Ingabe Uyawuvimbela Umoya Wokunganeliswa?
UKUKHONONA ngomoya wokusola kulethwa kuqala ekunakekeleni kwethu emiBhalweni eNgcwele. (Eksodusi 15:24) Namuhla, ukukhonona kwaloluhlobo kusizungezile futhi kuqhubekela ekubhongeni okungokoqobo. Kusongela ukukhukhula wonke umuntu, ngoba kunethonya elinamandla. Umoya oyimbangela ngokuvamile ubonakala ngesikhalo, mhlawumbe ngezwi lokukhononela phansi, ukububula ngokungeneliseki noma ngokungagculiseki. AmaKristu eqiniso kumelwe alwisane nokukhononda okunjalo. Kodwa singalwisana kanjani nomoya wokunganeliswa?
Indlela Owaqala Ngayo
Kunezizathu ezizwakalayo zokunganeliswa izimo ezithile. Ngokuqondakalayo, “isikhalo saseSodoma nesaseGomora” saba sikhulu ngenxa yobubi babantu bakhona. (Genesise 18:20, 21) Kodwa isikhalo nokukhonona okungenasizathu kubangelwa ukunganeliswa. Futhi umqalisi wokuqala womoya wokungeneliswa kwakunguSathane uDeveli, “odukisa izwe lonke.” (IsAmbulo 12:9) Ensimini yase-Edene wenza kwaba nesimo esibangela ukunganeliswa, okokuqala kuEva futhi kamuva kuAdamu. (Genesise 3:1-7) Kusukela ngalesosikhathi, uSathane uye waphumelela ekuvezeni izimo ezithuthukisa ukungeneliswa.
Amakhulu eminyaka ngemva kokuhlubuka e-Edene, uJehova wazakhela igama ngokukhulula amaIsrayeli eGibithe nokuwahlanganisa abe isizwe. (Eksodusi 9:16) Ingabe abonga kuMkhululi wawo? Phela, phakathi neminyaka yawo engama-40 ehlane ayekhonona ngokuphindaphindiwe ngoJehova, ngokuqondile noma ngokugudlisela ngokusola uMose noAroni! Ngesinye isikhathi, uJehova wabuza: “Koze kube-nini lenhlangano embi ikhonona ngami na?” (Numeri 14:26, 27; Eksodusi 16:2, 7) Umoya wokungeneliswa waqhubeka kuIsrayeli wasendulo kuwo wonke umlando wakhe.—Hezekeli 18:25.
Ukukhonona Ngezimo Zethu Zokuphila
Yebo, ngenxa yokuba engaphelele, umuntu angase ngokungafanele enze izimo zakhe zibe imbangela yesikhalo. Umuntu olungile uJobe wayengajabuli neze ngokuhlangenwe nakho kwakhe okwethusayo kangangokuthi waqalekisa usuku lokuzalwa kwakhe. (Jobe 3:1-3) Ingabe abathi bangamaKristu bangaba abanganelisekile ngezimo zabo zokuphila? Yebo, bangaba njalo, futhi abanye sebeye baba njalo.
Ebhekisele ‘kwabangamesabi uNkulunkulu’ ababengene ngokunyelela ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala, umfundi uJuda waloba: “Yilabo abakhononayo nabasolayo [ngezimo zabo zokuphila], behamba ngezinkanuko [ezonakele, ezingcolile] zabo, umlomo wabo ukhuluma uwangala, betusa ubuso ngenxa yenzuzo.” (Juda 3, 4, 16, qhathanisa ne-NW) Ukuze sihlale sithembekile njengamaKristu, kumelwe sigweme abasoli abanjalo. Futhi yeka ukuthi kungcono kanjani ukubala izibusiso zethu eziningi njengezinceku zikaJehova, kanjalo silondoloze umoya onokuvunyelwa kwaphezulu!—Galathiya 6:18.
Ngabazalwane Noma Abangane
Izinceku zikaJehova kumelwe zifise ukulondoloza isimo sothando, nokubambisana omunye nomunye. Nokho, ukukhonona kungaba ingozi kakhulu ebuhlotsheni obuhle nabanye. UmLevi uKora nabangane bakhe bakhonona ngoMose noAroni futhi babonisa umoya womona. Ngenxa yokuthi uJehova wadumala kakhulu ngalokhu, abakhononi bafa.—Numeri, isahluko 16.
Emakhulwini eminyaka kamuva, umphostoli uJohane wakhuluma ngoDiyotrefe owayethanda izikhundla, ‘owayemhleba ngamazwi amabi.’ Uma uJohane ephumelela ukuza kulelobandla, wayehlose ukunika lowo okhononayo ukunakekela okufanele.—3 Johane 9, 10.
Ngakho-ke sidinga ukuqaphela singabi abanganeliswa, sikhonona ngamalungelo ethu phakathi ebandleni. Ngokwesibonelo, siyobe senza kahle ngokuvimbela imizwa yokunganeliswa ngokumiswa kothile ukuba anakekele imithwalo yemfanelo ethile leyo thina esizicabangela njengabafaneleka kangcono kuyo. Siyobe senza kabi, futhi ngokuqinisekile asifuni ukuba nomoya onjengokaKora noDiyotrefe.
Funa Usizo LweBhayibheli
Sonke, njengoba singaphelele futhi siphila ezikhathini ezicindezelayo, akungabazeki ukuthi ngezikhathi ezithile siba nemizwa yokunganeliswa. Kodwa sinalo usizo oludingekayo, ngoba imiBhalo iyasibonisa indlela yokunqoba umoya wokungeneliswa nokuthambekela ekukhonondeni.
Iphuzu eliyisisekelo lokuqashelwa liwukuthi ukukhonona akuvunyelwe uJehova, ngoba kubonisa ukuntuleka kokholo nothando ngoNkulunkulu. Ngakho umphostoli uPawulu waxwayisa: “Futhi ningakhononi njengabanye kubo [amaIsrayeli ehlane] bakhonona, babhujiswa ngumbulali.” (1 Korinte 10:10; Numeri 14:35-38) UPawulu futhi waloba: “Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi.” (Filipi 2:14) Eqinisweni, umuntu angaba kanjani ngomphefumulo wonke ekukhonzeni “uNkulunkulu ojabulayo” kodwa abe ekhononela futhi? (1 Thimothewu 1:11, NW) Ngakho sidinga ukwamukela umbono kaJehova ngezinto futhi sibe nethemba eliphelele emandleni akhe okusenza saneliseke futhi sijabule. Khumbula ukuthi izithelo zomoya wakhe zihlanganisa ukujabula.—Galathiya 5:22, 23.
Ekumelaneni nomoya wokunganeliswa, kuwusizo ukuqaphela ukuthi kulokhu kuphila kunoshintsho njalo. Ngakho, noma isiphi isizathu sesikhalo singesesikhashana nje. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:17.) Lololwazi kumelwe lusisize ukuba sithole injabulo ekukhonzeni uJehova ngazo zonke izikhathi. Kunokuba sivumele ukukhathazeka noma ukunganeliswa, “uma sinokudla nezambatho, asaneliswe yikho.” (1 Thimothewu 6:8) Kuyathokozisa ukuqaphela ukuthi uJehova uyasiqinisekisa: “Angisoze ngakuyeka. angisoze ngakushiya.” Ngakho-ke, njengoba silondekile ekunakekeleni kukaBaba wethu wasezulwini, asingakhononi ngezimo zethu zokuphila, kodwa kwangathi ‘singaneliswa ngesinakho.’—Heberu 13:5.
Khumbula Indawo Yethu Ebusisekile
Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa unganelisekile ngalokho oye wakufeza ekuphileni kwakho? Uma kunjalo, cabanga ngesimo sakho sakuqala nangesimo sakho esihle samanje epharadesi elingokomoya elijatshulelwa amaKristu eqiniso. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:1-4.) Abalandeli abagcotshiwe bakaKristu baye ‘babizwa ukuba baphume ebumnyameni, bangene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ Abangane babo ‘besixuku esikhulu’ nabo bajabulela ukukhanya okumangalisayo kweqiniso futhi banamathemba akhazimulayo phambi kwabo. (1 Petru 2:9; IsAmbulo 7:9-14) Akumelwe yini saneliswe—eqinisweni, sijabule kakhulu—ngokuthi sijabulela ukukhanya okungokomoya futhi sinelungelo lokwazi nokukhonza uJehova uNkulunkulu neNkosi yethu, uJesu Kristu?
Siyingxenye yenhlangano yomhlaba wonke yabazalwane nodade, inhlangano enkulu yokumemezela leyo uJesu Kristu ayiqondisayo ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ Lobuzalwane bomhlaba wonke bufeza intando kaJehova ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso nasekwenzeni abafundi. (Mathewu 24:14, 45-47; 28:19, 20; 1 Petru 2:17) Yeka izizathu ezikhazimulayo zokweneliseka!
Uma thina ngokwethu singanelisiwe isici esithile sokusebenza kwebandla, nokho, kungase kube ukuthi siye sangaziqonda izenzakalo ezithile noma sinephutha elithile embonweni wethu—okuyinto ngokuqinisekile engesiyo engenakwenzeka phakathi kwabantu abangaphelele futhi ngisho namaKristu azinikezele. (Qhathanisa nezAga 16:2; Galathiya 2:11-14; Filipi 4:2.) Ngakolunye uhlangothi, uma siqinisile, akumelwe yini sibe nethemba lokuthi uJehova angaletha noma iluphi ushintsho oludingekile, enza kanjalo ngeNdodana yakhe, iNhloko yebandla? (Efesu 5:22, 23) Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubekezela kunokunganeliswa!
Uma sizindla ngokusebenzelana kukaJehova nabantu bakhe njengenhlangano, sinezizathu ezinhle zokwaneliswa. Ngokwesibonelo, izimfundiso zeBhayibheli ziye zenziwa zacaca kakhulu, futhi lokhu kuye kwabakha abantu bakaJehova ngokomoya. Umbono kaNkulunkulu ngokuziphatha okuhlanzekile uye wakhanyiswa, ukuze oFakazi BakaJehova, nakuba bengaphelele, babe nokuziphatha okuvelele. Ukuqonda kwethu indlela inhlangano yobuKristu yeqiniso okumelwe isebenze ngayo liye lathuthukela ezingeni lokuthi sikhonza uJehova ngokuhambisana neziqondiso ezingokomBhalo zokuhlelwa kwebandla. (Filipi 1:1) Ingabe lokhu akumelwe yini kunezele ekwanelisekeni kwethu njengamaKristu azinikezele?
AmaKristu athembekile anethemba futhi lekusasa elikhazimulayo, lelo okumelwe lisenze sinqobe noma ikuphi ukuntula kwesikhashana ukwaneliseka ngokuphelele. Manje sesisondele isikhathi lapho yonke into ephilayo iyobe idumisa uJehova! (IHubo 150) Okwamanje, masingakuvumeli ukukhonona. Kunalokho, kwangathi singakhonza uBaba wethu wasezulwini onothando ngokwaneliseka kwaphezulu.