AmaKristu Kumelwe Afakaze
Eminyakeni yamuva abaholi beSonto baye bakhuluma kakhulu ngesidingo sokufakaza komKristu. Futhi kumelwe benze njalo, ngoba igama elithi “fakaza,” namagama aphuma kulo, njengoba lisekelwe egameni lesiGreki elithi martýs, livela izikhathi ezingama-47 emiBhalweni yamaKristu yesiGreki (“ITestamente Elisha”), King James Version. Ake sihlole ezinye lezinkulumo ezivela kweLobukholwa.
UPAPA JOHN PAUL II ucashunwa kuyiL’Osservatore Romano (ephuma kanye ngesonto ngesiNgisi) ka-April 30, 1984, ethi: “Ukufakaza, njengoba engimandulelayo uPaul VI agcizelela, ‘kuyisici esibalulekile sobuvangeli, futhi ngokuvamile esokuqala’ (Evangelii Nuntiandi, n. 21.) Kuphuthuma ngokukhethekile kulenkathi yethu lapho kunokudideka kwezingqondo nokuwohloka kokuziphatha okwenza umvuthwandaba owembulwa ngokukhanya ngokwengeziwe njengowumvuthwandaba wangempela wempucuko.” Esikhathini esingangonyaka ngaphambili, omunye umagazini wephephandaba elifanayo wabika ngemva kwezingxoxo noPapa ngaphansi kwesihloko esithi “Izwe lomsebenzi lidinga ofakazi abangamaKristu.”
Kanjalo isidingo sokufakaza siyagcizelelwa iSonto lamaRoma Katolika. Kodwa abakhulumeli bamaProthestani bathini ngokubaluleka kokufakaza?
UMhlangano Womhlaba Wonke wesithupha woMkhandlu Wezwe Wamasonto, manje osunamalungu angama-301, wabanjelwa eVancouver kusukela ngoJuly 24 kuya ku-August 10, 1983, futhi kamuva wanyathelisa incwadi ethi International Review of Mission (October 1983) kuhlanganise nesihloko esisemakhasini angama-36 esithi “Ukufakaza Ezweni Elihlukene.” Ngaphansi kwesihlokwana esithi, “Wonke AmaKristu Abizelwe Ukufakaza,” lesihloko sabonisa ngokuqondile: “NgomKristu, umsebenzi nesenzo sokufakaza siwukusabela nokubonisa ukwethembeka kuNkulunkulu. . . . Ukufakaza kuwumthetho waphezulu. Sifakaza ngokuholwa kwaphezulu nangokuthanda uNkulunkulu umdali nomniki wokuphila.”
Iphephandaba lezenkolo lamaBaptist iReview and Expositor linikeza ukugcizelela okufanayo, lithi: “Ukufunda incwadi yezEnzo kwembula ukuthi ababekholwa kabusha banezelwa ebandleni ngoba amaKristu ayefakaza. Uma abaphendulwe kabusha bengalethwa, khona-ke, ngokunokwenzeka, amaKristu awafakazi.”
Nakuba izinhlelo zeLobukholwa zihlukene ngokungenathemba ngokwemibono nezimfundiso, zibonakala zivumelana esidingweni sokufakaza. Kodwa ingabe amalungu azo aphila ngokwesibopho sokufakaza?
Kuleliphuzu, uMichael Green, umphathi-sifunda weSonto likaSt. Aldgate, eOxford, eNgilandi, uyabhala: “Okhokho bethu okholweni babesolwa ‘ngokuphendula izwe’ ngezindaba ezinhle abazitshela abantu ngoJesu (IzEnzo 17:6). . . . Kulapho lapho sihluka khona kakhulu kusukela ebandleni lokuqala, lapho wonke owesilisa nowesifazane ayekubheka njengomsebenzi wakhe ukufakaza ngoJesu Kristu ngazo zonke izindlela lapho ekhona.”
Incwajana yamaBaptisti, iWitnessing in Today’s World, ithi: “UmKristu ozinikezele angase athi, ‘Phela, bengingeke ngazi ukuthi ngizoqalaphi lapho ngizama ukufakaza komunye.’” Iyanezela: “Ukusabela okusheshayo kwamalungu amaningi esonto iBaptisti lapho kuthintwa ukufakaza ukuthi, ‘Sikhokhela umfundisi ukuze enze lokho.’”
Ngaphezu kwalokho, incwadi yaseWestminster, iThe Christian as Communicator, iyavuma: “Kungenzeka ngempela ukuba umthwalo wemfanelo wokusakaza ivangeli awunakwa ngoba nje amaKristu awanakho okuningi kokukusho.”
Kuyiqiniso, amalungu ezinhlelo zeLobukholwa “awanakho okuningi kokukusho.” Futhi kulapho inkinga yabo ikhona. Aye ahluleka ukuqaphela ukugcwaliseka kwanamuhla ‘kwesibonakaliso’ uJesu asinikeza maqondana ‘nokuba khona’ kwakhe enkazimulweni yoMbuso ‘nesiphelo sesimiso sezinto.’ Labo abasibonayo ‘lesosibonakaliso’ bashukunyiselwa ukuba bafakaze ngaso. Yeka indlela esingajabula ngayo ukuthi amaKristu eqiniso namuhla anokuningi kokukusho, njengoba efakaza ngentshiseko ngoMbuso kaJehova ozayo ngoKristu Jesu.—Mathewu 24:3-14; Isaya 43:12.