Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 14 k. 128-k. 130 isig. 4
  • Ukukhuluma Ngokwemvelo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukukhuluma Ngokwemvelo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuqephuzayo, Ukunikezwa Kwengxoxo Nokuphinyiselwa Kwamazwi Okufanele
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Indlela Yokukhuluma Esangxoxo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Ukulungiselela Izabelo Zabafundi ZeSikole
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 14 k. 128-k. 130 isig. 4

ISIFUNDO 14

Ukukhuluma Ngokwemvelo

Yini okudingeka uyenze?

Yiba nguwe—xoxa ngokwemvelo, ube qotho, ungazenzisi.

Kungani Kubalulekile?

Uma wethukile, ubophene, noma ungakhululekile ngesikhathi ukhuluma ngoba ukhathazeke ngokuthi kucatshangwani ngawe, abanye bangase bangakulaleli.

UKUKHULUMA ngendlela engokwemvelo kusiza ukuba abanye bakwethembe. Ungayethemba yini into eshiwo umuntu okhuluma nawe ezifihle ubuso? Kungenza umehluko yini uma isifihla-buso sakhe sisihle kakhulu kunobuso bomuntu okhulumayo? Cishe bekungeke. Ngakho-ke, kunokuzenza ongeyikho, yiba nguwe.

Ukukhuluma ngokwemvelo akufanele kudidaniswe nokunganaki. Akufuneki ukhulume ulimi olungaqondile, uwaphimisele kabi amagama, futhi ukhulume ungezwakali. Nolimi lwasemgwaqweni kumelwe lugwenywe. Ngaso sonke isikhathi sifuna ukubonisa inhlonipho efanele, kwesikushoyo nasendleleni esikusho ngayo. Umuntu okhuluma ngokwemvelo akakhulumi ahloniphise ngokweqile noma akhathalele ukuhlaba abanye umxhwele.

Enkonzweni Yasensimini. Lapho ungena emzini othile noma uya kothile endaweni yomphakathi ngenjongo yokunikeza ubufakazi, ingabe uzizwa wethukile? Abaningi bethu bazizwa kanjalo, kodwa kwabanye lo muzwa uyabelesela kunakwabanye. Ukwethuka kungabangela izwi lizwakale lihoshozela noma liqhaqhazela, noma ungase uzicebe ukuthi wethukile ngokulokhu unyakazisa izandla noma ikhanda.

Ziningi izizathu ezingenza ummemezeli abe nale nkinga. Mhlawumbe ucabanga ngokuthi abanye bazocabangani ngaye, noma uzibuza ukuthi ingabe inkulumo yakhe iyophumelela yini. Kuvamile lokhu, kodwa kuba yinkinga uma zinakwa kakhulu izinto ezinjalo. Uma ufikelwa ukwesaba ngaphambi kokuya ensimini, yini engakusiza? Ukulungiselela kahle nokuthandaza kuJehova ngokusuka enhliziyweni. (IzE. 4:29) Cabanga ngomusa omkhulu kaJehova ngokumema abantu ukuba bajabulele impilo ephelele nokuphila okuphakade ePharadesi. Cabanga ngalabo ozama ukubasiza, kanye nesidingo sokuba bezwe izindaba ezinhle.

Khumbula futhi ukuthi abantu banenkululeko yokuzikhethela, ngakho bangase basamukele isigijimi noma basenqabe. Kwakunjalo nalapho uJesu efakaza ku-Israyeli wasendulo. Isabelo sakho siwukushumayela nje. (Math. 24:14) Ngisho nalapho abantu bengakuvumeli ukuba ukhulume, ukuba khona nje kwakho kukodwa kuyonikeza ubufakazi. Uyobe uphumelele ngoba uvumele uJehova akusebenzisele ukufeza injongo yakhe. Lapho uthola ithuba lokukhuluma, uyokhuluma kanjani? Uma ufunda ukugxilisa imicabango yakho ezidingweni zabanye, okushoyo kuyobakhanga abanye futhi kuzwakale kungokwemvelo.

Lapho unikeza ubufakazi, uma wenza futhi ukhuluma ngendlela owenza ngayo nsuku zonke, izilaleli ziyokhululeka. Zingase ngisho ziwamukele amaphuzu angokomBhalo ofuna ukuwahlanganyela nazo. Kunokuzinikeza inkulumo, xoxa nazo. Yiba nobungane. Bonisa isithakazelo kuzo, futhi uzamukele izimpendulo zazo. Yiqiniso, lapho ulimi noma amasiko endawo edinga ukuba kugcinwe imithetho ethile yenhlonipho lapho ukhuluma nabantu ongabazi, kuyodingeka uyigcine. Kodwa hlale umomotheka ngokukhululeka.

Endaweni Yesikhulumi. Lapho ukhuluma neqembu, inkulumo engokwemvelo nesangxoxo ivame ukuba ngcono kakhulu. Yiqiniso, uma izilaleli ziziningi, kudingeka uphakamise izwi. Uma uzama ukuyibamba ngekhanda inkulumo noma uma uhlaka lwakho lunemininingwane kakhulu, cishe unenkinga yokukhathazeka ngokweqile ngokusebenzisa amagama okuyiwona wona. Ukusebenzisa amagama afanele kubalulekile, kodwa uma kunakwa kakhulu, inkulumo iyabophana, ingabi mnandi. Ayibe isaba engokwemvelo. Kufanele uwacabange kahle amaphuzu akho kusenesikhathi, kodwa gxila kakhulu emaphuzwini, hhayi endleleni ozosebenzisa ngayo amagama.

Kufanele wenze okufanayo nalapho kuxoxwa nawe emhlanganweni. Lungiselela kahle, kodwa ungazifundi phansi izimpendulo zakho noma uzibambe ngekhanda. Phendula ngendlela engokwemvelo ukuze izimpendulo zakho zijabulise.

Ngisho nezimfanelo zenkulumo ezinhle zingase zingazwakali zingokwemvelo ezilalelini uma zisetshenziswa ngokweqisa. Ngokwesibonelo, kumelwe ukhulume ngokucacile futhi uwaphimisele kahle amagama, kodwa kungabi sezingeni lokuba inkulumo yakho izwakale ibophene noma ingeyokuzenzisa. Ukushukuma komzimba okugcizelelayo noma okuchazayo, uma kwenziwa kahle, kungenza inkulumo yakho iphile, kodwa ukushukuma komzimba okuqinile noma okweqisayo kuyolulaza lokho okushoyo. Khuluma ngezwi elizwakala kahle, kodwa zama ukuba ungamemezi. Kuhle ngezinye izikhathi ukufaka intshiseko endleleni okhuluma ngayo, kodwa kumelwe ugweme ukuzikhukhumeza. Ukushintshashintsha izwi, intshiseko, nomuzwa akumelwe kusetshenziswe ngendlela eqhakambisa wena noma eyenza izilaleli zizizwe zingakhululekile.

Abanye abantu ngokwemvelo banendlela ethile eqondile yokukhuluma, ngisho nalapho benganikezi inkulumo. Abanye basebenzisa amagama avamile lapho bekhuluma. Into ebalulekile ukukhuluma ngendlela efanele nokuziphatha ngenhlonipho yobuKristu nsuku zonke. Kuyothi lapho ususendaweni yesikhulumi kube lula ukukhuluma nokwenza izinto ngendlela engokwemvelo nemnandi.

Lapho Ufundela Iningi. Ukufundela iningi ngendlela engokwemvelo kudinga umzamo. Ukuze uphumelele kukho, thola amaphuzu ayinhloko endabeni ozoyifunda futhi uphawule indlela achazwa ngayo. Mawacace engqondweni; ngaphandle kwalokho, uyobe ufunda amagama nje. Buza ukuthi amagama angajwayelekile aphinyiselwa kanjani. Prakthiza ukufunda ngokuzwakalayo ukuze uguquguqule izwi ngendlela efanele futhi uhlanganise amagama ndawonye ngendlela eveza amaphuzu ngokucacile. Kwenze ngokuphindaphindiwe kuze kube yilapho usufunda ngokushelela. Indaba yakho yazi kahle kangangokuba uma uyifunda ngokuzwakalayo, ukufunda kwakho kuzwakale njengengxoxo enempilo. Lokho-ke kungokwemvelo.

Yiqiniso, izikhathi eziningi lapho sifundela iningi sisuke sifunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. Ngaphandle kokufunda izabelo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, sifunda imibhalo enkonzweni yasensimini, nalapho sinikeza izinkulumo endaweni yesikhulumi. Abazalwane babelwa ukuba bafunde indaba esuke icatshangelwa eSifundweni Se-Nqabayokulinda naseSifundweni Sencwadi Sebandla. Abanye abazalwane abafanelekayo bathola izabelo zokubeka izinkulumo ezifundwayo emihlanganweni yesigodi. Kungakhathaliseki ukuthi ufunda iBhayibheli noma ezinye izincwadi, funda izingcaphuno ngendlela eyenza indaba iphile. Uma kucashunwe abantu abaningi, shintsha izwi lifanelane nomuntu ngamunye. Nasi isixwayiso: Ungeqisi, kodwa ukufunda ngendlela engokwemvelo kwenze kuphile.

Ukufunda ngendlela engokwemvelo yilokho okusangxoxo. Akuzwakali kuwukuzenzisa, kodwa kunokuqiniseka.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Khuluma ngendlela okhuluma ngayo nsuku zonke. Ungacabangi kakhulu ngawe ngokwakho, kodwa ngoJehova nesidingo sokuba abantu bafunde ngaye.

  • Lapho ulungiselela inkulumo, naka ngokuyinhloko amaphuzu, hhayi amagama ozowasebenzisa.

  • Lapho unikeza inkulumo nalapho ukhuluma engxoxweni yansuku zonke, gwema imikhuba yokukhuluma ebonisa ukunganaki nokuthambekela kokusebenzisa izimfanelo zenkulumo ngendlela eqhakambisa wena.

  • Lungiselela kahle lapho uzofundela iningi. Funda ngomuzwa futhi ubonise ukuthi uyazi ukuthi kusho ukuthini okufundayo.

IZIVIVINYO: (1) Funda uMalaki 1:2-14 buthule, uphawule labo abakhulumayo. Yifunde ngokuzwakalayo-ke manje ukhulume ngendlela efanele. (2) Izikhathi ezintathu ezihlukene, ngaphambi kokuhlanganyela enkonzweni yasensimini, funda izigaba ezimbili zokuqala zalesi sifundo kanye nendaba engaphansi kwesihlokwana esithi “Enkonzweni Yasensimini,” ekhasini 128. Zama ukusisebenzisa leso seluleko.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela