Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w11 3/1 kk. 16-17
  • Ungubani UJesu Kristu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungubani UJesu Kristu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • UJesu Kristu—Ingabe Wathunywa UNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Ungubani UJesu Kristu?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
w11 3/1 kk. 16-17

Fundiswa Yizwi LikaNkulunkulu

Ungubani UJesu Kristu?

Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazithola kuphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.

1. Ungubani uJesu Kristu?

Ngokungafani nabanye abantu, uJesu waphila ezulwini njengomuntu womoya ngaphambi kokuba azalwe lapha emhlabeni. (Johane 8:23) Wayeyindalo kaNkulunkulu yokuqala futhi wasiza ekudaleni zonke ezinye izinto ezikhona. Nguye kuphela owadalwa uJehova ngokuqondile futhi yingakho ebizwa ngokuthi iNdodana kaNkulunkulu “ezelwe yodwa.” UJesu waba uMkhulumeli kaNkulunkulu, ngakho ubizwa nangokuthi “uLizwi.”—Johane 1:1-3, 14; funda izAga 8:22, 23, 30; Kolose 1:15, 16.

2. Kungani uJesu eza emhlabeni?

UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe emhlabeni ngokudlulisela ukuphila kwayo esibelethweni sentombi engumJuda uMariya kusuka ezulwini. Ngakho, uJesu wayengenaye ubaba ongumuntu. (Luka 1:30-35) Weza emhlabeni (1) ukuzofundisa iqiniso ngoNkulunkulu, (2) ukuzobeka isibonelo sokwenza intando kaNkulunkulu (3) nokunikela ukuphila kwakhe okuphelele ‘njengesihlengo.’—Funda uMathewu 20:28.

3. Kungani sidinga isihlengo?

Isihlengo inani elikhokhwa ngenjongo yokukhulula umuntu ekuthunjweni. Ukufa nokuguga kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngabantu. Sikwazi kanjani lokhu? UNkulunkulu watshela indoda yokuqala, u-Adamu, ukuthi uma yenza lokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi isono, yayizokufa. Ukube u-Adamu akonanga, ngabe akafanga. Nakuba aphila amakhulu eminyaka, waqala ukuwohloka kusukela ngosuku ona ngalo kuNkulunkulu. (Genesise 2:16, 17; 5:5) U-Adamu wadlulisela ezizukulwaneni zakhe isono nesigwebo saso, ukufa. Ngakho, ukufa “kwangena” kubantu ngo-Adamu. Yingakho sidinga isihlengo.—Funda amaRoma 5:12; 6:23.

4. Kungani uJesu afa?

Ubani owayengakhokha isihlengo esasingasikhulula ekufeni? Lapho umuntu efa, ukhokha isigwebo sezono zakhe kuphela. Akekho omunye umuntu ongaphelele ongakhokha isigwebo sezono zabanye abantu.—Funda iHubo 49:7-9.

Njengoba uJesu engazange azuze ukungapheleli kubaba ongumuntu, wafa, hhayi ngoba enezono, kodwa wafela izono zabanye. UNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ukuba izosifela, ebonisa uthando olukhulu ngabantu. UJesu naye wabonisa uthando lwakhe ngathi ngokulalela uYise nangokunikela ngokuphila kwakhe ngenxa yezono zethu.—Funda uJohane 3:16; Roma 5:18, 19.

5. UJesu wenzani manje?

Ngokuphulukisa abagulayo, ukuvusa abafileyo nokunikela ngokuphila kwakhe ukuze ahlenge abantu esonweni nokufa, uJesu wabonisa lokho ayokwenzela bonke abantu abalalelayo esikhathini esizayo. (Luka 18:35-42; Johane 5:28, 29) Ngemva kokufa, uNkulunkulu wamvusa waba umuntu womoya. (1 Petru 3:18) UJesu wabe eselinda ngakwesokunene sikaNkulunkulu kwaze kwaba yilapho emnika amandla okubusa njengeNkosi emhlabeni wonke. (Hebheru 10:12, 13) Manje uJesu ubusa njengeNkosi ezulwini futhi abalandeli bakhe emhlabeni bamemezela izindaba ezinhle emhlabeni wonke.—Funda uDaniyeli 7:13, 14; Mathewu 24:14.

Maduze, uJesu uzosebenzisa amandla akhe njengeNkosi ukuze aqede konke ukuhlupheka nalabo abakubangelayo. Izigidi ezibonisa ukholo kuJesu futhi ezimlalelayo ziyophila epharadesi emhlabeni.—Funda iHubo 37:9-11.

Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 4 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela