Usizo Kwabayizisulu Zokuhlaselwa Izihlobo Ngokobulili
Ukoniwa kwabantwana ngokobulili okwenziwa izihlobo kwenziwa isihlobo esidala kunabo. Ngokuvamile, kwenziwa ngowesilisa oyisihlobo—njengoyise, usingayise, umalume noma umfowabo omdala. Ngezinye izikhathi, kepha ngokuyivela kancane kakhulu, kwenziwa ngowesifazane oyisihlobo. Ngokwencwadi i“The Silent Children,” ukoniwa ngoyisihlobo ngokobulili kungaqala ekuwothawotheni okungafanelekile kuya ekuthintaneni kwezitho zobulili nomlomo kuze kube sekuhlanganeni kobulili. Yebo, ukuthintana kothando ngomzimba phakathi kwabantwana nabantu abadala kufanelekile. Kodwa lapho umuntu omdala ethola lokhu kuthintana kuvusa inkanuko, noma uma enza izinto bebodwa nomntwana abengenakuzenza uma unina womntwana ekhona, lokhu ngokunokwenzeka kuyoholela ekoneni umntwana ngokobulili.
“ENGXENYENI enkulu yokuphila kwakhe uRachel uye waphathwa umuzwa wecala, eqiniseka ngokungabi-nalusizo kwakhe, futhi ebhajwe emqondweni wokuzehlukanisa okungenathemba.” Yini eyayingonakalisa kangaka ukuphila kwenkosikazi yekhaya nengumama yaseBrithani?
Intombazana eneminyaka eyi-16 ubudala yaseCalifomia yathi: “Manje nginobuhlungu ekujuleni kwenhliziyo yami obungeke buphele, futhi kubuhlungu, kubuhlungu ngempela.” Yini eyayingayibangela usizi olunjalo?
Impendulo kuzo zombili izimo iyafana: ubuhlobo bobulili nesihlobo. Bobabili lababesifazane boniwa oyise ngokobulili besengabantwana. Ngokudabukisayo, kunabaningi abanjengabo. Ukuhlola eUnited States kusikisela ukuthi eyodwa emantombazaneni amahlanu noyedwa kubafana abayishumi uyahlushwa ngokobulili ngaphambi kokuba akhule. Ezimweni eziningi, ukuhlasela kwenziwa ngothile omusha oyisisulu amaziyo, futhi ezimweni eziningi kungokobulili nesihlobo. Imibiko evela kwamanye amazwe isho okufanayo.
Njengoba umhlaba uya uwohloka, lenkinga cishe iyoba yimbi kakhulu. Ngisho namanje, abasifazane abaningi abeza ebandleni lobuKristu banobunzima obungokomzwelo ngenxa yobulili nesihlobo obenziwa ngokumelene nabo lapho besengabantwana. Abanye baye bayofuna usizo kubaluleki abayizingcweti nezazi zengqondo, kepha abaningi baya ebandleni, befuna ukusekela kubafowabo nodadewabo bobuKristu. Ingabe ikhona indlela abavuthiwe ebandleni, ngisho noma bengezona izingcweti kwezempilo yengqondo, abangabasiza ngayo? Ngokuvamile ikhona.—1 Thesalonika 5:11.
Uma unanoma ikuphi ukungabaza ngokulimala okwenziwa ubulili nesihlobo, cabangela izinkulumo zabanye abayizisulu zabo iminyaka eminingi ngemva kokuhlasela: “Iminyaka eyi-15 ngagcina zonke lezozinto ngaphakathi, ngakho ngambozwa iminyaka yecala . . . Yeka ukuthi ngawazonda kanjani amadoda!”
“Cishe okubi kakhulu kunokoniwa ngokwakho umuzwa wecala.”
“Ngingasho ngokuqinisekile ukuthi ngicabanga ukuthi ngabe sengazibulala manje ngenxa yezinkumbulo.”
“Angifuni ukushada ngenxa yenkumbulo yobulili. Futhi ngokuqinisekile angibafuni abantwana.”
Ukuhlola okwalungiselelwa oDokotela uBruce A. Woodling (weYunivesithi yeSouthern California School of Medicine) noPeter D. Kossoris (iphini lommeli wesigodi) kusekela okungenhla, ngokuthi: “Abesifazane asebekhulile abahlushwa yizihlobo ngokobulili besengabantwana noma abasha ngokuvamile bacindezelekile futhi bakhathazekile ngokwemizwa.” Ukuhlola kweYunivesithi yaseWashington okwakhishwa kuMedical Times kuyanezela: “Izinkinga ezibikiwe zihlanganisa: imizwa yecala nokucindezeleka; umbono ophambene womuntu ngokwakhe; ubunzima ebuhlotsheni nabanye abantu obuhambisana nokungawathembi amadoda, amakhono okuhlalisana nabanye angenele, nokwehluleka ngokobulili.”
Kungani ubulili nesihlobo bulimaza kangaka? Umagazini iChild Welfare udonsela ukunakekela esimweni sendodakazi eyoniwa uyise ngokobulili: “Indodakazi eye yoniwa ngokobulili ithembele kuyise ngesivikelo nokunakekelwa. . . . Ayilokothi isho noma ngisho ibe nomuzwa wokujula kwentukuthelo yayo ngokusetshenziswa kanjalo. Kumelwe ivumelane nokufunwa uyise noma izifake engozini yokulahlekelwa uthando lobuzali eludingayo.”
Oyisisulu sangaphambili uphikelela ngokufanelekile ukuthi ubulili nesihlobo “bunobugovu futhi buyasoleka . . . futhi kuwukuhlaselwa okudlulele kokwethembeka nokuncika komntwana.”
Amantombazanyana athile ayeyizisulu zobulili nesihlobo acabanga ukuthi okuyiyona kuphela indlela amadoda angabathanda ngayo yayingokobulili, ngakho aziphatha ngobuqhalaqhala kwamanye amadoda ngaphandle kwalawo awenza izisulu. Abanye abayizisulu, lapho bekhula beva eshumini elinambili, babenesithakazelo ngokweqile ebulilini, ngisho nobobundindwa. Abaningi banemizwa yentukuthelo ejulile, imizwa yokungabi nalusizo, futhi ikakhulukazi, ukuzizwa benecala. Bazizwa benecala ngenxa yalokho okwenzeka, benecala ngoba abazange bakuvimbe, benecala ngenxa yemizwelo elimazayo, benecala uma beye baba nanoma imiphi imizwa yenjabulo phakathi nalesosenzo, futhi, uma lobobulili nesihlobo bathinta umshado wabazali, bazizwe benecela ngenxa yalokho.
Ingabe ikhona indlela abangasizwa ngayo ukuba basingathe esinjalo isiyaluyalu esingokomzwelo?
Akusizi Ukuthi . . .
Omunye owesifazane owayenezinkinga ngenxa yokuthi wayebe isisulu sobulili nesihlobo eminyakeni eminingi waya kubadala ebandleni ukuba axoxe inkinga yakhe. “Bangitshela ukuba ngikhohlwe yiyo,” ebika. Ukucabanga okunenhloso enhle kulesoseluleko ngokungangabazeki kwakuwukuthi njengoba konke lokho okuhlangenwe nakho kungokwesikhathi esidlule futhi kungekho lutho olungenziwa ngakho manje, into engcono kakhulu yokwenziwa ukukukhipha engqondweni yakhe futhi acabange imicabango emihle. (Filipi 4:8) Ngokudabukisayo, akulula kangako.
Kungani kungenjalo? Nokho, cabanga ngomuntu oye wagogeka umkhono kanzima engozini. Abangane bakhe bayamvakashela ukuba bamsize. Ingabe bekungasiza yini uma bethi kuye: ‘O, khohlwa yikho!’ Ngokusobala bekungeke. Akukho ndlela angakukhohlwa ngayo.
Ngokufanayo, abesifazane abaningi abaye boniwa izihlobo ngokobulili abakwazi nje ukukhohlwa yikho. Kwabanye, kunyathelisiwe esazeleni sabo njengesibazi esingokomzwelo. Esinye isisulu sabhala: “Umkhulu wami wangona lapho ngineminyaka eyisikhombisa ubudala, hhayi nje kanye kodwa izikhathi eziningi. Ukungazi lutho olubi kwami kwangishiya ngingenasivikelo. Manje nginomuzwa wemiphumela njalo. Kuye kwaba iphupho eliphilayo elesabisayo kusukela lapho. Inkumbulo yalokho ingase idlule okwesikhashana kodwa ibuye ibuye futhi ingenze ngenyanye. Ngizizwa nginamahloni futhi ngingcolile, futhi kwakungelona necala lami.”
Iqiniso, izibazi ezingokomzwelo zobulili nesihlobo (nokunye okuhlangenwe nakho okucindezelayo nokungenakukhohlakala) azibonakali. Kodwa zingokoqobo njengezibazi ezingokomzimba. Ngakho bangasizwa kanjani labo abanazo? Enye indlela iwukulalela isisulu nokusikhuthaza ukuba “sikukhulume.”
Kungase Kusize Ukuthi . . .
Umeluleki kumelwe abe usizo, angabi nokwahlulela. Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu: “Maniphathane ngobumnene, nihawukelane.” (Efesu 4:32) Ezimweni zokweluleka, lezizimfanelo zibalulekile.
Kanjalo, owesifazane owenziwa isisulu iminyaka eminingi uyise lapho eseyintombazane uthi: “Abadala (noma ubani okuyiwa kuye) kumelwe babe nomusa kakhulu.” Omunye naye owayoniwe uyise uthi: “Into ebaluleke kakhulu ukungethuki. Ukuba ngozolile noqondayo, hhayi ukugubha yonke imininingane kodwa uzimisele ukulalela noma yini oyitshelwayo. Zama ukuqonda imizwelo yoyisisulu.”
Ukuzola nokuqonda akulula ngaso sonke isikhathi. Omunye owesifazane wavuma ukuthi kaningi wayekhuluma ngokuyaluza ngisho nangolaka, lapho exoxa ngenkinga yakhe. Ingabe ukuziphatha okunjalo kuwukungahloniphi? Mhlawumbe. Kodwa umKristu ovuthiwe, ‘onesihawu’ uyoqaphela masinya ukuthi akuhloswanga yilowomuntu. Kuwukubonakaliswa kwesiyaluyalu esingaphakathi.—Filipi 2:1-4.
Ngaphezu kwalokho, labo abeluleka izisulu zobulili nesihlobo badinga ukulalela, njengoba nje uJehova uNkulunkulu elalela. (IHubo 69:33) Kumelwe bangasheshi ukukhuluma noma ukwahlulela. (IzAga 18:13; Jakobe 1:19) Ingabe ukulalela nokududuza kuyasiza ngempela? Yebo, ngempela. Omunye oyisisulu uyabika: “Ngakwazi ukukhuluma nodade omdala kunami, futhi yeka ukuba-ngcono! Nga . . . khala kanye naye.” Omunye wathi: “Ngicabanga ukuthi ukuba nje nomuntu wokukhuluma naye kuyinto eyangisiza kakhulu.”
Uma oyisisulu ephethwe ukuphazamiseka okukhulu okungokomzwelo, umeluleki onokuhlangenwe nakho okwengeziwe angase akwazi ukumsiza ukuba athole isizathu salokho kuphazamiseka nendlela yokubhekana nakho. Imibuzo efana nelandelayo ingasiza ukukhipha imizwa efihlekile: “Ingabe uyafuna ukuxoxa ngokwenzeka? Uzizwa kanjani ngawe? Uzizwa kanjani ngoyihlo [noma unyokolume, noma ubani owamonayo]? Ingabe uzibeka icala ngokwenzeka? Ingabe ucabanga ukuthi kukwenza ube mubi kakhulu kunabanye abantu?” Umeluleki onothando uyobonisa ukuthi akashaqeki ngezimpendulo. Kunalokho, uyochaza ukuthi imizwa enjalo ayiyona engavamile. Abanye baye bazizwa bengcono lapho bezwa lokhu.
Kuthiwani uma oyisisulu embula ukuthi uzizwa engelutho ngenxa yalokhu okuhlangenwe nakho? Owesifazane osemusha owoniwa umkhulu wakhe, uyise nosingayise, uthi: “Bakwazi [abeluleki] ukumsiza ukuba aqaphele ukuthi ubaluleke kakhulu. Ngangizizwa ngihlukile kubangane bami esikoleni. Ngazizwa ngingcolile uma ngiqhathaniswa nabo. Khona-ke lapho sengeve eshumini elinambili ngangena ezinkathazweni izikhathi ezimbalwa. Kodwa manje ngiyazi ukuthi uJehova akangibambele amagqubu ngalokho okuhlangenwe nakho. Ungibheka njengomuntu obalulekile.”—IHubo 25:8; 1 Johane 4:18, 19.
Abayizisulu ngokuvamile bazizwa bethukuthele nabo. Encwadini yakhe iThe Silent Children uLinda T. Sanford uchaza isizathu, uthi: “Njengoba umntwana eba mdala, ufunda okuyikho ngempela ngezenzo zobulili futhi aqaphele ukungafaneleki okubi ngokwesabekayo kwabantu abadala. Ngakho-ke uzizwa ekhohlisiwe. Uye wathembela kulomuntu omdala. Uyaqaphela ukuthi iziqinisekiso zakhe zazingamanga aluhlaza.”
Enye yalentukuthelo—neminye yemizwa yecala etholwa abayizisulu—ingancishiswa uma ongumoni evuma ngokuqondile akwenzayo futhi axolise. Esinye isisulu, esiyise waso waboshwa ngemva kokuba ubulili nesihlobo budaluliwe, sathi: “Cishe eminyakeni emithathu kamuva, ubaba wangipha isipho esihle futhi wathi: ‘Ngifuna nje wazi ukuthi ngizisola ngempela ngezinto eziningi ezenzeka phakathi kwethu.’ Ngakwazi ayekusho futhi ngemukela isinxephezelo sakhe. Manje nginobuhlobo obuhle naye.”
Nokho, ngokudabukisayo, abaningi abayizoni baphika yonke into ngokuphelele noma bavume nje kuphela ingxenye encane yalokho abakwenza. Ngesikhathi owesifazane ophazamisekile efuna usizo, umdlwenguli kungenzeka abe esefile. Kodwa kungenzeka abe esathukuthele. Nokho, labo abelulekayo bangase bakwazi ukumsiza. Ngomusa bangaphawula ukuthi intukuthelo yakhe iqondakala ngokuphelele. Ngisho noJehova uhlala ezithukuthelele izoni ezingaphenduki.—Johane 3:36.
Nokho, ngokuhlakanipha bangase baveze izingozi zokuvumela intukuthelo yehlule umuntu. (Efesu 4:26) Bangase bamsize ukuba azindle ngalokhu ngokubuza ngobumnene imibuzo enjengalena, “Ingabe intukuthelo yakho iyakusiza noma iyakulimaza? Ngokuvumela intukuthelo ikuthinte kangaka, ingabe usamvumela ukuba athonye ukuphila kwakho? Ingabe ngempela ucabanga ukuthi oyisigangi ukhululekile kulelicala? Ingabe uJehova akayena yini umahluleli ngisho nowalabo abenza ububi ekusithekeni?—IHubo 69:5; Luka 8:17; Roma 12:19.
Ukubonisana ngamaRoma 12:21, kodwa hhayi ngephimbo lokushumayela, kungase kusize. Injongo yeseluleko iwukusiza, hhayi ukunikeza isiyalo noma ukucindezela. Kunokutshela oyisisulu indlela okumelwe azizwe ngayo, kuwusizo kakhulu ukulalela nokuthola indlela azizwa ngayo, futhi, ngokuhlola ngesineke ngemibuzo, ukuba asizwe abone isizathu sokuzizwa kwakhe ngaleyondlela.
Uma ingxoxo yembula umuzwa ojulile wecala, kumelwe kuphawulwe ukuthi ubulili nesihlobo obenziwa kumntwana omncane akulona iphutha lomntwana. Iqiniso, abantwana abancane ngokuvamile baziphatha ngokuthandekayo ngakubantu abadala. Kodwa abanawo umqondo ngobulili babantu abadala. Njengoba incwadi iThe Silent Children iphawula: “Umntwana akazange ahlose ukuba ukusondelana nobungane kube ubulili. Ukuhlasela ngokobulili kubangelwa ukucabangela komuntu omdala izifiso zomntwana—ukucabangela okuhlotshiswe kakhulu izidingo zakhe umuntu omdala.”
Ngempela owoniwa ngokobulili njengomntwana angaqiniseka ngokuqonda kukaNkulunkulu nokwamukela kothando. Ingani uJehova uxolela ngisho nalabo, ngokungafani nomntwana owoniwe, abenza izono ezimbi ngokwesabekayo—uma bephenduka futhi baguqule inkambo yabo yesenzo!—1 Korinte 6:9-11.
Umbono Ongokoqobo
Ukusiza abayizisulu zokulimala okushaqisayo okungokomzwelo akulula. Ngeke kusingathwe ngemizuzu embalwa eHholo LoMbuso eligcwele. Kudinga isineke, uthando, umusa, imizamo ephindiwe, futhi ikakhulukazi, isikhathi. Akukho kwelapha okuyisimangaliso. Kudinga ukukhuluma okuningi—nokuthandaza—ngaphambi kokuba oyisisulu ophazamisekile afinyelele ukusimama okungokomzwelo. Okuhlangenwe nakho okubi akukhohlakali. Kodwa oyisisulu angafunda ukuphila naleyonkumbulo.
Kanjalo omunye oyisisulu wathi: “Ngisathola imizwa yokungabi yilutho. Kepha ngizitshela ukuthi akulona iqiniso. Futhi cishe ngemva kosuku lowomuzwa uyasuka.” Omunye oyisisulu wathi: “Ngiye ngafunda emiBhalweni ukuba ngoxolelayo, ukuba ngisize abanye futhi hhayi ukuba nomuzwa wokuzidabukela.” Omunye wanezela: “Bangisiza ukuba ngibone ukuthi uJehova usangithanda . . . Ngiyonqoba zonke izinkinga zami ngosizo lukaJehova.”—IHubo 55:22.
Ikhambi Elihlala Njalo
Ngenkathi uJesu esemhlabeni, welapha ngokumangalisayo labo ababenezibazi ngokomzimba, ‘izinyonga nezilima.’ (Mathewu 15:30) OHlelweni Olusha olusondelayo, lesosimangaliso siyophindwa izikhathi eziningi njengoba kuyobe kususwa konke ukugula okungokomzimba.—Isaya 33:24.
Ngokuqondene nalabo abaphethwe izibazi ezingokomzwelo, ngokuvamile usizo lothando, lwesineke lwamadoda nabesifazane bobuKristu abavuthiwe besebenzisa ithonya elidambisayo leZwi likaNkulunkulu lungabasiza ukuba babhekane nezinkinga zabo futhi babuye bathole injabulo enkonzweni kaJehova. (Jakobe 5:13-15) Nokho, oHlelweni Olusha, siyathenjiswa: ‘Izinhlupheko zakuqala ziyokhohlakala.’ (Isaya 65:16) Kanjalo, zonke izinceku zikaNkulunkulu zibheka phambili ngethemba esikhathini lapho uNkulunkulu “[eyokwesula] izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.” (IsAmbulo 21:4) Lokhu kuyoba ukwelashwa kokugcina kwazo zonke izifo, kuhlanganise nezingokomzwelo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 26]
“Inkumbulo yalokho ingase idlule okwesikhashana kodwa ibuye ibuye futhi ingenze ngenyanye”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]
‘Ukuba nje nomuntu wokukhuluma naye kwangisiza kakhulu’