Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 92 k. 216-k. 217 isig. 7
  • Kwelashwa Abanochoko Abayishumi Kodwa Uyedwa Obongayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kwelashwa Abanochoko Abayishumi Kodwa Uyedwa Obongayo
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphulukiswa Kwabanochoko Abayishumi Phakathi Nohambo LukaJesu Lokugcina Lokuya EJerusalema
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukuphulukiswa Kwabanochoko Abayishumi Phakathi Nohambo Lokugcina LukaJesu Lokuya EJerusalema
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Uye Ukhumbule Yini Ukubonga?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Wenza Izimangaliso Eziningi
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 92 k. 216-k. 217 isig. 7
Oyedwa kwabayishumi kwababephethwe uchoko ubuyela emuva ukuze ayobonga uJesu

ISAHLUKO 92

Kwelashwa Abanochoko Abayishumi Kodwa Uyedwa Obongayo

LUKA 17:11-19

  • UJESU WELAPHA ABANTU ABANOCHOKO ABAYISHUMI

Eshafisa amacebo eSanhedrini okumbulala, uJesu uya e-Efrayimi, cishe engasenyakatho-mpumalanga yeJerusalema. Uhlala lapho nabafundi bakhe, kude nezitha zakhe. (Johane 11:54) Nokho, sekuzoba yiPhasika lika-33 C.E., ngakho uJesu uyahamba futhi. Uya ngasenyakatho anqamule eSamariya, adlulele eGalile. Uyihambela okokugcina le ndawo ngaphambi kokuba afe.

Ekuqaleni kohambo lwakhe, lapho esuka kwelinye idolobhana eya kwelinye, uJesu uhlangana namadoda ayishumi anochoko. Lesi sifo singenza ukuthi izicubu namalunga omzimba kudleke kancane kancane, njengeminwe, izinzwane noma izindlebe, kuye ngohlobo lwaso. (Numeri 12:10-12) UMthetho kaNkulunkulu wawuthi umuntu onochoko kufanele amemeze athi “Ngingcolile, ngingcolile!” futhi kwakufanele ahlale yedwa.—Levitikusi 13:45, 46.

Amadoda ayishumi anochoko ayaqhela kuJesu, njengoba kwakufanele enze kanjalo. Kodwa amemeza kakhulu athi: “Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!” Lapho ewabona la madoda anochoko, uJesu uthi kuwo: “Hambani niziveze kubapristi.” (Luka 17:13, 14) Ngokwenza kanjalo, ubonisa ukuthi uyawuhlonipha uMthetho kaNkulunkulu, ogunyaza abapristi ukuba basho ukuthi umuntu obenochoko uselashiwe. Ngemva kwalokho, angakwazi ukuphinde azihlanganise nabantu abayimiqemane.—Levitikusi 13:9-17.

UJesu uhlangana namadoda ayishumi anochoko

La madoda ayishumi ayazi ukuthi amandla kaJesu amangalisayo azowasiza. Ayahamba aye kubapristi, ngisho noma engakelapheki. Esesendleleni, imiphumela yokholo lwawo iyabonakala. Aqala ukuzwa nokubona ukuthi aselaphekile!

Angu-9 kuwo, aqhubeka nohambo lwawo. Kodwa eyodwa yenza okuhlukile. Le ndoda engumSamariya iyabuya izofuna uJesu. Kungani? Ikwazisa kakhulu lokho uJesu akwenzile. Le ndoda ebinochoko “ikhazimulisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,” ngoba iyabona ukuthi empeleni nguNkulunkulu oyelaphile. (Luka 17:15) Lapho imthola uJesu, iguqa phambi kwakhe imbonge.

UJesu uthi kulabo abamzungezile: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abangu-9? Akekho yini omunye obuyile ukuze anike uNkulunkulu inkazimulo ngaphandle kwalo muntu wesinye isizwe?” UJesu ube esethi kumSamariya: “Sukuma uhambe; ukholo lwakho lukuphilisile.”—Luka 17:17-19.

Ngokwelapha la madoda ayishumi abenochoko, uJesu ubonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu uyamsekela. Oyedwa kulaba abayishumi, akelashwanga nje yisenzo sikaJesu kuphela kodwa usethubeni lokuthola ukuphila okuphakade. Asiphili esikhathini lapho uNkulunkulu esebenzisa khona uJesu ukuze elaphe abantu ngale ndlela. Kodwa uma sinokholo kuJesu, singaba sethubeni lokuthola ukuphila—ukuphila okuphakade. Siyabonisa yini ukuthi siyabonga njengoba kwenza umSamariya?

  • Eshafisa amacebo okumbulala, uJesu uya kuphi?

  • Kungani amadoda ayishumi anochoko emele kude futhi kungani uJesu ethi awaye kubapristi?

  • Yisiphi isifundo esisithola kulokho okwenzeka kumSamariya?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela