Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g90 12/22 k. 20-k. 24 isig. 2
  • UHulumeni Ophelele Ekugcineni!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UHulumeni Ophelele Ekugcineni!
  • I-Phaphama!—1990
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufuna Uhulumeni Omuhle
  • Luhlobo Luni Lokubusa Okungokwasezulwini?
  • Ukubusa Okungokwasezulwini Mbumbulu
  • Uhulumeni Ophelele Useduze
  • Hlala Useduze Nombuso Ongokwasezulwini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • UJehova Uyabusa—NgoMbuso Ongokwasezulwini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Abelusi Nezimvu EMbusweni Ongokwasezulwini
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Uhulumeni KaNkulunkulu Uqala Ukubusa Kwawo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1990
g90 12/22 k. 20-k. 24 isig. 2

UHulumeni Ophelele Ekugcineni!

Ukubusa Okungokwasezulwini (“Theocracy”): lisuselwa emagameni esiGreki athi “the·osʹ” (unkulunkulu) nelithi “kraʹtos” (ukubusa); ngaleyondlela, uhulumeni obusa ngokuqondisa noma ngokuphatha kukaNkulunkulu, ngezinye izikhathi ngabameleli abamisiwe.

UMA ubungase ukwazi ukuthenga umgexo wamaparele oqobo noma indandatho yedayimane, ingabe ubuyonquma ukuthenga isifanekiso esintulayo saleyonto engokoqobo? Cishe ubungeke, ngaphandle kokuba uyengelwe ekukholelweni ukuthi lokho okuthengayo kungokungcono ukwedlula konke okungase kutholakale.

Ngokuqondene nohulumeni, amakhulu ezigidi abantu aye ayengelwa ekukholelweni ukuthi athola okungcono kunakho konke okungase kutholakale. Eqinisweni agcina enezifanekiso ezintulayo. Akumangalisi ukuthi adumele, awenelisekile, futhi akhungathekile.

Ukufuna Uhulumeni Omuhle

UWilliam Ralph Inge, oke waba umfundisi weSonto LaseSheshi wesiKhungo sikaSt. Paul, eLondon, wabhala ngo-1922: “Uhulumeni omuhle uhlala uyisibusiso sabantu esikhulu ukuzedlula zonke, futhi asikho isizwe esake sawujabulela.” Ngani?

Incazelo engokwengxenye ingatholakala emazwini kaJohn F. Kennedy, umongameli wama-35 waseUnited States. “Awukho uhulumeni ongcono kunabantu abawakhayo,” washo. Njengoba ngisho nesazi sezombangazwe esinesiphiwo esikhulu singaphelele, bonke ohulumeni abamiswa abantu kumelwe bahluleke.

Umbhali wemidlalo yasesiteji oyiNgisi wekhulu leshumi nesikhombisa leminyaka uPhilip Massinger wayeqinisile lapho ebhala: “Umuntu oyobusa abanye, kumelwe kuqala abe nekhono lokuzibusa yena.” Kodwa muntu muni ngempela ongaphelele ongaba nekhono lokuzibusa yena ngokwakhe? Ngempela, asikho isazi sezombangazwe esinolwazi nokuhlakanipha okwanele kokulawula izenzakalo nezimo futhi ngaleyondlela siqinisekise injabulo nenhlala-kahle yaso ngokwaso, kungasaphathwa okwenjabulo nenhlalakahle yezigidi zabantu abakanye naso. Futhi ngisho noma besingase sikwazi ukwenza izinqumo eziqondile ngaso sonke isikhathi, besingeke sibe namandla okuzifeza.

Umbhali wezindaba waseMelika uBrooks Atkinson, eqaphela lenkinga, emuva ngo-1951 waphetha ngokuthi: “Sidinga abantu abanamandla amakhulu ukuba basibuse—lomsebenzi mkhulu kakhulu futhi isidingo sokwahlulela okuhlakaniphile siphuthuma kakhulu. Kodwa, maye,” esho, “abekho abantu abanamandla amakhulu.” Nanamuhla, emashumini amane eminyaka kamuva, abekho.

Eqinisweni, uNkulunkulu akazange ahlose ukuba abantu bazibuse. Ukuze bajabulele uhulumeni ophelele, abantu badinga okungaphezu kukahulumeni nje wabantu abanamandla amakhulu. Badinga ukubusa okungokwasezulwini, uhulumeni kaNkulunkulu.

Luhlobo Luni Lokubusa Okungokwasezulwini?

Ukubusa okungokwasezulwini kuwuhlobo lukahulumeni owawubusa e-Edene, lapho uNkulunkulu abeka khona umbhangqwana wokuqala wabantu. NjengoMbusi ofanelekile, ekuqaleni uNkulunkulu wayeqondisa izindaba futhi esebenzisa igunya.

Lapho isazi-mlando esingumJuda uFlavius Josephus siqala ukuqamba igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “ukubusa okungokwasezulwini” cishe emakhulwini angu-19 eminyaka adlule, walisebenzisa ekubhekiseleni esizweni sakwaIsrayeli sasendulo. Lokhu kwakuwukuchaza okuqondile, njengoba uIsrayeli ngalesosikhathi ayeyisizwe esikhethwe nguNkulunkulu. Empeleni sasibuswa nguye, ngisho nakuba ukubusa kwakhe kwakudluliselwa ngabameleli basemhlabeni.—Duteronomi 7:6; 1 IziKronike 29:23.

Lapho igama elithi “ukubusa okungokwasezulwini” lingeniswa kwezinye izilimi, ekuqaleni lalilinganiselwe encazelweni uJosephus ayehlose ukuyinikeza kuphela. Kodwa kamuva laba nezinye izincazelo. Ngokwe-Encyclopedia of Religion, liye “lasetshenziswa kabanzi ezimweni ezihlukahlukene njengeGibithe loFaro uIsrayeli wasedulo, eLobukholwa langeNkathi Ephakathi, isimiso semfundiso kaCalvin, ubuSulumane, nobuBuddha baseTibet.”

Isazi-mlando uW. L. Warren sithi “embusweni wamakhosi amaNgisi kwakunesici esithile sobukhosi obungokwasezulwini—inkosi isebenza njengethuluzi eliyinhloko ohlelweni lwaphezulu lokuqondiswa komhlaba, inkosi isebenza njengommeleli kaNkulunkulu nomkhiphi wezahlulelo.” Ezikhathini zanamuhla, kuchaza uDewey Wallace, Jnr., waseYunivesithi yaseGeorge Washington, leligama liye lasetshenziswa ngisho nanjengelichaza “ukwedelela ‘okuphucukile’ kwemiphakathi ‘elawulwa kakhulu abapristi.’”

Incazelo ebanzi manje ehlanganiswa kuleligama ivumela ukuba khona kwezinhlobo eziningi zokubusa okungokwasezulwini. Iluphi uhlobo esiludingayo?

Ukubusa Okungokwasezulwini Mbumbulu

Uhulumeni wokuqala wabantu emlandweni ogciniwe wasungulwa eminyakeni engu-4 000 edlule nguNimrode. Lomzukulu kaNowa wazenza inkosi, futhi njengoba echazwa eBhayibhelini, “wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova.” (Genesise 10:8, 9) Ngokuzimisa njengombusi omelene noJehova, uNimrode wazenza unkulunkulu wezombangazwe. Njengoba ayenjalo, wayesekelwa umphikisi omkhulu kaNkulunkulu, unkulunkulu wamanga uSathane uDeveli. (2 Korinte 4:4) Ngakho ukubusa kukaNimrode kwakuwukubusa mbumbulu kokubusa okungokwasezulwini kwangempela.

Lapho izakhamuzi zombuso kaNimrode kamuva zisakazekela emhlabeni wonke, abantu baqhubeka bethatha ngokuthi ohulumeni babo babengokwasezulwini, okuwukuthi, babethola igunya kunkulunkulu noma konkulunkulu ababebakhulekela. (Genesise 11:1-9) IEncyclopedia of Religion ithi ngaleyondlela igama elithi “ukubusa okungokwasezulwini” laqala ukusetshenziswa, “ukuze lichaze lesosici sokuqala sempucuko yasendulo yasempumalanga okwakungekho kuyo umehluko phakathi kwenkolo nombuso.”

Kwezinye izimiso zempucuko, njengeGibithe ngaphansi koFaro, kwakukholelwa ukuthi inkosi ingumyeni kankulunkulukazi omkhulu noma iyindodana kankulunkulu. Ezinye izimiso zempucuko azishongo lutho ngezimfanelo zenkosi noma uhlu lozalo okwakucatshangwa ukuthi okwaphezulu, kunalokho zigcizelela umqondo wokuba kwakhe okhethwe ngokwaphezulu. EGrisi lesikhathi sika-Alexander nangemva kwaso, inkosi yayibhekwa njengengokwaphezulu, kuchaza incwadi ethi A History of Political Theory, “ngoba yayiletha ukuzwana embusweni wayo njengoba uNkulunkulu eletha ukuzwana emhlabeni.” Lencwadi yomlando iyaqhubeka: “Yayinemfanelo yobunkulunkulu umuntu ovamile ayengenayo futhi eyayibhubhisa abagabadeli ababefuna lesikhundla esiphakeme ngaphandle kwesibusiso saseZulwini.”

Lomqondo wokuthi inkosi ingokwaphezulu wadlulela enkathini okuthiwa eyobuKristu. Ngemva kokuba izizwe zamaTeuton ziguqulelwe ebuKatolikeni, isikhundla senkosi sakhula. Ukuthweswa umqhele isonto kwabonisa ukuthi uNkulunkulu ngokwakhe wayekhethe inkosi ukuba ibuse. Kulesizinda, imfundiso eyaziwa ngokuthi ilungelo laphezulu lamakhosi yaqala kancane kancane.

Ngisho nangaphambi kwenkathi “yobuKristu,” oKesari baseRoma babenikeze uhulumeni wabo ukubusa okungokwasezulwini mbumbulu ngokuzisholo ukuthi banobunkulunkulu. Ngokubona kwamaRoma, ukubusa komuntu kwakulingana nokubusa kukankulunkulu, kwenza uhulumeni wawo, ofana nokaNimrode, ube ukubusa okungokwasezulwini okuyinkohliso. Ngakho lapho abefundisi bamaJuda bekhulu lokuqala leminyaka C.E. benqaba uJesu njengeNkosi yesikhathi esizayo, bethi, “Asinankosi, uKesari kuphela,” eqinisweni, babezwakalisa ukukhetha ukubusa okungokwasezulwini mbumbulu kunokoqobo okwakumenyezelwa uJesu.—Johane 19:15.

Njengoba ukubusa okungokwasezulwini kukaJehova kuphakeme kakhulu kunalo lonke olunye uhlobo lokubusa, akumangalisi ukuthi uSathane uye wazama ukufaka ezinye zezici zakho kokwakhe ukubusa mbumbulu okwenziwe abantu—kodwa akaphumeleli. Konke lokhu kubusa okungokwasezulwini kokuzenzela kuye kwasilela kakhulu kokuyikho. Eqinisweni, akukho nokukodwa kwakho okuye kwaba ukubusa ngoNkulunkulu noma ngabameleli bakhe. Kuye kwaba izifanekiso ezintulayo zento engokoqobo, ukubonakaliswa kokubusa kwabantu abangaphelele ngaphansi kokulawula kukankulunkulu mbumbulu.

Ngokufanelekile, iBhayibheli libiza lonkulunkulu ngokuthi “umbusi walelizwe” nangokuthi “unkulunkulu walelizwe.” (Johane 12:31; 14:30; 2 Korinte 4:4) Lokhu kusho ukuthi umbusi wangempela ongunkulunkulu wazo zonke izimiso zezombangazwe zasemhlabeni uSathane. Yingakho akwazi ukuthembisa uJesu “imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo,” okuyisilingo uJesu asenqaba ngokuphelele. (Mathewu 4:8-10) Njengoba ayazi ukuthi ukubusa okungokwasezulwini kwangempela kuwukubusa kukaNkulunkulu oyedwa weqiniso, uJehova, uJesu akazange ayengelwe ekwamukeleni okunye ukubusa okwenziwe umuntu okungakwazi ukubonakalisa ngokulinganisela okuphelele izimfanelo zaphezulu ezitholakala entweni engokoqobo.

Uhulumeni Ophelele Useduze

Eminyakeni ethile edlule, uHugh Brogan waseYunivesithi yase-Essex waphetha: “Uma umuntu, isilwane sezombangazwe, kumelwe azisindise yena nezimpucuko zakhe, akakazukuphumula ekufuneni izinhlobo ezintsha zikahulumeni ukuze ahlangabezane nezidingo eziphakama njalo zezikhathi zakhe.” Kusukela osukwini lukaNimrode, abantu bebenza lokho kanye, besungula ngokuphindaphindiwe izinhlobo ezintsha zikahulumeni ukuze bahlangabezane nezidingo zalezozikhathi. Kodwa kudingeka isikhathi esingakanani ngempela ukuze kuboniswe ukuthi ukubusa komuntu kumane nje akusebenzi?

Ngokujabulisayo, ngo-1914 safika isikhathi sokuba ukuhlola okungenangqondo kohulumeni babantu kubekelwe inselele ngokumiswa koMbuso kaJehova wobuMesiya ezulwini!a Kusukela ngo-1914, ohulumeni babantu, nakuba besabambelele ekuphileni, bebephila esikhathini abasitshelekiwe. (Daniyeli 7:12) Siphila enkathini iBhayibheli eliyichaza ‘njengezinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Umbhalo osodongeni obikezela ukubhujiswa okuseduze kokubusa kwabantu usobala kangangokuthi akukho muntu ongewunake ngempela. Ungase unganakwa, kodwa awunakucishwa.

Ukubusa okungokwasezulwini ngoMbuso kaJehova wobuMesiya kumelelwa eBhayibhelini kuDaniyeli isahluko 2 yitshe ‘elaqheshulwa kungengazandla’ “lashaya isithombe [esifanekisela ukubusa kwabantu] ezinyaweni zaso eziyinsimbi nebumba, lazichoboza.” Lokhu kusho ukuthi uMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngokushesha uzophahlaza zonke izinhlobo zokubusa kwabantu ezimbi, uzichoboze. Ngokuphelele kangakanani? IBhayibheli liyaphendula: “Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba-njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga-ndawo.”—Daniyeli 2:34, 35.

Uma ohulumeni babantu abangalungile bezokhukhulwa ngokuphelele kangangokuthi kungabe kusasala nomkhonjwana wabo, kusobala ukuthi abameleli bokubusa kwabantu babhekane nezikhathi ezinzima. Izigidi zabantu, ziliqaphela leliqiniso, zibona ukuhlakanipha kokususa ithemba lazo ekubuseni kwabantu okonakele zilibeke kokuthile okungcono. Ukubusa kukaJehova uNkulunkulu kuphela, uMdali wendawo yonke, okungaxazulula izinkinga ezabangelwa izinkulungwane zeminyaka yokubusa nokuphatha kabi kwabantu. Ukubusa okungokwasezulwini kweqiniso kuphela okungahlangabezana nezidingo zezikhathi zethu.

IPhaphama! ithemba ukuthi uchungechunge lwezingxenye eziyishumi ezithi “Ukubusa Kwabantu Kubekwe Esilinganisweni” luye lwagcizelela kuwe ukubaluleka kokwenza isinqumo somuntu siqu kulendaba kahulumeni. Futhi ngaphezu kwakho konke kwethenjwa ukuthi luyokusiza ukuba wenze isinqumo esihlakaniphile. Ukubusa komuntu kuye kwabekwa esilinganisweni futhi kwatholakala kuntula. Yini oyoyikhetha? Ingabe kuyoba yinto mbumbulu eshibhile noma into engokoqobo? Ingabe kuyoba ukubusa kwabantu noma ukubusa kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova!—Daniyeli 2:44; Mathewu 6:10.

[Imibhalo yaphansi]

a Ukuze uthole ubufakazi bokuthi uMbuso kaNkulunkulu wamiswa ngo-1914 nokuthi lelizwe belisezinsukwini zalo zokugcina kusukela ngalesosikhathi, bheka izahluko 16 no-18 zencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyakhishwa ngo-1982 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

[Ibhokisi ekhasini 22]

Lokho Ukubusa Okungokwasezulwini KukaJehova Okuyokwenza

◆ Ukubuyisela abantu asebegugile abangasena- mandla ebungqabavwini bobusha.—Jobe 33:25.

◆ Ukwenza izimpi zibe into yesikhathi esidlule.—IHubo 46:9; Isaya 9:7.

◆ Ukunikeza yonke imikhaya izindlu ezinhle ngokukhethekile.—Isaya 65:21.

◆ Ukuphulukisa abagulayo nabakhubazekile.—Isaya 33:24; 35:5, 6.

◆ Ukuvusa abafileyo.—Isaya 25:8; IzEnzo 24:15; IsAmbulo 20:13.

◆ Ukuqeda ukonakala, ukuziphatha okubi, nobugebengu emhlabeni.—IzAga 2:21, 22.

◆ Ukulungiselela bonke inala yokudla.—IHubo 72:16; Isaya 25:6.

◆ Ukubuyisela ubuhlobo obunokuthula phakathi kwabantu nezilwane.—Isaya 11:6-9; Hezekeli 34:25.

◆ Ukwabela bonke umsebenzi onengqondo novuzayo.—Isaya 65:22, 23.

◆ Ukuguqula umhlaba ube ipharadesi lembulunga yonke.—Isaya 35:1, 6, 7; Luka 23:43.

Lezi akuzona izithembiso zezombangazwe eziyize ezenziwa ngabantu; ziyizithembiso ezenziwa uNkulunkulu, futhi ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’—Heberu 6:18.

[Isithombe ekhasini 24]

Izibusiso zaphakade zikahulumeni ophelele zingaba ezakho!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela