Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • my ind. 12
  • Abantu Bakha Umbhoshongo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Bakha Umbhoshongo
  • INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abazenzelanga Igama
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingxenye 2:2369-1943 B.G.E.—Iphisi, Umbhoshongo, Kanye Nawe!
    I-Phaphama!—1989
  • UMbhoshongo WaseBhabhele
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Ingabe Izilimi Zethu Zavela “EMbhoshongweni waseBhabhele”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
my ind. 12
Abakhi bakhuluma izilimi ezingafani abasakwazi ukuxhumana

INdaba 12

Abantu Bakha Umbhoshongo

KWADLULA iminyaka eminingi. Amadodana kaNowa aba nezingane eziningi. Izingane zawo zakhula zaba nabantwana abaningi. Ngokushesha kwase kunabantu abaningi emhlabeni.

Omunye walaba bantu kwakungumzukulu kaNowa uNimrode. Wayeyindoda embi eyayizingela ibulale kokubili izilwane nabantu. UNimrode wazenza inkosi yokubusa abanye abantu. UNkulunkulu wayengamthandi uNimrode.

Umbhoshongo waseBhabhele

Bonke abantu ngaleso sikhathi babekhuluma ulimi olulodwa. UNimrode wayefuna ukubagcina bendawonye ukuze ababuse. Uyazi ukuthi wenzani? Watshela abantu ukuba bakhe umuzi nombhoshongo omkhulu kuwo. Babheke lapha esithombeni bakha izitini.

UJehova asimjabulisanga lesi sakhiwo. UNkulunkulu wayefuna ukuba abantu bahlale kuwo wonke umhlaba. Kodwa abantu bathi: ‘Wozani! Asakhe umuzi nombhoshongo ophakeme kangangokuthi ungafika ezulwini. Khona siyoba nodumo!’ Abantu babezifunela bona udumo, hhayi uNkulunkulu.

Ngakho uNkulunkulu wenza ukuba bayeke ukwakha umbhoshongo. Uyazi ukuthi wakwenza kanjani? Ngokubangela ukuba abantu ngokushesha bakhulume izilimi ezihlukahlukene, esikhundleni solulodwa. Abakhi babengasezwani. Kungaleso sizathu umuzi wabo wabizwa ngokuthi iBhabhele, noma iBhabhiloni, okusho ‘Ukusangana.’

Abantu manje baqala ukuthutha eBhabhele. Amaqembu abantu ababekhuluma ulimi olulodwa ahamba ayohlala ndawonye kwezinye izingxenye zo-mhlaba.

Genesise 10:1, 8-10; 11:1-9.

Imibuzo Yokufunda

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela