Isifundo 31
Kholisa Izilaleli Zakho, Zindla Nazo
1, 2. Iyini indaba ekholisayo na?
1 Lapho ukhuluma ulindela ukuba izilaleli zakho zilalele, kepha lokho akuphelele. Ubungathanda nokuba zivume izizathu ezinikezwayo futhi zizenze. Lokhu ziyokwenza uma zikholisekile ngokuba-neqiniso kwalokho okushoyo futhi uma izinhliziyo zazo zilungile. Ukukholisa kusho ukwanelisa ngobufakazi. Kepha ubufakazi bodwa abanele njalo. Ngokuvamile kudingeka indaba ebusekelayo. Ngakho-ke, ukukholisa ngendaba kuhilela izisusa ezintathu eziyisisekelo: okokuqala, ubufakazi uqobo lwabo; okwesibili, ukulandelana noma uhlelo ubufakazi obunikezwa ngalo; okwesithathu, isimo nezindlela ezisetshenziswayo ekubunikezeni. Kulengxoxo, evumelana nokuthi “Indaba ekholisayo” epheshaneni Leseluleko Senkulumo, siyocabangela lokho okushiwo, ukuthi hlobo-luni lobufakazi obunikeziwe, kunendlela obunikeza ngayo.
2 Indaba ekholisayo kwencike ezizathwini eziyisisekelo ezizwakalayo, naleyoyindlela umeluleki wakho ayokubheka ngayo. Ubufakazi bakho bumelwe bukholise ngisho noma umuntu abebufunda kokulotshiweyo nje. Uma imfanelo ekholisayo yenkulumo yakho yencike esimweni enikezwa ngaso futhi kungekhona emaqinisweni owasebenzisile ukuqinisa iphuzu lakho, ubuyodinga ukuyithuthukisa-ke lemfanelo futhi ukuze wenze indaba yakho iqine ngempela futhi ibe-ngeyeqiniso.
3-6. Yisho ukuthi kungani kumelwe kubekwe isisekelo.
3 Sibekiwe isisekelo. Ngaphambi kokunikeza izizathu zakho, kudingekile ukubeka isisekelo esifanele. Umelwe ukhanyise lokho iphuzu lengxoxo eliyikho. Futhi kunosizo ukuqinisa isizathu esivamile ngokugcizelela izindaba ezivumelanayo ovumelana nazo.
4 Ngezinye izikhathi izivumelwano zimelwe zichazwe ngokukhanyayo. Zonke izinto ezingavumelani zimelwe zikhishwe. Ungajahi ekubekeni isisekelo. Siqinise, kepha musa ukwenza isisekelo sibe yiso sonke isakhiwo. Uma uphikisa indaba, hlaziya amaphuzu ahlukene asetshenzisiwe ukulisekela ukuze ufumane amaphuzu abuthakathaka nokukusiza ukunquma indlela yakho yempikiswano nendlela yokufinyelela emsukeni wendaba.
5 Ekulungiseleleni inkulumo yakho, ufanele uzame ukubona ngaphambili ukuthi izilaleli zakho zazi kangakanani kakade ngendaba yakho. Lokhu kuyonquma ikakhulukazi ukuthi ngesingakanani isisekelo oyosidinga ukusibeka ngaphambi kokuba ungene ngempela ekunikezeni izizathu zakho.
6 Amasu okungacunuli-muntu nenhlonipho yobuKristu kunikeza indlela yokusondela enomusa necabangelayo, nakuba lokho kungelona iphuzu esilisebenzelayo lapha. Ngaso sonke isikhathi khipha ngokuphelele ulwazi lwakho lwezimiso zobuKristu futhi uvule izinhliziyo nezingqondo zezilaleli zakho.
7-13. Chaza okushiwo “ubufakazi obuqotho bunikeziwe.”
7 Ubufakazi obuqotho bunikeziwe. Indaba ayi“bonakalisiwe” ngokuba nje wena, njengesikhulumi, uyikholwa noma uyisho. Umelwe ukhumbule njalo ukuthi izilaleli zakho zinelungelo eliphelele ngokubuza, “Kungani lokho kuliqiniso na?” noma, “Kungani uthi lokho kunjalo na?” Njengesikhulumi ubophekile njalo ukwazi ukuphendula umbuzo “Kungani?”
8 Imibuzo “Kanjani?” “Ngubani?” “Kuphi?” “Nini?” “Yini?” inikeza amaqiniso kuphela nendaba ephendulayo, kepha umbuzo “Kungani?” unikeza izizathu. Uwodwa kulokhu futhl ubizela ngamandla okuningi kuwe kunamaqiniso kuphela. Usinda amandla akho okucabanga. Ngenxa yalokhu, ekulungiseleleni inkulumo yakho, zibuze wona lowombuzo ngokuphindaphindiwe: “Kungani?” Bese uqiniseka ukuthi ungazinikeza izimpendulo.
9 Njengezizathu zezinkulumo ozishoyo ungacaphuna ngokuvamile omunye owamukelwa njengesazi. Lokho kusho nje ukuthi uma zishiwo nguye, zimelwe zibe-liqiniso ngokuba ubhekwa njengowaziyo. Lokho kunikeza isizathu esanele sokukukholwa. ISazi esiphezukonke kulendima, phela, nguJehova uNkulunkulu. Ngakho-ke, ukucaphuna itekisi eBhayibhelini ngokusekela wubufakazi obanele bokubonakalisa iphuzu. Lokhu kubizwa ngokuthi ubufakazi “besifakazelo” ngokuba buno“bufakazi” obuvela kufakazi owamukelekayo.
10 Ekunikezeni ubufakazi besifakazelo umelwe uqiniseke ukuthi ubufakazi bakho buyokwamukeleka ezilalelini zakho. Uma usebenzisa izazi zabantu, qiniseka ngesizinda sazo nendlela eziyobhekwa ngayo. Abantu abaningi bayokwamukela iBhayibheli njengobuFakazi basezulwini, kepha abanye balibheka njengomsebenzi womuntu nangalokho hayi njengobufakazi obuphelele. Ngezikhathi ezinjalo bekungahle kudingeke ukuba usebenzise obunye ubufakazi noma mhlawumbe uqinise kuqala ukuba-neqiniso kweBhayibheli.
11 Izwi lesixwayiso. Bonke ubufakazi bumelwe busetshenziswe ngobuqotho. Musa ukukhipha okucashuniweyo emongweni wendaba. Qiniseka ukuthi lokho okushoyo yilokho du isazi osicaphunayo esasicabanga ukukusho. Yiba-ngokhanyayo ebufakazini bakho. Qaphela nezibalo ezibonisa ukuma kwendaba. Zinikezwe kabi, lezi zingakhwintshika ngemiphumela echithayo. Khumbula umuntu owayengakwazi ukubhukusha nowaminza emfudlaneni owawujule kungaba-yimitha kuphela ngesilinganiso. Wakhohlwa umgodi owawungaba-ngamamitha amathathu owawuphakathi naphakathi.
12 Ubufakazi obusekelwe ezimekweni yilobo obungaphandle kobufakazi babantu noma ubufakazi basezulwini. Wubufakazi obusekelwe kokufunyenwe emaqinisweni kunokucashuniweyo kofakazi. Ukuze kuqiniswe izinqumo zakho futhi kwenziwe ubufakazi obusekelwe ezimekweni bukholise, umelwe ube-nohlelo olwanele lwamaqiniso nezizathu ezisekela izinqumo zakho.
13 Uma ubufakazi obuphelele obunikezayo (hayi ngohlelo ngokudingekile) banele ukwanelisa izilaleli okhuluma nazo, umeluleki wakho uyobucabangela njengobanelisayo. Umeluleki uzozibuza, ebubheka ngengqondo yezilaleli, “Ngikholisekile na?” Uma ekholisekile, ngakho-ke uyokuncoma ngokunikela kwakho.
14. Kuyini ukubuyekeza okuphumelelayo na?
14 Ukubuyekeza okuphumelelayo. Uhlobo oluthile lokubuyekeza luyadingeka ngokuvamile ekugomeleni okukholisayo. Kungokokugcina okuhlaba umxhwele engqondweni, kukhulisa ukwazisa ngezizathu ezisetshenziswayo. Ukubuyekeza akufanele kube-wukuphindwa nje kwamaqiniso, nakuba ngokwesisekelo kuyindaba nje yokuthi “njengoba lokhu kunjalo, nanjengoba lokho kunjalo, ngakho-ke siphetha . . .” Lomqondo ucetshelwe ukuhlanganisa onke amaphuzu nokuwasa esiphethweni. Kaningi wukubuyekeza okuphumelelayo okukhanyisa izizathu ukuze zikholise ngempela.
**********
15, 16. Kungani simelwe sisize izilaleli ukuzindla na?
15 Ngisho nakuba izizathu ozisebenzisayo enkulumweni zingahle zizwakale, akwanele nje ukusho amaqiniso. Umelwe uwanikeze ngendlela yokuthi usize izilaleli ukuzindla, ukuqonda izizathu zakho nokunquma njengawe. Lokhu yilokho ipheshana Leseluleko Senkulumo elibhekisela kukho njengokuthi “Izilaleli zisiziwe ukuzindla.”
16 Ufanele ufisele lemfanelo ngokuba uNkulunkulu uzindla nathi. NoJesu wachazela abafundi bakhe imifanekiso yakhe futhi wabahlomisela ukufundisa wona lawamaqiniso kwabanye. Ukusiza izilaleli zakho ukuzindla-ke, kusho ukusebenzisa lawomasu adingekayo ukusiza izilaleli zakho ukuqonda indaba yakho, ukufika ezinqumweni zakho nokuhlonyiselwa ukusebenzisa izizathu zakho ukufundisa omunye.
17, 18. Isizathu esivamile silondolozwa kanjani na?
17 Isizathu esivamile silondoloziwe. Lokho okushoyo kanye nendlela okusho ngayo kubalulekile ekuqiniseni isizathu esivamile ekuqaleni kwenkulumo yakho. Kepha lesisizathu esivamile asimelwe silahleke njengoba inkulumo iqhubeka noma-ke uyolahlekelwa nayizilaleli zakho. Umelwe uqhubeke ukusho amaphuzu akho ngendlela ayohlaba ngayo umxhwele engqondweni yalabo abasezilalelini zakho. Lokhu kubizela ukuthi ukhumbule umbono wazo ngendaba exoxwayo futhi usebenzise lolulwazi ukubasiza ukubona ukuba-nengqondo kwezizathu zakho.
18 Isibonelo esiqhamile sokuqinisa isizathu esivamile nokusilondoloza kuya ekugcineni, okungukuthi, ukusiza izilaleli ukuzindla, yindaba kamphostoli uPawulu, njengoba ilotshwe kuzEnzo 17:22-31. Qaphela indlela aqinisa ngayo isizathu esivamile ekuqaleni nangamasu okungacunuli-muntu esilondoloza kuyo yonke inkulumo. Lapho ephetha wayekholise ezinye izilaleli zakhe ngeqiniso, kuhlanganise nomahluli owayekhona.—IzE. 17:33, 34.
19-23. Sikisela izindlela okungathuthukiswa ngazo amaphuzu kahle.
19 Ukuthuthukiswa okufanele kwamaphuzu. Ukuze izilaleli zizindle ngendaba zimelwe zithole indaba eyanele enikezwe ngendlela yokuthi aziphikisi izizathu ngokuba nje zingaziqondi. Kukuwe ukuzisiza.
20 Ukukwenza ngokuphumelelayo, qaphela ukungahlanganisi amaphuzu amaningi ngokweqile. Usizo lwendaba yakho luyolahleka uma inikezwe ngokujaha. Chitha isikhathi uchazisisa amaphuzu, njalo izilaleli zakho azinakuwezwa kuphela kepha ziyowaqonda. Lapho usho iphuzu elibalulekile, chitha isikhathi ulithuthukisa. Phendula imibuzo enjengokuthi Kungani? Ngubani? Kanjani? Yini? Nini? Kuphi? Ngalendlela siza izilaleli zakho ukuqondisisa umqondo ngaphezulu. Ngezikhathi unganikeza izizathu ezilimele nezimelene nephuzu ukugcizelela ukuba-nengqondo kwesimo sakho. Ngokufanayo, ngemuva kokusho isimiso, ungahle ukufumane kunosizo ukusifanekisa ukuze izilaleli zibone ukusebenza kwaso okunosizo. Phela, ukuhlakanipha kobudoda kumelwe kusetshenziswe. Ibanga iphuzu elithuthukiselwa kulo liyokwencika esikhathini esitholakalayo nokubaluleka okuvumelanayo kwephuzu endabeni exoxwayo.
21 Imibuzo mihle njalo ekusizeni izilaleli ukuzindla. Imibuzo enobuciko, okungukuthi, imibuzo enikezwa izilaleli ngaphandle kokulindela ukuba ziphendule, ihambisana namakhefu afanele, iyovusa ukucabanga. Uma ukhuluma koyedwa kuphela noma abantu ababili, njengasenkonzweni yasensimini, ungabenza bakhulume ngemibuzo njengoba uqhubeka, nangalendlela qiniseka ukuthi bayayiqonda futhi bayayemukela imiqondo enikezwayo.
22 Njengoba ufuna ukuhola ingqondo yalabo abasezilalelini zakho, umelwe wakhele ezintweni asebezazi, noma ngolwazi lwabo noma ngengxenye esekuqaleni yengxoxo yakho. Njalo, ekunqumeni noma uwathuthukise ngokwanele amaphuzu athile, umelwe ucabangele lokho izilaleli zakho ezasezikwazi ngendaba.
23 Kubalulekile njalo ukuqaphela ukusabela kwezilaleli zakho ukuqiniseka ukuthi ziyakuzwa. Lapho kudingekile, phindela emuva ukhanyise amaphuzu ngaphambi kokuqhubekela esizathwini esilandelayo. Ngaphandle kokuba uqaphele ukuzisiza ukuzindla, zingahle zilahlekelwe kalula wukulandelana komcabango wakho.
24. Ukusebenzisa izizathu ngenxa yezilaleli zakho kusiza ngani na?
24 Ukusetshenziswa kwenzelwe izilaleli. Lapho unikeza noma isiphi isizathu, qiniseka ukusilandelela ngokusho ngokukhanyayo ukuthi siqondene kanjani nendaba ecatshangelwayo. Futhi, hlanganisa nokushukumisa enkulumweni, ucelisisa izilaleli zakho ukwenza ngokuvumelana namaqiniso anikeziwe. Uma zikholisekile ngempela ngalokho owakusho, ziyolungela ukwenza okuthile.