ISAHLUKO 16
Ubuzalwane Obunobunye
UJEHOVA UNKULUNKULU wasebenzelana nesizwe sakwa-Israyeli njengabantu begama lakhe iminyaka engaba ngu-1 500. Ngemva kwalokho ‘wanaka izizwe ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe.’ (IzE. 15:14) Abantu begama likaJehova babeyoba ofakazi bakhe, babe munye endleleni yokucabanga nasezenzweni kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi emhlabeni. Ukwenza abantu begama likaNkulunkulu babe munye kwakuyoba umphumela womsebenzi uJesu awunika abalandeli bakhe. Wathi: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Math. 28:19, 20.
Uyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke bamaKristu anobunye, angavumeli ukuhlukaniswa ukungafani kobuzwe, uhlanga noma ezomnotho
2 Ngenxa yokuzinikezela kuJehova nokubhapathizwa, usungumfundi kaJesu Kristu. Uyingxenye yobuzalwane bomhlaba wonke bamaKristu anobunye, angavumeli ukuhlukaniswa ukungafani kobuzwe, uhlanga noma ezomnotho. (IHu. 133:1) Ngenxa yalokho, uyabathanda futhi uyabahlonipha abafowenu abangamaKristu ebandleni. Abanye babo kungenzeka bangabolunye uhlanga noma isizwe, kungenzeka bahlukile ngokwemfundo futhi mhlawumbe wawungabezwa egazini ngaphambili ngenxa yalo mehluko. Nihlanganyela uthando lobuzalwane oluqine ngaphezu kwanoma yibuphi obunye ubuhlobo, kungaba obezenhlalo, obezenkolo noma obomkhaya.—Marku 10:29, 30; Kol. 3:14; 1 Pet. 1:22.
UKUSHINTSHA INDLELA YOKUCABANGA
3 Uma kunzima kwabanye ukunqoba ukubandlululana ngokobuhlanga, ngokwezombusazwe, ngokwezenhlalo, noma okunye ukubandlulula okusegazini, bangacabanga ngamaKristu okuqala angamaJuda okwadingeka ahlukane nokubandlulula kwenkolo yamaJuda abantu bazo zonke ezinye izizwe. Lapho uPetru eyalwa ukuba aye emzini wenduna yekhulu engumRoma, uKorneliyu, ngomusa uJehova wamlungiselela lesi sabelo uPetru.—IzE, isahl. 10.
4 Embonweni, uPetru watshelwa ukuba ahlabe adle izilwane ezithile ezazingahlanzekile ngokwesiko lamaJuda. Lapho uPetru enqaba, izwi elivela ezulwini lamtshela: “Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.” (IzE. 10:15) Kwaze kwadingeka lokhu kungenela kukaNkulunkulu ukuze uPetru alungise indlela yakhe yokucabanga ukuze alungele isabelo ayesezosithola, esasiwukuhambela umuntu wezizwe. Elalela ukuqondisa kukaJehova, uPetru watshela ababebuthene: “Niyazi kahle indlela okungemthetho ngayo ngomJuda ukuba azihlanganise nomuntu wolunye uhlanga noma asondele kuye; nokho uNkulunkulu ungibonisile ukuthi ngingabizi muntu ngokuthi ungcolile noma akahlanzekile. Ngakho ngizile, ngempela ngaphandle kokuphikisa, lapho kuthunyelwa ukuba ngilandwe.” (IzE. 10:28, 29) Ngemva kwalokho, uPetru wabona ubufakazi bokwamukela kukaJehova uKorneliyu nabendlu yakhe.
5 USawulu waseTarsu, umFarisi owayefunde kakhulu, kwadingeka azithobe azihlanganise nabantu ngaphambili okwakungamukeleki kuye ukuzihlanganisa nabo. Kwaze kwadingeka nokuba athathe isiqondiso sabo. (IzE. 4:13; Gal. 1:13-20; Fil. 3:4-11) Singacabanga nje ngoshintsho okumelwe ukuba lwenzeka endleleni yokucabanga yabantu abafana noSergiyu Pawulu, uDiyonisiyu, uDamari, uFilemoni, u-Onesimu nabanye njengoba babamukela izindaba ezinhle, beba abafundi bakaJesu Kristu.—IzE. 13:6-12; 17:22, 33, 34; Filem. 8-20.
UKULONDOLOZA UBUNYE BETHU BOMHLABA WONKE
6 Akungabazeki ukuthi uthando lwabazalwane nodade ebandleni lakini lwasiza ekukudonseleni kuJehova nasenhlanganweni yakhe. Wabona uphawu olucacile lothando olubonisa abafundi beqiniso bakaJesu Kristu, njengoba asho: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Joh. 13:34, 35) Futhi wamazisa nakakhulu uJehova nenhlangano yakhe lapho uqaphela ukuthi uthando olusebandleni lakini lumane luwukubonakaliswa kothando lobuzalwane bomhlaba wonke. Ubona ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli sokubuthelwa kwabantu ekukhulekeleni uJehova ngokuthula nobunye kulezi zinsuku zokugcina.—Mika 4:1-5.
7 Ngenxa yezici eziningi ezihlukanisayo ezikhona namuhla, ubani owayengake acabange ukuthi abantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi’ bangahlanganiswa babe munye? (IsAm. 7:9) Cabanga ngomehluko phakathi kwabantu abasebenzisa kakhulu izinto zobuchwepheshe obuphambili nalabo abasabambelele emasikweni akudala. Bheka izingxabano zenkolo phakathi kwabantu bohlanga nobuzwe obufanayo. Njengoba ubuzwe buya budlanga, abantu sebehlukene ngokwengeziwe kwezombusazwe kunanini ngaphambili. Futhi uma ucabanga ngomehluko kwezomnotho nezinye izici ezininginingi ezihlukanisayo, ukwenza abantu bazo zonke izizwe, izilimi, amaqembu nezigaba babe munye esibophweni esingagqashuki sothando nokuthula, kuyisimangaliso esingenziwa uNkulunkulu uMninimandla onke kuphela.—Zak. 4:6.
8 Kodwa ubunye obunjalo bungokoqobo, futhi lapho uba uFakazi KaJehova ozinikezele wabhapathizwa, uba ingxenye yabo. Njengoba uzuza kulobo bunye, unomthwalo wemfanelo wokusiza ekubulondolozeni. Ubulondoloza ngokulalela amazwi omphostoli uPawulu akweyabaseGalathiya 6:10: “Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masenze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” Silandela nalesi seluleko: “Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani, ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.” (Fil. 2:3, 4) Uma nje siziqeqesha ukuba sibheke abafowethu nodadewethu ngendlela uJehova ababheka ngayo, hhayi ngokwalokho abayikho ngaphandle, siyoqhubeka sijabulela ubuhlobo obunokuthula nobujabulisayo nabo.—Efe. 4:23, 24.
UKUKHATHALELANA
9 Njengoba umphostoli uPawulu afanekisa, ibandla alihlukene phakathi kodwa bonke abakulo bayakhathalelana. (1 Kor. 12:14-26) Kungenzeka sihlukaniswe amabanga amade nabanye abazalwane abasemhlabeni wonke, kodwa lokho akusho ukuthi asiyikhathaleli inhlalakahle yabo. Uma abanye babafowethu beshushiswa, sonke sikhathazeka kakhulu. Uma abanye beswele noma beyizisulu zenhlekelele noma zempi noma zemibango, bonke abanye basukumela phezulu bazame ukuthola izindlela zokusiza ngokomoya nangokwezinto ezibonakalayo.—2 Kor. 1:8-11.
10 Sonke kufanele sithandazele abafowethu zonke izinsuku. Kunabanye ababhekene nezilingo zokwenza okubi. Abanye babhekene nokuhlupheka okungase kwaziwe abanye. Kanti abanye babhekene nokuphikiswa abantu abasebenza nabo noma imikhaya ehlukene okungaziwa kangako. (Math. 10:35, 36; 1 Thes. 2:14) Kuyasithinta lokhu ngoba siyinhlangano yabazalwane bomhlaba wonke. (1 Pet. 5:9) Kukhona nalabo abasebenza kanzima enkonzweni kaJehova, behola emsebenzini wokushumayela nasemabandleni. Kukhona nabaphathiswe ukwengamela umsebenzi womhlaba wonke. Bonke bayayidinga imithandazo yethu esibonisa ngayo uthando lwethu nokukhathalela okuqotho, ngisho noma ngabanye singase singakwazi kwenza lutho ukuze sibasize.—Efe. 1:16; 1 Thes. 1:2, 3; 5:25.
11 Njengoba kuneziyaluyalu emhlabeni kulezi zinsuku zokugcina, abantu bakaJehova kumelwe bakulungele ukusizana. Ngezinye izikhathi izinhlekelele ezinjengokuzamazama komhlaba nezikhukhula zibizela ukuba kwenziwe imizamo emikhulu yokusiza, kwenziwe namalungiselelo okuba kutholakale izimpahla eziningi zokusiza. AmaKristu ekhulu lokuqala abeka isibonelo esihle kulokhu. Bekhumbula iseluleko sikaJesu, abafundi e-Antiyokiya bakujabulela ukuthumela izipho kubazalwane eJudiya. (IzE. 11:27-30; 20:35) Kamuva umphostoli uPawulu wakhuthaza abazalwane baseKorinte ukuba basekele umsebenzi wokunikeza usizo owawenziwa ngendlela ehlelekile. (2 Kor. 9:1-15) Ezikhathini zanamuhla, lapho abafowethu behlelwa imishophi futhi bedinga usizo, inhlangano namaKristu ngamanye asukumela phezulu athumele izinto ezidingekayo.
SIHLUKANISELWE UKWENZA INTANDO KAJEHOVA
12 Ubuzalwane bethu bomhlaba wonke obunobunye buhlelelwe ukwenza intando kaJehova. Kulesi sikhathi, intando yakhe iwukuba izindaba ezinhle zoMbuso zishunyayelwe emhlabeni wonke ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke. (Math. 24:14) Njengoba senza lo msebenzi, kuyintando kaJehova ukuba siziphathe ngokuvumelana nezindinganiso zakhe zokuziphatha eziphakeme. (1 Pet. 1:14-16) Kufanele sizimisele ukuzithoba komunye nomunye futhi sisebenzele ukuqhubekisela phambili izindaba ezinhle. (Efe. 5:21) Lesi akusona isikhathi sokufuna lokho okuthandwa yithi kodwa isikhathi sokubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu ngendlela esingakaze senze ngayo ngaphambili. (Math. 6:33) Ukukhumbula lokhu njengoba sisebenza ndawonye ngenxa yezindaba ezinhle kuletha ukwaneliseka okujabulisayo manje futhi kuyoholela ezibusisweni zaphakade.
13 NjengoFakazi BakaJehova, asifani nabanye abantu, sihlukanisiwe naso sonke isintu njengabantu abahlanzekile, abashisekayo enkonzweni kaNkulunkulu wethu. (Thithu 2:14) Ukukhulekela kwethu uJehova yikho okusenza sehluke. Akukhona nje kuphela ukuthi sisebenza sibambisene nabafowethu emhlabeni wonke kodwa sikhuluma nolimi olulodwa lweqiniso, futhi ngobunye senze ngokuvumelana neqiniso esilikhulumayo. Lokhu kwabikezelwa lapho uJehova, ngomprofethi wakhe uZefaniya, ethi: “Ngiyokwenza izizwe ukuba zishintshele olimini oluhlanzekile, ukuze zonke zibize igama likaJehova, ukuze zimkhonze zilinganisene ihlombe nehlombe.”—Zef. 3:9.
14 UJehova wabe esephefumulela uZefaniya ukuba achaze ubuzalwane bomhlaba wonke obuye baba ngokoqobo namuhla: “Ngokuqondene nabasele baka-Israyeli, abayikukwenza ukungalungi, noma bakhulume amanga, futhi ngeke kutholakale emilonyeni yabo ulimi olukhohlisayo; ngoba bayodla futhi empeleni balale benabe, kungabikho muntu oyobenza bathuthumele.” (Zef. 3:13) Njengoba sesiliqonda iZwi likaJehova leqiniso, saguqula nengqondo yethu futhi savumelanisa indlela yethu yokuphila nezindinganiso zikaJehova, siyakwazi ukusebenza ngobunye. Sifeza izinto ababona zingenakwenzeka labo ababheka izinto ngombono womuntu. Yebo, ngempela singabantu abahlukile, singabantu bakaNkulunkulu, siyisa udumo kuye emhlabeni wonke.—Mika 2:12.