Omakhelwane Abahle—Siyabadinga
KUNGEKUDALA kakhulu owesifazane waseToronto, eKhanada, wahamba waya esitolo futhi washiya izingubo ayeziwashile zangalelosonto zinekwe ocingweni ukuba zome. Ngenkathi esahambile, izingubo zawela emhlabathini. Ebona lokhu, umakhelwane wakhe wazicosha, wabuye waziwasha futhi wazineka ukuze zome.
Unabo yini omakhelwane abanjalo? Ngeshwa, babonakala bembalwa namuhla. Kuvame izindaba ezinjengalena, nayo futhi evela eToronto, emaqondana nowesifazane osekhulile ongalo yakhe yabambeka esitofini esishisayo. Wakhala ecela usizo, kodwa omakhelwane bakhe abakunakanga ukukhala kwakhe, futhi akasizwanga izinsuku ezimbili. Kwafuneka ukuba ingalo inqanyulwe.
Ukuhlala emphakathini lapho omakhelwane benokukhathalela kunezela ukulondeka nemfudumalo ekuphileni. Omakhelwane abahle basiphekela uku dla lapho sigula, baletha abantwana bethu ekhaya lapho bebathola bezula, bayasisiza ezinsizini ezinkulu nezincane, basithengela izinto ezimbalwa lapho bezithengela izinto zabo, babheka izindlu zethu uma singekho futhi ngokuvamile ukuphila kuba okujabulisa ngokwengeziwe lapho bethi “Sawubona” usuku ngalunye. Futhi, yebo, senza okufanayo kubona.
Kudala omakhelwane abanjalo babebaningi kunokuba yivela kancane. Ngisho nanamuhla usengabathola emaphandleni nasemadolobheni amancane. Kodwa emadolobheni amakhulu nasezindaweni ezicebile ukunakekela omakhelwane kuncane kakhulu; futhi njengoba iningi namuhla lihlala emadolobheni, abantu abaningi abakaze bahlale nomakhelwane okhathalelayo. Isazi sengqondo sathi: “Phela, uma ngihlala eToronto, ngingafa futhi ngilale lapho izinyanga ngaphambi kokuba isidumbu sami sibonwe. Kwakungenjena.” Okufanayo kuyiqiniso emadolobheni amakhulu kakhulu. Kwenye ingxenye yomhlaba insizwa engashadile yafa ekamelweni layo emzini omkhulu. Isidumbu sayo asitholwanga kwaze kwaphela unyaka nengxenye!
Isazi sengqondo sathi kwakungenjena sonke isikhathi. Yini eye yabangela ushintsho?