Kufanele Yini Ngiboleke Imali Kumzalwane?
UTHUNJANA kaSimon uyagula futhi udinga ukwelashwa ngokuphuthumayo. Kodwa uSimon umpofu kakhulu ngakho akanayo imali yokukuthola. Angenzenjani? UmKristu okanye naye okuthiwa uMichael usesimweni esingcono kakhulu kunesakhe ngokwezimali. Mhlawumbe uMichael angamboleka imali. Nokho, enhliziyweni yakhe, uSimon uyazi ukuthi cishe ngeke akwazi ukukhokha leyo mali ayibolekiwe.a
Lapho uSimon eya kuye, uMichael uba senkingeni. Uyaqaphela ukuthi kunesidingo sangempela kodwa usola ukuthi uSimon ngeke akwazi ukumkhokhela leyo mali ngenxa yobunzima anabo ekondleni nje umkhaya wakhe. Kufanele enze njani uMichael?
Emazweni amaningi, abantu bangalahlekelwa okokuziphilisa kungazelelwe futhi bazithole bengasenamali noma bengenamshuwalense wokuhlangabezana nezindleko zezokwelapha. Bangase bangakwazi ukuthola imali yokubolekisa emabhange noma ingase imb’eqolo. Lapho kuphakama isimo esiphuthumayo, ukuphela kwekhambi kungase kubonakale kuwukuboleka imali. Nokho, ngaphambi kokuboleka imali, kunezinto ezithile ezibalulekile okufanele zicatshangelwe.
Bala Izindleko
ImiBhalo inikeza kokubili umbolekisi nomboleki iziqondiso. Ngokulalela lesi seluleko, singagwema ukungezwani okuningi nokulimazana ngokomzwelo.
Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisikhumbuza ukuthi akufanele siyithathe kalula indaba yokuboleka imali. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu aseRoma: “Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana; ngoba lowo othanda omunye umuntu uwugcwalisile umthetho.” (Roma 13:8) Ukuphela kwento umKristu okutuseka ukuba ayikwelete abanye uthando. Ngakho, singase siqale ngokuzibuza, ‘Ingabe kuyadingeka ngempela ukuba ngiboleke le mali?’
Uma impendulo inguyebo, khona-ke kuwukuhlakanipha ukucabangela imiphumela yokungena esikweletini. UJesu Kristu wabonisa ukuthi izinqumo ezibalulekile zidinga ukucatshangisiswa nokuhlelwa. Wabuza abafundi bakhe: “Ubani kini ofuna ukwakha umbhoshongo ongahlali phansi kuqala futhi abale izindleko, ukuze abone ukuthi unakho yini okwanele ukuba awuqede?” (Luka 14:28) Lesi simiso siyasebenza lapho sicabangela ukuthi singayiboleka yini imali kumzalwane. Ukubala izindleko zemali yokubolekwa kusho ukubala ukuthi sizoyikhokha kanjani futhi nini.
Umbolekisi unelungelo lokwazi ukuthi izokhokhwa kanjani futhi nini imali ebolekwayo. Ngokucabangela izinto ngokucophelela, siyokwazi ukumnika izimpendulo eziqondile. Ingabe sesizibalile izindleko zokukhokha imali ebolekiwe phakathi nesikhathi esifanelekile? Yiqiniso, kungase kube lula ukutshela umzalwane: “Ngizokukhokhela ngokushesha ngangokunokwenzeka. Uyazi ukuthi ungangethemba.” Kodwa ingabe akufanele sizisingathe ngendlela ebonisa ukuba onokwethenjelwa kakhudlwana izindaba ezinjalo? Kumelwe sizimisele zisuka nje ukukhokha imali esiyibolekayo, ngoba yilokho uJehova afuna sikwenze. IHubo 37:21 lithi: “Omubi uyatsheleka, angabuyiseli.”
Ngokubala ukuthi sizoyikhokha kanjani futhi nini imali esiyibolekayo, sizikhumbuza ngokubaluleka kokuzibopha esikwenzayo. Lokhu kunciphisa ithuba lokuba senze isikweletu ngokungadingekile. Uma singakugwema ukungena esikweletini, siyozuza. IzAga 22:7 ziyaxwayisa: “Obolekayo uyisigqila somtshelekileyo.” Ngisho nalapho umbolekisi nomboleki bengabazalwane, imali ebolekiwe ingase ithinte ubuhlobo babo, okungenani ngezinga elithile. Ukungezwani okubangelwa imali ebolekiwe kuye kwaphazamisa ngisho nokuthula kwamanye amabandla.
Chaza Ukuthi Kungani Imali Idingeka
Umbolekisi unelungelo lokwazi ngokuyisisekelo ukuthi sizoyisebenzisa kanjani imali esiyibolekayo. Ngaphandle kwale mali esiyibolekayo, ingabe kunemali esiyiboleke nakwabanye? Uma kunjalo, kufanele sikwenze kucace lokhu, ngoba kuyawathinta amandla ethu okukhokha imali esiyibolekayo.
Kubaluleke ngokukhethekile ukuhlukanisa phakathi kwemali ebolekelwa ibhizinisi naleyo edingekayo ukuze kuhlangatshezwane nesimo esithile esiphuthumayo. Umzalwane akabophekile ngokomBhalo ukubolekisa ngemali ezosetshenziselwa ibhizinisi, kodwa cishe uyozizwa ethambekele ekusizeni uma, nakuba omunye umzalwane engenzanga lutho olungafanele, kodwa ezithola ehluleka ukukhokhela izidingo eziyisisekelo njengokudla, izembatho noma izindleko zezokwelapha ezibalulekile. Ukuba ngoqondile nokhuluma iqiniso kulezi zindaba kuyosiza ekugwemeni ukungezwani.—Efesu 4:25.
Bhalani Phansi
Isivumelwano esibhalwe phansi siyisinyathelo esibalulekile uma sifuna ukugwema ukungezwani ngesikhathi esizayo. Kulula ukukhohlwa imininingwane ethile yesivumelwano uma ingabhaliwe phansi. Kudingeka sibhale phansi isamba semali ebolekwayo nokuthi izokhokhwa nini. Kuyatuseka ukuba bobabili umboleki nombolekisi basisayine leso sivumelwano futhi ngamunye agcine ikhophi yakhe. IBhayibheli libonisa ukuthi izindaba zezimali kufanele zibhalwe phansi. Ngaphambi nje kokuba abaseBabiloni babhubhise iJerusalema, uJehova watshela uJeremiya ukuba athenge isiqinti sendawo kwesinye sezihlobo zakhe. Singazuza ekubukezeni inqubo eyalandelwa.
UJeremiya wathi: “Ngayithenga insimu eseAnathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva. Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso. Ngayithatha incwadi yokuthenga, enamathelisiweyo enemithetho nezimiso, nevulekileyo, nganikela incwadi yokuthenga kuBaruki indodana kaNeriya kaMahaseya ngaphambi kukaHanameli indodana kababekazi naphambi kwawofakazi ababelobé incwadi yokuthenga naphambi kwabo bonke abaJuda ababehlala egcekeni letilongo.” (Jeremiya 32:9-12) Nakuba lesi sibonelo sihilela ukuthenga hhayi ukuboleka imali, sibonisa ukubaluleka kokusingatha izindaba ezihilela imali ngendlela ecacile neqondile.—Bheka INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-May 1, 1973, amakhasi 287-8.
Uma kuphakama izinkinga, amaKristu kufanele azame ukuzixazulula ngokuvumelana neseluleko sikaJesu esilotshwe kuMathewu 18:15-17. Kodwa umdala othile oye wazama ukusiza ezindabeni ezinjalo uyaphawula: “Cishe kuzo zonke izimo, kwakungekho sivumelwano esibhaliwe. Ngenxa yalokho, abantu abahilelekile babengaqondananga ngokucacile ngokuphathelene nokuthi imali ebolekwayo yayiyokhokhwa kanjani. Ngikholisekile ukuthi ukubhala phansi lezi zindaba kuwuphawu lothando, hhayi lokungathembani.”
Lapho sesenze isivumelwano, ngokuqinisekile kufanele sisebenzele ukwenza ngokuvumelana nalokho esikushilo. UJesu wanxusa: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, uCha; ngoba okweqa kulokhu kuvela komubi.” (Mathewu 5:37) Uma inkinga ethile engalindelekile isivimbela ukuba sikhokhe imali esiyibolekile ngesikhathi esimisiwe, kufanele simchazele ngokushesha umbolekisi. Mhlawumbe uyosivumela ukuba sikhokhe imali esiyibolekile kancane kancane phakathi nesikhathi esithe ukuba side.
Nokho, izimo ezingezinhle azisenzi sikhululeke emithwalweni yethu. Umuntu owesaba uJehova wenza okusemandleni akhe ukuba enze ngokuvumelana nalokho akushilo. (IHubo 15:4) Nakuba izinto zingase zingahambi ngendlela ebesilindele ngayo, kufanele sizimisele ukudela okuthile ukuze sikhokhe izikweletu zethu, njengoba lokho kuwumthwalo wethu wobuKristu.
Yiba Oqaphile Ngokuphathelene Nokubolekisa Ngemali
Yiqiniso, akuyena kuphela umboleki okudingeka acabange ngokucophelela ngale ndaba. Umzalwane okubolekwa kuye imali naye kufanele abale izindleko. Ngaphambi kokubolekisa ngemali, senza ngokuhlakanipha uma sizinika isikhathi sokuyicabangela ngokucophelela le ndaba futhi sibhekane namaqiniso njengoba enjalo. IBhayibheli lisinxusa ukuba siqaphele lapho lithi: “Ungabi-ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu.”—IzAga 22:26.
Ngaphambi kokuzibopha, cabangela lokho okungase kwenzeke uma umzalwane ehluleka ukukukhokhela. Ingabe nawe uyobe usuba nezinkinga ezinkulu ezingokwezimali? Ngisho noma umzalwane engase abe nezisusa ezinhle, izimo zingashintsha noma indlela abale ngayo ingase ibe nephutha. UJakobe 4:14 uyasikhumbuza sonke: “Anazi ukuthi ukuphila kwenu kuyoba yini kusasa. Ngoba niyinkungu ebonakala isikhathi esincane bese inyamalala.”—Qhathanisa nomShumayeli 9:11.
Ikakhulukazi endabeni yemali ebolekelwa ibhizinisi, kuyoba ukuhlakanipha ukucabangela idumela lalowo obolekayo. Ingabe waziwa njengothembekile nonokwethenjelwa, noma ingabe uyashiyeka ekusingatheni izindaba zebhizinisi? Ingabe uthambekele ekubeni ahambe eboleka imali kubantu abahlukahlukene ebandleni? Kuwukuhlakanipha ukukhumbula la mazwi: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.”—IzAga 14:15.
Ngezinye izikhathi, ukuboleka imali kungase kungabi into ezuzisayo ngisho nakobolekayo. Kulula ukuba kube umthwalo kuye, kumlahlekisele injabulo. Ingabe sifuna lowo mzalwane abe “inceku” yethu? Ingabe imali ebolekwayo ingase ithinte ubuhlobo bethu, ibangele ukunganambithisisani noma ngisho nokuhlazeka lapho ehluleka ukuyikhokha?
Uma kunesidingo sangempela, ingabe singakucabangela ukupha kunokubolekisa, ngisho noma leyo mali ingase ibe ncane? ImiBhalo isikhuthaza ukuba sibe nesihe lapho sibona umfowethu eswele. Umhubi wahuba: “Olungileyo unesihawu, aphane.” (IHubo 37:21) Uthando kufanele lusishukumisele ukuba senze esingakwenza ukuze sinikeze usizo oluzuzisayo kubafowethu abaswele.—Jakobe 2:15, 16.
Zicabangele Ngokucophelela Izinyathelo Ozithathayo
Njengoba izimali ezibolekiwe zingaba umthombo wokungezwani, singase sizibheke njengento yokugcina esingayenza, hhayi into elula esingayikhetha. Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, umboleki kufanele abe ngoqondile lapho ekhuluma nombolekisi, abhale phansi ukuthi izokhokhwa kanjani futhi nini imali ebolekwayo. Futhi lapho kunobunzima bangempela, ukupha kungase kube ikhambi elingcono kakhulu.
UMichael akazange amboleke uSimon imali ayeyiboleka. Kunalokho, uMichael wamupha imali encane kunaleyo abeyiboleka. USimon walwazisa usizo olunjalo lokukhokhela ukwelashwa kwengane yakhe. Futhi uMichael wajabula ngoba wakwazi ukubonisa uthando lobuzalwane ngendlela ewusizo. (IzAga 14:21; IzEnzo 20:35) Bobabili uMichael noSimon babheke phambili esikhathini lapho, ngaphansi kokubusa koMbuso, uKristu ‘eyokhulula ompofu ozikhalela kuye’ futhi eyobe engekho othi, “ngiyagula.” (IHubo 72:12; Isaya 33:24) Kuze kube yileso sikhathi, masicabangele izinyathelo zethu ngokucophelela uma sizizwa siphoqelekile ukuba siboleke imali kumzalwane.
[Umbhalo waphansi]
a Kusetshenziswe amanye amagama lapha.
[Isithombe ekhasini 25]
Ukubhala phansi izivumelwano zemali ebolekwayo kuwuphawu lothando, hhayi lokungathembani