Lingalungiswa Yini IBhayibheli Livumelane Nesithembu?
KUMAGAZINI wamaRoma Katolika waseNetherlands, iBijeen (Ndawonye), umhleli wephephandaba uSjef Donders waxoxa ngokuphikisana okukhona emazweni athile abaNsundu phakathi komyalo weBhayibheli wokuba nomfazi oyedwa kanye nesiko elamukelekile lokuba nesithembu. Wathi, lokhu kuphikisana kuxazululwa, “ngokumane kuthiwe imfundiso yesonto [yokuba nomfazi oyedwa] ayisebenzi.”
Ebonisa imiqondo ehlukahlukene yesonto, uDonders wacaphuna umpristi waseMelika uEugene Hillman, ilungu labaPristi bakaMoya oNgcwele, okuyiqembu lamaKatolika eliye lahola emsebenzini wezithunywa zevangeli zamaKatolika eAfrika. Encwadini ekhuluma ngesithembu, uHillman wabhala: “Uma, ngenxa yesenzakalo esithile noma esingokwemvelo noma inhlekelele edalwe umuntu, kwenzeka ukuthi ngokushesha kungabe kusababikho cishe wonke umuntu wesilisa, kodwa kusale cishe abesifazane kuphela, khona-ke ngokuqinisekile kungatholakala izizathu eBhayibhelini zokuvumela lamadoda ukuba abe nobuhlobo bobulili nabesifazane abahlukahlukene.”
Kungenzeka lokho? Kungakhathaliseki imibono yabapristi evumelana neningi, isithembu ngeke sivunyelwe kunoma imuphi umKristu kungakhathaliseki ubuzwe noma izimo. Ukuba nomfazi oyedwa kwakuyilungiselelo likaNkulunkulu ngesintu e-Edene, futhi uJesu Kristu wabonisa ukuthi ibandla lobuKristu kumelwe libuyele kulokhu. (Mathewu 19:4-6) Ngaphansi kokuphefumlelwa umphostoli uPawulu wabhala: “Umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye.” (1 Thimothewu 3:2) Futhi ngokuqondene nawo wonke amaKristu, wayala: “Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.” (1 Korinte 7:2) Lokhu akusivumeli neze isithembu phakathi kwamaKristu eqiniso.