Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 28 k. 179-k. 180 isig. 8
  • Indlela Yokukhuluma Esangxoxo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokukhuluma Esangxoxo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuqephuzayo, Ukunikezwa Kwengxoxo Nokuphinyiselwa Kwamazwi Okufanele
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukukhuluma Ngokwemvelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukusebenzisa Inkulumo Enhle Nsuku Zonke
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Ukukhuluma Ngendlela Engokwemvelo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 28 k. 179-k. 180 isig. 8

ISIFUNDO 28

Indlela Yokukhuluma Esangxoxo

Yini okudingeka uyenze?

Khuluma ngendlela okhuluma ngayo nsuku zonke kodwa efanelana nezilaleli zakho.

Kungani Kubalulekile?

Indlela yokukhuluma esangxoxo yenza izilaleli zakho zikhululeke futhi izenze zikwamukele kalula okushoyo.

ABANTU ngokuvamile bayakhululeka lapho bexoxa nabangane babo. Abakushoyo kuvele kuzifikele nje. Abanye abantu bayaxoxa; abanye bayathula. Noma kunjalo, uma ingxoxo yakho ingeyemvelo kanjalo iyajabulisa.

Nokho, uma ukhuluma nomuntu ongamazi, akulungile ukuba umqinele. Empeleni, kwezinye izizwe, ingxoxo nomuntu ongamazi iqala ngendlela enenhlonipho kakhulu. Ngemva kokuba usubonise inhlonipho efanele, kungase kube kuhle ukusebenzisa ulimi oluvamile.

Kumelwe uqaphe nalapho ukhuluma endaweni yesikhulumi. Ukukhuluma ngokukhululeke kakhulu kungalulaza umhlangano wobuKristu nokubaluleka kwalokho okushiwoyo. Kwezinye izilimi, kudingeka usebenzise amagama athile lapho ukhuluma nomuntu omdala, uthisha, iziphathimandla noma umzali. (Phawula amagama asetshenziswe kuzEnzo 7:2 no-13:16.) Kusetshenziswa amagama ahlukile lapho kukhulunywa nomngane womshado noma umngane oseduze. Nakuba indlela yethu yokukhuluma endaweni yesikhulumi kungadingekile ukuba ihloniphise ngokweqile, kumelwe ibonise inhlonipho.

Nokho, kunezici ezingenza inkulumo yomuntu ingasheleli. Esinye sazo kungaba ukwakheka kwemisho noma indlela okusetshenziswe ngayo amagama. Inkinga iphakama lapho isikhulumi sizama ukuphindaphinda amagama njengoba nje ebhaliwe. Ngokuvamile, okubhalwe phansi kuzwakala ngendlela ehlukile kokushiwo ngomlomo. Yiqiniso, lapho sicwaninga uma silungiselela inkulumo siye sisebenzise indaba enyathelisiwe. Mhlawumbe inkulumo yakho isekelwe ohlakeni olunyathelisiwe. Kodwa uma amaphuzu uwabeka ngendlela abhalwe ngayo phansi, noma uwafunda ngokuqondile ohlakeni olunyathelisiwe, cishe okushoyo ngeke kuzwakale kusangxoxo. Ukuze ukugcine kusangxoxo, beka amaphuzu ngamazwi akho futhi ugweme imisho eyinkimbinkimbi.

Esinye isici ukushintsha kwejubane. Ngokuvamile uma ukhuluma ngendlela engasheleli nenamathela emithethweni, ubala amagama, nejubane alishintshi. Engxoxweni evamile, ijubane liyashintshashintsha kanti namakhefu ayashiyashiyana ngobude.

Yiqiniso, lapho ukhuluma nezilaleli eziningi, kumelwe ukhulume njengokungathi uyaxoxa nje, ngezwi eliphakeme nelizwakalayo, nangentshiseko ukuze ubambe isithakazelo sazo.

Ukuze ukhulume ngendlela esangxoxo, efanele inkonzo, kudingeka uzijwayeze ukukhuluma kahle nsuku zonke. Lokhu akusho ukuthi kumelwe ube isifundiswa. Kodwa kuhle ukuhlakulela imikhuba emihle yokukhuluma, eyokwenza ukuba abanye bakulalele ngenhlonipho lokho okushoyo. Unalokho engqondweni, cabangela ukuthi ingabe kuyadingeka yini usebenzele kula maphuzu alandelayo engxoxweni yakho yansuku zonke.

  1. Gwema amagama angqubuzana nohlelo lolimi noma angase akuhlanganise nabantu abandlela yabo yokuphila idelela izindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokuvumelana neseluleko esikweyabaseKolose 3:8, xwaya ulimi olungenanhlonipho noma inhlamba. Ngakolunye uhlangothi, ulimi oluvamile lwansuku zonke alulubi. Inkulumo yansuku zonke ayiboshiwe yimithetho, kodwa iyamukeleka ngokwezindinganiso zokukhuluma.

  2. Gwema ukuphindaphinda njalo amagama afanayo nemishwana efanayo lapho uveza amaphuzu ahlukahlukene. Funda ukusebenzisa amagama akuchaza ngokucacile okushoyo.

  3. Gwema ukulokhu uphindaphinda ngokungenasidingo into osuyishilo kakade ngokucabangisisa ngalokho ofuna ukukusho; bese uqala-ke ukukhuluma.

  4. Gwema ukugqiba amaphuzu amahle ngokukhuluma kakhulu. Zijwayeze ukulibeka ngamafuphi iphuzu ofuna likhunjulwe.

  5. Khuluma ngendlela ebonisa abanye inhlonipho.

INDLELA YOKUTHUTHUKISA LE MFANELO

  • Qala ngombono onawo ngezilaleli zakho. Zibheke njengabangane bakho, kodwa ungakhululeki ngokweqile. Ziphathe ngenhlonipho.

  • Khuluma ngamazwi akho. Ungazami ukukubeka njengoba kunjalo okubhalwe phansi. Beka amaphuzu ngamazwi akho. Sebenzisa imisho emifushane futhi ushintshashintshe ijubane.

  • Gxila esifisweni sokuxoxa nabanye. Khuluma ngokusuka enhliziyweni. Okubalulekile umyalezo, hhayi ukuhlaba abanye umxhwele.

  • huthukisa indlela oxoxa ngayo nsuku zonke. Sebenzela ekusikiseleni okunikezwe kuleli khasi, ngakunye ngesikhathi.

ISIVIVINYO: Hlola imikhuba yakho yokuxoxa. Sebenzela emaphuzwini amahlanu ahlelwe ngenhla, ugxile kwelilodwa ngesikhathi usuku lonke. Noma nini lapho wenza iphutha, liphinde iphuzu, ulisho kahle, okungenani ulisho engqondweni yakho.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela