Isifundo 26
Ukusetshenziswa Kokuphindaphinda Nokushukuma Komzimba
1-3. Kungani ukuphindaphinda kuyisu elibalulekile lokufundisa na?
1 Injongo yakho ekukhulumeni kufanele kube-wukunikeza indaba izilaleli zakho eziyoyikhumbula zikwazi nokuyisebenzisa. Uma ziyikhohlwa, inzuzo iyalahleka. Enye yezindlela eziyinhloko ongazisiza ngayo ukungenisa engqondweni lokho okushoyo wukuphindaphinda amaphuzu abaluleke kakhulu. Kushiwo ngokufanele ukuthi ukuphindaphinda ngumthombo wokubamba. Ukuphindaphinda ngelinye lamasu abalulekile okufundisa. Usulufundile usizo lwakho ngokuhlangene nokusebenzisa kwakho imibhalo. Kepha “Ukuphindaphinda ngokugcizelela” kufakwe ohidini ngokwahlukile epheshaneni Leseluleko Senkulumo ngokuba kusebenza nakwezinye izingxenye zenkulumo yakho.
2 Ukukusiza ukuba uphumelele ekusebenziseni ukuphindaphinda ngokugcizelela, siyoyibheka indaba ngemibono emibili eyahlukene. Omunye nomunye uphathelene nendlela eyahlukile yokuphindaphinda; omunye nomunye unenjongo eyahlukile oyiqondile. Ukuphindaphinda amaphuzu amakhulu kusiza enkumbulweni. Ukuphindaphinda amaphuzu angaqondakalanga kusiza ukuqonda.
3 Hayi ukunikeza kuphela kepha nokulungiselela kubalulekile ekucabangeleni lemfanelo. Kudingeka unqume ngaphambili ukuba yimiphi imiqondo ebizela ukuphindaphinda nalapho bekuyokuba-kuhle kakhulu ukuyiphinda.
4-6. Chaza indlela ukubuyekeza “okuthuthukayo” nokubuyekeza “okuphethayo” okungasetshenziswa ngayo ukuphindaphinda amaphuzu amakhulu.
4 Ukuphindaphinda amaphuzu amakhulu. Ukuphindaphinda amaphuzu amakhulu kuvame ukufezwa ngohlobo oluthile lokubuyekeza. Siyoxoxa ngezinhlobo ezimbili eziqhamile, sizibiza ngokuthi wukubuyekeza “okuthuthukayo” nokubuyekeza “okuphethayo.”
5 Ukubuyekeza okuthuthukayo kuhlanganisa ukubuyekezwa okubalulekile kwelinye nelinye iphuzu elikhulu njengoba licatshangelwa, kufakwa kokunye nokunye ukubuyekeza okulandelayo okubalulekile kwamaphuzu amakhulu alandulele. Ngalendlela ukuhamba kwenkulumo kuyaqiniswa njalo.
6 Esiphethweni senkulumo, ukubuyekeza okuphethayo, noma kusetshenziswa nokubuyekeza okuthuthukayo noma qha, kuhlanganisa konke nayo yonke inkulumo ingabuyekezwa ngezinkulumo ezimbalwa ezimfushane. Ngezinye izikhathi kuyosiza ukusho inani eliyilo du lamaphuzu ayobuyekezwa. Lokhu kusiza inkumbulo ngokuqhubekayo.
7-10. Olokubuyekeza uhlobo lokuphindaphinda amaphuzu lungathuthukiswa kanjani ngokuthakazelisayo na?
7 Ukubuyekeza akudingeki kube-wukuphindaphinda okuduma noma ukushiwo futhi kwamaphuzu noma imiqondo. Kungafezwa ngezindlela ezahlukahlukene: ngomfanekiso, ngokusetshenziswa kombhalo, ngokusondela endabeni ngombono owahlukile, ngokuqhathanisa noma ngokulinganisa ngokwahlukile, ngokufanisa, ngokusebenzisa amazwi asho okufanayo noma imibuzo. Ukubonisa, ukubuyekeza okunosizo kakhulu kwenkulumo yasobala bekungahle kube-yingxenye emfushane, yemizuzu emihlanu, kusebenzisa itekisi eyisisekelo yoMbhalo nezizathu ezinkulu zenkulumo. Lapha yonke inkulumo isesimweni segobolondo, okuthile cishe wonke umuntu angahamba nakho futhi akusebenzise.
