Isahluko 35
Ngingaba Kanjani Umngane KaNkulunkulu?
Ngemva kwento ebuhlungu eyehlela uJeremy, waqaphela ukubaluleka kokuba nobungane noNkulunkulu. Uyachaza, “Lapho ngineminyaka engu-12, ubaba wawushiya umkhaya wakithi. Ngobunye ubusuku ngangithandaza ngisembhedeni, ngicela uJehova ukuba enze ubaba abuye.”
Eselahle ithemba, uJeremy waqala ukufunda iBhayibheli. Lapho ebona iHubo 10:14, wathinteka kakhulu. Leli vesi lithi ngoJehova: “Ovelelwe yishwa, intandane, uzinikela kuwe. Wena ubé ngumsizi wakhe.” UJeremy uthi: “Ngezwa sengathi uJehova ukhuluma nami ungitshela ukuthi ungumsizi wami; unguBaba. Yimuphi ubaba ongcono engingaba naye ongedlula yena?”
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi usesimweni esifana nesikaJeremy noma cha, iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova ufuna ube umngane wakhe. Empeleni lithi: ‘Sondela kuNkulunkulu, naye uyosondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) Cabanga ngalokho okushiwo yila mazwi: Nakuba ungenakumbona uJehova uNkulunkulu—futhi engeyena nhlobo untanga wakho—ukucela ukuba ube umngane wakhe!
Kodwa ubungane noNkulunkulu buzodinga wenze umzamo. Ngokwesibonelo: Uma unesitshalo, uyazi ukuthi asizikhuleli. Ukuze sikhule kahle, kudingeka usichelele njalo futhi usibeke endaweni efanele. Kungokufanayo nangobungane noNkulunkulu. Yini engasiza ekukhuliseni lobo bungane?
Ukubaluleka Kokutadisha
Ubungane buhilela ukuxhumana okukabili—ukulalela nokukhuluma. Kunjalo nangobungane noNkulunkulu. Ukufunda nokutadisha iBhayibheli kuyindlela esilalela ngayo lokho uNkulunkulu akushoyo kithi.—IHubo 1:2, 3.
Kuyavunywa, ukutadisha kungase kungabi into oyithandayo. Intsha eningi incamela ukubukela i-TV, ukudlala, noma ukuzihlalela nabangane. Kodwa uma ufuna ukuhlakulela ubuhlobo noNkulunkulu, ayikho indlela elula. Kuzodingeka umlalele ngokutadisha iZwi lakhe.
Ungakhathazeki kodwa. Ukutadisha iBhayibheli akudingeki kube isicefe. Ungafunda ukukujabulela—ngisho noma uzibheka njengomuntu ongathandi ukufunda. Into yokuqala okudingeka uyenze ukubekela eceleni isikhathi sokutadisha iBhayibheli. Intombazane okuthiwa uLais ithi: “Nginesimiso. Into yokuqala engiyenzayo uma ngivuka njalo ekuseni ukufunda isahluko esisodwa seBhayibheli.” UMaria, oneminyaka engu-15, unesimiso esihlukile. Uthi: “Ngifunda ingxenyana yeBhayibheli njalo ebusuku ngaphambi kokuba ngilale.”
Ukuze nawe uqale esakho isimiso sokutadisha, bheka ibhokisi ekhasini 292. Ngezansi bhala isikhathi ongachitha ngaso imizuzu engaba ngu-30 nje utadisha iZwi likaNkulunkulu.
․․․․․
Ukuhlela isikhathi kumane kuyisiqalo nje. Uma usuqala ukutadisha, ungathola ukuthi akulula ngaso sonke isikhathi ukufunda iBhayibheli. Ungase uvumelane noJezreel oneminyaka engu-11, owalibeka ngembaba, “Ezinye izingxenye zeBhayibheli zinzima futhi azimnandi.” Uma uzizwa kanjalo, ungayeki. Njalo lapho utadisha iBhayibheli zitshele ukuthi yisikhathi sokulalela umngane wakho, uJehova uNkulunkulu. Ekugcineni, ukutadisha iBhayibheli kuyoba okujabulisayo nokunomvuzo kuye ngomzamo owenzayo!
Umthandazo Usemqoka
Umthandazo yindlela esikhuluma ngayo noNkulunkulu. Cabanga indlela umthandazo oyisipho esimangalisa ngayo! Ungakhuluma noJehova uNkulunkulu noma nini. Uhlale ekulungele ukukulalela. Ngaphezu kwalokho, uyafuna ukuzwa lokho ozokusho. Yingakho iBhayibheli likukhuthaza: “Kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.”—Filipi 4:6.
Njengoba lo mBhalo ubonisa, ziningi izinto ongakhuluma ngazo noJehova. Zihlanganisa izinkinga zakho nezinto ezikukhathazayo. Zingahlanganisa nokubonga. Awuze ungababonga yini abangane bakho ngezinto ezinhle abakwenzele zona? Ungenza okufanayo nangoJehova, okwenzele okuningi kakhulu kunanoma imuphi umngane.—IHubo 106:1.
Ngezansi bhala ezinye zezinto ombonga ngazo wena uJehova.
․․․․․
Kumelwe ukuba nakanjani zikhona izinto ozesabayo nezikukhathazayo. IHubo 55:22 lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”
Kule migqa elandelayo, bhala noma yini ekukhathazayo ongathanda ukuyifaka emthandazweni wakho.
․․․․․
Izinto Obhekane Nazo
Kunesinye isici okungafanele usidebeselele ebunganini bakho noNkulunkulu. Umhubi uDavide wabhala: “Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle.” (IHubo 34:8) Ngesikhathi uDavide eqamba iHubo lika-34, wayesanda kubhekana nesimo esethusayo. Wayebalekela iNkosi uSawulu engumbulali—okuyinto eyamphazamisa emoyeni. Kodwa kwadingeka aphephele ezitheni zakhe ezingamaFilisti. Njengoba kwakubonakala sengathi ungaphansi kwethunzi lokufa, ngokuhlakanipha uDavide wazenza umuntu ongaphilile engqondweni futhi wakwazi ukuphunyula.—1 Samuweli 21:10-15.
UDavide akazange athi usinde ngoba ehlakaniphile. Kunalokho, wayisa udumo kuJehova. Ekuqaleni kwehubo elithintwe ngenhla, wabhala: “Ngambuza uJehova, wangiphendula, wangikhulula kukho konke ukwethuka kwami.” (IHubo 34:4) Khona-ke, yilokho ayebhekane nakho uDavide okwenza wakhuthaza abanye ukuba ‘banambithe babone ukuthi uJehova muhle.’a
Ingabe kukhona obhekane nakho ekuphileni okufakazela ukuthi uJehova uyakhathalela? Uma kukhona, kubhale ngezansi. Ukusikisela: Akudingeki kube into enkulu kakhulu. Zama ukucabanga ngezibusiso ezincane zosuku nosuku, ezinye zazo esingase sizithathe kalula.
․․․․․
Mhlawumbe abazali bakho bakufundise iBhayibheli. Uma kunjalo, yisibusiso leso. Kepha kusadingeka uhlakulele ubungane bomuntu siqu noNkulunkulu. Uma ungakakwenzi lokho, ungasebenzisa amaphuzu akulesi sahluko ukuze uqale. UJehova uyoyibusisa imizamo yakho. IBhayibheli lithi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola.”—Mathewu 7:7.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, IZAHLUKO 38 NO-39
Ukuthola kunzima ukuxoxa nabanye ngoNkulunkulu? Funda ukuthi ungazivikela kanjani izinkolelo zakho.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amaBhayibheli ahumusha inkulumo ethi ‘nambitha ubone’ ngokuthi “zitholele ngokwakho,” noma “kobhekane nakho, uzobona.”—Contemporary English Version, Today’s English Version, nelithi The Bible in Basic English.
UMBHALO OYINHLOKO
“Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—Mathewu 5:3.
ICEBISO
Uma ufunda amakhasi amane kuphela eBhayibheli ngosuku, uzoliqeda esikhathini esingangonyaka.
UBUWAZI . . . ?
Ubuwazi . . . ?
Ukuthi uyayifunda le ncwadi futhi uyasilandela iseluleko sayo esisekelwe eBhayibhelini, kubonisa ukuthi uJehova unesi-thakazelo kuwe.—Johane 6:44.
ENGIZOKWENZA!
Ukuze ngizuze okwengeziwe ekutadisheni kwami iBhayibheli, ngizo- ․․․․․
Ukuze ngithandaze njalo, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ungakwenza kanjani ukutadisha kwakho iBhayibheli kujabulise ngokwengeziwe?
● Kungani uJehova efuna ukulalela imithandazo yabantu abangaphelele?
● Ungayithuthukisa kanjani imithandazo yakho?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 291]
“Ngesikhathi ngisemncane, ngangiyiphindaphinda imithandazo yami. Manje ngizama ukuthandaza ngezinto ezinhle nezimbi zosuku ngalunye. Njengoba izinsuku zingefani, lokhu kungenza ngingaphindaphindi izinto ezifanayo.’’—U-Eve
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 292]
Hlola iBhayibheli Lakho
1. Khetha indaba eseBhayibhelini ongathanda ukuyifunda. Thandazela ukuhlakanipha ukuze uyiqonde.
2. Yifunde kahle. Ungajahi. Njengoba ufunda, kubone ngeso lengqondo okufundayo. Hilela izinzwa zakho: Zama ukukubona okwenzekayo, yizwa amazwi abantu, hogela umoya, nambitha ukudla, njalo njalo. Yenza indaba iphile engqondweni yakho!
3. Cabanga ngalokho osanda kukufunda. Zibuze imibuzo efana nelandelayo:
● Kungani uJehova afaka le ndaba eZwini lakhe?
● Yibaphi abantu abafanelekela ukulingiswa, yibaphi abayizibonelo eziyisixwayiso?
● Yiziphi izifundo engizifunda kule ndaba?
● Le ndaba ingifundisani ngoJehova nendlela enza ngayo izinto?
4. Thandaza kafushane kuJehova. Mtshele izinto ozifunde lapho utadisha iBhayibheli nokuthi uhlela ukuzisebenzisa kanjani ekuphileni kwakho. Mbonge njalo uJehova ngesipho akuphe sona—iZwi lakhe, iBhayibheli Elingcwele!
[Isithombe]
“Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 294]
Izinto Ezibalulekile Mazize Kuqala
Ingabe umatasa kakhulu ukuba uthandaze? Awunaso isikhathi sokutadisha iBhayibheli? Ngokuvamile kuya ngokuthi yini ohlela ukuba ize kuqala.
Zama lokhu: Thatha ibhakede ufake amatshe amakhulu phakathi. Ngemva kwalokho ligcwalise ngesihlabathi—ligcwale mfi. Manje usunebhakede eligcwele kokubili amatshe nesihlabathi.
Lithulule manje ibhakede, kodwa usigcine leso sihlabathi namatshe. Kuphinde lokhu obukwenzile, kodwa manje uqale ngesihlabathi: Gcwalisa ibhakede ngesihlabathi bese uzama ukufaka amatshe ebhakedeni. Sikhona isikhala? Lokhu kubangelwa ukuthi manje uqale ngokufaka isihlabathi.
Liyini iphuzu? IBhayibheli lithi: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.” (Filipi 1:10) Uma wenza izinto ezincane njengokuzilibazisa zize kuqala, ngeke ube nesikhathi sezinto ezinkulu ekuphileni kwakho—imisebenzi engokomoya. Kepha uma ulandela iseluleko seBhayibheli, uzothola ukuthi unaso isikhathi sezithakazelo zoMbuso nesokuzilibazisa okusesilinganisweni. Kuxhomeke ekutheni yini oyifaka kuqala ebhakedeni lakho!
[Isithombe ekhasini 290]
Njengesitshalo, ubungane noNkulunkulu budinga ukunakekelwa ukuze bukhule