Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 83 k. 194-k. 195 isig. 1
  • UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usuthisa Izinkulungwane Ngezinkwa Nezinhlanzi Ezimbalwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Wondla Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • UJesu Usuthisa Izinkulungwane Ngokuyisimangaliso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Esikufunda Esimangalisweni SikaJesu Sezinkwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 83 k. 194-k. 195 isig. 1
Abaphostoli banikeza isixuku ukudla

ISIFUNDO 83

UJesu Unika Izinkulungwane Zabantu Ukudla

Abaphostoli babuya ohambweni lokushumayela, ngaphambi nje kwePhasika lika 32 C.E. Babekhathele, ngakho uJesu wabathatha ngesikebhe wabayisa eBhetsayida, ukuze baphumule. Kodwa lapho isikebhe sisondlela ogwini, uJesu wabona izinkulungwane zabantu ezazibalandela. Ngisho noma uJesu ayefuna ukuhlala nabaphostoli bakhe bebodwa, wabamukela ngomusa abantu. Welapha abagulayo futhi wabafundisa. Laze lashona ilanga uJesu ebafundisa ngoMbuso kaNkulunkulu. Kusihlwa, abafundi bakhe beza kuye bathi: ‘Kungenzeka abantu sebelambile. Badedele bahambe ukuze bathole ukudla abazokudla.’

Umfana unikeza uJesu ubhasikidi onesinkwa nofishi

UJesu wathi: ‘Akudingeki ukuthi bahambe. Banikeni nina ukudla.’ Abaphostoli bambuza: ‘Ufuna siyobathengela izinkwa?’ Omunye wabaphostoli, obizwa ngokuthi uFiliphu, wathi: ‘Ngisho noma ngabe sinemali eningi, ngeke sikwazi ukuthenga izinkwa ezinganela abantu abaningi kangaka.’

UJesu wabuza: ‘Kungakanani ukudla esinakho?’ U-Andreya wathi: ‘Sinolofu abahlanu bezinkwa nezinhlanzi ezimbili. Ngeke kusanele sonke.’ UJesu wathi: ‘Kuletheni la.’ Watshela abantu ukuba bahlale otshanini ngamaqembu abantu abangu-50 nabangu-100. UJesu wathatha olofu bezinkwa nezinhlanzi, wabheka ezulwini wabe esethandaza. Ngemva kwalokho wakunikeza abaphostoli ukuze bakunikeze abantu. Amadoda angu-5 000 kanye nabesifazane nezingane badla baze basutha. Lapho sebeqedile ukudla, abaphostoli baqoqa izinsalela, ukuze kungalahlwa lutho. Izinsalela zagcwala obhasikidi abangu-12! Kwakuyisimangaliso ngempela lesi.

Abantu bamangala ngempela kangangokuthi babefuna ukwenza uJesu abe yinkosi. UJesu wayazi ukuthi sasingakafiki isikhathi sokuthi uJehova amenze inkosi. Ngakho wathi abantu abahambe, watshela abaphostoli bakhe ukuba baye ngaphesheya koLwandle LwaseGalile. Bagibela isikebhe, uJesu yena wanyuka yedwa waya entabeni. Kungani? Ngoba wayefuna ukuthandaza kuYise. UJesu wayehlale ezinika isikhathi sokuthandaza, ngisho noma ayematasa kangakanani.

“Ningasebenzeli ukudla okonakalayo, kodwa sebenzelani ukudla okungonakali okunikeza ukuphila okuphakade, iNdodana yomuntu ezoninika kona.”—Johane 6:27

Imibuzo: UJesu wabonisa kanjani ukuthi uyabathanda abantu? Lokho kusifundisani ngoJehova?

Mathewu 14:14-22; Luka 9:10-17; Johane 6:1-15

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela