Indlela Yokufinyelela Imigomo Yakho Engokomoya
1. Yimiphi imigomo engokomoya intsha eningi engamaKristu enayo?
1 NjengomKristu osemusha, akungabazeki ukuthi imigomo yakho ekuphileni ithonywa uthando lwakho ngoJehova namazwi kaJesu kuwo wonke amaKristu okuba ‘afune umbuso kuqala.’ (Math. 6:33) Kungenzeka unomgomo wokwandisa inkonzo yakho ngokuba iphayona noma ukuyokhonza lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Abanye kungenzeka bacabangela ukuvolontiya emsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso, ukukhonza egatsheni, noma ukuba izithunywa zevangeli. Yeka ukuthi lena imigomo eyanelisa nencomeka kangakanani!
2. Yini engakusiza ukuba ufinyelele imigomo yakho engokomoya?
2 Into engakusiza ukuba ufinyelele imigomo yakho engokomoya ukuyibhala phansi. INqabayokulinda ka-July 15, 2004, yathi: ‘Into esengqondweni iyacaca futhi igqame lapho ukhetha amagama ongayibeka ngawo. Ngakho-ke, ungase ufise ukuyibhala phansi imigomo yakho nendlela ohlela ukuyifinyelela ngayo.’ Ngaphezu kwalokho, imigomo ongayifinyelela ngokushesha ingase ikusize ubone intuthuko yakho futhi ugxilise ingqondo emgomweni wakho wesikhathi eside.
3. Yisho eminye yemigomo efinyeleleka ngokushesha engasiza umuntu ukuba afanelekele ukubhapathizwa.
3 Imigomo Ongayifinyelela Ngokushesha: Uma ungakabhapathizwa, cabanga ukuthi yini okudingeka uyenze ukuze ufinyelele lowo mgomo. Kungenzeka udinga ukuqonda okungcono ngezimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Uma kunjalo, zibekele umgomo wokutadisha ngokucophelela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, ubheke yonke imibhalo ekhonjiwe. (1 Thim. 4:15) Zibekele nomgomo wokulifunda lonke iBhayibheli kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo, njengoba kulindeleke ezikhonzini zaseBethel nabafundi baseGileyadi. Ngemva kwalokho, yiba nesimiso sasikhathi sonke sokufunda iBhayibheli nsuku zonke. (IHu. 1:2, 3) Cabanga nje indlela lokho okungakusiza ngayo ekukhuleni ngokomoya! Thandaza ngokusuka enhliziyweni njalo lapho uqala nalapho uqeda ukufunda iBhayibheli nalapho utadisha, futhi uzimisele njalo ukukusebenzisa lokho okufundayo.—Jak. 1:25.
4. Yimiphi imigomo efinyeleleka ngokushesha umKristu angazibekela yona uma enomgomo wesikhathi eside wokuya eBethel noma wokuba isithunywa sevangeli?
4 Uma usubhapathiziwe kakade, yimiphi eminye imigomo ongayiphishekela? Ingabe kufanele uthuthukise amakhono akho okushumayela? Ngokwesibonelo, ungazibekela yini umgomo wokuthuthukisa ikhono lakho lokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu enkonzweni yasensimini? (2 Thim. 2:15) Ungayandisa kanjani inkonzo yakho? Zibekele imigomo eqondile ongayifinyelela ngokushesha evumelana nobudala bakho nezimo zakho, eyokusiza ukuba ufinyelele imigomo yakho yesikhathi eside.
5. Ukuzibekela imigomo efinyeleleka ngokushesha kwamsiza kanjani omunye umzalwane ukuba afinyelele umgomo wakhe wokuyokhonza eBethel?
5 Umuntu Owaphumelela: Lapho uTony oneminyaka engu-19 evakashela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, waba nesifiso sokukhonza eBethel. Nokho, wayeseke wanhlanhlatha endleleni yakhe yokuphila futhi engakazinikezeli ngisho nakuNkulunkulu. UTony wanquma ukuvumelanisa ukuphila kwakhe nezindlela zikaJehova futhi wazibekela umgomo wokufanelekela ukubhapathizwa. Ngemva kokufinyelela lowo mgomo, wabe esefuna ukuba iphayona elisizayo, kamuva abe iphayona elivamile, ngakho wabhala ekhalendeni izinsuku ayefuna ukuqala ngazo. Cabanga indlela ajabula ngayo lapho emenyelwa ukuyokhonza eBethel, ngemva kwesikhathi esithile ephayona!
6. Yini engakusiza ukuba ufinyelele imigomo yakho engokomoya?
6 Nawe ungayifinyelela imigomo yakho engokomoya njengoba ufuna izinto eziphathelene noMbuso kuqala. Beka “imisebenzi yakho” phambi kukaJehova ngomthandazo bese uzama ngenkuthalo ukuba uyifinyelele.—IzAga 16:3; 21:5.