Ingabe UNkulunkulu Uyobabhubhisa Ababi? UHabakuki Uphendula Ngokuthi Yebo!
ABANTU kulo lonke izwe baye babuza, ‘Ingabe uNkulunkulu uyoke abahlulele ababi?’ Isiprofetho esiphefumlelwe sikaHabakuki sisinikeza isiqinisekiso esiphelele sokuthi uNkulunkulu ngokushesha uzothatha isinyathelo ngokumelene nababi emhlabeni wonke. Khona-ke, kungalesosikhathi kuphela, lapho umhlaba “uyogcwala ukwazi inkazimulo kaJehova, njengamanzi asibekela ulwandle.”—Hab. 2:14.
Isiprofetho esifushane sikaHabakuki, eqinisweni, siwuchungechunge lwezahlulelo ezintathu zokufa ezenziwa uNkulunkulu wezulu nomhlaba. Ezimbili zazo sezigcwalisekile kakade; esesithathu sizogcwaliseka ngokushesha. Ukucabangela kwethu lezizahlulelo kuzosiqinisekisa ngencazelo kaHabakuki nangomphumela wempi ezayo yembulunga yonke, iArmagedoni.
UKWAHLULELWA KUKAJUDA
Noma kuphi lapho umprofethi uHabakuki ayebheka khona ezweni lakwaJuda wayethola indluzula, ukucindezela, ukulwa, ukuxabana nokungalungi. Lokhu kwamshukumisela ukuba athi: “Ngiyakukuncenga kuze kube-nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?” (Hab. 1:1-4) UHabakuki wathola impendulo eyabonakala ingakholeki. Yamthusa ngisho naye umprofethi ngokwakhe. (Hab. 1:5) Sasiyini isahlulelo sikaJehova?
UNkulunkulu uyaphendula: “Ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso. Siyethusa, siyesabeka.”—Hab. 1:6, 7.
Ngakho amaKaledi, noma abaseBabiloni, babeyoba ithuluzi likaNkulunkulu lokujezisa amaIsrayeli angathembekile, futhi akukho lutho olwalungavimbela abaseBabiloni ukuba bafeze isimemezelo sikaNkulunkulu. Phela, lesisizwe ‘sasiyothatha zonke izinqaba’! Umbuso wakwaJuda, nenhlokodolobha yawo iJerusalema, ngokusobala kwakungenathemba lokuphunyuka.—Hab. 1:10.
Ngokuvumelana nezwi likaJehova kuHabakuki, amaKaledi aphuma ukumelana neJerusalema ezweni lakwaJuda. IBhayibheli lisitshela ukuthi iNkosi yaseBabiloni, uNebukadinesari, “yabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa nantombi, naxhegu, nabagugileyo; . . . Abasele enkembeni wabathumbela eBabele.”—2 IziKr. 36:17-20.
Ngempela uJehova wehlisela isahlulelo kubo bonke ababi ezweni lakwaJuda.
UKWAHLULELWA KWEBABILONI
AbaseBabiloni benza ngokwezifiso zabo, futhi bengazi bona, basebenza njengendlela kaNkulunkulu yokwehlisela isahlulelo sakhe sokulunga kubantu abangathembekile. Kodwa kuthiwani ngeBabiloni? UHabukuki wayekuthole kunzima ukuqondisisa indlela uNkulunkulu ayengasebenzisa ngayo abantu ababi baseBabiloni ukuba ehlise isahlulelo saKhe. Akusikho kuphela ukuthi babengesibo abakhulekeli bakhe kodwa futhi babenonya, befuna nje ukunqoba. Babebheka abantu ‘njengezinhlanzi nanjengezilwanyana ezinwabuzelayo’ okufanele bathunjwe futhi babuswe.—Hab. 1:14-17.
Ephendula ukungavumelani kukaHabakuki nokusetshenziswa kwamaKaledi, uNkulunkulu wakwenza kwakhanya ukuthi babengenakuhlala bengajeziswa ngenxa yobugovu babo necala legazi. Wathi ngokuqondene neBabiloni: “Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhé kuWo.”—Hab. 2:8.
Ngokungaphezulu, abaseBabiloni babengabakhulekeli bezithombe. Ngakho uJehova wathi ngomprofethi wakhe: “Sisizani isithombe esibaziweyo, lokhu umbumbi waso esibaza, nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga, lokhu umbumbi waso ethemba kuso, ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na? Wo koshoyo kumuthi ukuthi: Vuka! nakulo itshe eliyisimungulu: Phaphama!”—Hab. 2:18, 19.
