Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ypq umbuzo 5 kk. 15-17
  • Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?
  • Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ngenzenjani uma ngixhashazwa?
    Intsha Iyabuza
  • Ukugqashula Emkhubeni Wokuqinela Abanye
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuqinela Abanye—Ezinye Zezimbangela Nemiphumela
    I-Phaphama!—2003
  • Ukuqinela Abanye—Yinkinga Yembulunga Yonke
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
ypq umbuzo 5 kk. 15-17
Isiqhwaga sihlupha umfana phambi kwabafundi

UMBUZO 5

Ngingabhekana Kanjani Neziqhwaga Esikoleni?

OKWENZA LOKHU KUBALULEKE

Indlela osabela ngayo ingenza izinto zibe ngcono—noma zibe zimbi nakakhulu.

UBUNGENZANI?

Ake ucabange ngalesi simo: UThemba akafuni ukuya esikoleni namuhla. Akafuni ukuya kusasa. Akafuni ukuphinde aye. Lokhu kwaqala ezinyangeni ezintathu ezidlule lapho umfundi afunda naye esakaza amanga amabi ngaye. Base bemqamba igama angalithandi. Ngezinye izikhathi othile wayemgudluza enze sengathi iphutha, noma othile ohamba neqembu amshaye ngemuva ukuze lapho uThemba ephenduka ebheka, angaboni ukuthi ushaywe ubani. Izolo isiqhwaga sivele senza okuhlukile, sathumela umyalezo omsabisayo nge-SMS . . .

Ubungenzenjani ukube ubunguThemba?

YIMA UCABANGE!

Lokhu akusho ukuthi awunawo amandla okwenza okuthile! Empeleni, unganqoba isiqhwaga ngaphandle kokusebenzisa isibhakela. Kanjani?

  • UNGATHATHI NGAMAWALA. IBhayibheli lithi: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.” (IzAga 29:11) Uma wehlisa umoya—ungabonisi ukuthi ucasukile—iziqhwaga zingayeka ukukuhlupha.

  • UNGAZIPHINDISELELI. IBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.” (Roma 12:17) Ukufuna ukuziphindiselela kuyokwenza isimo sibe sibi nakakhulu.

  • GWEMA INKINGA. IBhayibheli lithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Zama ukugwema abantu abangabangela inkinga futhi ugweme izimo ongase uhlukunyezwe kuzo.

  • ZAMA UKUPHENDULA NGENDLELA ENGALINDELEKILE. IBhayibheli lithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ungazama nokusho into ehlekisayo. Ngokwesibonelo, uma isiqhwaga sithi ukhuluphele, ungavele uthi: “Mhlawumbe kumelwe ngiwanciphise la mafutha!”

  • HAMBA. UNora oneminyaka engu-19 uthi: “Ukuthula kubonisa ukuthi uvuthiwe futhi unamandla kunalo muntu okuhlukumezayo. Kubonisa imfanelo yokuzithiba—into isiqhwaga esingenayo.”—2 Thimothewu 2:24.

  • ZETHEMBE. Isiqhwaga siyakwazi ukubona labo abazenyezayo abangeke baziphindiselele. Ngokuphambene nalokho, iziqhwaga ziyoqhela lapho zibona ukuthi awesabi.

  • TSHELA OTHILE. Owayenguthisha uthi: “Ngikhuthaza bonke abahlukunyezwa yiziqhwaga ukuba bakhulume. Kuyinto efanele futhi kungavikela nabanye abantu ekuhlukunyezweni iziqhwaga.”

Insizwa imelana nesiqhwaga ngokuzethemba

Ukuzethemba kuzokwenza ube namandla kunesiqhwaga

INGABE BEWAZI?

Ngaphandle kokushaya abantu, iziqhwaga zingasebenzisa nalezi zindlela:

  • Kuphuma amazwi anjengomlilo emlonyeni wesiqhwaga

    Inkulumo ehlabayo. “Ngeke ngiwakhohlwe amagama ababengibiza ngawo noma izinto ababezisho. Bangenza ngazizwa ngingelutho, ngingafunwa futhi ngingelusizo lwalutho. Ukushaywa ngesibhakela kungcono kakhulu kunalokhu.”—UCeline, 20.

  • Insizwa ihlezi yodwa ngemva kokubalekelwa ontanga yakhe

    Ukukukhipha inyumbazane. “Abafundi engangifunda nabo baqala ukungigwema. Babenza sengathi ayikho indawo yokuhlala etafuleni ukuze ngingahlali nabo ngekhefu. Unyaka wonke ngangikhala futhi ngidla ngedwa.”—UHaley, 18.

  • Intombi isuka phambi kwe-computer ngemva kokuhlukunyezwa isiqhwaga

    Ukuhlukunyezwa kuyi-internet. “Ngokuchofoza amagama ambalwa nje kuyi-computer yakho ungonakalisa idumela lomuntu—noma ngisho nokuphila kwakhe. Kuzwakala sengathi ngiyeqisa, kodwa kungenzeka!”—UDaniel, 14.

ISIVIVINYO NGEZIQHWAGA

IQINISO NOMA AMANGA

IZIMPENDULO

1 Sekuphele izinkulungwane zeminyaka iziqhwaga zikhona.

1 Iqiniso. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisitshela ngamaNefili—igama lawo elisho ukuthi “Labo Abawisa Abanye.”—Genesise 6:4.

2 Iziqhwaga empeleni zisuke zizidlalela nje. Azihlose lutho olubi.

2 Amanga. Intsha eningi izibulala ngenxa yokuhlukunyezwa iziqhwaga.

3  Indlela engcono kakhulu yokuvimba isiqhwaga ukulwa naso.

3 Amanga. Ngokuvamile iziqhwaga zinamandla kunalabo ezibahlukumezayo, ngakho ukuzama ukulwa nazo ngeke kuphumelele.

4 Uma ubona isiqhwaga sihlupha umuntu, kugcono ungakunaki okwenzekayo.

4 Amanga. Ngokuphathelene nalokhu, wonke umuntu obona okubi angenzi lutho unecala. Uma ubona isiqhwaga sihlukumeza umuntu kodwa ungasho lutho, ungase unezele enkingeni kunokuba usize ekuyixazululeni.

5 Nakuba iziqhwaga zibonakala zingamaqaphuqaphu aziqhenyayo, ngokuvamile zigcwele ukwesaba.

5 Iqiniso. Nakuba ezinye iziqhwaga ziziqhenya, eziningi azizethembi bese zenza abanye bazizwe bengelutho ukuze zizizwe kangcono.

6 Iziqhwaga zingashintsha.

6 Iqiniso. Lapho zithola usizo, iziqhwaga zingashintsha indlela ezicabanga ngayo nezenza ngayo izinto.

OKUMELWE UKWENZE

  • Uma ngibhekana nesiqhwaga, ngizokwenza noma ngisho lokhu okulandelayo?

THOLA OKWENGEZIWE!

Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela

Bukela i-video enesihloko esithi Nqoba Isiqhwaga Ngaphandle Kokusebenzisa Isibhakela engosini ethi www.pr2711.com/zu. (Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > INTSHA)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela