Umhlangano Wethu “Wobunye BoMbuso”—Isizathu ‘Sokuba Ongcono Kakhulu Kunanini!’
UBUNYE boMbuso boFakazi BakaJehova—yeka ukuthi behluke kanjani ekwahlukaneni kwalelizwe elidala! Nakuba abantu bakaJehova bengaphezu kwezi-2 650 000 emazweni angaphezu kwama-200, bamunye enkonzweni engcwele kuNkulunkulu ngaphansi kukaMalusi oMuhle, uJesu Kristu. Iqiniso, oFakazi bakhuluma izilimi eziningi. Kodwa bonke ‘banezindebe ezihlanzekileyo’ ezenza kube lula ngabo ukukhonza uJehova uNkulunkulu ngobunye “nganhliziyonye.”—Zefaniya 3:9.
Okwafakazela ngokukhanyayo ubunye babantu bakaJehova kwaba iMihlangano Yesigodi “Yobunye BoMbuso” yezinsuku ezine. Kulena, isihloko sobunye boMbuso saqokonyiswa okungenani ngezindlela ezine: (1) Izinkulumo eziningi zathuthukisa isihloko sobunye boMbuso; (2) izici ezithile zesimiso, njengenkulumo yobhapathizo namadrama eBhayibheli, zagcizelela ubunye; (3) imibiko ngezithunywa zevangeli yagcizelela lesisihloko; (4) nemihlangano eminingi yayixhunywe emadolobheni ayinhloko ngezingcingo ngenxa yezinye izinkulumo ezazinikezwa ngamalungu eNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova. Ngokwesibonelo, phakathi noJuly 7-10, 1983, ngalokhukuxhumanisa, imihlangano engama-48 yayixhunywe ndawonye emadolobheni angomakhelwane eUnited States, eCanada, eBermuda naseHawaii—ukubonakaliswa okuhle kakhulu kobunye boMbuso!
IWatch Tower Society ayizange ngaphambili yamukele inqwaba engaka yezincwadi ngokuphathelene nomhlangano. Kokubili abasha nabadala bathola isimiso sifudumeza inhliziyo futhi siqinisa ukholo futhi benza ukukhulumela okunjengalokhu: “Iseluleko besisobala futhi sicacile, siyilokho kanye okudingekayo.” ‘Idili lezitsha ezichichima amafutha.’ “Siyabonga ngokusikhuthaza ukuba sisondele eduze kuBaba wethu wasezulwini futhi sibe munye ekukhulekeleni okuhlanzekile.” Ngokwengeziwe ukwedlula noma nini ngaphambili, abeze emhlangaweni babezwakala bebabaza; ‘Ongcono kakhulu kunanini!’
Izisebenzi Ezikanye Nathi ZoMbuso KaNkulunkulu
Kusukela osukwini lokuqala, olunalesihloko esingenhla, kwakusobala ukuthi izinkulumo zokwazisa zazifanele ngempela. Phakathi nenkulumo yokuvula, bonke ababebuthene bacelisiswa ukuba balalele ngokucophelela, bathole umqondo walokho abakuzwile futhi basebenzise iseluleko. Inkulumo kasihlalo eyayithi, “Siyizimenywa ZikaJehova, UNkulunkulu Wobunye,” yaqokomisa isidingo sokubonisa ukwazisa okujulile ngakho konke ukudla okungokomoya okunikezwa emhlanganweni. Ukuba izimenywa zikaNkulunkulu phakathi kwezinye izinto kumelwe sigcine izwi lethu futhi singalingi sisho noma senze noma yini eyothinta kabi abakholwa kanye nathi. (IHubo 15) Phakathi nenkulumo eyayithi “Izimenywa Zesikhathi Eside Ziyafakaza,” yeka ukuthi kwakuvusa amadlingozi kanjani ukuzwa kwabanye asebeye baba ‘izimenywa’ zikaJehova iminyaka engama-60 noma ngaphezulu! Ngokuqinisekile babengafakaza ukuthi uNkulunkulu ubusisa futhi alondoloze abantu bakhe.
Ngokulandelayo, izinceku zikaJehova zanxuswa ukuba ‘Ziqhubeke Zishumayela NgoMbuso.’ Phakathi kwezizathu eziphoqelelayo kwakunalezi: Ukushumayela ngoMbuso kuyingxenye ‘yesibonakaliso’ esanikezwa uJesu, abantu bahlulelwa ngesisekelo sokusabela kwabo esigijimini, futhi ngaphandle kokuthi siqhubeke sishumayela thina ngokwethu siyolahlekelwa umbono wempikiswano yoMbuso. (Mathewu 24:3, 14) Uchungechunge lwamuva lwemiboniso lwabonisa indlela esingasingatha ngayo ngokuphumelelayo imibuzo okuvamise ukuhlanganwa nayo enkonzweni. Khona-ke kwakuyisimangaliso esijabulisayo ukwamukela ipheshana iKingdom News No. 32, elinesihloko esithi “Umkhaya Ojabulayo, Nonobunye. Ungenziwa Kanjani?” Abeze emhlanganweni ngentshiseko bathola amapheshana, asetshenziswa abaningi enkonzweni yasensimini ngayo leyontambama.
Okuvelele ngokukhethekile kwakuyisaziso esenziwa phakathi nenkulumo eyayithi “Umculo Odumisa UJehova.” Sasithi iNhlangano ilungiselela iculo elisha, elizolunga esikhathini esiseduze esizayo! Lokhu kwajatshulelwa ngokukhethekile ngoba besekudlule iminyaka eyi-17 selokhu oFakazi BakaJehova bamukela iculo labo lokugcina. Amanothi esigingci ayobonakala ezingomeni ezingama-225 eculweni elisha, futhi kuyokhishwa elikhulu kanye nelincane. Izinhlobo ezintathu zomculo zadlalwa njengezibonelo, futhi wonke umculo owezwakala ngaphambi kwesimiso ngasinye sasekuseni nesantambama uyotholakala eculweni elisha.
Ukuba Munye Ekuboneni Kunye
Usuku lwesibili lomhlangano lwalunalesosihloko futhi lwaqondisa ukunakekela emithwalweni yethu yemfanelo yebandla nezibopho zomkhaya. Inkulumo eyayithi “Ukulingisa Ngobunye Ababonisi Abazinikele” yagcizelela isidingo sokulingisa ukholo oluqinile, uthando olungenabugovu nentshiseko evuthayo eboniswa abadala abahle. (2 Thesalonika 3:7-9) Kwenye inkulumo izinceku ezikhonzayo zahlatshwa umxhwele iqiniso lokuthi kumelwe zihlangabezane nezimfuneko ezinzima. Amabandla asebenza ngokushelela okwengeziwe uma lamadoda ekhonza ngokuthobeka ngendlela enhle, enikeza lonke udumo kuJehova uNkulunkulu.
Inkulumo eyayithi “Indima Yethu Yokusekela Ebandleni” yakwenza kwaba sobala ukuthi umoya webandla yilowo esiwakhayo. Ngakho singasekela kanjani? Phela, ngezenzo ezinjengokusekela izenzo zabadala zokwahlulela, ukunakekela iHholo LoMbuso nokuhlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokufakaza! Njengosizo enkonzweni yethu, yeka ukuthi siyokwazi kahle kanjani ukusebenzisa incwadi esanda kukhishwa! Yebo, ngempela, iGood News for All Nations, incwajana equkethe ubufakazi ngezilimi ezingama-59, iyoba isibusiso emsebenzini wethu wokushumayela ngoMbuso.
Kwase kuza idrama ethi “Ukulondoloza Ubunye Bomkhaya.” Yathinta izinhliziyo zabo bonke, ibangela izinyembezi ezimweni eziningi. Yeka ukuthi ledrama yabonisa ngokuphumelela kanjani isidingo sokukhulumisana okuseduze phakathi kwabazali nabantababo! Ingabe asihlatshwanga umxhwele isidingo ngabazali sokuba bezwisise indlela abantababo abacabanga futhi bazizwe ngayo ngezinto?
Yeka isikhuthazo esihle esasisenkulumweni eyayithi “Khuthazanani Njengokuba Usuku Lusondela”! Masingamvumeli uDeveli, ozama ukusidumaza ukuze siyeke. Sonke kumelwe sisebenzele ukukhuthazana. Singanikeza injabulo nenduduzo ngokwenza izinkulumo ezinengqondo, ezikhuthazayo, ngokwethu siqu, ngocingo noma ngezincwadi.
Kulezinsuku, umkhaya uhlaselwa uDeveli nezwe lakhe. Khona-ke, okwakunosizo kakhulu, kwakuyizinkulumo ezintathu mayelana nomkhaya. Eyokuqala yabonisa ukuthi amadoda, abafazi nabantwana kumelwe batadishe ndawonye, bahlale ndawonye eHholo LoMbuso futhi bahlanganyele ndawonye enkonzweni yasensimini. Enkulumweni yesibili, abazali bahlatshwa umxhwele ngesidingo somoya womkhaya wokholo nothando. Yebo, futhi ekuqaleni kokuphila kwabantababo, abazali abesaba uNkulunkulu kufanele baqale ukubeka phambi kwabo imigomo emihle enjengenkonzo yaseBethel neyezithunywa zevangeli. Enkulumweni yesithathu, “Basha, Namathelani Ezimisweni ZobuKristu Esikoleni,” abasha bethu bakhuthazwa ukuba benze abanye bazi ukuthi bangoFakazi BakaJehova nabasekeli bezimiso zeBhayibheli. Kwacaciswa ukuthi amaholide ezwe angokwenkolo awawona awentsha engamaKristu, hhayi ngisho nemisebenzi echitha isikhathi engaphezu kwesimiso sesikole.
Inkulumo eyayithi “Indlela UJehova Aye Wasigcina Ngayo Sinobunye” yagcizelela indima eye yenziwa ukukhanya okungokomoya okwanda njalo ekuhlanganiseni abantu bakaJehova. Emazweni amaningi abazalwane ababili asebekhulile kwaxoxwa nabo. Bakwazi ukusho izindlela uJehova aye wavikela ngazo abantu bakhe ekushushisweni futhi wabagcina behlanzekile ngokomoya futhi bemunye iminyaka eminingi. Kungase kwenezelwe ukuthi eUnited States naseCanada lengxenye yesimiso yaqokomisa ilungiselelo elisha. iSikhwama SeNhlagano SamaHholo OMbuso. Ekupheleni kwalenkulumo isinqumo senziwa futhi samukelwa ngentshiseko. Kulesi “Simemezelo Sobunye,” oFakazi BakaJehova banquma ukuhlala bemunye, balondoloze ukuziphatha okuhle futhi baqhubeke benza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaziwe.
Inkulumo eyisihluthulelo, eyayithi “Ubunye BoMbuso Bungokoqobo Namuhla,” yaqhathanisa ukwahlukana kwezwe likaSathane nobunye obuhle babantu bakaJehova. Ekuphetheni kwalenkulumo, kwakhishwa incwajana enhle ethi Isikole NoFakazi BakaJehova. Njengoba iqukethe ingxoxo ebanzi yemibuzo engase iphakame esikoleni ngenxa yokuthi singoFakazi, ithembisa ukuba usizo oluhle nesibusiso.
Inkulumo yokuphetha yosuku ayigodlanga mazwi ekudingideni ugibe abanye babantu bakaNkulunkulu abaye bazivumela ukubanjwa yilo. Lenkulumo, eyayinesihloko esithi “Qaphela Ukuhaha Ezweni Lezinto Ezibonakalayo,” yasho izingozi zokuhaha futhi yabonisa ukuthi abantu abathile baye basuswa ekuhlanganyeleni ngenxa yokungathembeki okuye kwalethwa ukulimala okungokwezimali kwabanye.
Ukugcina Ubunye Bomoya
Lesi kwakuyisihloko sosuku lwesithathu. Enye indlela yokugcina ubunye bomoya iwukwenza ngokuvumelana nenkulumo eyayithi “Qhubekani Nithandazelana.” Ngokwesibonelo, singathandazela ukuthi labo abaqondisa umsebenzi banikwe ukuhlakanipha nokuthi umoya kaNkulunkulu usekele abazalwane bethu nodade abashushiswayo. Ingabe asidonselwa ebunyeni obukhulu ngokuthandazelana nangokuqaphela ukuthi abakholwa kanye nathi bayasithandazela?
Imibuzo efunisisayo yabuzwa enkulumweni eyayithi “Ingabe Wakha Ikusasa Lakho Nenhlangano KaNkulunkulu?” Kwacaciswa kakhulu ukuthi lelizwe alinalo ikusasa. Ngempela, indlela engcono kakhulu yokwakhela ikusasa iwumsebenzi wenkonzo wesikhathi esigcwele, njengoba usisiza ukusihlomisela kahle inkonzo esimisweni esisha sezinto. Ngokwemvelo, ukubheka esikhathini esizayo kuhilela futhi “Ukubeka Nokufinyelela Imigomo Efanelekile.” Kulenkulumo kwaboniswa ukuthi ngokufanelekile singabeka imigomo yesikhathi esifushane ehilela ukutadisha, ukuhlanganyela ezifundweni, enkonzweni yasensimini, njalonjalo. Ngokusobala, umgomo wesikhathi eside wokulwelwa ukuphila okuphakade. Inkulumo yobhapathizo efudumeza inhliziyo eyaphetha ingxenye yasekuseni yayinenzuzo ekhethekile kulabo ababeye bafinyelela umgomo wokuzinikezela kuJehova uNkulunkulu.
“Ingabe Uyawavumela Amaphutha Asekusithekeni?” Yeka ukuthi lenkulumo yasenza sacabanga kanjani! Yasibonisa ngamandla ukuthi noma siyabonwa ngabantu noma qha, uNkulunkulu uyasibona futhi uyakuvuza ukwethembeka. Okwadingidwa ngokukhethekile kwakungamaphutha asekusithekeni okushaya indlwabu, ukusetshenziswa ngokweqile kophuzo oludakayo nokuvumela ukucindezela endabeni yokumpontshelwa igazi lapho uqinisekiswa ukuthi lesisono siyogcinwa siyimfihlo. Kodwa konke ukuvumela okunjalo amaphutha asekusithekeni kuphumela kunembeza omubi nokungavunyelwa uJehova.
“Sihluke Kanjani Ezweni?” kwakuyinkulumo enamandla eyadonsa ukukhulumela okuningi okuhle. OFakazi BakaJehova ngempela kufanele bahluke ezweni, ngoba lingaphansi kokuqondisa kukaSathane namademoni! Kodwa iziphi ezinye izindlela okumelwe sehluke ngazo? Phela, ngombono wethu ngemfundo yezwe nowokwenza imali eningi, ngesikukhethayo kokuzijabulisa nangendlela esizilungisa ngayo! Okubaluleke ngempela, isixwayiso somfundi uJakobe sokuthi ukufuna kwethu ukuba ngabangane bezwe kusenza izitha zikaNkulunkulu.—Jakobe 4:4.
Enye evelele kwakungethi “Isikole SaseGilead—Impumelelo Yaso (1943-1983).” Lenkulumo, ephawula ukukhunjulwa kosuku lonyaka wama-40 lweGilead, yembula ukuthi iningi labafundi abangaphezu kwezi-6 000 balesikole liye lathunyelwa phesheya emazweni angaphezu kwekhulu. Izithunywa zevangeli ezinjalo zazingoFakazi bokuqala bokushumayela isigijimi soMbuso kwamanye alamazwe. Kwakujabulisa kakhulu ukuzwa okuhlangenwe nakho kwezithunywa zevangeli, kubonakalisa ukuthi lenkonzo iyavikela, ithuthukise uthando lwabantu futhi yanelisa ngempela.
Enye inkulumo eyathunyelwa ngokuxhunywa kwezingcingo yayithi “Umalusi Omuhle Nezibaya Zakhe Ezimbili.” Yachaza iphuzu lokuthi uJohane 10:1-6 ubhekisela esibayeni sesivumelwano soMthetho, kuyilapho uJohane 10:7-16 uphathelene nesibaya sesivumelwano esisha. Ikakhulukazi kusukela ngo-1935 “ezinye izimvu” ziye zakhonza ngenjabulo nalabo besibaya sesivumelwano esisha njengomhlambi munye ngaphansi ‘komalusi omuhle,’ uJesu Kristu.
Enye inkulumo eyayixhunyaniswe ngocingo kwakungethi “Ubunye Ekukhulekeleni UNkulunkulu Oyedwa Weqiniso.” Phakathi nalengxenye yesimiso, abasemhlanganweni bajabula ngokweqile ekukhishweni kwencwadi enesihloko esifanayo. Njengoba ilungiselelwe ngokuyinhloko ukusetshenziswa yibandla futhi njengencwadi yesibili yokufundwa kulabo abasanda kubhapathizwa noma asebezobhapathizwa, ikhuluma ngezici ezihlanganisayo njengeZwi likaNkulunkulu, “inceku ethembekileyo neqondayo,” nokukhulekela kukaJehova kobunye.—Mathewu 24:45-47.
Ukudumisa UNkulunkulu Ngokuvumelana
Yeka ukuthi lesisihloko sosuku lwesine sayifanela kanjani injongo yoMhlangano Wesigodi “Wobunye BoMbuso”! Okwakuvusa ukucabanga ngempela, kwakuyinkulumo eyayithi “Inselele Yokuvuthwa—Uhlangabezana Nayo?” Ngokucacile, yabonisa ukuthi uma sivuthiwe siyokhuthala ekufundiseni abanye futhi siyosebenzisa ngenkuthalo ububanzi obugcwele beqiniso leBhayibheli ekuphileni kwethu. Okwaziswa kakhulu futhi, kwakuyinkulumo eyayithi “Izibusiso Zobunye BoMbuso Ezabikezelwa.” Lokhu kucabangela uIsaya isahluko 32 kwalandelwa ukukhishwa kweKingdom Melodies No. 4, ikhasethi equkethe kuphela umculo othokozisayo oyotholakala eculweni elisha.
Isihloko sobunye saqhubeka njengoba abeze emhlanganweni bejabulela idrama yeBhayibheli eyayithi “Ukufeza Umsebenzi KaNkulunkulu Ngobunye Naphezu Kokuphikiswa.” Naphezu kokuphikiswa okunzima, uNehemiya namaJuda ayekanye naye ngesibindi wakha izindonga zaseJerusalema. Ngokufanayo, abaphikisi abazange baphumelele ekuvimbeleni umsebenzi woFakazi BakaJehova esikhathini sethu.
Inkulumo yeningi eyayithi “Obani Abamunye Kulelizwe Elihlukaniswe Izingxabano?” ayishiyanga kungabaza ngokuthi oFakazi BakaJehova kuphela abamunye namuhla. Njengoba yayigcwaliswe ngemibhalo efanele, izingcaphuno ezimangalisayo nezimpikiswano ezinengqondo, lenkulumo ekholisayo ngokungangabazeki yayingesinye isizathu sokuthi kungani abaningi baba nomuzwa wokuthi lona kwakuwumhlangano ongcono kakhulu kunanini.
Iseluleko esifudumele kakhulu salandela njengoba abantu bakaJehova babenxuswa ukuba ‘Bathandane Ngokujulile’—into ethile engenakusilela uma thina ngabanye sifuna ukungena oHlelweni Olusha. Ngaphezu kwalokho, ubunye boMbuso kumelwe bubuse njengoba kwagcizelelwa enkulumweni yokugcina, eyayithi “Ngobunye Simemeza Ngenjabulo.”
Izithelo Zobunye BoMbuso
Ngokungangabazeki uyaqaphela ukuthi kungani abaningi kangaka becabangela umhlangano “Wobunye BoMbuso” ukuba ngongcono kakhulu kunanini. Kodwa sasiwusizo kangakanani isimiso?
Nokho, omunye omusha wayenze amalungiselelo okuya eyunivesithi, kodwa washintsha umqondo wakhe ngemva kokuzwa inkulumo ngokwakha ikusasa lakho nenhlangano kaJehova. Lensizwa manje izimisele ngokuba umsebenzi wayo ube ukushumayela isikhathi esigcwele njengephayona.
Abadala ababili abangamaKristu bathi lesimiso salomhlangano sabanikeza amandla adingekayo okwenza isinqumo sokugcina sokuthengisa amakhaya namabhizinisi futhi bazenze ngokwabo batholakalele amalungelo amakhulu enkonzo. Futhi omunye umbonisi osekhulile uye wathola injabulo enkudlwana ekuphileni ngoba manje uqaphe ngokwengeziwe ukuba asebenzise amathuba okunikeza isikhuthazo.
Lomhlangano ozuzisayo ngempela uye wathuthukisa ukuqonda kwethu nokwaziswa kobunye boMbuso. Ubunye obunjalo baboniswa imisebenzi yabantu bakaJehova phakathi nezinsuku ezine zomhlangano ojabulisayo. Manje, sengathi sonke singanikeza ubufakazi obanelisayo bokuthi simunye kulelizwe elihlukene nelifayo. Ngokuvumelana, sengathi bonke ofakazi bakaJehova abathembekile bangaqhubeka bedumisa uNkulunkulu wobunye boMbuso ongenakuqhathaniswa.
[Ishadi ekhasini 30]
BABUTHANA NGOBUNYE BOMBUSO
Ingqikithi Inani
yababekhona lababhapathizwa
ENyakatho
Melika 1 247 617 12 092
EYurophu 709 765 10 620
EMpumalanga
Ekude 246 358 4 664
Lamanani, nakuba engaphelele ngokugcwele, ayabonisa ukuthi uquqaba olukhulu lwazuza emihlanganweni “Yobunye BoMbuso”
[Isithombe ekhasini 26]
UF. W. Franz, umongameli weWatch Tower Society, ekhuluma nezilaleli zomhlangano
[Isithombe ekhasini 27]
Usizo olusha lokutadisha “Ubunye Ekukhulekeleni Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso” lukhululwa nguM. G. Henschel weNdikimba Ebusayo
[Isithombe ekhasini 28]
Idrama eshukumayo “Ukulondoloza Ubunye Bomkhaya” yaqokomisa isidingo sokukhulumisana okuseduze phakathi kwabazali nabantababo
[Isithombe ekhasini 29]
Abaphikisi ngeke bawuvimbe umsebenzi wabantu bakaJehova, njengoba kwaboniswa edrameni ethi “Ukufeza Umsebenzi KaNkulunkulu Ngobunye Naphezu Kokuphikiswa”
[Isithombe ekhasini 30]
Abanye bezithunywa zevangeli ezingama-52 ezazivela emazweni ayi-19 zizele umhlangano “Wobunye BoMbuso” eLondon, eNgilandi