ISIFUNDO 41
Iyaqondakala Kwabanye
LAPHO ukhuluma, ungamane nje ubeke indaba. Zama ukwenza lokho okushoyo bakuqonde labo abakulalele. Lokhu kungakusiza uxhumane nabanye ngempumelelo, kungakhathaliseki ukuthi ukhuluma nebandla noma nabantu abangebona oFakazi.
Ziningi izici ezihilelekile ekuqondakaleni kwenkulumo. Ezinye zazo zihlanganiswe eSifundweni 26, “Ukuthuthukisa Indaba Ngendlela Enengqondo.” Ezinye zihlanganiswe eSifundweni 30, “Umuntu Ubonisiwe Isithakazelo.” Kulesi sifundo, sizoxoxa ngamaphuzu ambalwa engeziwe.
Amagama Alula, Ukukhuluma Ngendlela Elula. Amagama aqondakala kalula nemisho emifushane kungamathuluzi anamandla okuxhumana nabanye. INtshumayelo kaJesu yaseNtabeni iyisibonelo esihle kakhulu senkulumo abantu abangayiqonda kungakhathaliseki ukuthi bangobani nokuthi bahlalaphi. Kungase kwenzeke ukuthi bayaweshwama umyalezo ewuqukethe. Kodwa bangakuqonda lokho okwashiwo uJesu ngoba wayekhuluma ngezindaba ezisithinta sonke: indlela yokuthola injabulo, indlela yokuthuthukisa ubuhlobo bethu nabanye, indlela yokubhekana nokukhathazeka, nendlela yokuthola injongo ekuphileni. Futhi wayekhuluma ngolimi oluvamile. (Math., izahl. 5-7) Yiqiniso, iBhayibheli linezibonelo eziningi zemisho eshiyashiyanayo ngobude nokwakheka kwayo. Umgomo wakho oyinhloko kumelwe kube ukuveza amaphuzu ngendlela ecacile neqondakalayo.
Ngisho nalapho ukhuluma ngendaba elukhuni, ukukhuluma ngendlela elula kungasiza kuyenze iqondakale. Ungakhuluma kanjani ngendlela elula? Ungaxaki izilaleli zakho ngemininingwane engadingekile. Hlela indaba yakho ngendlela yokuba iphelelise amaphuzu asemqoka. Yikhethe kahle imibhalo eyisihluthulelo. Kunokusuka komunye umbhalo ugxumele komunye ngokubhuduzela, yifunde futhi uxoxe ngayo. Ungagqibi iphuzu elinohlonze ngamagama amaningi.
Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli sasekhaya, sebenzisa izimiso ezifanayo. Ungazami ukuchaza yonke imininingwane. Siza umfundi ukuba awaqonde ngokucacile amaphuzu asemqoka. Kamuva, uyothola imininingwane eyengeziwe esifundweni somuntu siqu nasemihlanganweni yebandla.
Ukuze ukhulume ngendlela elula, kudingeka ulungiselele kahle. Kumelwe wena ngokwakho uyiqonde indaba ukuze uyenze iqondakale kwabanye. Uma uyiqonda ngempela into ethile, uyakwazi ukunikeza izizathu zokuthi kungani injalo. Futhi uyakwazi ukuyibeka ngamazwi akho.
Chaza Amagama Angajwayelekile. Ngezinye izikhathi ukwenza izinto ziqondakale kudinga ukuba uchaze amagama athile izilaleli ezingawajwayele. Ungalindeli ukuba izilaleli zakho zazi yonke into kodwa futhi ungakweyi ukuhlakanipha kwazo. Ngenxa yokutadisha kwakho iBhayibheli, ungase usebenzise amagama abangawajwayele abanye. Uma ungawachazi, labo abangahlanganyeli noFakazi BakaJehova ngeke baqonde ukuthi elithi “insali,” “inceku ethembekileyo neqondayo,” “ezinye izimvu,” nelithi “isixuku esikhulu” asho amaqembu athile abantu. (Roma 11:5; Math. 24:45; Joh. 10:16; IsAm. 7:9) Ngokufanayo, ngaphandle kwalapho umuntu ejwayelene nenhlangano yoFakazi BakaJehova, cishe ngeke akuqonde okushiwo amagama anjengelithi “ummemezeli,” “iphayona,” “umbonisi wesifunda,” nelithi “iSikhumbuzo.”
Amanye amagama aseBhayibhelini abawasebenzisa kalula ngisho nalabo abangebona oFakazi angase adinge ukuchazwa. Kubantu abaningi, elithi “Armagedoni” lisho ukuqothulwa kwesizwe ngenyukliya. Bangase bahlobanise elithi “uMbuso KaNkulunkulu” nesimo somuntu sangaphakathi noma nezulu, kodwa bangalihlobanisi nohulumeni. Ukukhuluma ‘ngomphefumulo’ kungase kubenze bacabange ngento ekubantu okuthiwa ingumoya osindayo lapho kufa umzimba. Ngokwalokho izigidi zabantu eziye zakufundiswa, “umoya ongcwele” ungumuntu, uyingxenye kaZiqu-zintathu. Ngenxa yokuthi abantu abaningi bazishiyile izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha, bangase badinge usizo ukuze baqonde ukuthi iBhayibheli lisho ukuthini uma lithi: “Balekelani ubufebe.”—1 Kor. 6:18.
Ngaphandle kwalapho abantu belifunda njalo iBhayibheli, bangase bangalitholi iphuzu uma umane uthi, “uPawulu wabhala . . . ” noma “uLuka wathi . . . ” Bangase babe nabangane noma omakhelwane abanalawo magama. Kungase kudingeke wengeze okuthile ukuze ubonise ukuthi lowo muntu ungumphostoli ongumKristu noma umbhali weBhayibheli.
Ezikhathini eziningi izilaleli zanamuhla zidinga usizo ukuze ziqonde imibhalo enezilinganiso noma amasiko akudala. Ngokwesibonelo, ukuthi umkhumbi kaNowa wawuyizingalo ezingu-300 ubude, uyizingalo ezingu-50 ububanzi, uyizingalo ezingu-30 ukuphakama, ngeke kusho lutho kubo. (Gen. 6:15) Kodwa uma ungachaza ngokulinganisa ngezinto ezisendaweni ezizijwayele izilaleli zakho, zingabuqonda ngokushesha ubukhulu bomkhumbi.
Nikeza Incazelo Edingekayo. Ukuze wenze izinto zicace ezilalelini zakho, kungase kudingeke okungaphezu kokulichaza ngokunembile igama elithile. Ezinsukwini zika-Ezra eJerusalema, ukufundwa koMthetho kwakuhambisana nokuchaza. Ukuze asize abantu bathole incazelo yawo, amaLevi ayewuchaza uMthetho futhi abonise ukuthi usebenza kanjani, kuye ngokwezimo abantu ababebhekene nazo ngaleso sikhathi. (Neh. 8:8, 12) Ngendlela efanayo, zinike isikhathi sokuchaza imibhalo futhi ubonise ukuthi isebenza kanjani.
Ngemva kokufa nokuvuka kwakhe, uJesu wachazela abafundi bakhe ukuthi lokho okwakusanda kwenzeka kwakugcwalisa imiBhalo. Wagcizelela futhi umthwalo wabo wemfanelo njengofakazi balezo zinto. (Luka 24:44-48) Uma usiza abantu ukuba babone ukuthi lokho abakufundisiwe kukuthinta kanjani ukuphila kwabo, bayosheshe bakuqonde okukushoyo.
Indlela Inhliziyo Ehileleke Ngayo. Yiqiniso, ngisho noma incazelo yakho icacile, kunezinye izici ezingase zinqume ukuthi omunye umuntu uyakuqonda yini noma cha. Uma inhliziyo yomuntu ilukhuni, iyamvimbela ekutholeni umqondo wokushiwoyo. (Math. 13:13-15) Kulabo abathanda ukubheka izinto ngomqondo ongokwenyama kuphela, izinto ezingokomoya ziwubuwula kubo. (1 Kor. 2:14) Lapho umuntu ebonisa umoya onjalo, kungase kube ukuhlakanipha ukumane uyisonge ingxoxo—okungenani okwangaleso sikhathi.
Nokho, kwezinye izimo, inhliziyo isuke ilukhuni ngenxa yezimo zokuphila ezinzima. Lapho enikezwa ithuba lokuzwa iqiniso leBhayibheli isikhathi esithile, inhliziyo yomuntu onjalo ingase ithambe. Lapho uJesu etshela abaphostoli bakhe ukuthi wayezohlushwa futhi abulawe, abazange baqonde. Ngani? Kwakungekhona lokho ababekulindele futhi ngokuqinisekile babengafuni ukuba kwenzeke! (Luka 18:31-34) Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, abangu-11 balabo baphostoli baqonda, futhi bakubonisa lokho ngokwenza ngokuvumelana nalokho uJesu ayebafundise khona.
Ithonya Lesibonelo Esihle. Abantu abasizwa nje ngamazwi ethu ewodwa ukuba baqonde esikushoyo, kodwa nayizenzo zethu. Lapho bekhuluma ngokuvakasha kwabo kokuqala eHholo LoMbuso, abantu abaningi bathi bakhumbula uthando abaluboniswa, hhayi lokho okwakushiwo. Ngokufanayo, injabulo esiyibonisayo iye yasiza abaninikhaya abaningi ukuba balalele iqiniso leBhayibheli. Ukubona umusa wothando ababonisana wona abantu bakaJehova, nokucabangela abanye lapho bebhekene nokuhlupheka, kuye kwabangela abanye ukuba baphethe ngokuthi oFakazi basenkolweni yeqiniso. Ngakho, njengoba uzama ukusiza abantu ukuba baqonde iqiniso leBhayibheli, cabanga ngendlela olichaza ngayo kanye nesibonelo osibekayo.