Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 7 k. 24-k. 25 isig. 1
  • UMbhoshongo WaseBhabhele

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMbhoshongo WaseBhabhele
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Bakha Umbhoshongo
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ingabe Izilimi Zethu Zavela “EMbhoshongweni waseBhabhele”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ingxenye 2:2369-1943 B.G.E.—Iphisi, Umbhoshongo, Kanye Nawe!
    I-Phaphama!—1989
  • Ingabe Umbhoshongo WaseBabele Wanamuhla?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 7 k. 24-k. 25 isig. 1
Ngemva kokuba uJehova esephithanise izilimi zabo, abantu abasakwazi ukusebenza ndawonye bakhe uMbhoshongo waseBhabhele

ISIFUNDO 7

UMbhoshongo WaseBhabhele

Ngemva kukaZamcolo, amadodana kaNowa namakhosikazi awo baba nezingane eziningi. Imindeni yawo yanda futhi yaya ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba njengoba uJehova ayeyalile.

Kodwa eminye imindeni ayizange imlalele uJehova. Yathi: ‘Masizakhele idolobha, sihlale lapha. Sizokwakha umbhoshongo ophakeme ofika emazulwini. Sizoduma emhlabeni wonke.’

Lokho ababekwenza akumjabulisanga uJehova, ngakho wabavimba. Uyazi ukuthi wabavimba kanjani? Wenza ukuba labo bantu bavele bakhulume izilimi ezingafani. Ngenxa yokuthi babengasakwazi ukuzwana, bayeka ukwakha umbhoshongo. Idolobha ababelakha lagcina selaziwa ngokuthi iBhabhele, okusho ‘Ukusangana.’ Ngakho, abantu baqala ukuthuthela ezindaweni ezihlukahlukene zomhlaba. Kodwa baqhubeka benza izinto ezimbi ezindaweni ezintsha ababehlala kuzo. Babekhona yini ababesamthanda uJehova? Sizobona esahlukweni esilandelayo.

“Wonke umuntu oziphakamisayo uyothotshiswa, kodwa noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.”—Luka 18:14

Imibuzo: Yini eyenziwa abantu baseBhabhele? UJehova wabavimba kanjani?

Genesise 11:1-9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela