IBhokisi Lemibuzo
◼ Kungani kuzizuzisa izilaleli ukuvula imibhalo uma zicelwa isikhulumi ukuba ziyivule phakathi nenkulumo yaso?
Izici ezinjengendaba okuxoxwa ngayo nokuthi inkulumo iyakuhlanganisa yini ukucatshangelwa kwevesi ngalinye lengxenye yeZwi likaNkulunkulu noma cha ziyonquma inani lemibhalo izilaleli ezingase zicelwe ukuba ziyivule.
Kubalulekile ukukhumbula ukuthi injongo yokuvula imibhalo iwukubonisa ukuthi lokho okushiwoyo kusuka eBhayibhelini. (IzEnzo 17:11) Omunye umgomo uwukuhlola ubufakazi obungokomBhalo obusekela lokho okuxoxwa ngakho ukuze ukholo lwazo zonke luqine. Ukubona lokho okushiwo iBhayibheli lapho kufundwa umbhalo oyisihluthulelo kuyokugxilisa kakhulu engqondweni. Ngaphezu kokufunda imibhalo, ukubhala amaphuzu nokuhambisana nalokho okushiwoyo kuyazuzisa.
Nakuba uhlaka lweNhlangano lungase lube nemiBhalo eminingi yokuthuthukisa inkulumo, lena yenzelwe ukuba isize isikhulumi lapho silungiselela. Ingase inikeze ukwaziswa okuyisisekelo futhi isisize siziqonde kahle izimiso eziyisisekelo ezingokomBhalo futhi siqonde indlela esingayibeka ngayo inkulumo. Isikhulumi yisona esinquma ukuthi imiphi imibhalo ebalulekile enkulumweni futhi sicela izilaleli ukuba zihambisane naso njengoba leyo mibhalo ifundwa futhi ichazwa. Eminye imibhalo esekela inkulumo ingase ishiwo futhi ikhulunyelwe, kodwa ezimweni ezinjalo akudingekile ukuba izilaleli ziyivule.
Lapho isikhulumi sifunda imibhalo ethile, siyifunda eBhayibhelini ngokuqondile, hhayi ephepheni elibhaliwe le-computer. Lapho isikhulumi sicela izilaleli ukuba nazo zifunde kanye naso, kufanele siyisho ngokucacile incwadi yeBhayibheli, isahluko namavesi. Ngokuma kancane bese sibuza umbuzo noma sichaze kafushane isizathu sokufunda umbhalo, sinikeza izilaleli isikhathi esanele sokuwuthola umbhalo. Futhi ukuwuphinda umbhalo kuyosiza izilaleli ukuba ziwukhumbule. Nokho, akutuswa ukuba sisho ukuthi utholakala kuliphi ikhasi, njengoba amaBhayibheli ehlukahluka kuye ngokuthi iyiphi inguqulo esetshenziswa izilaleli. Ukuyivula imibhalo lapho izilaleli zicelwa ukuba zenze kanjalo kuzisiza ukuba zizuze emandleni eZwi likaNkulunkulu njengoba lichazwa enkulumweni.—Heb. 4:12.