8 Olokubuyekeza uhlobo lokuphindaphinda lusiza ikakhulu ngokuhlangene nezinkulumo ezihilela ukuzindla nomqondo ohlelekile, nokudlula kwesikhathi phakathi kwengxoxo nokubuyekeza okufushane kuyasiza ekujuliseni ngaphezulu kakhulu imicabango ezingqondweni zezilaleli. Nokho, akudingekile ngaso sonke isikhathi ukubuyekeza iphuzu. Ngokuvamile lingabuye lishiwo nje kamuva njengesisekelo esiphumelelayo selinye iphuzu elimelwe lithuthukiswe.
9 Enye indlela amaphuzu amakhulu angaphindwa ngayo kungokwenza imbuyisamazwi yawo esethulweni senkulumo, bese kuba-ngokulandelisa ngokuthuthukiswa okude kwalamaphuzu emzimbeni. Lokhukuphindaphinda kungenisa imicabango ngokuqhubekayo engqondweni.
10 Ngokujwayelana nalezizindlela ezahlukene zokuphindaphinda amaphuzu amakhulu, kuningi okungenziwa ukwenza inkulumo ithakazelise futhi ijabulise kanye nokuyenza ikhumbuleke kalula kakhulu.
11-14. Yiziphi izisusa eziyisihluthulelo ezihilelekile ekuphindaphindeni amaphuzu angaqondakalanga na?
11 Ukuphindaphinda amaphuzu angaqondakalanga. Noma iphuzu limelwe liphindaphindwe ukuze liqondakale kuxhomeke cishe ezilalelini ngokupheleleyo. Uma kuyiphuzu elibalulekile futhi ebelingenakukhanya kuzo ngaphandle kokuba-nethuba lokulizwa lishiwo ngaphezu kwakanye, umelwe ubuye ulicabangele ngenye indlela noma uyofika esiphethweni senkulumo yakho ungahambisani nezilaleli zakho. Ngenye indlela, ukuphindaphinda okungadingekile, lokho okungasetshenziselwa ukugcizelela, kuyokwenza inkulumo ibe-namazwi amaningi futhi ingathakazelisi.
12 Cabanga ngezilaleli zakho ekulungiseleleni inkulumo. Kufanele kukwenze kancane ukwazi ukubona ngaphambili izinkinga ezithile izilaleli zakho ebezingahle zibe-nazo. Lungiselela ukuphinda imiqondo enjalo ngenye indlela ukuze ibonwe ngemibono eyahlukene.
13 Ungazi kanjani noma awuqondakali na? Bheka izilaleli zakho. Bheka izimo zobuso noma, uma ukhuluma nomuntu oyedwa noma ababili, buza imibuzo.
14 Kepha qaphelisisa lokhu: Ukuphindaphinda wona lawomazwi akunakuyifeza ngaso sonke isikhathi injongo yakho. Kukhona okungaphezulu ekufundiseni kunalokho. Uma izilaleli zakho zingazange zikuqonde ekuqaleni, ukusho nje wona lawomazwi kaningi kungahle kunganeli ukukwenza uqondakale kangcono. Ungenzani ngakho na? Umelwe ube-ngoguqukayo. Bekungahle kubizele izenezelo enkulumweni yakho ongazilungiselanga zona. Ukufunda kwakho ukubhekana nezindingeko zezilaleli kuyonquma ikakhulu ukuphumelela kwakho njengofundisayo.
**********
15-18. Umuntu angafunda kanjani ukusebenzisa ukushukuma komzimba okuchazayo na?
15 Nokushukuma komzimba kwengeza ukugcizelela kulokho okushoyo, futhi kuvame ukuqinisa okushiwo yizwi elikhulunywayo. Ngalendlela kulekelela futhi kwenze imiqondo ibaluleke. Cishe akakho okhuluma ngaphandle kwesimo esithile sokushukuma komzimba. Njalo, uma ungashukumisi umzimba endaweni yesikhulumi, izilaleli zakho ziyokwazi ukuthi awunethezekile. Kepha lapho ushukumisa umzimba ngokwemvelo, izilaleli azinakucabanga ngawe; ziyocabanga ngalokho okushoyo. Ukushukuma komzimba kuyakusiza ngokukuvusa, kushukumisa imizwelo yakho nakanjalo kuvusa ukunikela kwakho. Akufanele kuthathwe encwadini ethile. Awuzange ufunde indlela yokumamatheka noma yokuhleka noma yokuthukuthela, njalo akudingekile ukulingisa ukushukuma komzimba komunye umuntu, nalapho kuza ngokwemvelo kakhulu nangokuzenzekelayo yilapho kungcono kakhulu. Izimo zobuso zihambisana nokushukuma komzimba ekwenzeni izwi elikhulunywayo lizwakale.
16 Ukushukuma komzimba kuwela ezigabeni ezimbili ezivamile ngesimo sakho: okuchazayo nokugcizelelayo.
17 Ukushukuma komzimba okuchazayo. Ukushukuma komzimba okuchazayo kubonisa isenzo noma kubonisa ubukhulu nendawo. Lokhu ngokulula kunakho konke ukufundwa. Njalo, uma unenkinga ngokushukumisa umzimba endaweni yesikhulumi, zama okulula, okuchazayo ukushukuma komzimba kuqala.
18 Lapho usebenzela lemfanelo esikolweni, musa ukwaneliswa ngokukodwa nje noma okubili ukushukuma komzimba. Zama ukushukumisa umzimba kaningi kuyo yonke inkulumo. Ukuze wenze lokhu, cinga amazwi abonisa ibombo, ibanga, ubukhulu, indawo, ijubane, indawo okufunywana kuyo, ukulinganisa ngokwahlukanisa, izikhundla eziqondene noma ukuqhathanisa. Uma kudingekile, phawula lamazwi ngandlela-thize kokulotshiwe kwakho, ukuze kukukhumbuze ukuwushukumisa umzimba kuleyondawo. Qhubeka nalenjwayelo, ngisho nakuba uthole u“L” ekuqaleni. Ngemuva kwezinkulumo ezimbalwa uyofumana ukuthi awusadingi ukuphawula ukushukuma kwakho komzimba noma ukucabanga ngakho ngaphambili futhi uyowushukumisa umzimba ngokwemvelo.
19, 20. Ukushukuma komzimba okugcizelelayo kusiza kuphi na?
19 Ukushukuma komzimba okugcizelelayo. Ukushukuma komzimba okugcizelelayo kubonisa umzwelo nokukholiseka. Kubeka izimpawu kuyenze ibaluleke futhi kuyiqinise imiqondo. Ngakho-ke ukushukuma komzimba okugcizelelayo kubalulekile. Kepha, qaphela! Ukushukuma komzimba okugcizelelayo ngokuvamile wuhlobo oluba-yizijwayezi. Ukuvimbela lokhu, xwaya ukushukuma komzimba okuphindaphindwayo.
20 Uma inkinga yakho iyizijwayezi ekushukumiseni umzimba, gcina ngokushukuma komzimba okuchazayo kuphela okwesikhathi. Uma sewunekhono ekushukumeni komzimba kwaloluhlobo, ukushukuma komzimba okugcizelelayo kufanele kube-ngokufaneleyo. Njengoba uzuza ulwazi futhi unethezeka ngaphezulu endaweni yesikhulumi, ukushukuma kwakho komzimba okugcizelelayo kuyobonisa ngokwemvelo imizwelo yangaphakathi, kubonakalisa ukukholwa kwakho nobuqotho. Kuyokwengeza ingqondo enkulumweni yakho.