla ngokukhululeka lapho bekhuluma. Ngakho, kulezo zindawo, odade kumelwe basebenzise isimo sobuso. Futhi ukushukumisa umzimba okweqile eqenjini elincane kungase kubhekwe njengehlaya cishe kunoma iyiphi ingxenye yomhlaba.

Njengoba uya uzuza okuhlangenwe nakho futhi ukhuluma ngokukhululeka, noma yikuphi ukushukuma komzimba okugcizelelayo okusebenzisayo kuyoyiveza ngendlela engokwemvelo imizwa yakho yangaphakathi, kubonise ukuqiniseka kwakho kanye nobuqotho. Kuyokwenza lokho okushoyo kuzwakale.

Isimo Sobuso Bakho. Ubuso bakho ngokuvamile bubonisa indlela ozizwa ngayo ngaphezu kwanoma isiphi isitho somzimba. Amehlo akho, ukuma komlomo wakho, nokuma kwekhanda lakho, konke kunendima okuyifezayo. Ungakasho lutho, ubuso bakho bungase budlulisele ukunganaki, ukwenyanya, ukuxakeka, ukumangala noma ukujabula. Uma ubuso obunjalo buhambisana nezwi, bunezela isisindo kulokho abakubonayo nasendleleni abazizwa ngayo. UMdali ufake imisipha eminingi ebusweni bakho—ingaphezu kuka-30 isiyonke. Cishe ingxenye yayo iyasebenza lapho umomotheka.

Kungakhathaliseki ukuthi usendaweni yesikhulumi noma usenkonzweni yasensimini, usuke uzama ukudlulisela kubantu isigijimi esimnandi, esingajabulisa izinhliziyo zabo. Ukumomotheka komusa kugcizelela lokho. Ngakolunye uhlangothi, uma isimo sobuso singasho lutho, bungase bungabazeke ubuqotho bakho.

Ngaphezu kwalokho, ukumomotheka kutshela abanye ukuthi uyabakhathalela. Lokho kubaluleke ngokukhethekile kulezi zinsuku njengoba abantu bebasaba abantu abangabazi. Ukumomotheka kwakho kungasiza abantu ukuba bakhululeke futhi balalele lokho okushoyo.

AMAPHUZU OKUKHUNJULWA

  • Ukushukuma komzimba okuphumelela kakhulu nesimo sobuso kuvela ngaphakathi kumuntu. Bheka ukuthi abanye bakwenza kanjani, kodwa ungazami ukubalingisa kukho konke.

  • Tadisha inkulumo yakho kuze kube yilapho usuyazi kahle. Yizwe egazini, zibone ngamehlo engqondo izinto ezikuyo, bese usebenzisa izwi, izandla kanye nobuso ukuze uyidlulisele kwabanye.

IZIVIVINYO: (1) Funda uGenesise 6:13-22. Ngamazwi akho, chaza ukwakhiwa komkhumbi nokuqoqwa kwezilwane. Ungazikhathazi ngemininingwane; mane usho lokho okukhumbulayo. Sebenzisa ukushukuma okuchazayo lapho wenza lokho. Cela othile akubheke abese ephawula. (2) Khuluma njengokungathi ufakaza kothile ngoMbuso kaNkulunkulu nangezibusiso oyoziletha. Qiniseka ukuthi isimo sobuso bakho sibonisa indlela ozizwa ngayo ngempela ngalokho okuchazayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela