UmJesuit Uthola Iqiniso
Njengoba ilandiswa nguJulio Iniesta García
LIKUKHUMBUZANI igama elithi “Jesuit”? Kubantu abaningi libanga ukusabela okusheshayo, okusuka enhloniphweni ejulile kuya ekucasukeni okuphelele. KumKatolika nje ovamile liyafana neqembu eliqeqeshwe kakhulu labapristi nezithunywa zevangeli ezifundisayo. Ngabaningi abangewona amaKatolika incazelo ileyo enikezwa ezinye izichazamazwi: “Okhuluma inkulumo ekabili ngenhloso yokukhohlisa.”
Kwaze kwaba uNovember 1977 ngingumpristi ogcotshiwe weNhlangano kaJesu noma yamaJesuit, njengoba baziwa kanjalo ngokuvamile. Khona-ke ngayeka. Mhlawumbe ungathanda ukwazi ukuthi kungani ngaba um Jesuit nokuthi yini eyangenza ngalahla ubupristi emva kweminyaka engamashumi amabili nanhlanu.
Ukuphila Kwangaphambili ESpain YamaKatolika
Ngazalwa entwasahlobo ka-1918, ngingowesithathu emkhayeni wabantwana abayishumi. Ubaba wayenendlu yokudlela nokuphuzela, ibizwa ngokuthi iNigeria, eMurcia eningizimu-mpumalanga neSpain. Cishe njenganoma imuphi umuntu waseSpain wangaleso sikhathi, ngathola imfundo evamile yenkolo yamaKatolika, kanye nokuya eMiseni ngeSonto, ukuvuma izono njalo ngoLwesihlanu, njalonjalo.
Njengomuntu omusha, nganginganelisekile ngokomoya futhi nganginesifiso esinamandla sokukhonza uNkulunkulu nomakhelwane wami. Khona-ke nganquma ukuhlanganyela neBandla laseMirianist, eMurcia. Leli kwakuyiqembu labantu abasha, ikakhulukazi kungabafundi baseYunivesithi nasezikoleni eziphakeme, ngaphansi kokuqondisa kwamaJesuit. Ngokuhamba kwesikhathi ngamiswa njengomkhulumeli wezimishini futhi ngaqala ukuzwa isifiso esinamandla sokukhonza njengesithunywa sevangeli esingumKatolika. Ngokushesha ngemva kwalokho, okuhlangenwe nakho okubi kweMpi Yombango Yezakhamuzi zaseSpain, kwangiqinisekisa ngokwengeziwe ngesidingo sokukhonza uNkulunkulu nomakhelwane wami.
Ukuboshwa Ngezizathu Zikanembeza
Unyaka ka-1936 wafika futhi kanye nawo kwagqashuka iMpi Yombango Yezakhamuzi zaseSpain. Lapho ngineminyaka eyishumi nesishiyagalombili ubudala, ngabizwa ukuba ngivikele umbuso kimina owawungakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Njengoba ngangikubheka njengokungebona ubuntu ukuphakamisela abafowethu abangamaKatolika izikhali, ngakwenqaba ukusabela obizweni lwezempi. Ngenxa yalokho, ngaboshwa futhi kamuva ngagwetshwa iminyaka engamashumi amabili ngisebenza kanzima. Ngakho-ke, kulobobudala beminyaka eyishumi nesishiyagalombili ngabhekana nalokho okwakubonakala kuwukuboshwa okungenamkhawulo. Ngemva kwezinyangana ezimbalwa ngayiswa ekamu lokusebenza kanzima eSan Pablo de los Montes, esifundeni saseToledo, maphakathi neSpain.
Ngemva kokuba sengiqede izinyanga eziyishumi nesishiyagalombili lapho, ngibulawa indlala futhi ngisongelwa ngokufa njalo, amabutho kaFranco anqoba futhi sakhululwa. Ngokukhululeka okukhulu, ngaphindela ekhaya eMurcia.
Ngangihlupheke kakhulu futhi ngangiye ngababona abanye behlupheka, kodwa angizange ngilahlekelwe ukholo lwami kuNkulunkulu. Njengoba kunobubi obungaka emhlabeni, ngazizwa nginesifiso esikhulu ngokwengeziwe sokukhonza njengesithunywa sevangeli. Ngenxa yokubonana kwami namaJesuit, ngazibekela umgomo wokufanelekela ukwamukelwa kuleyoNhlangano. Lokhu kwakungelula ukukufinyelela. Imfundiso yokuziphatha yamaJesuit idinga izifungo zokulalela, ubumpofu nobumsulwa. Ngayamukela impilo yokungaganwa, ngisho nakuba nganginezifiso ezingokwemvelo zanoma imuphi umuntu omusha. Ngaphezu kwakho konke, ngangifuna ukukhonza uNkulunkulu futhi ngibe isithunywa sevangeli.
Ukuqeqeshwa Okunzima Kokuba UmJesuit
Ngo-1947 umfundisi ongumJesuit wangibeka phansi kokuvivinywa okuhlukahlukene kokulalela nokuthobeka, ukuze abone ukuthi ngingafaneleka yini njengomfundi omusha. Ngajabula kakhulu lapho ngimukelwa futhi ngingeniswa ekuphileni okunempatho eqinile kweNhlangano kaJesu. Ekugcineni, sengiyohlanganisa amashumi amathathu eminyaka, ngangisendleleni yokuba isithunywa sevangeli. Phambi kwami ngangiseneminyaka eyishumi nambili yokutadisha kanzima nokuhlolwa okunzima kokuziphatha.
Ngokwesibonelo, iminyaka yami yokuqala emibili yayihlanganisa izinsuku ezingamashumi amathathu zokusebenza umsebenzi ophansi, njengokukolobha phansi nokuhlanza izindlu zangasese. Ngikhumbula ngesinye isikhathi lapho ekugcineni ngase ngiqedile ukukolobha phansi futhi “umfowethu” weza ezohlola umsebenzi wami. Ukuze ahlole ukuthobeka kwami nokulalela, ngamabomu wachitha ibhakede lamanzi angcolile ukuze ngiqale phansi futhi ngikolobhe.
Ngachitha ezinye izinsuku ezingamashumi amathathu ngivakashela amadolobha nomunye owayengumfundi omusha futhi sazondla ngezipho esasizinikiwe. Esinye isikhathi sezinsuku ezingamashumi amathathu sahlukaniselwa ukusebenza esibhedlela, phakathi kwabantu abagula ngezifo ezithathelwanayo.
Ngo-1949 ngaqalisa izifundo ekholiji lobupristi eSan Cugat del Vallés, eBarcelona, naseBuenos Aires, eArgentina. Okwakuhlanganisiwe, kwakuyizifundo zefilosofi, ezengqondo, ezesayensi ngoNkulunkulu nenkolo, ezokuziphatha nobupristi. Phakathi nalesosikathi ngathola isabelo sami sokuqala sokuba isithunywa sevangeli, njengothisha eSan Calixtus School, La Paz, eBolivia.
Ekugcineni, ngineminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalolunye, lwafika usuku olwalukade lulindelwe lokugcotshwa kwami njengompristi wamaJesuit, ngoJuly 29, 1957. Khona-ke, phambi kombhishobhi ophethe isigodi, ngalala phansi eTheology Faculty Church, eSan Cugat del Vallés, njengophawu lokuzithoba nokulalela.
Ngaphindela eBolivia lapho ngakhetha ukusebenza phakathi kwabantu abampofu futhi ngabelwa njengompristi ophatha isifunda eUncía, indawo enemayini phezulu eziNtabeni iAndes. Kamuva ngakhonza eCochabamba njengompristi ophethe isifunda saseSanta Vera-Cruz. Umsebenzi wami wangihilela ekufundiseni futhi ngakwazi ukulekelela ekutholakaleni kwezikole ezincane eziyisikhombisa nezemfundo ephakeme zabantu abampofu. Ngo-1972 ngabuye ngashintshwa, manje ngashintshelwa edolobheni laseSucre nasesifundeni saseSan Miguel.
Ukungabaza Kwami Kokuqala
Kwakungenkathi ngisebenza ezifundeni zabantu abampofu eBolivia lapho ngaqala khona ukungabaza. Ekuqaleni lokhu kwakungaphathelene neSonto kodwa nabameleli balo. Ngokwesibonelo, inyanga ngayinye kwakumelwe ngidlulisele kumbhishobhi wasendaweni isilinganiso esithile somnikelo nemali eqoqwa emaMiseni akhethekile, imishado, imingcwabo, njalonjalo. Njengoba isifunda sami sasimpofu, ingxenye yombhishobhi yayingagculisi neze. Kwakungenyelisa kakhulu uma evula imvilophi ábese ethi ngokweyisa: “Ilolubadlana nje lomnikelo onginika lona?” Ngokusobala “amafadingi amabili” omfelokazi ayengelutho kuyena.—Luka 21:1-4.
Angithandanga ukufuna inkokhelo kubantu abangaphansi kwami ngenxa yezinkonzo ezingokwenkolo engangibanikeza zona, futhi lokhu kwaba isizathu sokungezwani. Ngangikuqonda kahle engangikufunde emaVangelini: “Namukeliswe ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Kodwa ngatshelwa, lesinyathelo sokuvukela sasingavunyelwe, “ukuze kungabandlululwa, izithakazelo zabanye abapristi” kwezinye izifunda.
Nokho okunye okwangiphazamisa kwakuwukufuna kweqembu elibusayo labefundisi ukwamukela nokuvumela imiqondo yobuqaba yendawo nemikhuba mayelana nokukhulekelwa kweCristo de la Vera-Cruz (uKristu Wesiphambano Seqiniso), okwakuwumfanekiso esontweni elisesifundeni sami. Ezimweni eziningi kwakuyisibonakaliso esisobala sentshiseko yobudemoni. Ngaphezu kwalokho, ubudakwa ngokuvamile babuhlanganiswa nalamadili angokwenkolo, kodwa akukho lizwi elingokomthetho elaphakanyiswa ngokumelene nalesisenzo sobuqaba.
Ngemva kweminyaka emihlanu eSucre, ngacela imvume yokuvakashela ubaba wami ogulayo eSpain. Ake ucabange nje ngokumangala kwami uma ngizwa lapho ngifika eBarcelona ukuthi odadewethu, uLola (Dolores) noAngelita (Angeles), babetadisha iBhayibheli neqembu lamaKristu elibizwa ngokuthi oFakazi BakaJehova. Ikakhulukazi ukushintsha kukaLola kwangihlaba umxhwele ngoba wayengazange neze abe nesithakazelo kangako ngezinto ezingokomoya, kodwa manje nangu etadisha iBhayibheli! Njengoba ngangingakaze ngibonane noFakazi BakaJehova eBolivia, nganquma ukuhlola izimfundiso zabo. Odadewethu banginika incwadi encane ethi “Make Sure of All Thlngs; Hold Fast to What Is Fine,” engayifunda masinyane. Ngathola ukumangala okujabulisayo lapho ngibona ukuthi oFakazi basekela izinkolelo zabo ngokuphelele eBhayibhelini. Kusukela ebuncaneni ngaso sonke isikhathi ngangilihlonipha iBhayibheli futhi ngilisebenzisa njengesisekelo sokuzindla kwami kwansuku zonke esikhundleni semibhalo yobaba besonto noma ukuphila “kwabangcwele.”
Inselele Enkolelweni Yami YobuKatolika
Manje ngangifuna ukubona oFakazi besebenza, ukubona ukuthi bayakwenza yini lokho abakushumayelayo. Odadewethu bangimemela eHholo LoMbuso lapho oFakazi bendawo beba nemihlangano yabo khona. Ngaya emhlanganweni wokuqala ngilangazelela ukwazi, nginokungabaza okukhulu. Kodwa ukusabela kwami kwakukuhle kakhulu. Ngahlatshwa umxhwele lapho ngibona lawomadoda ethobekile, abesifazane nabantwana befuna ngaphezu kwakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu. Lokho engahluleka ukukwakha eBolivia kwakukhona lapha phambi kwamehlo ami—iqembu lamaKristu eqiniso. Ngokuqinisekile lokhu kumelwe kube umsebenzi womoya ongcwele.
Nakuba ngangivumelana nokuningi engangikufunde encwadini yabo, kwakunezimfundiso eziningana engangingenakuzamukela. Ngethulwa komunye wabadala ebandleni, uEnrique Lleida, indoda eyayisanda kweva eminyakeni engamashumi amahlanu, futhi ngaleso sikhathi eyayiyisisebenzi embonini yamakhemikhali. Ngikhumbula ukuthi saba nengxoxo ende emotweni yayo, futhi lapho ngaveza izinto eziyinhloko zokungavumelani kwami nezimfundiso zoFakazi. Ngokungafani noFakazi BakaJehova, ngangikholelwa ukuba-khona kukaKristu ngomzimba esinkweni sasealtare ngeMisa, futhi ngangikholelwa ukuthi umphefumulo wami wawuyoba noKristu naye owayenguNkulunkulu. Ukungabaza kwami akususwanga ngengxoxo eyodwa nje kuphela. Nokho, ngaleso sikhathi ubaba washona futhi ngaphindela eBolivia.
OFakazi BaseBolivia Bayangivakashela
Ngesicelo sami siqu ngashintshwa futhi ngathunyelwa emuva esifundeni saseSanta Vera-Cruz eCochabamba. Lapho, ngakuvuselela ukuzimisela kwami ukufuna iqiniso “nokuvivinya konke” ukuze ngigweme ukuthatha isinyathelo esingaqondile. (1 Thesalonika 5:21) OFakazi ababili abathobekile baseBolivia bangivakashela. KwakungoGinés Navarro, umSpeyini waseCatalonia, noAriel Araoz, ongowokuzalwa eBolivia. Ngahlatshwa umxhwele ukuthobeka kwabo nenkolelo. Abazange bazame ukungihilela empikiswaneni eshisayo, lokho ngakujabulela kakhulu; kodwa kunalokho, saxoxa nje ngamazwi alula.
Naphezu komsebenzi wami omkhulu wesifunda, kwenziwa amalungiselelo okuba ngiqale esihlelekile isifundo seBhayibheli, ngokusebenzisa incwadi ethi “Make Sure of All Things; Hold Fast to What Is Fine.” Njalo kusihlwa, ngemva kweMisa, ngangibheka eHholo LoMbuso lapho ngangijabulela ukuzwa iZwi laPhezulu nokuba sesifundweni seNqabayokulinda.
Imfundiso YobuKatolika Ibhekene Nemfundiso YeBhayibheli
Mhlawumbe enye yezimfundiso engakwazi ukuyilahla kalula kakhulu ileyo yomphefumulo ongafi, nayo yonke imiphumela yakho (ukuhlushwa esihogweni somlilo, isihlanzo, ilimbo, njalonjalo). Umbhalo olula kakhulu wangivulela indlela. KwakuwuGenesise 2:7 othi: “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba kanjalo umphefumulo ophilayo.” Umlando awusho ukuthi umuntu wanikwa umphefumulo ophilayo ophumayo kuye lapho efa, kodwa uthi waba yiwo. Khona-ke, ngacabanga, ngingumphefumulo. Lokhu kuvumelana kahle nokuhumusha kweSpanish eyoku-1 Korinte 15:45 nguJosé María Bóver, omunye woprofesa bami ekholiji lobupristi laseSan Cugat. Umbhalo ufundeka kanje: “Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi: ‘Umuntu wokuqala, uAdamu, wenziwa umphefumulo ophilayo.’” Ukufa komphefumulo kwaqinisekiswa ngokwanelisayo lapho ngihlola uNumeri 23:10 eBhayibhelini iSpanish Bóver-Cantera, ngoba lowombhalo uthi: “Umphefumulo wami mawufe ukufa kolungileyo!”
Ukushaqeka okukhulu kwaba lapho ngiqonda ukuthi uKristu akayena futhi wayengenakuba uNkulunkulu, njengoba kufundiswa kuZiqu-zintathu. Umbhalo kaJohane 1:1 wawuyinsika yami kwaze kwaba yilapho ngihlolisisa umongo wesiGreki futhi ngiqonda ukuthi uKristu wayengaba owaphezulu, okusho ukuthi ungowesiqalo saphezulu, ngaphandle kokuba uNkulunkulu uMninimandla onke. Lokhu kwavumelana neminye imibhalo eyangisiza ukuba ngiyiqonde kangcono indima kaJesu, ethobela uYise futhi ngaso sonke isikhathi esebenzela udumo lukaYise.—1 Korinte 15:28; Johane 14:28; Mathewu 24:36.
Ngalokho kukhanya okusobala okuvela eBhayibhelini eliNgcwele nokucwaninga okwengeziwe, ngathola indlela yokuphuma ebumnyameni benkolelo yesonto eyayingiphuphuthekise iminyaka eminingi. Ngaqonda ukuthi zonke izifundo zami eziphambili zobufundisi nokuhlakanipha kwabantu, akuzange kukhiqize izithelo eziwusizo zobuKristu beqiniso. Ngangingaziboni lezozithelo eSontweni lamaKatolika.—Mathewu 7:16, 17; Galathiya 5:22, 23.
Ukumangala Kwabaphathi Bami
Ngabona ngokusobala ukuthi emakhulwini amaningi eminyaka iSonto lamaKatolika laliphambukile eqinisweni leBhayibheli, libeka esikhundleni salo amasiko abantu nokuhlakanipha, nokuthi kwakungebona abantu ngabanye ababehluleka. Ngakho-ke, ngaqonda ukuthi ngangingaseyena umKatolika ngokuphelele.
Nganquma ukuyosula mina siqu kuMphathi Wesifundazwe weNhlangano kaJesu nokucela ukukhululeka ezifungweni zami. Yeka indlela amangala ngayo lapho ezwa ngesicelo sami! Wangibuza ukuthi isizathu kwakuyisifiso sokuganwa yini. Ngamtshela ukuthi kwakungenjalo, ngoba umcabango onjalo wawungekho engqondweni yami ngaleso sikhathi. (Nokho, lapho ngiba uFakazi obhapathiziwe, leso simo sashintsha futhi ngo-October 1978 ngashada nomfelokazi ongumKristu othandekayo.) Phakathi kwezinye izinto, wathi: “Julio, ngaso sonke isikhathi bengikubheka njengomuntu okahle. Kodwa manje kimi kubonakala sengathi kumelwe ubonane nesazi sezifo zengqondo.”
Saba nengxoxo ende okwathi phakathi nayo ngaveza ukungavumelani kwami ngokuqondene nokwehluleka kweSonto. Impendulo yakhe yaba ukuthi: “Ngiyazivuma izinto eziningi ozishoyo, kodwa awucabangi yini ukuthi ngaso kanye leso sizathu ubophekile ukuhlala ngaphakathi eSontweni, ukuze wena nabanye ningazama ukulungisa amaphutha eSonto?”
Ngaphendula: “Uma onke lamaphutha esekelwe emfundisweni okuthiwa ayinaphutha, khona-ke akunakwenzeka ukulungisa lamaphutha, ngoba into yokuqala okungadingeka isuswe, ukungabi naphutha.” Khona-ke ngaqhubeka: “Bheka, ngiye ngacabanga kakhulu ngalokhu futhi ngiye ngazama ukusebenzisa iVangeli. Ngiye ngabona ukuthi akunakwenzeka ngoba abaphathi beSonto bangitshela ukuba ngenze izinto eziphikisana nalo. Ngakho-ke, njengoba ngingenakulilungisa noma ngilishintshe iSonto, ingabe bekungebe ngcono yini ukushintsha amasonto? Uma ngingenakulilungisa, khona-ke kungcono ukulishiya futhi ngifune lelo okuyisonto leqiniso.”
Kamuva ngakhuluma futhi noMphathi Wesifundazwe ngesifiso sami sokuyeka. Wangicela ukuba ngicabange ngakho futhi. Manje kwakungasenakwenzeka ukulinda futhi, futhi ngamnika isiphakamiso sokugcina: Ngivumele ngiphindele eSpain ukuba ngiyofunda ngokujulile ngalendaba ethinta ukuphila kwami okuphakade, ngaphandle kwalokho ngizosishiya isifunda sami futhi ngiyohlala noFakazi BakaJehova eBolivia ukuze ngitadishe khona ngalendaba.
Lesiphakamiso sokugcina sabethusa, ngoba sasiyobanga isiphithiphithi emabandleni eBolivia. Ekugcineni, nganikwa imvume yokuba ngiphindele eSpain ngihlale nodadewethu uLola.
Ukukhululeka Ekugcineni!
Uma ngifika nje eSpain, ngoDecember 1976, ngayilahla yonke imisebenzi yenkolo yobuKatolika futhi ngaqala ukuphila okusha namaKristu angofakazi bakaJehova. Lolushintsho olukhulu lweza nezinkinga zalo. Ubani eSpain owayengathanda ukuqasha owayengumpristi wamaJesuit oneminyaka engama-58 ubudala? Ekugcineni ngawuthola umsebenzi njengothisha wangasese, ngaphandle kwalokho nganginebhizinisi encane. Nginokwenele usuku ngalunye, okuyikho kuphela engiye ngakucela.
Phakathi no-1977 uMphathi wesiFunda weMishini yaseBolivia wadlula eSpain esendleleni ebheke eRoma. Wayefuna ukwazi isinqumo sami sokugcina. Lapho ngimtshela ukuthi ngangigxilile esinqumweni sami, wacela ukuba ngilobe izisusa zami encwadini ukuze ithunyelwe eBandleni eliKhulu nakuMphathi omKhulu weNhlangano kaJesu eRoma.
Lapho esebuya eItaly wathi kimi: “Kuyaqala emlandweni, ngokwalokho abangitshele khona eRoma, ukuba umJesuit acele ukushiya iNhlangano ngenxa yokufunda iqiniso. Njengokungathi amaJesuit awazi ukuthi iqiniso liyini, nazo zonke izifundo zawo!”
Imfundiso Yomuntu “Izibi”
Uma ngibheka emuva eminyakeni yami yokufundela ubupristi, manje ngiyaqonda ukuthi yonke imfundiso ngoNkulunkulu nenkolo nokuhlakanipha engakufunda, uma kuqhathaniswa neqiniso leZwi laPhezulu, ngempela kuyinqwaba yezibi. Bangifihlela ukuhlakanipha kweqiniso okuvela kuJehova ngoKristu futhi okudluliselwa ekujuleni kwenhliziyo. Akasho yini umphostoli uPawulu ukuthi: “UNkulunkulu kakwenzanga kube-yize ukuhlakanipha kwalelizwe na?” (1 Korinte 1:20) Kanye noPawulu nami manje ngingathi: “Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwa yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu.”—Filipi 3:8.
Ekugcineni izincwadi zami zokuyeka zafika, zilotshwe usuku lomhla kaNovember 11, 1977. Ngibonga uJehova, ngazisayina.
NgoNovember 27 ngawo lowonyaka, ngabhapathizwa ngokucwiliswa okuphelele emanzini emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova. Ngesenzo esinjalo ngabonisa obala ukuzinikezela kwami kuJehova ekulandeleni isibonelo sikaJesu nomsebenzi awunika abalandeli bakhe. (Mathewu 28:19, 20) Ngokwaneliswa nenjabulo, lolosuku lwaludlula kude usuku lokugcotshwa kwami njengompristi ongumJesuit eminyakeni engamashumi amabili ngaphambili. Manje ngase ngingufakazi ongumKristu weNkosi eNkulu uJehova.
Kusukela ekubhapathizweni kwami ngiye ngaba nezibusiso eziningi ezicebile. Njalo ngihlanganyela emsebenzini wamaKristu ovamile wokushumayela futhi nginelungelo lokuqhuba eziningana izifundo zeBhayibheli zasemakhaya nabantu abathakazelayo. Ngijabula kakhulu kunanini ngaphambili, manje ngilandela isibonelo sikaKristu njengoba sibekwe eZwini laPhezulu. Ngiye ngamthola uNkulunkulu weqiniso uJehova nabantu abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu. Ukufuna kwami iqiniso kwesikhathi eside sekuphelile. Ingabe kuphelile nokwakho?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 23]
‘Mhlawumbe ungathanda ukwazi ukuthi yini eyangenza ngalahla ubupristi ngemva kweminyaka engamashumi amabili nanhlanu yomsebenzi wokuba isithunywa sevangeli’
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
“Ngathola ukumangala okujabulisayo lapho ngibona ukuthi oFakazi basekela izinkolelo zabo ngokuphelele eBhayibhelini”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 25]
“Njengoba ngingenakulilungisa noma ngilishintshe iSonto, ingabe bekungebengcono yini ukushintsha amasonto?”
[Isithombe ekhasini 28]
OwayengumJesuit uIniesta, uphuma edamini ngemva kobhapathizo lwakhe lobuKristu