Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 5/1 k. 24
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Isibonelo Sendlela Yokuphatha Ababaleki
    I-Phaphama!—1996
  • Sishisa Ngokushukumisayo, Sibanda Ngokuqabulayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ingabe UNkulunkulu Unendaba Ngabagula Ngengqondo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 5/1 k. 24

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wabajabulela omagazini abaningana bamuva be“Nqabayokulinda?” Zihlole ukuthi ungawakhumbula yini amaphuzu alandelayo:

◻ Kungani incwadi kaGenesise ibaluleke kakhulu emaKristwini?

Inikeza amaKristu isisekelo sokholo, ithemba nesibindi. Ikhuthaza ukholo kuJehova nethemba ‘enzalweni’ ethenjisiwe yesibusiso. (Genesise 3:15; 22:18) Isiza futhi amaKristu ukuba abhekane nesikhathi esizayo ngesibindi njengoba kwenza ofakazi bakaJehova bakuqala.—8/1 ikhasi 32.

◻ Yini eyenza lesisizukulwane sihluke kuzo zonke ezinye?

Asikho isizukulwane esingaphambi kuka-1914 esiye sabona izimpi zezwe ezimbili noma esiye sabhekana nesimo sokuzibhubhisa ngezikhali zenyukliya. Asikho isizukulwane esidlule esiye sabhubhisa umhlaba ngokonakala okusakazekile nokungcola okukhona namuhla. Konke lokhu kuye kwaphumela ekwesabeni okungenakulinganiswa nalutho nokungalondeki. Futhi asikho esinye isizukulwane esiye sabona ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu okusakazeke kangaka. (Mathewu 24:14)—1/1, ikhasi 7.

◻ Ingabe umKristu weqiniso angalinyazwa yimikhuba yabanye yokusebenzisa imimoya?

Cha, ngoba uNkulunkulu anganqoba noma ubani ozama ukusebenzisa ubuthakathi noma umlingo kulabo abahlala bethembekile kuye. Nokho, umKristu kumelwe athembele kuJehova ngokuphelele futhi afake isivikelo esingokomoya asilungiselelayo. (IHubo 34:7; Efesu 6:10-12)—1/1, amakhasi 14, 15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela