Bonke Abantu Bayalingana—Kanjani?
INGABE kunokwenzeka ngamadoda nabesifazane bazo zonke izizwe ukuba babheke omunye nomunye njengabalinganayo—futhi benze ngendlela ababhekana ngayo? Akunakwenzeka uma uhlelo lwezwe olukhona manje lusaqhubeka. Nokho singaqiniseka ukuthi kunokwenzeka. Kungani? Ngoba kunezinkulungwane zamaKristu eziye zakubonakalisa ukuthi kungaba njalo.
Kwaziwa kahle ukuthi ubuKristu beqiniso buye baxhumana nokulingana. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhala: “Asisewona amaJuda noma amaGreki noma izigqila noma abakhululekileyo noma ngisho nje amadoda noma abesifazane, kodwa sonke siyafana—singamaKristu.” (Galathiya 3:28, The Living Bible) Kodwa ingabe lokhu kwakumane kuyinkulumo yokuhlakanipha? Yasebenza kanjani ngokoqobo emaKristwini akuqala ayephila ezweni elaligcwele ukungalingani?
Kuye kwalotshwa okuningi ngomlando omangalisayo lawomaKristu akuqala awuqopha ezweni lesikhathi sawo njengoba ayethuthukisa ubuzalwane obafundiswa uJesu Kristu. UEberhard Arnold encwadini yakhe ethi The Early Christians After the Death of the Apostles uthi:
“Ukwazisana okulinganayo lokho amaKristu ayephathana ngakho kubo bonke abakanye nawo njengabazalwane, behlanganyela isinqumo esifanayo nobizo olufanayo njengolwabo, kwaphumela ekulinganeni nasebudlelwaneni kuzo zonke izinto. Lokhu kwazisana okulinganayo kwaphumela ekutheni babizwe ngokufanayo bonke, babe nezibopho ezifanayo zomsebenzi, futhi bonke babe nethuba elilinganayo ekuphileni. . . . Ukwazisana lokho amaKristu angaleso sikhathi ayephathana ngakho omunye nomunye kwaphumela enhlalakahleni eqinile, eyayisekelwe othandweni, esisekelweni sokulingana kwangempela ngokuzalwa.”
Yeka ubufakazi obujabulisayo bobunye obuvela kuNkulunkulu!
Ukulingana Emzimbeni Munye
Abantu ngabanye ebandleni lobuKristu lakuqala babe namakhono emvelo ahlukahlukene nokuhlakanipha. Abanye kungenzeka babecula kahle kakhulu, lapho abanye babe nenkumbulo engcono noma imisipha eqinile. Ngaphandle kwalokho, umoya ongcwele wabanikeza izipho ezihlukahlukene namakhono, nakuba lezi babezisebenzisa ngokusizana. Kungakho uPawulu abhala: “Ngokuba njengomzimba umunye, kepha unezitho eziningi, nezitho zonke zomzimba, nokuba ziziningi, zingumzimba munye, unjalo-ke noKristu. Ngokuba ngaMoya munye thina sonke sabhapathizwa sibe-mzimba munye, noma singabaJuda noma singamaGreki, noma siyizigqila noma singabakhululekileyo.” (1 Korinte 12:11-13) Bonke babengabashumayeli, ngisho nakuba kwakunezipho ezicebile ‘eziphweni ezingabantu,’ njengalabo ababelusa ibandla babechazwe ngokwesiprofetho.—Efesu 4:8, NW; IHubo 68:18.
Ababonisi babengabavuthiwe ngokomoya, futhi ngesiGreki bebizwa ngokuthi e·piʹsko·poi. Ebhala ngesenzo esihlobene naleligama esithi e·pi·sko·peʹo (ukwengamela), uW. E. Vine uthi: “Leligama alisho ukungenela umthwalo wemfanelo onjalo, kodwa ukuwufeza. Akuyona indaba yokujabulela isikhundla, kodwa kuwukunakekela imisebenzi.” Ababesebenza nalababonisi abamisiwe kwakungamadi·aʹko·noi, okuyigama lesiGreki elisho “izikhonzi,” “izinceku ezikhonzayo,” noma “amadiyakoni.” UW. E. Vine uthi leligama “ngokuyinhloko lisho inceku, kungaba eyenza umsebenzi wobunceku, noma njengomsizi owenza umsebenzi ngesihle, ngaphandle kokuletha ukunakekela ohlotsheni lwawo.” Kunoma isiphi salezikhundla, amalungelo enkonzo ayeyinhloko. Isikhundla sasingabi esiyinhloko, ngenxa yokuthi njengezikhonzi zikaNkulunkulu babelingana futhi bonke babeyizinceku zakhe.
Nakuba uJesu akhetha amadoda ayi-12 ukuba abe abaphostoli bakhe, abesifazane nabo bajabulela ubungane naye. Babeshiseka, uMariya Magdalena, uJowana, noSusana okukhulunywa ngabo ngokuqondile njengabakhonza uJesu. Abesifazane, nabo, bathola izipho zomoya ongcwele ngePentekoste, lika-33 C.E. Khona-ke bakwazi ukukhuluma obala ngezilimi futhi bafakaza ngamaqiniso okholo lwabo lobuKristu. Nokho, odade abangamaKristu, abazange bahole ekufundiseni emabandleni, kodwa bahlanganyela kanye nabazalwane ekushumayeleni obala iZwi likaNkulunkulu.—Luka 8:1-3; IzEnzo 1:14; 2:17, 18; 18:26.
Futhi, ngokomuntu siqu, amaKristu ayehola ekusizeni omunye nomunye. Ngokwesibonelo, lapho labo ababevakashele eJerusalema bebona imisebenzi emangalisayo yabaphostoli ngesikhathi sePentekoste lika-33 C.E., bahlala isikhathi eside kunaleso ababesihlosile futhi baze baphelelwa ukudla nemali. Nokho umbhalo uyaphawula: “Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho” ukuze kwabiwe ngesihle phansi kokuqondisa kwabaphostoli. Yeka umoya omuhle, obonisa uthando nokulingana kwalawomaKristu okuqala okwaba yinto engokoqobo! Kwakungase kuthiwe “bakuhlanganyela konke.”—IzEnzo 4:32, 34, 35.
Ukulingana Koqobo Namuhla
Phakathi kokwehlukana okukhona nezenhlalo zezwe namuhla, ukuzama ukulingisa lawomaKristu okuqala akulula. Kodwa ukwenza kanjalo bekulokhu kuwumgomo woFakazi BakaJehova. Ukuthi baye baba nempumelelo enkulu kuyabonakala. IEncyclopedia Canadiana iyaphawula:
“Umsebenzi woFakazi BakaJehova uwukuvuselela nokumisa futhi ubuKristu basendulo obabusetshenziswa uJesu nabafundi bakhe ngekhulu lokuqala nelesibili esikhathini sethu esivamile. . . . Bonke bangabazalwane.”
Njengoba kwakwenzeka eminyakeni eyi-1 900 edlule, lobuzalwane bobuKristu namuhla bunikeza usizo loqobo ngezikhathi zokuhlupheka. Lapho, ngoNovember 1980, izingxenye ezithile zaseltaly zihlaselwe ukuzamazama komhlaba okukhulu, iloli lokuqala elaligcwele impahla eyayilungiselelwe oFakazi lafika kuleyondawo enomonakalo ngabo lobobusuku. Umbiko ongokomthetho uthi:
“Abazalwane bamangaliswa indlela usizo oludingekile olwafika ngokushesha ngayo. Ngokushesha samisa amakhishi ethu lapho ukudla okwakuphekwa odade kwakwabelwa abazalwane zonke izinsuku. Abanye abantu bendawo babesalulindele usizo futhi babezenzela konke okusemandleni abo. Yebo, abazalwane babengenabo ubugovu, futhi ukudla kwabelwa nabaningi abangebona oFakazi.”
Ngemva kokufa kweNkosi uSobhuza II waseSwazini ngoAugust 1982, oFakazi BakaJehova, ngenxa yokuthi babengenakuhlanganyela emasikweni okuzila angokwenkolo, bashushiswa. EBrithani oFakazi ababili, omunye omhlophe nomunye ensundu, bayisa isikhalo esihlangene kuhulumeni omkhulu waseSwazini befuna ukuba kulungiswe isimo. Ngemva kokulalela isikhashana, isikhulu saseSwazini saphendukela kuFakazi onsundu, isiphathimandla esifundile, sambuza: “Kodwa kungani ulapha?” Impendulo yathi: “Ngoba nginokukhathalela okukhulu ngenhlala-kahle yabazalwane bami abangamaKristu ezweni lakho.” Isikhulu sakuthola kunzima ukuqonda ukuthi kwenzeka kanjani ukuba umuntu ocebe kangaka azilinganise nabaNsundu abahlala ezweni angakaze ngisho alivakashele.
Kungani ungayi emhlanganweni eHholo LoMbuso eliseduze noma emhlanganweni omkhulu uzibonele ngokwakho? Uyothola umphakathi oyokwamukeleka kuwo kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala, ucebile noma umpofu, kungakhathaliseki ukuthi wathola imfundo yasekoliji noma awufundanga nhlobo. Bonke babizwa ngokuthi abazalwane noma odade, futhi umuntu akaqashelwa ngokwesizwe ayiso, isizinda, noma ngokwesikhundla sezwe. Ngamunye waziswa ngobuntu bakhe bobuKristu nangezimfanelo.
Ngabadala nangezinceku ezikhonzayo ezimisiwe, indlela yokufundisa isekelwe kuleyo yebandla lobuKristu lokuqala. Futhi nemihlangano ibonisa ukulingana, noma ukuvumelana, emhlabeni kabanzi. Omunye umfundisi weSonto laseSheshi waphawula:
“Umhlangano ngamunye, kungakhathaliseki ukuthi mkhulu noma mncane, usuke uwumhlangano ofundisa kakhulu. Amalunga alindeleke ukuba alungiselele imihlangano yawo yangeSonto ngokufunda sonke isihloko seNqabayokulinda, bahlolisise imibhalo ekhonjiwe futhi bathole izimpendulo zemibuzo asebenolwazi kakade ngayo. Emihlanganweni ngokwayo, kunokuhlanganyela okuhle kwebandla. Basekelwa ulwazi lokuthi imfundiso efanayo ifundiswa kuwo wonke umhlaba ngesikhathi esifanayo.”
Uma uhamba naleNqabayokulinda ebandleni eliseduze ngezinsuku ezibhalwe ekhasini lesi-2, uyokwazi ukulandela ingxoxo enjalo.
Lezingxoxo ngokuvamile zihlanganisa ithemba lalabo abasebandleni: ukuphila epharadesi emhlabeni lapho izimpi ziyobe sezingasekho nalapho abantu beyosebenzisa amathalenta abo emsebenzini onengqondo, bejabulela ngempela ‘umsebenzi wezandla zabo.’ Bonke abantu abalalelayo bayophila ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Indlala iyobe isiphelile njengoba inala yokudla iyokwanela bonke ivela emhlabeni othelayo. Ukuhlushwa izifo kuyobe futhi sekuyizinto zesikhathi esidlule, bonke abakhileyo bomhlaba bejabulela ngokulinganayo ukuphila impilo ephelele.—Isaya 2:4; 33:24; 65:22, 23; Zakariya 8:11, 12.
Yebo, lelithemba lobuKristu lingeloqobo, njengoba kunolwazi lokuthi isimo esikhona sebandla lobuKristu siyodluliselwa ePharadesi lasemhlabeni. Isisekelo esiqinile esesibekiwe kakade sokususwa ngokuphelele kwalo lonke uhlobo kwemingcele nobuzwe siyokwandiswa. Singaqiniseka kanjani? Ngokuba iBhayibheli libikezela ukuthi amaKristu ‘avela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi’ ayoqhubeka nokukhulekela kwawo kweqiniso uJehova uNkulunkulu, ayoba nokuma okulinganayo phambi kwakhe. Wena nomkhaya wakho ungaba phakathi kwawo.—IsAmbulo 7:9, 10.
[Isithombe ekhasini 7]
Emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, uyophawula ukulingana