AbaseBabiloni abangabakhulekeli bezithombe manje base besesimweni sokuthola isahlulelo sikaNkulunkulu. Lokho kwenzeka ngo-539 B.C.E. lapho iBabiloni ligumbuqelwa amaMede namaPheresiya.
Labo abezwa izahlulelo zeJuda neBabiloni babecabanga ukuthi zazingakholeleki, futhi zithusa. Nokho izwi elingokwesiprofetho elakhulunywa ngoHabakuki lagcwaliseka.—Hab. 2:2, 3.
IBhayibheli libonisa ukuthi izehlakalo ezifanayo zizokwenzeka ngokushesha kwababi ezweni lonke.
UKUDABULA KUKANKULUNKULU EMHLABENI WONKE NGOKUMELENE NABABI
ImiBhalo yamaKristu yesiGreki icaphuna isiprofetho sikaHabakuki futhi ibeke ukugcwaliseka kwaso kokugcina esikhathini esizayo, esizukulwaneni sethu uqobo. (Heb. 10:36-39; Hab. 2:3, 4) Kungakho sinesithakazelo esikhethekile kuso. Esahlukweni sesithathu sesiprofetho sikaHabakuki, ukhulekela ukuba uNkulunkulu avuselele umsebenzi waKhe omdala wokunqoba. (Hab. 3:1, 2) Khona-ke uHabakuki uyaqhubeka echaza ukudabula kukaNkulunkulu ngokumelene nezitha zaKhe. Kuwukudabula komhlaba wonke. Yeka ukuthi iyoba ngehluke kanjani indlela kaNkulunkulu yokubhubhisa izitha zakhe!
“Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo,” kusho umprofethi, “amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.” (Hab. 3:3-5) Esikhathini esizayo esiseduze, lapho uJehova, ephuma eya “ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke” eArmagedoni, uyoletha ukufa ezitheni zakhe ngendlela yokubhubhisa engenandluzula, nethule—isifo esibhubhisayo. Khona-ke kuyoba ingozi, kusho ukufa, ukuba sendleleni kaJehova yokuyonqoba. Ngoba phambi kwezinyathelo zakhe uyothumela isifo; nangemva kwezithende zakhe uyoshiya izitha zisemalangabini esifo.—IsAm. 16:14, 16.
Umthandazo kaHabakuki osasililo uyaqhubeka: “Uyema, uzamazamisa umhlaba; ubuka, uthuthumelisa izizwe; izintaba zaphakade ziyahlakazwa, namagquma amandulo akhothama.”—Hab. 3:6.
Ukuma kukaJehova kubangela isiyaluyalu emhlabeni ongokomfanekiso ophambi kwakhe. Kunjengokungathi kubangela, ukuzamazama enhlanganweni yasemhlabeni yesitha. Lapho kuba sobala ukuthi uJehova ngempela oye wafika futhi wama phakathi kwayo, inhlangano yasemhlabeni iyathuthumela ngaphambi kokuchithwa kwayo. Ekugcineni izizwe ziyabona ukuthi uNkulunkulu uMninimandla onke ‘uyazibona.’ Ngempela ziyathuthumela. Ziyagxumagxuma, hayi ngenxa yenjabulo kodwa ngengebhe yokuqhuma kwentukuthelo. Ayikho inhlangano enjengentaba eyovimbela ukudabula kukaJehova eyonqoba. Enjalo iyophahlazwa. Ukuphikelela kukaJehova phambili ngokungenakuvinjelwa kuyoshayisa uvalo kubo bonke abezwa ngombiko wakho, labo ababengamthandi uJehova nabantu bakhe.
UJehova unezinhlobo eziningi zezikhali enqabeni yakhe engokwasezulwini, zokubhubhisa ababi. UHabakuki uyasitshela ngalokhu uthi: “Isikhukhula samanzi siyadlula; utwa luzwakalisa izwi lalo, luphakamisela phezulu izandla zalo. Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho ngokukhanya kwemicibisholo yakhe egijimayo nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.”—Hab. 3:7-11.
UMdali angasebenzisa uzamcolo osheshayo wokumukisa izitha. Amanzi avela ezulwini angathululeka phansi njengesikhukhula. Ngokungaphezulu, utwa olusemhlabeni lungenziwa luphethuke, njengokungathi luphakamisela izandla zalo phezulu ukufeza ingxenye ekubhubhiseni ababi.
Izikhali zempi zikaJehova ezingaphezu kwezabantu zenza kuqiniseke ukuthi akukho sitha esiyosinda. Akukho noyedwa wababi oyosinda. Ukuduma kwezulu nokubaneka okuqaqambayo kusezandleni zikaJehova. Kulokhu kubenyezela kwezindlela zikaNkulunkulu zokufa kwezitha zakhe, ukukhanya kuyoba kukhulu emini nasebusuku kangangokuba ilanga nenyanga esikujwayele, kuyoba njengokungathi kuzizwa kungadingekile. Kuyoba sengathi kumile, akusebenzi njengokuveza amandla okukhanya. Isikhali sikaJehova esikhulu, njengomkhonto, siyothunyelwa sitshuze emoyeni sikhanyise inkundla yempi. Cabanga ngomphumela oyoba sezingqondweni zezitha zikaJehova nabantu bakhe!
ABAKHULEKELI BEQINISO BAYASINDISWA
Umprofethi uyaqhubeka: “Udabula umhlaba ngokuthukuthela, ubhula izizwe ngolaka. Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho, yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho; uphohloza uphahla endlini yababi, wambula isisekelo kuze kube-sentanyeni.”—Hab. 3:12, 13.
Abantu bakaJehova bangaqiniseka ukuthi uyobasindisa empini yeArmagedoni. Abakhulekeli bakaJehova ngalesosikhathi bayokuba ngaphansi kokuhlaselwa yizo zonke izizwe zomhlaba, zonke ngalesosikhathi eziyobe zimelene nokuthi ukhona uNkulunkulu. Kungani ziphika ubukhona bukaNkulunkulu? Ngoba izizwe ziyobe seziphendukele izinhlangano zenkolo yamanga futhi zayichitha ebusweni bomhlaba. Kanjalo lokhu kuhlaselwa kwabakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso kwenzeka ngemva kokubhujiswa okwethusayo kwe“Babiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, kuhlanganise neLobukholwa. (IsAm. 17:1-5, 16-18) Izizwe ezingakholwa eziyobe zilethe lembubhiso ziyobe seziqoqanela ukuzama ukuba zishanele emhlabeni ukukhulekelwa okuhlanzekile kukaNkulunkulu oyedwa ophilayo noweqiniso, uJehova. Ngisho namanje inkundla ilungiselelwa ukubhujiswa kwezinhlangano zenkolo yamanga. Ezinye izizwe, eqinisweni, ziye zamemezela injongo yazo yokukhuthaza ukungakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.a
Ukuze avimbele izizwe ezingamesabi uNkulunkulu enjongweni yazo embi, uJehova uyongenela ukuze asindise abantu bakhe. Ngakho, ‘ngokuthukuthelela’ izizwe ezinenhloso embi, uyodabula emhlabeni abulale izizwe ngolaka, azigxobe ngezinyawo njengezinhlamvu esibuyeni.
Lesisinyathelo sikaJehova siyoletha ukusinda kwa“bantu” bakhe. “Abantu” abangaphansi kokuhlaselwa eArmagedoni bayinsali yabafundi abagcotshiwe bakaJesu Kristu. Bakha “ogcotshiweyo” kaJehova eArmagedoni. Kanye no“gcotshiweyo” kaJehova kuyoba ne“sixuku esikhulu” sezikhonzi ezikanye nabo eziyosindiswa eArmagedoni.—IsAm. 7:9-17.
Ngokuphambene nokusindiswa ko“gcotshiweyo” ne“sixuku esikhulu,” kuyoba khona ukuchithwa okuphelele ‘kwendlu yomubi.’ Njengendlu ephundliwe futhi yadilizwa kusukela ophahleni kwaze kwaba sesisekelweni, isimiso sezinto esibi esiye samiswa ngaphansi kwethonya elingabonakali likaSathane uDeveli siyophahlazwa. “Ikhanda” noma ubuholi ‘balendlu’ yezizwe zonke liyochotshozwa, liphahlazwe. Labo abakha ingxenye engaphansi abanakuphunyuka, ngoba abanjalo bayoqothulwa kuze kube sesisekelweni. Ngisho ne“sisekelo” asiyikushiywa phansi njengesisekelo sesakhiwo esisha. ‘Indlu yababi’ ayisayikubabikho emhlabeni.
Lapho enkundleni yempi eArmagedoni izitha zo“gcotshiweyo” kaJehova nabangane bakhe ziyophonselwa ekukhungathekeni kokuzibulala. Embonweni ongokwesiprofetho walokhu, umprofethi uHabakuki uthi emthandazweni wakhe kuJehova njengeQhawe:
“Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo, lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza, bejabula njengabayakudla ompofu ngasese. Unyathela ulwandle ngamahashi akho, inqaba yamanzi amaningi.”—Hab. 3:14, 15.
