Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w95 11/15 k. 30
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ingabe Uyalihlonipha Igama LikaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
w95 11/15 k. 30

Imibuzo Evela Kubafundi

KweyabaseFilipi 2:9, uPawulu wathi ngoJesu: ‘UNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.’ Yiliphi leli gama elisha? Futhi uma uJesu enga-phansi kukaJehova, kukanjani igama likaJesu lingaphezu kwawo wonke amanye amagama?

EyabaseFilipi 2:8, 9 ifundeka kanje: “Ngaphezu kwalokho, lapho [uJesu] ezithola esesimweni esinjengesomuntu, wazithoba futhi walalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni esigxotsheni sokuhlushwa. Ngenxa yaso kanye lesisizathu noNkulunkulu wamphakamisela esikhundleni esiphakeme futhi ngomusa wamnika igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama.”

Lendima ayisho ukuthi njengoba kunguJehova kuphela onegama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama ngokuphelele, uJesu kumelwe ukuba ungumuntu ofanayo noJehova. Njengoba umongo kweyabaseFilipi isahluko 2 ubonisa, uJesu wamukela igama lakhe eliphakeme ngemva kokuvuswa kwakhe. Ngaphambi kwalokho, wayengenalo. Ngakolunye uhlangothi, uJehova ubelokhu ephakeme, futhi isikhundla sakhe asikaze sishintshe. Iqiniso lokuthi uJesu wamukela igama elingaphezu kwalelo ayenalo ngaphambi kwenkonzo yakhe yasemhlabeni lifakazela ukuthi akayena umuntu ofanayo noJehova. Lapho uPawulu ethi uJesu wanikwa igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama, wayesho ukuthi uJesu manje usenegama eliphakeme ukwedlula zonke izidalwa zikaNkulunkulu.

Lingubani igama likaJesu eliphakeme? U-Isaya 9:6 usisiza ukuba siphendule. Lapho liprofetha ngoMesiya ozayo, uJesu, lelo vesi lithi: “Umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.” (Omalukeke sizenzele.) Lapha, ‘igama’ likaJesu lihlangene nesikhundla sakhe esiphakeme negunya, okuyindlela esiqonda ngayo futhi “igama elingaphezu kwawo wonke amanye amagama” okukhulunywa ngalo kweyabaseFilipi 2:9. Wonke amadolo ayalwa ukuba aguqe kuJesu eqaphela isikhundla sakhe esiphakeme segunya uJehova amnike sona—isikhundla segunya esiphakeme kunaleso esinikwe noma isiphi esinye isidalwa. Igama elithi “amanye” kulenguqulo aliveziwe ngokuqondile embhalweni wesiGreki oyisisekelo, kodwa lisikiselwa umqondo wevesi. “Igama” likaJesu alikho ngaphezu kwegama lakhe siqu kodwa lingaphezu kwawo wonke amanye amagama ezidalwa.

Asive sijabula ngokuhlanganyela nazo zonke izingelosi ezikholekile nabantu ekukhothamiseni amadolo siqaphela igama likaJesu! Lokhu sikwenza ngokuzithoba kuJesu esikhundleni esiphakeme nesinamandla asinikwe uJehova—“kube inkazimulo kaNkulunkulu uBaba.”—Filipi 2:11; Mathewu 28:18.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela