Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 11/1 kk. 3-5
  • Ukulandelana Okude Kwawohulumeni Babantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukulandelana Okude Kwawohulumeni Babantu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Umlando Uyoziphinda Ngokwawo?
  • Yini Esingayifunda Esikhathini Esidlule?
    I-Phaphama!—2001
  • Uhulumeni
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • UHulumeni Ophelele Ekugcineni!
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?
    Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?—1976 (gc)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 11/1 kk. 3-5

Ukulandelana Okude Kwawohulumeni Babantu

Abantu babazame bonke; awukho oye waphumelela. Yiliphi ithemba elisele lokubusa okulungileyo?

AMAKHOSI, imibuso, imibuso yeningi, ozibuse, omashiqela nohulumeni bobukhomanisi—zonke izinhlobo zokubusa kwabantu ziye zazanywa ngokuphindiwe phakathi neminyaka eyizi-6 000 eyedlule. Zonke ekugcineni ziyehluleka, nakuba ngamunye omusha ozanywayo umenyezelwa njengozophumelela.

Imizamo yamandla ekubuseni kwabantu ayimisha neze. Ayizange iholele emikhondweni emisha, ayizange futhi ilethe impumelelo eyiyo. Izimiso ezifanayo zikahulumeni zisekhona, nemilando efanayo yokwehluleka. Imikhuba emihle yokusebenza iyaphupha, isimiso siyawohloka, esikhundleni sezindinganiso zokuphila zakudala sekungene ulwazi lobu“mina kuqala.” Ubumpofu nendlala, ukungalingani nelungelo elikhethekile ukucindezela nokonakala, ubugebengu nobuphekula, izizwe ezinamandla zibusa lezo ezingenamandla, ukuncintisana ngezikhali kanye nezimpi zobugovu—bonke lobo bubi buyizithelo zawohulumeni banamuhla babantu. Okuhlukanisa lesisizukulwane phakathi, ukudlondlobala kwezolwazi lwesayensi, kodwa luye lwasetshenziswa kabi kwezemisebenzi eyonakalisayo nasekukhiqizeni izikhali zempi eziyingozi.

Ngemva kweminyaka eyizi-6 000 yokulinga kwabantu zonke izinhlobo zawohulumeni, nalapha futhi kungashiwo ukuthi “akukho okusha phansi kwelanga.” (UmShumayeli 1:9) Izimbangela zokwehluleka kohulumeni babantu nazo azizintsha. Kuseyiqiniso, njengoba uJehova amemezela ngomprofethi wakhe uJeremiya: “Akukuyo indoda ukuba ihambe iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Nangaphandle kokungapheleli kwabantu, “izwe lonke lisemandleni omubi.” “Unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo” yezigidi. Amathonya kaSathane aqhuba “amakhosi ezwe lonke.”—2 Korinte 4:4; 1 Johane 5:19, NW; IsAmbulo 16:14.

Uma sibheka ukulandelana kwawohulumeni babantu, ukuqala kwabo ukubusa kuthi kamuva kube ukwehluleka kwabo nokuwa, kubonakala kwenzeka okufanayo kubo bonke. Lokhu kubangele izazi ukuba zikhulume ngomlando njengoziphindaphindayo. Imibuso yezwe idlondlobala iye phezulu ngenxa yokuzimisela okunenjongo nokuzinikela. Kodwa, uma sebeqedile, kancane kancane bayayekethisa enkuthalweni yabo futhi ekugcineni banyamalala ngokweqisa ezintweni ezibonakalayo nasekuziphatheni okubi. Uma lokho kungenzeka, ukuwa kuseduze.

Isazi sezomlando uWill Durant wasiqaphela lesisimo sokonakala ngaphakathi, wathi: “Siye sazama ukubonisa ukuthi isizathu esibalulekile sokunqotshwa kwamaGriki ngamaRoma sasiwukonakala kwempucuko yamaGriki ngaphakathi. Asikho isizwe esikhulu esinganqotshwa ngaphandle kokuba sizibhubhise ngokwaso.” (Ingxenye II yeThe History of Civilization ikh. 659) IThe World Book Encyclopedia (1978 ed.) iphawula into eyodwa eyandulela ukuwa leyo okumelwe ibe isizathu esiyinhloko sokukhathalela esizukulwaneni sethu. “Umkhaya uyisisekelo esidala kakhulu sabantu. Ngezindlela eziningi ungesibaluleke kakhulu. Uyingxenye yomphakathi eyisisekelo esikhulu. Yonke impucuko iye yasinda noma yanyamalala, kuxhomeke ekutheni impilo yomkhaya yayiqinile yini noma yayibuthakathaka.”—Umq. 7, ikh. 24.

Ingabe Umlando Uyoziphinda Ngokwawo?

Isazi somlando uArnold J. Toynbee wathi ngokuqondene nokuziphatha komlando: “Ukuhlola izwe ngeso elingokomlando ngombono wolwazi esinalo kubonisa ukuthi, kuze kube manje, umlando uziphindaphinda ngokwawo izikhathi ezingaba ngamashumi amabili ekuvezeni imiphakathi yabantu yezinhlobo zemiphakathi yethu yaseNtshonalanga, futhi kubonisa nokuthi, ngaphandle mhlawumbe komphakathi wethu, bonke labameleli bezinhlobo zemiphakathi ezibizwa ngokuthi impucuko sebefile kakade noma baseduze nokufa. Ngokungaphezulu, uma sifunda ngokuningiliziwe imilando yalempucuko efile neseduze nokufa, futhi siyiqhathanisa, sithola izibonakaliso zalokho okufana nendlela ephindekayo njengoba iqhubeka ihluleka, yonakala, futhi iwa. Empeleni siyazibuza namuhla ukuthi ingabe lengxenye yomlando kumelwe iziphinde ngokwayo nakithi. Ingabe leyondlela yokonakala nokuwohloka ilindelekile ukuba yenzeke nakithi, njengembubhiso okungekho mpucuko engathemba ukusinda kuyo?”

Wase eziphendula embuzweni wakhe: “Ngokombono womlobi, impendulo kulombuzo ngokuqinisekile iwukuphika. . . . Akukho okungavimbela impucuko yethu yaseNtshonalanga ekulandeleni umlando owandulelayo, uma izikhethela, ngokubulala umphakathi. Kodwa asimiselwe ukuba senze umlando uziphinde, kuyithuba lethu, ngokwemizamo yethu siqu, ukwenza emlandweni, ushintsho oluthile olusha nolungakaze lube khona. . . . Singenza kanjani ukuze sisinde? Kwezobupolitiki, simise isakhiwo sohlelo lwezomnotho wezwe, siqambe ukusebenza ngokuvumelana (kwehlukane ngokwezidingo ezingokoqobo zezindawo ezihlukene nezikhathi) phakathi kwekhono elinikezwa ngesihle nobukhomanisi. Empilweni engokomoya, buyisela isimo esishiwo ngenhla ezisekelweni ezingokwenkolo. . . . Kulezizindingeko ezintathu, leyo engokwenkolo eqinisweni, ekugcineni ingethuthukile.”—Civilization on Trial (1948), kk. 38-40.

Eqinisweni, uyagomela ekucabangeni ukuthi impucuko yethu ingaba ngehlukile futhi ingasinda ekuziphindeni komlando wohulumeni babantu. Waloba okungenhla iminyaka engama-34 edlule, esekela ithemba lakhe ngokobupolitiki eZizweni Ezihlangene, ngokunakekela phezu kokuzwana phakathi kwenqubo yokuzinqumela intengo kwezamabhizinisi, futhi, okubaluleke kunakho konke, ukuphindela kweLobukholwa njengesisekelo sempucuko yethu. Namuhla sibona ukwehluleka kuzo zontathu izingxenye. IZizwe Ezihlangene zibonakale zingenalusizo, ngokwakha ukuzwana phakathi kwenqubo yokunqumela intengo kwezamabhizinisi nobuKhomanisi okuyinto engakaze ihlangane, futhi neLobukholwa libuthakathaka kunangaphambili.

Umlando kwangathi useduze nokuziphinda. Ingabe kungenzeka?

Kukhona omunye umlobi mlando oye wakhuluma ngawohulumeni babantu. Eqinisweni, waloba umlando walokho ngaphambili. Waloba futhi ngaphambili ngombuso olungileyo lowo ozofika emhlabeni. Isihloko esilandelayo siletha ekunakekeleni lokho okushoyo ngawohulumeni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela