Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 7/15 k. 3
  • Ukufela Imfundiso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufela Imfundiso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 1—Ingabe UJesu Nabafundi Bakhe Bayifundisa Imfundiso KaZiqu-zintathu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Kufanele Ukholelwe Kuye?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
  • Ingabe uNkulunkulu unguZiqu-zintathu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Uyimfundiso YeBhayibheli Ngokucacile?
    Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 7/15 k. 3

Ukufela Imfundiso

WAZALELWA eTudela, eSpain, cishe ngo-1511. Wafundela ubudokotela eParis futhi kamuva waphatha emadolobheni amaningana amaFulentshi. Udume ngengxenye yakhe mayelana nokutholakala kwesimiso sokuphefumula.

Kodwa, esikhathini sakhe esiningi sokuphila esemdala waphoqeleleka ukuba aphile njengombaleki, ngisho nokuba ashintshe igama lakhe. NgoAugust 13, 1553, ohambweni lwakhe eya eItaly, wadlula eGeneva, eSwitzerland. Wabonwa, waboshwa, futhi ngoAugust 14, wabekwa icala elisho ukuphila nokufa, ngokomsunguli wobuProthestani uJohn Calvin. Saba yini isinqumo? Wayenecala! Isigwebo? Ukufa! Ngakho ngo-October 27, 1553, emnceleni waseGeneva, washiswa esigxotsheni.

Wayengubani lowo? UMichael Servetus. Wayenecala lani? Lokubulala? Ukuphanga? Noma obunye ubulelesi obubi kakhulu? Cha, wabulawa njengofundisa okuphambene ngoba waphika imfundiso yeLobukholwa eyemukelwayo “kaZiqu-zintathu oNgcwelengcwele.”

Kuze kube namuhla uZiqu-zintathu kuseyindaba okuphikiswana ngayo. Ngokwesibonelo, umvangeli waseMelika uBilly Graham uthi: “IBhayibheli lifundisa ukuthi uJesu Kristu unguNkulunkulu ngokuphelele, futhi akamncane neze kuNkulunkulu uyise.” Ngakolunye uhlangothi, eminyakeni eminingi edlule engxenyeni yohlu oluhlukahlukene lweThe Denver Post umfundisi wePentekoste wanikela ngesigidi samaRandi kunoma ubani owayengathola imfundiso kaZiqu-zintathu eBhayibhelini. Wathi uZiqu-zintathu uwulwazi oluvela kubantu “olungacacile futhi olungaqondakali.”

‘Kodwa kwenza mahluko muni?’ ungase ubuze. ‘Ingabe kunendaba ukuthi ukholelwani?’ Yebo, kunendaba. Kungani? Kungoba uJesu Kristu wathi: “Ukuphila okuphakade kusho ukwazi wena njengoNkulunkulu oyedwa weqiniso, nokwazi uJesu isithunywa sakho njengoKristu.” (Johane 17:3, An American Translation) Injabulo yethu yaphakade ixhomeke ekwazini kwethu okuqondile “uNkulunkulu oyedwa weqiniso.” Ngakho yiliphi iqiniso? Ingabe uJesu Kristu “uyiNdodana kaNkulunkulu” noma unguNkulunkulu iNdodana? Kunomehluko omkhulu!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela