Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 4 imibuzo 1-5
  • Ungubani UJesu Kristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani UJesu Kristu?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani UJesu Kristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • UJesu Kristu—Ingabe Wathunywa UNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 4 imibuzo 1-5

ISIFUNDO 4

Ungubani UJesu Kristu?

1. Kwaqala kanjani ukuphila kukaJesu?

1. UJesu esezulwini; 2. usana olunguJesu noMariya noJosefa; 3. uJesu ufundisa izingane

Iziphi izimfanelo ezenza uJesu wangeneka?—MATHEWU 11:29; MARKU 10:13-16.

Ngokungafani nanoma yimuphi umuntu, uJesu wayephila ezulwini njengesidalwa somoya ngaphambi kokuba azalwe la emhlabeni. (Johane 8:23) Uyizibulo lendalo kaNkulunkulu futhi wasiza ekudalweni kwazo zonke ezinye izinto. Uyena yedwa owadalwa uJehova ngokuqondile, yingakho ebizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu “ezelwe yodwa.” (Johane 1:14) UJesu wayenguMkhulumeli kaNkulunkulu, ngakho ubizwa nangokuthi “uLizwi.”—Funda izAga 8:22, 23, 30; Kolose 1:15, 16.

2. Kungani uJesu eza emhlabeni?

UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe emhlabeni ngokudlulisela ukuphila kwayo esibelethweni sentombi engumJuda uMariya. Ngakho uJesu wayengenaye ubaba ongumuntu. (Luka 1:30-35) UJesu weza emhlabeni ukuba (1) azofundisa iqiniso ngoNkulunkulu, (2) asibekele isibonelo sokwenza intando kaNkulunkulu ngisho nangaphansi kobunzima, (3) anikele ngokuphila kwakhe okuphelele kube “yisihlengo.”—Funda uMathewu 20:28.

3. Kungani sidinga isihlengo?

Isihlengo inani elikhokhwa ukuze kukhululwe umuntu osongweni lokufa. (Eksodusi 21:29, 30) UNkulunkulu wayengahlosile ukuba abantu baguge futhi bafe. Sazi kanjani? Watshela indoda yokuqala, u-Adamu, ukuthi uma yenza lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi “isono,” yayizokufa. Ngakho, ukube u-Adamu akonanga, wayengeke afe. (Genesise 2:16, 17; 5:5) NgokweBhayibheli, ukufa “kwangena” ezweni ngo-Adamu. Ngakho, u-Adamu wadlulisela enzalweni yakhe isono nenkokhelo yaso, ukufa. Sidinga isihlengo ukuze sisikhulule enkokhelweni ewukufa esakuthola ku-Adamu.—Funda eyabaseRoma 5:12; 6:23.

Ubani owayengakhokha isihlengo ukuze asikhulule ekufeni? Lapho sifa, sikhokhela izono zethu kuphela. Akekho umuntu ongaphelele ongakhokhela izono zabanye.—Funda iHubo 49:7-9.

4. Kungani uJesu afa?

UJesu ufela esigxotsheni sokuhlushwa, kamuva uvuselwa ekuphileni abuse njengeNkosi ezulwini

Ngokungafani nathi, uJesu wayephelele, okusho ukuthi wayengenasono. Ngakho kwakungadingeki afele izono zakhe. Kunalokho, uJesu wafela izono zabanye. UNkulunkulu wabonisa uthando olukhulu kakhulu ngesintu ngokuthumela iNdodana yakhe ikuba izosifela. UJesu naye wabonisa ukuthi uyasithanda ngokulalela uYise anikele ngokuphila kwakhe ngenxa yezono zethu.—Funda uJohane 3:16; Roma 5:18, 19.

Bukela ividiyo ethi Kungani UJesu Afa?

5. Wenzani uJesu manje?

Lapho uJesu esemhlabeni welapha abagulayo, wavusa abafileyo, wasindisa abantu ezingozini. Ngokwenza kanjalo wayebonisa lokho azokwenzela abantu abalalelayo esikhathini esizayo. (Mathewu 15:30, 31; Johane 5:28) Ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wamvusela ezulwini eyisidalwa somoya. (1 Petru 3:18) UJesu wabe eselinda kwesokunene sikaNkulunkulu kwaze kwaba yilapho emnika amandla okubusa njengeNkosi phezu komhlaba. (Hebheru 10:12, 13) Manje uJesu ubusa njengeNkosi ezulwini futhi abalandeli bakhe bamemezela lezo zindaba ezinhle emhlabeni.—Funda uDaniyeli 7:13, 14; Mathewu 24:14.

Maduzane, uJesu uzosebenzisa amandla akhe njengeNkosi aqede konke ukuhlupheka nalabo abakubangelayo. Bonke ababonisa ukholo kuye ngokumlalela bazophila epharadesi emhlabeni.—Funda iHubo 37:9-11.

Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka izahluko 4 no-5 zencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela