Ingabe Uyalihlonipha Igama LikaKristu?
“UNkulunkulu wamphakamisa [uJesu] kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nabawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYiSe.”—FILIPI 2:9-11.
EMAVESINI angenhla, umphostoli uPawulu wachaza inhlonipho nodumo olufanele igama likaJesu. Ingabe ‘uyaguqa ngamadolo’ egameni lakhe? Uyalazi “lelogama eliphezu kwamagama onke” uJehova amnika lona? Namuhla, amakhulu ezigidi athi angamaKristu. Ingabe kungashiwo yini ukuthi ‘aguqa ngamadolo’ egameni likaJesu? Ake sihlole lelogama futhi sibone ukuthi yini ehilelekile ‘ekuguqeni ngamadolo’ ekulidumiseni.
Hlobo Luni Lwegama?
Okokuqala, liyini “igama” elanikezwa uJesu? Akulona nje igama lakhe siqu. Abanye abantu baye babizwa ngokuthi oJesu, ngakho-ke akunakwenzeka ukuthi leli “igama eliphezu kwamagama onke.” Kungelona futhi igama likaJesu ngomqondo wedumela lakhe. Yiqiniso, uJesu waziwa njengofakazi kaJehova oyinhloko kuyo yonke indalo. (IsAmbulo 3:14) Nokho, wazenza walifanelekela lelogama. “Leligama eliphezu kwamagama onke” uJesu ‘walinikwa’ uJehova.
Khona-ke, liyini lelogama? Amazwi athile omprofethi uIsaya ayasisiza ukuba siphendule lokho. Amakhulu eminyaka ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, uIsaya wabhala ngaye: “Ngokuba sizalelwa umntwana, siphiwa indodana; umbuso uyakuba-semahlombe akhe, negama lakhe liyakuthiwa uMluleki omangalisayo, uNkulunkulu onamandla, uYise ongunaphakade, iNkosi yokuthula.”—Isaya 9:6.
Ingabe elithi “negama” lisho ukuthini lapha? Libhekisela esikhundleni esiphakeme negunya elaliyonikezwa uJesu ukuze afeze intando kaYise. Kungokwazisa leligunya eliphakeme nokuzithoba kulo ukuthi onke amadolo kumelwe aguqe. Njengoba kunjalo, ake sizihlole ngokwengeziwe leziziqu ezine eziphawulwe kuIsaya.
Kungaziphi izindlela uJesu angu“Mluleki omangalisayo” ngazo?
Okokuqala, uIsaya wathi igama likaJesu laliyokuba “uMluleki omangalisayo.” Wayeyogunyazwa ukuba anikeze izeluleko ezimangalisayo esintwini. Ngaphambi kokuza emhlabeni uJesu kakade wayekhonza njengoLizwi, noma umkhulumeli kaJehova oyinhloko. (Johane 1:1) Lapho esemhlabeni wakhuluma amazwi aholela abantu ekuphileni okuphakade—iseluleko esimangalisa ngempela! Ngakho, uPetru wathi kuye: “Amazwi okuphila okuphakade akuwe.” (Johane 6:68) UJesu ungoyinhloko endleleni kaJehova yokukhulumisana nesintu. (IsAmbulo 1:1) Kubalulekile ngawo wonke umuntu namuhla ukuba alalele amazwi akhe. Uyi“ndlela, neqiniso, nokuphila.” (Johane 14:6) Ayikho insindiso engenzeka kulabo abenqaba ukulalela lo“Mluleki omangalisayo.”
Kungayiphi ingqondo uJesu angu“Nkulunkulu onamandla” ngayo?
UIsaya wathi futhi uJesu wayeyoba “uNkulunkulu onamandla.” Ngaphambi kokuza emhlabeni wayengu“nkulunkulu” ngengqondo yokuthi wayengu‘mfanekiso kaNkulunkulu engabonakali, izibulo lezidalwa zonke.’ (Johane 1:1; Kolose 1:15) Ngemva kokufa njengomuntu kanye nokuvuswa njengomoya ongafiyo, ungunkulunkulu ngengqondo yokuthi uthatha ‘yonke imfanelo yobuNkulunkulu.’—Kolose 2:9, NW; 1 Thimothewu 6:15, 16.
Nokho, kukhona igunya elihlangene nesiqu esithi “uNkulunkulu onamandla.” EBhayibhelini abantu abathile babebizwa ngokuthi onkulunkulu. Ngani? Ngoba babekhonza njengabahluleli esizweni sakwaIsrayeli. (IHubo 82:1-6) UJesu, “uNkulunkulu onamandla,” ungumaHluleli omkhulu obekwe nguJehova. Yena ngokwakhe wakuchaza lokhu ukuthi kusho ukuthini: “Ngokuba noYise kahluleli-muntu; ukuniké iNdodana konke ukwahlulela ukuba bonke bazise iNdodana, njengokuba bazisa uYise.”—Johane 5:22, 23.
Phakathi kwezenzo zokwahlulela eziphathiswe uJesu kuwukwahlulela ibandla lakhe—kokubili labo abaye bafa ngaphambi kokubuyela kwakhe emandleni oMbuso nalabo abasaphila—ngesikhathi sokuba khona kwakhe phakathi “nesiphelo sesimiso sezinto.” (Mathewu 24:3, NW) Futhi wahlulela izizwe namuhla, ehlukanisa “izimvu” ‘ezimbuzini.’ Ngokungaphezulu, uyokwengamela osukwini lweminyaka eyinkulungwane lokwahlulelwa kwesintu ngemva kweHarmagedoni. “UNkulunkulu onamandla” ngempela!—Mathewu 25:31-46; IsAmbulo 11:18; 1 Petru 4:17; IsAmbulo 20:4, 5, 13.
Kungani uJesu ebizwa ngokufanelekile ngokuthi “uYise ongunaphakade”?
UJesu futhi wayezoba “uYise ongunaphakade.” Kwakuzokwenzeka kanjani lokhu? Yebo, uAdamu wayenguyise wokuqala waso sonke isintu. Nokho, walilahla ilungelo lokuba “uYise ongunaphakade” lapho ona. Wayengasenakubanika abantwana bakhe ukuphila okuphakade njengefa. UJesu, ngakolunye uhlangothi, akonanga. Futhi ngokunikela ngokuphila kwakhe okungenasono ngenxa yesintu, wavula indlela eya ekuphileni okuphambene ngalabo ababa nokholo. (Johane 3:16; 1 Johane 2:2) Khona-ke uyobanikeza ukuphila okuphakade lokho uAdamu ahluleka ukubanika khona. Kungakho iBhayibheli limbiza ngokuthi “uAdamu wokugcina,” “ngumoya ophilisayo.” (1 Korinte 15:45) Ubizwa ngokufanelekile ngokuthi “uYise ongunaphakade,” wesintu esiphelele sesikhathi esizayo.
UJesu uyigcwalisa kanjani indima yokuba “iNkosi yokuthula”?
Ekugcineni, uIsaya wathi igama likaJesu kwakuyoba “iNkosi yokuthula.” Wayeyoba iNkosi eletha ukuthula kwababusayo. (IHubo 72:6, 7) Ngemva kokuvuka kwakhe uJesu wabonisa ubukhulu bamandla akhe lapho ethi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Lamandla amakhulu ahlanganisa ukubusa njengeNkosi phezu kwebandla lakhe siqu kusukela ngo-33 C.E. naphezu koMbuso kaNkulunkulu kusukela ngo-1914. (Kolose 1:13; IsAmbulo 11:15) UJesu uyoletha ukuthula kulomhlaba ngokubhubhisa izitha zikaNkulunkulu nangokubusa ngokulunga phezu kwesintu esilungileyo.—IHubo 37:10, 11; 72:7, 8; Daniyeli 2:44.
Ukuvuma Igama LikaJesu
Khona-ke kuyabonakala ukuthi “igama eliphezu kwamagama onke” lihilela isikhundla, amandla noma igunya uNkulunkulu alinika uJesu. Ngempela kuyigama elingaphezu kwamagama onke ngoba asikho esinye isidalwa esanikezwa igunya eliphakeme kangako. UJesu kuphela okwathiwa ngaye: “Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.” (IzEnzo 4:12) Futhi uJesu kuphela owayengathi: “Uma nicela utho egameni lami, ngolwenza.”—Johane 14:14, NW.
Ngakho-ke, umphostoli uPawulu waqhubeka wathi: “Ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba.” (Filipi 2:10) Yebo, ngisho ‘nalabo abasezulwini,’ izingelosi ezithembekile, ziyasiqaphela isikhundla sakhe esiphakeme negunya. (Heberu 1:4-6) Labo ‘abangaphansi komhlaba’ bayofunda ‘ngegama’ likaJesu lapho beba nengxenye yovuko lwasemhlabeni. Kuphela kukulabo ‘abayoguqa ngamadolo’ ngenhlonipho egunyeni lakhe alinikezwe uNkulunkulu lolovuko oluyobonakala kuwukuvukela ekuphileni.’—Johane 5:29; IsAmbulo 20:12.
Nalabo ‘abasemhlabeni’—okungukuthi labo bethu abaphilayo manje,—babophekile ‘ukuguqa ngamadolo’ egameni likaJesu uma sifisa ukuzuza ukuphila okuphakade. Lokhu kusho ukulalela uJesu, uMluleki omangalisayo, nokusebenzisa iseluleko sakhe. (Mathewu 7:24, 25) Kusho ukuba nokholo kuye ukuze izono zethu zithethelelwe. Khona-ke ekugcineni uyoba uBaba ongunaphakade.
Ikakhulu, kusho ukumdumisa nokuba isikhonzi manje sikamaHluleli neNkosi ebekwe uNkulunkulu, uJesu. Kumelwe sizibonakalise ‘siyizimvu’—hhayi “izimbuzi”—ngezenzo zethu kubafowabo beNkosi. Masishumayele izindaba ezinhle zoMbuso ‘waleNkosi yokuthula’ kwabanye. (Mathewu 24:14; 25:34-40) Futhi kumelwe siphile ngemithetho yoMbuso wakhe ngesikhathi esifanayo singathathihlangothi ezindabeni zezizwe zalelizwe.—Jakobe 2:8; 1 Korinte 6:9, 10; Johane 15:19.
UJehova uye wamema ababusi bezwe ukuba bazithobe kuJesu. (IHubo 2:10-12) Nokho, bayenqaba, futhi ezimweni eziningi bamelana namaKritu azithoba ngaphansi kwakhe. Ngakho-ke, ‘ukuguqa ngamadolo’ egameni likaJesu akulula ngaso sonke isikhathi. UJesu ngokwakhe waxwayisa: “Niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.”—Mathewu 24:9.
AmaKristu athembekile abhekana naleyonzondo lapho ephikelela ekudumiseni uJesu futhi ebonisa inhlonipho efanele emandleni aphakeme negunya likaKristu. Nakuba kunjalo, kuyilungelo elijabulisayo futhi kunethemba lemivuzo emikhulu ukuba phakathi kwalabo okubhekiselwe kubo kwabaseFilipi 2:11: “Nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube-yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.”