ISIFUNDO 13
Ukubheka Izilaleli
AMEHLO ethu aveza isimo sengqondo nemizwelo. Angase aveze ukumangala noma ukwethuka. Angase adlulisele kwabanye isihawu noma uthando. Kwezinye izikhathi, angase akhombise ukungabaza noma anikeze ubufakazi bokudabuka. Elinye ikhehla lathi ngabantu bezwe lakubo ababeye bahlupheka kakhulu: “Sikhuluma ngamehlo.”
Abanye bangase bafike eziphethweni ezithile ngathi nangalokho esikushoyo, kuye ngokuthi sibukaphi. Ezizweni eziningi, abantu bathambekele ekumethembeni umuntu obabheka ngobungane. Kanti, bangase babungabaze ubuqotho nekhono lomuntu obuka izinyawo noma obuka okunye kunokuba abheke lowo akhuluma naye. Kwezinye izizwe, ukugqolozela umuntu emehlweni kubhekwa njengokwedelela, ukumhlasela noma ukumsukela lowo muntu. Kuba njalo ngokukhethekile uma ukhuluma nabobulili obuhlukile noma induna noma umuntu osesikhundleni. Futhi kwezinye izindawo, kubhekwa njengokungabi nanhlonipho uma umuntu osemusha ebuka umuntu omdala emehlweni.
Nokho, endaweni okungaxwaywa kuyo, ukubheka umuntu emehlweni lapho usho into ebalulekile kuyenza igcizeleleke. Kungase kubhekwe njengobufakazi bokuqiniseka kokhulumayo. Phawula indlela uJesu asabela ngayo lapho abafundi bakhe bebonisa ukumangala okukhulu futhi bethi: “Ubani ngempela ongasindiswa?” IBhayibheli liyabika: “Ebabheka ebusweni, uJesu wathi kubo: ‘Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.’” (Math. 19:25, 26) ImiBhalo ibonisa futhi ukuthi umphostoli uPawulu wayeyiqaphela ngeso elibukhali indlela ababesabela ngayo labo ababemlalele. Kwesinye isenzakalo, ngesikhathi uPawulu enikeza inkulumo, kwakunendoda eyayizalwe ikhubazekile. IzEnzo 14:9, 10 zithi: “Le ndoda yayilalele uPawulu ekhuluma, owathi lapho egxilisa amehlo akhe kuyo futhi ebona ukuthi yayinokholo lokuba yenziwe iphile, wathi ngezwi elikhulu: ‘Sukuma ume uqonde ngezinyawo zakho.’”
Amacebiso Enkonzo Yasensimini. Lapho usenkonzweni yasensimini, yiba nobungane nemfudumalo njengoba ukhuluma nabantu. Uma kufaneleka, sebenzisa imibuzo eshukumisa ingqondo ukuze uqale ingxoxo ngokuthile eningase nivumelane ngakho. Njengoba wenza lokhu, zama ukumbheka emehlweni—noma okungenani umbheke ebusweni ngendlela enenhlonipho nenomusa. Kuyajabulisa ukumomotheka okufudumele komuntu omehlo akhe abonakalisa injabulo yangaphakathi. Isimo esinjalo singase sitshele umuntu okuningi ngohlobo lomuntu oyilo futhi singamsiza azizwe ekhululeke kakhudlwana njengoba nixoxa.
Ukuqaphela isimo samehlo omuntu, lapho kufaneleka, kungase kukubonise ukuthi ungasisingatha kanjani isimo. Uma umuntu ethukuthele noma engenaso ngempela isithakazelo, ungakubona lokho. Uma engakuqondi, ungakuphawula lokho. Uma esephelelwa isineke, ngokuvamile uyokwazi ukukubona lokho. Uma enesithakazelo ngempela, nalokhu kuyobonakala. Amehlo akhe angase akwenze uqaphele ukuthi kudingeka ushintshe ijubane, wenze umzamo owengeziwe wokumfaka engxoxweni, uphethe ingxoxo, noma, uma kungenzeka, umbonise indlela yokuqhutshwa kwesifundo seBhayibheli.
Kungakhathaliseki ukuthi ufakaza obala noma uqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, zama ukumbheka ngenhlonipho lowo okhuluma naye. Kodwa ungamgqolozeli, ngoba lokho kungase kumbangele amahloni. (2 AmaKh. 8:11) Kodwa damane umbuka ngendlela engokwemvelo nenobungane. Ezindaweni eziningi, lokhu kubonisa ukuthi unesithakazelo esiqotho. Yebo, lapho ufunda iBhayibheli noma incwadi, amehlo akho ayogxila kulokho okubhaliwe. Kodwa, ukuze ugcizelele iphuzu, kungase kudingeke umbheke ngokuqondile umuntu, nakuba ungeke umbuke isikhathi eside. Ukudamane umbheka kuyokusiza ukuba ubone ukuthi usabela kanjani kulokho okufundwayo.
Uma ekuqaleni amahloni enza kube nzima ukuba umbheke, ungadikibali. Uma uprakthiza, ukubheka izilaleli ngendlela efanele kuyozenzakalela, futhi kungase kukwenze uphumelele ngokwengeziwe lapho uxoxa nabanye.
Lapho Unikeza Inkulumo. IBhayibheli lisitshela ukuthi ngaphambi kokuba uJesu aqale iNtshumayelo yakhe yaseNtabeni, “waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe.” (Luka 6:20) Funda esibonelweni sakhe. Uma uzokhuluma neqembu, libheke bese uthi ukuma imizuzwana embalwa ngaphambi kokuba uqale ukukhuluma. Kwamanye amazwe lokhu kuyohlanganisa nokubuka abathile ezilalelini. Lokhu kuma kancane kungase kusize kudambise nokwethuka okuba khona ekuqaleni. Kuyosiza nezilaleli ukuba zizifanelanise nanoma isiphi isimo sengqondo noma imizwelo evezwa ubuso bakho. Ngaphezu kwalokho, ukwenza kwakho kanjalo kuyokwenza ukuba izilaleli zizinze zilungele ukukulalela.
Phakathi nenkulumo yakho, zibheke izilaleli. Ungabuki nje iqembu lilonke. Zama ukubuka abathile kulo. Cishe kuzo zonke izizwe, kulindelekile ukuba isikhulumi saseningini sibuke izilaleli ngezinga elithile.
Ukubheka izilaleli kusho okungaphezu kokumane ugijimise amehlo aye ngapha nangapha. Bheka ngenhlonipho umuntu othile ezilalelini, futhi uma kufaneleka, usho umusho ophelele kulowo muntu. Bese ubuka omunye, usho umusho owodwa noma emibili kulowo muntu. Ungambheki umuntu isikhathi eside aze abe namahloni, futhi ungagxili kubantu abambalwa ezilalelini zizonke. Qhubeka ubuka izilaleli ngale ndlela, kodwa njengoba ukhuluma nomuntu othile, khuluma naye ngempela futhi umbone esabela ngaphambi kokudlulela komunye.
Uhlaka lwakho kumelwe lube phezu kwetafulana elisendaweni yesikhulumi, esandleni sakho noma eBhayibhelini ukuze ukwazi ukulujeqeza. Uma kudingeka ubheke phansi ukuze ubuke uhlaka, ngeke ukwazi ukubheka izilaleli. Kumelwe ucabangele ukuthi uyolubuka kaningi kangakanani uhlaka nokuthi uyolubuka nini. Uma ubuka uhlaka lapho ufika emvuthwandaba wenkulumo yakho, akukona nje ukuthi uyongakuboni ukusabela kwezilaleli zakho, kodwa nenkulumo yakho iyolahlekelwa umfutho. Ngokufanayo, uma ubuka uhlaka njalo nje, ngeke uzibheke izilaleli.
Uma uphonsela umuntu ibhola, uyabheka ukuze ubone ukuthi ulinqakile yini. Iphuzu ngalinye enkulumweni yakho ‘liwukuphonsela’ izilaleli. ‘Ukunqaka’ kubonakala ngokusabela kwazo—ukuvuma ngekhanda, ukumomotheka, ukulalelisisa. Ukuzibheka kahle izilaleli kuyokusiza ukuba uqiniseke ukuthi amaphuzu akho ‘ayanqakwa.’
Uma wabelwe ukuba ufundele ibandla, ingabe kufanele uzame ukubheka izilaleli phakathi nokufunda? Uma izilaleli zihambisana nawe njengoba ufunda iBhayibheli, eziningi ngeke zibone ukuthi uyazibheka yini noma cha. Kodwa ukubheka izilaleli kungakusiza ukuba wenze ukufunda kwakho kuphile ngoba kuyokusiza uhlale uyibona indlela ezisabela ngayo. Ukubheka izilaleli kuyosiza labo abangawavuli amaBhayibheli abo noma abangqondo yabo iyazula ukuba banake loko okufundwayo. Yiqiniso, uyokwazi ukuzibheka kancane, futhi akufanele uzibheke ngendlela eyokwenza ulahlekelwe indawo oyifundayo. Ukuze ukwenze kahle lokhu, kungcono uphathe iBhayibheli lakho ngesandla futhi uphakamise ikhanda, isilevu ungasibeki esifubeni.
Ngezinye izikhathi, abadala babelwa ukuba banikeze inkulumo efundwayo emihlanganweni yesigodi. Ukuyibeka ngempumelelo kudinga okuhlangenwe nakho, ukulungiselela kahle, nokuprakthiza kakhulu. Yiqiniso, inkulumo efundwayo ayilinikezi ithuba elikahle lokubheka izilaleli. Kodwa uma isikhulumi silungiselele kahle, siyokwazi ukudamane sibheka izilaleli ngaphandle kokulahlekelwa indawo esifunda kuyo. Ukwenza kwaso kanjalo kuyosiza kugcine izilaleli zilalele futhi zizuze ngokugcwele emfundweni ebalulekile engokomoya enikezwayo.