Uma ekhuluma ngomzamo wezwe wo“kungihlakaza” ngamandla esivunguvungu, uHabakuki ukhuluma ngaye njengomelele “ogcotshiweyo” kaJehova, abantu baKhe abadinga ukusindiswa kubahlaseli. Njengezigebengu ezilalele umuntu endaweni ecashile, izizwe ezibuthene ngokuphelele eArmagedoni ziyosukela “ogcotshiweyo” kaJehova ne“sixuku esikhulu” sezikhonzi ezikanye nabo ukuba zibabhubhise bonke laba njengoba zabhubhisa “iBabiloni Elikhulu” elingokwenkolo. Ngoku“jabula,” isitha siyoqiniseka ngokuchitha izikhonzi zikaJehova ezibonakala njengokungathi zi“mpofu.”
Akukho lutho oluyozuma uJehova. Akanakuholela “ogcotshiweyo” wakhe ompofu kanye nabangane bakhe abathembekileyo kunoma ikuphi ukuhlasela okuzumayo kwesitha. Lapho izizwe eziphika uNkulunkulu ziza njengesivunguvungu ukuhlakaza abenkolo yeqiniso, uNkulunkulu uyophendulela izikhali zezizwe ezihlaselayo zilwe zodwa. Izitha zikaJehova ziyosebenzisa imicibisholo yazo yempi ukugwaza ikhanda lamaqhawe azo siqu. UNkulunkulu uyokwenza ngisho nokungaphezulu: Uyosebenzisa amandla angaphezu kwawabantu ukufeza ukubhujiswa kwazo ngokuphelele. “Ngamahashi” empi yakhe yasezulwini ngaphansi kukaJesu Kristu, uyophikelela ngokunqoba adlule “ulwandle” ne“nqaba yamanzi amaningi” edlambi, nezitha ezibhongayo. (IsAm. 19:11-21) Kanjalo abantu bakhe bayoba ngofakazi bokuzibonela bokunqoba kukaJehova okuphakeme kakhulu!
Khona-ke, bayobe sebenyamalele bonke ababi! Futhi akukho noyedwa, naphakade ongake angabaze ngokufanele lokhu kubhujiswa okuphelele koquqaba oluhlaselayo olumelene noJehova.
Iziprofetho zikaHabakuki zisinikeza ukuqiniseka okunamandla kokuthi uNkulunkulu ngokushesha uzokwehlisa isahlulelo phezu kwabo bonke ababi. Akukho okungasivimbela. Njengoba kunjalo, ingabe ubungeke yini wama ngakuNkulunkulu weqiniso manje lapho isikhathi sisekhona? UJehova, iQhawe Elikhulu, uyonqoba ekulweni nababi. Manje isikhathi sokuthatha isinyathelo ukuze ube ngasohlangothini olunqobayo!
[Imibhalo yaphansi]
a INational Geographic kaOctober 1980 ithi: “Amanye amazwe amaKhomanisi awayifuni inkolo; iAlbania iyayinqabela, izimemezela ngo-1967 ngokuthi iwu‘mbuso wokuqala emhlabeni ongakholelwa kuNkulunkulu.’ Zonke izindlu zokusonta eziyizi-2 169, amasonto, izigodlo zezindela, nezinye izindawo ‘eziphikisana nokukhishwa kolwazi oluqondile nezokukhulekela kwamanga’ ziye zavalwa, zabhidlizwa, noma zenziwa izindawo zokuzijabulisa, imitholampilo, izindlu zokugcina impahla, noma izitebele zamahashi. . . . Isizukulwane esisha saseAlbania sazi kuphela imfundiso yokuthi uNkulunkulu akekho.”
Futhi, umagazini iTime kaNovember 17, 1980, wathi ngeCambodia, manje ebizwa ngokuthi iKampuchea: “IKhmer Rouge yaqala izindlela zokubhubhisa noma iyiphi inkolo eseleyo. Abefundisi bamaKristu babulawa nezindlu zokusonta zamaSulumane zadilizwa. Nokho, okudumaza kakhulu, kwakuhlalele amaBuddha, ayehlanganisa ama-90% enani labantu baseKampuchea. Abashokobezi ababevela emahlathini bonela phansi amathempeli ezwe ayizi-2 800. ‘OBuddha baphonswa emfuleni noma basetshenziswa njengezinkuni zokubasa.’ kusakhumbula uOum Soum, 62, oyiphini lomqondisi wePhnom-Penh’s Buddhist Institute. ‘[Amathempeli] amaWats angadilizwanga aba izinqolobane zokufaka umanyolo.’ Izindela zamabonze zajivazwa ngokuthi ‘izinxibi.’ Abanenhlanhla bamane bakhishwa emathempelini abo bayiswa ezinkundleni. Kwabulawa izindela eziyizi-50 000 kweziyizi-80 000 zaseCambodia.”—K. 90.