Uhambo Olusuka EGibhithe Luya EZweni Lesithembiso
KUYO yonke indawo abantu bayazi ngoFuduko lwaseGibhithe. Kodwa yini eyayilindele uMose nabantu bakaNkulunkulu ngemva kokuba bewele uLwandle Olubomvu? Balibangisaphi, futhi bafika kanjani eMfuleni iJordani ukuze bangene eZweni Lesithembiso?
Babephokophele ezweni laseKhanani, kodwa uMose akahambanga ngendlela enqamulelayo—engaba amakhilomitha angu-400 eyayihamba ogwini olunesihlabathi—eyayizobadabulisa eFilistiya, izwe lesitha sabo. Futhi akazange adabule udedangendlale weNhlonhlo YaseSinayi, lapho ilanga lalikhipha khona umkhovu etsheni enkangala enesihlabathi nomcako. Cha, uMose wahola abantu wabayisa eningizimu, behlisa ithafa elincane elisogwini. Baqale bakanisa eMara, lapho uJehova aphendula khona amanzi ayebaba wawenza aba mtoti.a Lapho sebesukile e-Elimi, abantu babubula ngokudla; uNkulunkulu wathumela izigwaca nemana. ERefidimi, amanzi aphinde aba yinkinga, ama-Amaleki ayehlasela aqothulwa, futhi umukhwe kaMose wanxusa uMose ukuba afune amadoda anekhono azomsiza.—Eks, izahl. 15-18.
UMose wabe esehola ama-Israyeli wawayisa ezintabeni ezisezansi neningizimu, bakanisa eNtabeni iSinayi. Kulapho lapho abantu bakaNkulunkulu bathola khona uMthetho, bakha itabernakele, benza nemihlatshelo. Ngonyaka wesibili, bashona enyakatho badabula ‘ihlane elikhulu nelesabekayo,’ beya eKadeshi (iKadeshi-barineya) okwabathatha izinsuku ezingu-11. (Dut 1:1, 2, 19; 8:15) Ngenxa yokwesatshiswa umbiko omubi owafika nezinhloli eziyishumi, kwadingeka bazulazule iminyaka engu-38. (Num 13:1–14:34) Ezinye zezindawo abama kuzo i-Abrona ne-Eziyoni-gebheri, babe sebephindela emuva eKadeshi.—Num 33:33-36.
Lapho sesize safika isikhathi sokuba ama-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, awazange ahambe aqonde enyakatho. Indlela ahamba ngayo yawadlulisa eceleni kwenkaba yezwe lakwa-Edomi abe esenyusa ‘umgwaqo wenkosi,’ uMgwaqo Omkhulu WeNkosi. (Num 21:22; Dut 2:1-8) Kwakungelula ngesizwe sonke—esasinabantwana, izilwane namatende—ukuhamba kulo mzila. Kwakudingeka bagwingcize behlele emaweni esabekayo—iZeredi ne-Arinoni (aphakeme cishe ngamamitha angu-520)—babuye bakhuphuke.—Dut 2:13, 14, 24.
Ekugcineni, ama-Israyeli afika eNtabeni iNebo. UMiriyamu wayefele eKadeshi, kanti u-Aroni yena wayefele eNtabeni iHori. UMose wafa eselibona izwe ayefisa ukungena kulo. (Dut 32:48-52; 34:1-5) Kwaphathiswa uJoshuwa ukuhola u-Israyeli angene kuleli zwe, waphetha uhambo olwaluqale eminyakeni engu-40 edlule.—Josh 1:1-4.
[Umbhalo waphansi]
a Akwaziwa kahle ukuthi amakamu amaningi ayekuphi.
[Ibhokisi ekhasini 8]
IZINCWADI ZEBHAYIBHELI EZALOTSHWA NGALE NKATHI:
UGenesise
U-Eksodusi
ULevitikusi
UNumeri
UDuteronomi
UJobe
AmaHubo (ingxenye yawo)
[Ibalazwe elisekhasini 9]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Umzila WoFuduko
Indlela U-Israyeli Ahamba Ngayo
A7 IGIBHITHE
A5 IRamesesi?
B5 ISukoti?
C5 I-Ethamu?
C5 IPhihahiroti
D6 IMara
D6 I-Elimi
E6 IHLANE LASESINI
E7 IDofika
F8 IRefidimi
F8 INt. ISinayi (IHorebe)
F8 IHLANE LASESINAYI
F7 IKibiroti-hathawa
G7 IHazeroti
G6 IRimoni-pherezi
G5 IRisa
G3 IKadeshi
G3 IBhene-jahakani
G5 IHori-hagidigadi
H5 IJotibhatha
H5 I-Abrona
H6 I-Eziyoni-gebheri
G3 IKadeshi
G3 IHLANE LASEZINI
H3 INt. IHori
H3 IZalimona
I3 IPhunoni
I3 I-Iye-abarimi
I2 KWA-MOWABI
I1 IDiboni
I1 I-Alimoni-dibilatayimi
H1 IJeriko
[Ezinye Iindawo]
A3 IGOSHENI
A4 I-Oni
A5 IMemfisi (INofi)
B3 IZowani
B3 IThahipanehesi
C5 IMigidoli
D3 ISHURI
D5 IHLANE LASE-ETHAMU
F5 IHLANE LASEPHARANU
G1 IFILISTIYA
G1 I-Ashidodi
G2 IGaza
G2 IBheri-sheba
G3 I-Azimoni
G3 INEGEBHI
H1 IJerusalema
H1 IHebroni (IKiriyati-ariba)
H2 I-Aradi (LaseKhanani)
H4 ISEYIRI
H4 KWA-EDOMI
I7 KWAMIDIYANI
Imigwaqo Emikhulu
Indlela eya eZweni lamaFilisti
Indlela eya eShuri
I4 UMgwaqo WeNkosi
Indlela Yodwendwe Lwabahwebi
INdlela i-El Haj
[Izintaba]
F8 INt. ISinayi (IHorebe)
H3 INt. IHori
I1 INt. INebo
[Amachibi amanzi]
E2 ULwandle LwaseMedithera (ULwandle Olukhulu)
D7/G7 ULwandle Olubomvu
I1 ULwandle Lukasawoti
[Imifula nemihosha]
A6 UMfula INayile
F3 I.S.SaseGibhithe
I2 I-Arinoni
I3 IZeredi
[Isithombe ekhasini 8]
Izindwendwe zabahwebi zazinqamula iNhlonhlo YaseSinayi
[Isithombe ekhasini 8]
U-Israyeli wakanisa phambi kweNtaba iSinayi
[Isithombe ekhasini 9]
Amanzi ayetholakala emithonjeni eyayiseKadeshi noma eyayiseduze kwakhona
[Isithombe ekhasini 9]
Wonke u-Israyeli kwadingeka anqamule esigodini sesifufula sase-Arinoni