Isahluko 27
Kungani Abafana Bengangithandi?
Uyazi ukuthi ngiyisilomo ngoba ngimtshelile ukuthi abanye abafana bayazifela ngami. Futhi uvele wahleka lapho ngimtshela indlela abanye babangane bami abayizimpatha ngayo. Uyazi ukuthi ngihlakaniphile ngoba ngiye ngamlungisa kaningana lapho enza amaphutha. Kaze usebanjwe yini ukuba angishele.
Le ntombazane yinhle kodwa ibonakala ingahlakaniphile! Ayinginiki nelincane ithuba lokuvula umlomo. Uma kwenzekile ngasho okuthile, iyakulungisa! Uma ngiyibona kuvele kuthi angibaleke.
INGABE kuyakukhathaza ukuthi abafana abakuthandi? Amantombazane amaningi ayakhathazeka, ngisho nalawo ongase ucabange ukuthi awanandaba! Ngokwesibonelo, cabanga ngoJoanne. Muhle, uhlakaniphile futhi uyiqaphuqaphu. Kodwa uthi: “Ngiye ngibe nomuzwa wokuthi abafana abangithandi. Abambalwa engangibathanda babonisa isithakazelo okwesikhashana, kodwa kamuva bayeka ukungikhulumisa!”
Yiziphi izinto ezikhanga abafana entombazaneni? Yiziphi ezingabakhangi? Yini ongayenza ukuze ukhange insizwa ehloniphekile?
Okufanele Ukwenze
● Yazi ingqondo nenhliziyo yakho. Kungenzeka wazizwa ukhangwa kakhulu abafana ngokushesha ngemva kokuthomba. Kungenzeka wawukhangwa abangaphezu koyedwa. Yinto evamile leyo. Kodwa ukube wavele wavuma umfana wokuqala owakukhanga, ngabe wazivalela ithuba lokukhula ngokomzwelo nangokomoya. Kuthatha isikhathi ukuthuthukisa izimfanelo ezinhle, ‘ukushintsha ingqondo yakho’ ngokuqondene nezinto ezibalulekile nokufinyelela eminye yemigomo yakho.—Roma 12:2; 1 Korinte 7:36; Kolose 3:9, 10.
Yiqiniso, abafana abaningi bakhangwa amantombazane angakakhuli kahle noma anobuntwana. Kodwa ngokuyinhloko abafana abanjalo basuke benesithakazelo emzimbeni wentombazane, hhayi ebuntwini bayo. Iqiniso liwukuthi umfana ohluzekile uyobheka intombazane enezimfanelo eziyomphelelisa.—Mathewu 19:6.
Okushiwo abafana: “Iyangikhanga intombazane ekwazi ukuveza imibono yayo, uma iqiniseka ngalokho eyikho.”—UJames.
“Ngingathanda intombazane ekwazi ukuveza imibono yayo ngokwethembeka nangenhlonipho, engavumi nje konke engikushoyo. Noma ingaba yinhle, angiyithandisisi intombazane esho lokho engifuna ukukuzwa.”—UDarren.
Uzizwa kanjani ngalokho okushiwo abafana ngenhla?
․․․․․
● Hlakulela inhlonipho ngabanye abantu. Njengoba unesidingo sokuthandwa, nabafana obaziyo banesifiso esijulile sokuhlonishwa. Akumananga nje kwaqondana ukuba iBhayibheli lithi endodeni kufanele ithande umkayo kodwa umfazi kufanele abe “nenhlonipho ejulile” ngomyeni wakhe. (Efesu 5:33) Ngokuvumelana nalokhu, lapho kuxoxwa nezinsizwa eziningi, ezingaphezu kwamaphesenti angu-60 zathi zazisa kakhulu inhlonipho kunothando. Amadoda asekhulile angamaphesenti angaphezu kuka-70 nawo asho okufanayo.
Inhlonipho ayisho ukufela ngaphakathi—ukudela ilungelo lakho lokuveza umbono ohlukile. (Genesise 21:10-12) Kodwa indlela oveza ngayo umbono wakho iyonquma ukuthi uyayikhanga noma uyayixosha yini insizwa. Uma njalo nje uphikisa noma ulungisa lokho ekushoyo, ingase ibe nomuzwa wokuthi awuyihloniphi. Kodwa uma uyiqaphela imibono yayo futhi uyincoma, kungenzeka iyamukele futhi iyazise imibono yakho. Yiqiniso, insizwa enokuqonda iyobheka ukuthi abakini kanye nabanye ubaphatha ngenhlonipho yini.
Okushiwo abafana: “Ngicabanga ukuthi inhlonipho yinto ebaluleke kakhulu ekuqaleni kobudlelwane. Uthando lungakhula kamuva.”—U-Adrian.
“Uma intombazane ingihlonipha, ngiba nomuzwa wokuthi ingangithanda.”—UMark.
Uzizwa kanjani ngalokhu okushiwo abafana ngenhla?
․․․․․
● Gqoka ngesizotha futhi uhlanzeke. Indlela yakho yokugqoka nokuzilungisa injengesikhulisa-zwi esimemezela imicabango yakho nesimo sakho sengqondo. Ungakaqali nokukhuluma nomfana, izingubo zakho zisuke sezimtshele okuningi ngawe. Uma izingubo zakho zilungiswe kahle futhi zinesizotha, ziyodlulisela umyalezo omuhle. (1 Thimothewu 2:9) Uma zivusa inkanuko noma ziwubudlabha, ziyodlulisela umyalezo ongemuhle!
Okushiwo abafana: “Indlela intombazane egqoka ngayo isho lukhulu ngesimo sayo sengqondo ngokuphila. Uma igqoka izingubo eziveza umzimba noma eziwubudlabha, kungitshela ukuthi ifuna ukunakwa.”—U-Adrian.
“Iyangikhanga intombazane enakekela izinwele zayo, enephunga elimnandi nephimbo elipholile. Ngakolunye uhlangothi, nakuba ngake ngakhangwa yintombazane enhle, ukungahlanzeki kwayo kwaluqeda uthando.”—URyan.
“Uma intombazane igqoka ngendlela evusa inkanuko, izoyivusa ngempela. Kodwa akulona uhlobo lwentombazane engifuna ukwakha ubuhlobo nalo lolo.”—UNicholas.
Uzizwa kanjani ngalokhu okushiwo abafana ngenhla?
․․․․․
Okungafanele Ukwenze
● Ungadlali ngothando. Abesifazane bayakwazi ukuba nethonya elikhulu emadodeni. Lawo mandla okuthonya angasetshenziswa kahle noma kabi. (Genesise 29:17, 18; IzAga 7:6-23) Uma uhamb’ uhlola bonke abafana ohlangana nabo ukuthi ungabathonya yini, ungase ube nedumela lokuthi udlala ngothando.
Okushiwo abafana: “Ukuhlala nje eceleni kwentombazane enhle nokuthintana ngamahlombe kungenza igazi ligijime, ngakho ngicabanga ukuthi intombazane edamane ikuthinta lapho ikhuluma nawe idlala ngothando.”—UNicholas.
“Uma intombazane ihlale ithola indlela yokuthinta ingalo yabo bonke abafana ehlangana nabo noma uma ibuka wonke umuntu wesilisa odlulayo, ngicabanga ukuthi idlala ngothando, futhi angikuthandi lokho.”—UJosé.
● Unganamatheli kakhulu ngokomzwelo. Lapho umbhangqwana ushada, uba yilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ukuba “nyamanye.” (Genesise 2:24) Kulelo qophelo lobuhlobo, indoda nomfazi badela inkululeko ababenayo lapho bengakashadi; bazibophezela komunye nomunye. (1 Korinte 7:32-34) Nokho, uma usafundana nensizwa ethile, awunalo ilungelo lokufuna ukuzibophezela okunjalo kuyona, nayo akufanele ikulindele lokho kuwe.a Iqiniso liwukuthi, uma uqaphela ilungelo layo lokuba nabanye abangane, ingahlabeka umxhwele ngawe. Futhi indlela elisebenzisa ngayo lelo lungelo izokutshela okuningi ngohlobo lomuntu eyilo.—IzAga 20:11.
Okushiwo abafana: “Ngicabanga ukuthi intombazane isuke inginamathela uma ifuna ukwazi yonke into engiyenzayo futhi ibonakala ingenakukwazi ukuhlala nabanye abantu noma ukwenza ezinye izinto ngaphandle kwami.”—UDarren.
“Uma intombazane engisanda kuthandana nayo ihlale ingithumelela imiyalezo ngocingo futhi ifuna ukwazi ukuthi nginobani, ikakhulu amagama anoma yimaphi amantombazane alapho ngikhona, ngicabanga ukuthi lokho kuyisixwayiso.”—URyan.
“Intombazane engakuvumeli ukuba uchithe isikhathi nabangane bakho besilisa futhi ecasukayo uma ungayimemi ukuba ibe nawe ngaso sonke isikhathi iyisinama esingathandeki.”—U-Adrian.
Uzizwa kanjani ngalokhu okushiwo abafana kulesi sihlokwana?
․․․․․
Zihloniphe
Kungenzeka wazi amantombazane angenza noma yini ukuze athole ukunakwa nokwamukelwa umfana. Amanye angaze azehlise isithunzi ukuze athole isoka—noma ngisho umyeni. Nokho, isimiso sokuthi ‘uvuna okuhlwanyele’ siyasebenza kule ndaba. (Galathiya 6:7-9) Uma ungazihloniphi wena nezindinganiso ozama ukuphila ngazo, cishe uyokhanga abafana abangakuhloniphi wena nezindinganiso zakho.
Iqiniso liwukuthi, akubona bonke abafana abayokuthanda—futhi lokho kungaba yinto enhle! Kodwa uma unaka kokubili ubuhle bakho bangaphandle nobangaphakathi, uyoba ‘ngowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu’—futhi uyokhanga insizwa ekufanelayo.—1 Petru 3:4.
Kuthiwani uma ungumfana futhi uzibuza ukuthi, ‘Kungani amantombazane engangithandi?’
[Umbhalo waphansi]
a Yiqiniso, lapho umbhangqwana uthembisene umshado, usuke usuzibophezele kakhudlwana komunye nomunye.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.”—IzAga 31:30.
ICEBISO
Ungafaki izimonyo kakhulu! Ukuzifaka kakhulu kungadlulisela umyalezo ongemuhle—wokuthi uyazazisa noma ufuna ukunakwa.
UBUWAZI . . . ?
Uma ufuna umfana akunake njalo, ungona ubuhlobo bakho naye.
ENGIZOKWENZA!
Isici engizosithuthukisa yilesi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyayihlonipha imicabango nemizwa yensizwa?
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyazihlonipha?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 190]
“Ngiyavuma ukuthi ngivame ukukhangwa amantombazane amahle. Kodwa lokho kusheshe kushintshe uma intombazane ingenayo imigomo emihle neqinisekile. Ngakolunye uhlangothi, uma yazi ukuthi ifuna ukwenzani ngokuphila kwayo—ikakhulukazi uma isiyifinyelele kakade eminye yemigomo yayo—lokho kungayenza ngiyithande kakhulu.’’—UDamien
[Isithombe ekhasini 191]
Uthando nenhlonipho kufana namasondo amabili ebhayisikili—womabili ayadingeka