Imibuzo Evela Kubafundi
◼ KwabaseFilipi 2:9 uPawulu uthi ngoJesu: “UNkulunkulu . . . wamnika igama eliphezu kwamagama onke.” Kungayiphi ingqondo uJesu anikwa “igama eliphezu kwamagama onke”
Ngengqondo yokuthi waphathiswa uJehova isikhundla noma igunya elingaphezu kwaleli elinikwe noma isiphi esinye isidalwa. Abanye bangaba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu uMninimandla onke kuphela ongaba ‘negama eliphezu kwamagama onke.’ Khona-ke bangase bacabange ukuthi lombhalo ubonisa ukuthi uJesu ulingana, noma ungumuntu ofanayo, noJehova uNkulunkulu. Nokho, ukuhlolisiswa kwalombhalo akuwusekeli lombono.
Umongo wabaseFilipi 2:9 ubonisa ukuthi uJesu wamukela leligama ngemva kokufa nokuvuka kwakhe. Ngakho-ke, ngaphambi kwalesosikhathi akazange abe negama eliphezu kwamagama onke. Ukunlkezwa kwakhe lona kwabonisa ushintsho esikhundleni sakhe. Ingabe ikhona yini indlela isikhundla sikaJehova esingashintshwa ngayo? Cha. Ubengophakeme ngaso sonke isikhathi. Ngakho-ke ukunikwa kukaJesu igama eliphakeme kubonisa ukuthi akayena umuntu ofanayo, noma olingana noJehova.
Qaphela, futhi, ukuthi leligama uJesu ‘walinikezwa’ uJehova. Ngokukhanyayo, uma uNkulunkulu engakhetha ukunika igama elinjalo eNdodaneni yakhe, uJesu, khona-ke uYise kumelwe abe mkhulu, futhi uJesu kumelwe abe ngaphansi. (1 Korinte 11:3) Ngaleyondlela noma iluphi udumo oluya kuJesu ngenxa yelungelo lakhe eliphakeme luba yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.—Filipi 2:11.
Ngakho-ke, uJesu wanikwa igama eliphakeme kunalelo elinikezwe kunoma isiphi sezidalwa zikaNkulunkulu. Kodwa ngokukhanyayo ukwamukela kwakhe leligama akumenzanga walingana noNkulunkulu. Qhathanisa neyoku-1 Korinte 15:27, ethi uNkulunkulu wabeka zonke izinto phansi kwezinyawo zikaJesu kepha yena ngokwakhe wayengengaphansi kukaJesu.
Iliphi igama eliphakeme alinikezwa? Umprofethi uIsaya uyasisiza ukuba siphendule. Ekhuluma ngoJesu, uthi; “Umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.” (Isaya 9:6, 7) Lombhalo uyabonisa ukuthi igama limelela amandla aphakeme, isikhundla noma igunya—kuzo zonke izici eziphawulwe kuIsaya—ezinikezwe uJesu ukuze agcwalise intando kaJehova.
UJesu wabonisa ubungako bamandla egunya lakhe lapho etshela abafundi bakhe: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Ithemba okuyilona kuphela lesintu ngekusasa lixhomeke esikhundleni esiphakeme esiphathiswe uJesu, okungakho isiprofetho sikaIsaya sisetshenziswa kuye. “Izizwe ziyakwethembela egameni lakhe.”—Mathewu 12:21.
Umphostoli uPawulu wathi “ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe.” (Filipi 2:10) Lokhu akukhona nje ukugcina icala. UJesu waxwayisa ngokuthi abaningi babeyokuthi benza imisebenzi yamandla “ngegama” lakhe, kodwa wayengayikubamukela. (Mathewu 7:21-23) Ngempela ukuguqa amadolo ngegama likaJesu kusho ukuqaphela isikhundla sakhe nokuzithoba ngokuphelele egunyenl lakhe. Namuhla, kusho ukuzithoba ngaphansi kwakhe njengeNkosi, ukuhlanganyela emsebenzini wokumemezela izindaba ezinhle zoMbuso nokuhlala ungathathi hlangothi ezindabeni zemibuso yasemhlabeni.—Mathewu 24:14.
Lokhu kubanga ukuphikisa emakhosini ezwe. UJesu waxwayisa: “Niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 24:9) Kepha ngalabo abaguqa amadolo kanjalo, igama likaJesu linamandla angokoqobo.
Umphostoli uPetru wamemezela: “Alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwlni, esimelwe ukusindiswa ngalo.” (IzEnzo 4:12) Ngaphamblll uPetru wayethe endodeni eyisishosha: “Egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” Futhi leyondoda yahamba. (IzEnzo 3:6) UJesu watshela abalandeli bakhe ukuba bathandaze egameni lakhe. (Johane 14:14) Lapho sisebenzisa igama likaJesu emithandazweni yethu, asiphindaphindi umtheshwana nje. Kunalokho, sicela ukuba amandla aphakeme negunya likaJesu Kristu kusetshenziswe ngenxa yethu.
Ngokubonisa udumo olufanele nenhlonipho ‘ngegama’ likaJesu—isikhundla sakhe esiphakeme noma igunya—siba phakathi kwalabo okuthiwa ngabo: “Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.”—Filipi 2:11.