Ukubolekisa Ngemali KumaKristu Esikanye Nawo
UPEDRO noCarlos babengabangane abakhulu.a Bobabili babengamaKristu, futhi imikhaya yabo bobabili yayivame ukujabulela ubungane obufudumele ndawonye. Ngakho lapho uCarlos edinga imali ayezoyisebenzisa ebhizinisini lakhe, uPedro akazange anqikaze ukuba amboleke. “Njengoba sasingabangane abakhulu,” kuchaza uPedro, “Kwakungangikhathazi.”
Nokho, ezinyangeni ezimbili nje kamuva ibhizinisi likaCarlos lawa, futhi wayeka ukukhokha. Kwammangalisa uPedro ukuthola ukuthi uCarlos wayesebenzise eningi yaleyomali ayeyibolekile ekukhokheni izikweletu ezingahlangene nebhizinisi nokuxhasa ngezimali indlela yokuphila esaphazayo. Ngisho nangemva kwesikhathi esingangonyaka sokumhambela nokumbhalela izincwadi lendaba ayizange ixazululeke ngendlela emanelisayo uPedro. Ngenxa yokukhungatheka, uPedro waya kwabomthetho futhi wenza ukuba uCarlos—umngane wakhe nomfowabo ongumKristu—agqunywe ejele.b Ingabe lena kwakuyinkambo efanele okwakumelwe ayithathe? Sizobona.
Ukungavumelani nokungezwani ngezimali ezibolekiswayo kuvame ukuba yimbangela yobungane obulimele phakathi kwabantu emhlabeni wonke. Ngezinye izikhathi kungaze kube nayimbangela yokungavumelani phakathi kwabantu abangamaKristu. Emazweni amaningi kunzima ukuthola izimali ezibolekiswa amabhange, ngakho kuyinto evamile ukuba abantu abadinga ukuxhaswa ngokwezimali bakhulume nabangane nezihlobo. Nokho, okuhlangenwe nakho okudabukisayo kukaPedro noCarlos kubonisa ukuthi uma izimiso zeBhayibheli zingalandelwa ngokucophelela ngobolekayo nobolekisayo, kungase kuphakame izinkinga ezingathi sína. Khona-ke, iyiphi indlela efanele yokusingatha isicelo semali ebolekwa ngumKristu esikanye naye?
Ukubala Izindleko Zokuboleka
IBhayibheli alikukhuthazi ukuboleka okungadingekile. “Ningabi-nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana,” kunxusa umphostoli uPawulu. (Roma 13:8) Ngakho ngaphambi kokwenza isikweletu, bala izindleko zokwenza kanjalo. (Qhathanisa noLuka 14:28.) Ingabe sikhona ngempela isidingo sokuboleka imali? Ingabe kuyindaba yokulondoloza indlela yakho yokuziphilisa ukuze unakekele umkhaya wakho? (1 Thimothewu 5:8) Noma ingabe kuhileleke ukuhaha okuthile—mhlawumbe isifiso sokuphila ngokunethezeka ngokwengeziwe?—1 Thimothewu 6:9, 10.
Esinye isici esibalulekile siwukuthi ukwenza isikweletu kuzokuphoqelela yini ukuba usebenze amahora amaningi ngokwengeziwe futhi mhlawumbe udebesele imihlangano nenkonzo yasensimini. Futhi, ingabe ngempela ungabhekana nokufaka imali yomunye umuntu engozini? Kuthiwani uma lelobhizinisi liwa noma lowomsebenzi uphela? Khumbula, “omubi uyatsheleka, angabuyiseli.”—IHubo 37:21.
‘Ukukhuluma Iqiniso’ Kubabolekisi
Ngemva kokucabangela izici ezinjalo, ungase uqhubeke unomuzwa wokuthi imali ebolekiswayo yebhizinisi iyadingeka. Uma ingenakutholakala ngezindlela ezivamile, akukhona ngempela okungalungile ukuya kumKristu okanye naye, ngoba kuyinto evamile ukuphendukela kubangane ngesikhathi sokuswela, njengoba uJesu asho kuLuka 11:5. Nokho umuntu kufanele aqikelele ukuthi ‘ukhuluma iqiniso.’ (Efesu 4:25) Wachaze ngokwethembeka wonke amaphuzu ahilelekile—kuhlanganise nezingozi, ngisho nalezo ezingase zibonakale zikude. Futhi ungacasuki uma lowo ozokuboleka imali ebuza imibuzo eminingi engagwegwesi ukuze aqiniseke ukuthi uthola umbono oqondile.c
Ingabe bekuyoba ukukhuluma iqiniso ukuboleka imali ngenxa yesizathu esithile bese uyisebenzisela esinye? Lutho neze. Umnikazi webhange waseLatin America uyachaza: “Ibhange beliyoyivala imali obusazoyithola, futhi uma ungayikhokhi ngokushesha leyo ebisingakuwe, beliyofuna imvume yenkantolo ukuze likuphuce impahla yakho.” Uma kubolekwa imali ngoba kucatshangwa ukuthi iyokwandisa inzuzo yebhizinisi, ukuyisebenzisela enye injongo empeleni kuqeda ukuqiniseka kwalowo obolekisile ngokuqondene nokuthi imali ebolekiwe iyophinde ikhokhwe. Yiqiniso, ungase ungakwesabi ukukhokhiswa umthetho lapho uboleka kumKristu okanye naye. Nokho, “obolekayo uyisigqila somtshelekileyo,” futhi unesibopho sokuba uthembeke kuye.—IzAga 22:7.
Ukusebenzisa Umthetho Wegolide Ebhizinisini
UJesu wathi: “Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo.” (Mathewu 7:12) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba lomthetho usebenze lapho singenela ibhizinisi nesikholwa kanye naye! Ngokwesibonelo, ubuyosabela kanjani uma umzalwane ebesenqaba isicelo sakho sokuba akuboleke imali? Ingabe ubuyoba nomuzwa wokuthi ubonile ubungane benu? Noma ingabe ubuyolihlonipha ilungelo lakhe lokwenqaba isicelo sakho, uqaphela ukuthi kungenzeka uyidinga kakhulu imali yakhe noma ubona amathuba okungena engozini ebucayi kakhulu kunokuba wena uwabona? Angase alingabaze ngobuqotho ikhono lakho lokusebenzisa imali ngokuphumelelayo. Esimweni esinjalo, ukwenqaba kwakhe kungaba okusebenzayo nokunothando kakhulu.—IzAga 27:6.
Uma umngane evuma ukukuboleka imali, imininingwane kufanele ibhalwe phansi, kuhlanganise nenani lemali ebolekiwe, lokho lemali ezosetshenziselwa khona, izinto onazo eziyisibambiso semali ebolekwayo, nokuthi iyokhokhwa kanjani futhi nini. Kwezinye izimo kuba ukuhlakanipha nokuba kubhalwe isivumelwano noma sihlolwe ummeli bese sigcinwa kwabomthetho. Okungenani, uma nje sekusayinwe isivumelwano, “izwi lenu malibe-ngelokuthi: Yebo, yebo; qhabo, qhabo.” (Mathewu 5:37) Ungawuthathi kalula umusa womngane wakho ngokwehluleka ukufeza isibopho onaso kuye ngobuqotho njengoba ubuyokwenza uma unesibopho nebhange.
Ababolekisi Abaqaphile
Kuthiwani uma othile eza kuwe ezoboleka imali? Okuningi kuyoxhomeka ezimweni ezihilelekile. Ngokwesibonelo, umzalwane ongumKristu, nakuba kungelona iphutha lakhe, angase azithole engasenamali. Uma unamandla okukwenza, uthando lobuKristu luyokushukumisela ukuba ‘umuphe lokho okudingwa ngumzimba.’—Jakobe 2:15, 16.
Yeka indlela obekuyoba ukungabonisi uthando ngayo ukukusebenzisa kabi ukuhlupheka komzalwane ngokufuna inzalo esimweni esinjalo! UJesu wanxusa: “Thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke [ningafuni inzalo, ningethembi ukuthi nizothola imbuyiselo, NW].”—Luka 6:35; qhathanisa noLevitikusi 25:35-38.
Kuthiwani-ke, uma ucelwa nje ukuba uxhase ngokwezimali umsebenzi othile webhizinisi noma unikeze isibambiso semali ebolekiswayo? Ngokuvamile, izinto ezinjalo zithathwa njengokuzibekelela ngokwezimali. IBhayibheli ngokucacile likhuthaza ukuqapha, lapho linxusa: “Ungabi-ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu.”—IzAga 22:26.
Uma isimo sinjalo, kumelwe kuqala unqume ukuthi ungabhekana ngempela yini nokuzibekelela ngokwezimali. Ingabe kuzokubangela ukuba ungabi namali uma lelobhizinisi liwa noma uma obolekile engasakwazi ukuyikhokha ngesikhathi imali ayibolekile? Uma ungase ukwazi ukubolekisa ngemali futhi kuzokwenziwa inzuzo, nawe unalo nelungelo lokuba nengxenye kuyo ngokufuna inzalo esesilinganisweni ngemali yakho oyibolekisile. (Qhathanisa noLuka 19:22, 23.) IzAga 14:15 ziyaxwayisa: “Ongenalwazi uyakholwa ngamazwi onke, kepha oqondileyo uyaqaphela ukunyathela kwakhe.” Abanye osomabhizinisi ngokuvamile abenza ngokuhlakanipha baye benza izinto budedengu lapho bengenela ibhizinisi namaKristu abakanye nawo. Ukuyenga kwenkokhelo yenzalo eningi kuye kwadonsela abanye ekuzibekeleleni ngokwezimali kokunganaki abaye balahlekelwa kukho yikho kokubili imali yabo kanye nobungane babo namaKristu abakanye nawo.
Ngokuthakazelisayo, abanikazi bamabhange bavame ukucabangela izici ezintathu ukuze babone ukuthi ukubolekisa ngemali kungaba yingozi kangakanani: (1) uhlobo lomuntu ocela imali ebolekiswayo, (2) amandla anawo okukhokha, (3) nezimo ezikhona ebhizinisini aliqhubayo. Ingabe bekungeke yini kubonise “ukuhlakanipha [okusebenzayo, NW]” ukuhlola izimo ngendlela efanayo lapho ucabangela ukuboleka othile imali yakho oyithole kanzima?—IzAga 3:21.
Ngokwesibonelo, linjani idumela lomzalwane ocela imali? Ingabe waziwa njengonokwethenjelwa noma njengobudedengu noguquguqukayo? (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 3:7.) Uma efuna ukwandisa ibhizinisi lakhe, ingabe uye wakwazi ukuliphatha ngokuphumelelayo kwaze kwaba kuleliqophelo? (Luka 16:10) Uma kungenjalo, usizo olusebenzisekayo ekuphatheni imali yakhe lungase lube usizo kakhulu ngemva kwesikhathi kunokumboleka imali engase ingasetshenziswa kahle.
Esinye isici kungaba amandla lomzalwane anawo okukhokha. Uhola malini? Unezikweletu ezingakanani? Kungokunengqondo ukuba angakufihleli lutho. Nokho, uthando lobuKristu kumelwe lube lukhona. Ngokwesibonelo, ungase ufune isibambiso semali ebolekiwe ngempahla engathengiswa yalowomzalwane. UMthetho kaMose wawukulahla ukuphuca umuntu indlela yakhe yokuziphilisa noma izinto eziyisisekelo anazo ukuze zibe isibambiso semali ebolekiwe. (Duteronomi 24:6, 10-12) Ngakho, umzalwane waseNingizimu Melika ongusomabhizinisi uthi uyobolekisa kuphela inani elifinyelela engxenyeni yenani lezinto ezingathengiswa zalowomzalwane. “Futhi izinto asebenza ngazo noma indlu yakhe angikuthathi njengempahla engathengiswa,” echaza. “Ngokuqinisekile angithandi ukwenza umfowethu alale emgwaqweni ngokuthi ngimphuce indlu yakhe ukuze ngibuyise imali yami.”
Okokugcina, kufanele ucabangele ngendlela engokoqobo izimo ezivamile zamabhizinisi zalapho ohlala khona. Siphila “ezinsukwini zokugcina,” phakathi nazo abantu ‘bengabathandi bemali, nabakhapheli.’ (2 Thimothewu 3:1-4) Nakuba umngane wakho nomfowenu engase athembeke, abambisene nabo, asebenza nabo, namakhasimende akhe bangase bangathembeki. NjengomKristu, ngeke aphendukele ekufumbathiseni nasekuqambeni amanga—amasu angase asetshenziswe ngabancintisana kanye naye ukuze bazuze. Okunye okumelwe kucatshangelwe ngumphumela oyinhlekelele ‘wesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Inani lezinto ezithengiswayo lingehla ngokuzumayo. Ukwehla kwamandla emali okungalawuleki kungaliwisa ibhizinisi noma kwenze ukuba angakwazi ukukhokhela noma yini ngemali ayibolekile. Ukweba, izingozi, ukucekela phansi, nokulimala nakho kuyizinto ezingajabulisi ezingokoqobo ebhizinisini. Kufanele ucabangele zonke lezizici ekwenzeni isinqumo sakho.
Ukwehluleka
Ngezinye izikhathi, naphezu kwazo zonke izinyathelo zokuqapha, umKristu umane angakwazi ukukhokha imali ayibolekile. UMthetho Wegolide kufanele umshukumisele ukuba athintane njalo nalowomuntu amkweletayo. Mhlawumbe ukukhokha kancane kancane kungenzeka okwalesosikhathi. Nokho, umKristu akufanele abe nomuzwa wokuthi ukukhokha kokugcina icala kuyamkhulula ekwenzeni ukuzidela kwangempela kokuba afeze izibopho zakhe. (IHubo 15:4) Okweletwayo ongumKristu naye unesibopho sokubonisa uthando. Uma enomuzwa wokuthi uye wakhohliswa, angase asebenzise iseluleko esikuMathewu 18:15-17.
Ukuhilela iziphathi-mandla zezwe, njengoba kwenza uPedro endabeni okukhulunywe ngayo ekuqaleni, akutuswa njalo. Umphostoli uPawulu uthi: “Ukhona yini umuntu kini, uma enendaba nomunye, onesibindi sokumangala kwabangalungile, kungabi-kwabangcwele, na? . . . Kunjalo kanti: akukho namunye phakathi kwenu ohlakaniphileyo onganquma phakathi kwabazalwane bakhe na? Kodwa umzalwane umangalela umzalwane, nalokhu akwenze phambi kwabangakholwayo na? Nempela nakalokhu sekuyisici esikini ukuba nimangalelane. Yini ukuba ningavumi nakanye ukoniwa? Yini ukuba ningavumi nakanye ukuphangwa na?”—1 Korinte 6:1-7.
Kungase kube khona izimo ezithile—njengezihilela abantu obambisene nabo abangakholwa, abantu bezwe othenga kubo, noma izindaba eziphathelene nomshuwalense—ezibonakala zidinga ukuxazululwa enkantolo yezwe noma yinxusa likahulumeni. Kodwa ezimweni eziningi, umKristu ubeyomane abhekane nokulahlekelwa ngokwezimali kunokuba abeke ibandla ehlazweni ebeliyolethwa ukumangalela umzalwane ngemali ayibolekile angasenakuyikhokha.
Ezimweni eziningi imiphumela enjalo esabekayo ingagwenywa. Kanjani? Ngaphambi kokuboleka umzalwane imali noma ukuyiboleka kuye, qaphela izingozi ezingaba khona. Bonisa ukuqapha nokuhlakanipha. Ngaphezu kwalokho, “konke enikwenzayo,” kuhlanganise nezindaba zebhizinisi, “akwenziwe ngothando.”—1 Korinte 16:14.
[Imibhalo yaphansi]
a Amagama ashintshiwe.
b Kwamanye amazwe ukungabi namali nokwehluleka ukukhokha imali ebolekiwe namanje ngokuvamile kusabangela ukuboshwa.
c Abanye baye baboleka izimali ezincane kubabolekisi abaningi. Umuntu obolekisayo ngamunye, ngenxa yokungawatholi wonke amaqiniso aso sonke isimo, angase acabange ukuthi obolekayo uyomane nje akwazi ukukhokha.