Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 131 k. 298-k. 299 isig. 3
  • UJesu Ubethelwa Esigxotsheni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Ubethelwa Esigxotsheni
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizi Esigxotsheni
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Usizi Esigxotsheni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Isizathu Sokuba Sithande UJesu
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Ufela EGolgotha
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 131 k. 298-k. 299 isig. 3
UJesu usithembisa lokhu isigebengu esiseceleni kwakhe, “Uyokuba nami ePharadesi”

ISAHLUKO 131

UJesu Ubethelwa Esigxotsheni

Mathewu 27:33-44 Marku 15:22-32 Luka 23:32-43 Johane 19:17-24

  • Ujesu Ubethelwa Esigxotsheni Sokuhlushwa

  • Uphawu Oluphezu Kwekhanda Likajesu Lwenza Ukuba Kuhlekiswe Ngaye

  • Ujesu Unikeza Ithemba Lokuphila Epharadesi Emhlabeni

UJesu uyiswa endaweni engekude nedolobha lapho yena nezigebengu ezimbili bezobulawelwa khona. Leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGolgotha noma iNdawo Yogebhezi futhi iyakwazi ukubonakala ngisho ‘ukude.’—Marku 15:40.

Womathathu la madoda alahlwe ngecala, bawakhumula izingubo zawo. Anikezwa iwayini elifakwe imure nenyongo ebabayo. Ngokusobala ngabesifazane baseJerusalema abalungiselele leli wayini futhi amaRoma awanqabi ukuba linikezwe laba abazobulawa ukuze banciphise izinhlungu. Ngemva kokulinambitha, uJesu uyanqaba ukuliphuza. Kungani? Ufuna ukukubona kahle konke okuzokwenzeka kuye phakathi novivinyo lwakhe olukhulu; ufuna ukuhlala ephapheme futhi athembeke kuze kube sekufeni.

UJesu uyabethelwa esigxotsheni. (Marku 15:25) Amasosha abethela izandla nezinyawo zakhe esigxotsheni ngezipikili, agqobhoze inyama nemisipha, okubangela ubuhlungu obukhulu. Njengoba bephakamisa isigxobo, ubuhlungu buba bukhulu nakakhulu njengoba isisindo somzimba kaJesu sivula amanxeba. Kodwa uJesu akasho lutho emasosheni. Uyathandaza athi: “Baba, bathethelele ngoba abakwazi abakwenzayo.”—Luka 23:34.

Kungumkhuba wamaRoma ukuthi kubekwe uphawu olubonisa icala isigebengu esibekwe lona. Kulokhu, uPilatu ubeka uphawu oluthi: “UJesu UmNazaretha INkosi YamaJuda.” Lubhalwe ngesiHebheru, isiLatini kanye nesiGreki ukuze wonke umuntu akwazi ukulufunda. Isenzo sikaPilatu sibonisa ukungawahloniphi amaJuda ayephikelela ukuba kubulawe uJesu. Bethukuthele, abapristi abakhulu bayaphikisana nakho, bathi: “Ungabhali ukuthi ‘INkosi YamaJuda,’ kodwa ukuthi yena wathi, ‘NgiyiNkosi YamaJuda.’” Noma kunjalo, engafuni baphinde bamdonse ngekhala, uPilatu uyaphendula: “Engikubhalile ngikubhalile.”—Johane 19:19-22.

Abapristi abathukuthele baphinde balethe ubufakazi obungamanga obabulethwe ngaphambilini ecaleni elaliqulwe yiSanhedrini. Akumangazi ukuthi abadlulayo banikina amakhanda, badelele futhi bamhlambalaze bathi: “Klibhi! Wena owawuzodiliza ithempeli ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise ngokwehla esigxotsheni sokuhlushwa.” Ngokufanayo, abapristi abakhulu nababhali bathi komunye nomunye: “UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esigxotsheni sokuhlushwa, ukuze sibone futhi sikholwe.” (Marku 15:29-32) Ngisho nezigebengu ezibethelwe noJesu ziyamdelela, ekubeni kunguyena yedwa ongenacala.

Namasosha amane amaRoma nawo ahlekisa ngoJesu. Kungenzeka abephuza iwayini elimuncu, ngokwedelela ami phambi kukaJesu eliphethe, ngokusobala ongakwazi ukulula isandla alithathe. AmaRoma ayamklolodela, akhombe uphawu olungenhla kwekhanda likaJesu, athi: “Uma uyiNkosi yamaJuda, zisindise.” (Luka 23:36, 37) Cabanga nje! Indoda ebonisile ukuthi iyindlela, iqiniso nokuphila, manje ihlukunyezwa ngokungafanele futhi kuhlekiswa ngayo. Noma kunjalo, inquma ukubhekana nakho konke lokhu, ngaphandle kokuhlambalaza amaJuda ayebukele, amasosha amaRoma ayeyidelela kanye nezigebengu ezaziphanyekwe eduze kwayo.

Amasosha enza inkatho ngengubo kaJesu yangaphansi

Amasosha amane athathe izingubo zikaJesu zangaphandle azihlukanisa zaba izingxenye ezimbili. Enza inkatho ukuze abone ukuthi ubani uzothola yiphi ingxenye. Nokho, ingubo kaJesu yangaphansi isezingeni eliphezulu, yayingenawo umthungo njengoba “yayilukiwe kusukela phezulu kuya phansi.” Ngakho amasosha ayacebisana: “Masingayidabuli, kodwa masitholeni ngenkatho ukuthi izoba ngekabani.” Ngokwenza lokhu agcwalisa umbhalo othi: “Bahlukaniselana ngezingubo zami, benza inkatho ngezingubo zami.”—Johane 19:23, 24; iHubo 22:18.

Njengoba isikhathi siqhubeka, isigebengu esisodwa siyaqaphela ukuthi kufanele ukuba uJesu uyinkosi ngempela. Sikhuza isigebengu esiphanyekwe naso ngala mazwi: “Ingabe awumesabi nhlobo uNkulunkulu, njengoba uthole isahlulelo esifanayo? Futhi thina ngempela sisifanele, ngoba sivuna esikuhlwanyelile; kodwa lo muntu akenzanga lutho olubi.” Sibe sesinxusa uJesu, sithi: “Ngikhumbule lapho ungena eMbusweni wakho.”—Luka 23:40-42.

UJesu uthi kuso: “Ngiyakuqinisekisa namuhla, uyokuba nami,” hhayi eMbusweni kodwa “ePharadesi.” (Luka 23:43) Lesi sithembiso sihlukile kuleso uJesu asenza kubaphostoli bakhe, esiwukuthi bayohlala naye eMbusweni. (Mathewu 19:28; Luka 22:29, 30) Nokho, kungenzeka lesi sigebengu esingumJuda sake sezwa ngePharadesi lasemhlabeni, uJehova alinikeza u-Adamu no-Eva kanye nenzalo yabo ukuba bahlale kulo. Manje lesi sigebengu sesingafa sinalelo themba.

  • Kungani uJesu enqaba ukuphuza iwayini anikezwa lona?

  • Lubhalwe ukuthini uphawu olungenhla kwekhanda likaJesu futhi enzenjani amaJuda lapho elubona?

  • Sigcwaliseka kanjani isiprofetho ngalokho okwenziwa ngezingubo zikaJesu?

  • Yiliphi ithemba uJesu alinika esinye sezigebengu?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela