Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w85 9/1 kk. 4-7
  • Ungahamba NoNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungahamba NoNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubona Ongabonwayo
  • Ukuhamba NoNkulunkulu—Izinzuzo Zakho
  • Usizo Ekuqhubekeni Nempi Yethu
  • Ukuhamba NoNkulunkulu—Izinyathelo Zokuqala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ingabe Uzohamba NoNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Hambani Ngokukholwa!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Qhubeka Uhamba Endleleni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
w85 9/1 kk. 4-7

Ungahamba NoNkulunkulu

“KUHAMBA ababili kanye kanye, uma bengavumelananga, na?” kwabuza umprofethi uAmose. (Amose 3:3) Kodwa, ungasenza yini ‘isivumelwano’ sokuhamba noNkulunkulu?

Yebo! Ngoba, eqinisweni, uNkulunkulu uyena othatha isinyathelo kuqala, ngokudlulisela kithi isimemo sokuba sibe abangane bakhe. Akasiphoqeleli ebuhlotsheni obunjalo. Kunalokho usidonsela kuye ngezimfanelo zakhe ezimangalisayo. Phela, indalo ngokwayo inikeza ubufakazi obanele bokulunga kukaNkulunkulu! “Okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe.” (Roma 1:20) Noma kunjengoba umphostoli uPawulu asho kuzEnzo 14:17: “Nokho akayekanga [uNkulunkulu] ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”

Amadoda afana noEnoke noNowa khona-ke ayekushisekela ukwamukela isipho sikaNkulunkulu sobungane. Babeqaphela ukuthi uNkulunkulu “ufanele . . . ukwamukela inkazimulo nodumo namandla.” (IsAmbulo 4:11) Khona-ke basabela esimemweni sikaNkulunkulu futhi basondela kuye ngokukholwa. “Ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa,” kwasho uPawulu, “ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.” (Heberu 11:6) Ngakho ngokufuna ubuhlobo noNkulunkulu, nawe, futhi, ungasenza ‘isivumelwano’ naYe. Futhi, umhubi wathi, “Ubusisiwe omkhethayo wena [Nkulunkulu], omsondezayo.”—IHubo 65:4.

Njengoba ubuhlobo noNkulunkulu benziwa ngokuvumelana naye, umuntu kumelwe atadishe iZwi lakhe, iBhayibheli ukuze athole “okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.” (Roma 12:2) “Ngingakwazi kanjani [ukusiqonda isiprofetho sikaIsaya], uma kungekho ongiholayo na?” kwabuza umfuni kaNkulunkulu oqotho endulo ngesikhathi seBhayibheli. Futhi mhlawumbe uzizwa ngendlela efanayo. Nokho, uNkulunkulu wenza ukuba umfundi ogama lakhe linguFiliphu aye kulendoda futhi ayichazele ngesiprofetho. (IzEnzo 8:30-35) Ingabe uNkulunkulu akabonisi nesincane isithakazelo kubafuni bakhe abaqotho namuhla? Phela, lona kanye iqiniso lokuthi ufunda lomagazini osekelwe eBhayibheli kubonisa isithakazelo sikaNkulunkulu kuwe! Ngeke yini kwaba ukuhlakanipha ukuvumela labo othole kubo lomagazini ukuba bakusize ufunde ngisho okwengeziwe ngoNkulunkulu?

Ukubona Ongabonwayo

Njengoba ukhula olwazini lukaNkulunkulu, kancane kancane uyoba ongokoqobo kuwe. Ngokushesha uzoba nokwazisa ngokuthi akasona isigaxa samandla esithile esingenagama kodwa kunalokho unguMuntu onegama! IBhayibheli kumaHubo 83:18 lithi: “Bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” NjengoMuntu, uJehova unezimfanelo, unezinto azithandayo nangazithandi—ngisho nemizwelo!—Qhathanisa noEksodusi 34:6, 7; IHubo 78:40.

UNkulunkulu futhi unezindinganiso zokulunga. Ngokwesibonelo, izAga 3:32 zithi: “Ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova, kepha abaqotho bayisifuba sakhe.” UJosefa wayengomunye ‘wabaqotho.’ IBhayibheli lisitshela ngendlela umfazi wenkosi yakhe yaseGibithe, uPotifari, amncenga ngayo ngokuphindaphindiwe ukuba alale naye. Naphezu kwalokho wenqaba, ethi, “Ngingenza kanjani lobubi obungaka, ngone kuNkulunkulu, na?”—Genesise 39:9.

UJehova wayengokoqobo kuJosefa. Wayemesaba ngempela futhi wenza ngokungathi wayembona ngokoqobo. UJosefa wayefana nomhubi owathi: “Ngimbeké uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikunyakaziswa.” (IHubo 16:8; qhathanisa nezAga 3:5, 6) UMose wayenokholo olufanayo. “Wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.”—Heberu 11:27.

Khona-ke, ukuhamba noNkulunkulu, kusho okungaphezulu kunokuthola ulwazi. Kusho ukuthatha indlela yokuphila evumelana nentando kaNkulunkulu eyambuliwe nenjongo! Kunjengoba umphostoli uPawulu ekubeka: “Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu.”—1 Korinte 10:31.

Ukuhamba NoNkulunkulu—Izinzuzo Zakho

“Ukuze kube nokusebenza okuhle kwemisipha namandla,” kwabhala uSussman noGoode encwadini yabo iThe Magic of Walking, “ukuhamba kutuswa odokotela nabezokwelapha njengokunezinzuzo ezihlukahlukene ezimangalisayo.” Phakathi kwezinzuzo ezishiwoyo kukhona ukugcina isisindo somzimba sisesilinganisweni, ukulala okuhle, ukukhululeka ekucindezelekeni, nokuvimbela izifo zenhliziyo. Uma lokho kuyiqiniso ngokuhamba koqobo, singalindela ukuthi ukuhamba noNkulunkulu kunenzuzo ngisho engaphezulu.

Nokho, ungalindeli, okuthile okuhlangenwe nakho okukhulu okungokomzwelo. Kodwa njengoba ‘usondela kuNkulunkulu’ ngokukhuleka nangokwenza ngokukholwa, uyojabulela “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke.” (Jakobe 4:8; Filipi 4:6, 7) Ngokwesibonelo, omunye wesifazane, wayephuza futhi esebenzisa imilaliso kakhulu ngenxa yokucindezeleka njalo. Walinga namahlelo amaningi eLobukholwa. Kodwa wabe eseqalisa ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wathi: “Lapho kungekho engangikuzama okwakungangikhulula ekucindezelekeni kwami, ukuqonda izinjongo zikaNkulunkulu kwanginikeza injongo yoqobo ekuphileni.” Yebo, njengoba umuntu eqala ukuhamba noNkulunkulu, uholelwa emkhondweni onesiqinisekiso omlethela izinzuzo ezingokomoya nezingokomzwelo.—Qhathanisa noIsaya 30:21.

Enye inzuzo yashiwo owesifazane ohlakaniphile ogama lakhe linguAbigayili. Watshela iNkosi uDavide ukuthi: “Noma kusukuma umuntu ukuxosha nokufuna ukuphila kwakho, umphefumulo weNkosi yami uyakube uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuJehova uNkulunkulu wakho.” Cabanga ngalokho! Lapho esongelwa izitha, ukuphila kukaDavide kwakuyoba ngaphansi kwesivikelo sikaJehova ngokungathi kwakungokuthile okuyigugu okuboshwe ngokunakekela ukuze kulondeke. Nakuba lokhu kungasho ngokungadingekile ukuthi ukuvikeleka okungokwenyama kuyonikezwa njalo izinceku zikaNkulunkulu, yena unesiqinisekiso sokuvikela izithakazelo zaphakade zalabo abahamba naye namuhla!—1 Samuweli 25:29; qhathanisa neHubo 116:15.

Nokho, lokhu, akusho ukuthi awusenakuzithola izinkinga ezivamile esintwini, ngokungathi amaKristu aphila uhlobo oluthile lokuphila okujabulisayo. USolomoni wathola ukuthi sonke isintu ‘sihlangabezana nesikhathi nethuba.’ (UmShumayeli 9:11) Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu, ‘wayeneva enyameni,’ kunokwenzeka kwakuwukugula okuthile okungokwenyama. (2 Korinte 12:7; Galathiya 4:13-15) Umngane wakhe uThimothewu ngokufanayo wayephethwe ‘ubuthakathaka obuvamile.’ (1 Thimothewu 5:23) Ngokufanayo, amaKristu namuhla anengxenye yawo ekuguleni ngisho nokuba nemizwa evamile yokudangala nokucindezeleka.

Ngaphezu kwalokho, uJehova uNkulunkulu ngezinye izikhathi uvumela uvivinyo lwesikhashana ukuze asihole, njengoba enza lapho evumela uJosefa ukuba aboshwe. (IHubo 105:17-19) Abanye bangase bafe kungakabi isikhathi ezandleni zabashushisi abanonya njengoba kwenzeka kuStefanu. (IzEnzo 7:57-60) Kodwa abangane bakaNkulunkulu akumelwe neze bazizwe belahliwe. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 4:8, 9.) “Ngokuba uNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe.” (Heberu 6:10) Omunye wesifazane ongumKristu owasekelwa iminyaka eminingi eboshwe ngokungemthetho wathi: “Nginokholo olujulile lokuthi akukho noyedwa walabo ababekezela ngentshiseko enkonzweni kaJehova abayothola ukujabhiswa. Ngenhliziyo yami yonke ngiye ngethemba uJehova namazwi akhe aqinisekisayo, ‘Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya.’”—Heberu 13:5.

Usizo Ekuqhubekeni Nempi Yethu

Ukugcina inkambo yokwethembeka enjalo akulula. USathane nemimoya yakhe emibi bafuna ukusifaka ogibeni. (Efesu 6:12) Futhi kunesimiso sezinto esibi esikhona esinezihibe ezikhangayo. UmKristu ekhulwini lokuqala ogama lakhe linguDema waphambukiswa ngoba ‘wathanda lelizwe lamanje.’ (2 Thimothewu 4:10) Okokugcina, kunenyama yethu enesono ethambekela kokubi. (Roma 7:21-23) Ukulwa ngokuqhubekayo nalamathonya kudingekile uma sifuna ukuqhubeka sihamba noNkulunkulu.

Nokho, uNkulunkulu, uye wasenzela amathuluzi amathathu anamandla ukuba asisize: (1) IZwi lakhe, iBhayibheli, elinikeza ukuqondisa okudingekile. (IHubo 119:105) (2) Inhlangano yakhe ebonakalayo, ibandla lobuKristu, eligcina isimiso sikaNkulunkulu sokondla ngokomoya. (Mathewu 24:45-47; Efesu 4:11-16) IWatch Tower Society, umnyathelisi walomagazini, unobuhlobo obuseduze naleyonhlangano. (3) Umoya waKhe ongcwele, esiwuthola ngomkhuleko, ngokutadisha imiBhalo, nangokuhlangana nabantu bakhe. Kuyoba iphutha elingathi sína ukunganaki noma iliphi lalamalungiselelo. Umprofethi uMika uyasiyala, ‘hambani noNkulunkulu wenu ngokuthobeka.’ (Mika 6:8) Lokho kusho ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu nokuthembela ngokuphelele kuNkulunkulu.

Ngempela, ukuhamba kwethu noNkulunkulu kungaqhathaniswa nengane encane ehamba noyise phakathi kwesiphepho esinamandla. Uma ingase isiyeke isandla sakhe noma inqume ukuzihambela ngeyayo indlela, beyiyolahleka ngokushesha. Kodwa uma ibambelela kuye ngokuqinile, ingahamba ngokulondekile nangesibindi noyise. Nathi, futhi, kumelwe siqaphele ukuba sizithobe ekuqondiseni kukaNkulunkulu njengoba kunikezwa ngeZwi nangenhlangano yakhe. Ukuzibusa kungasiholela kuphela ekudukeni ngokuphelele. Nokho, ngokuhamba noNkulunkulu ngokuthobeka, singaholwa ngokulondekile kwesizayo isiphepho seArmagedoni futhi sisindele ohlelweni olusha oluthenjisiwe. Lapho, ukufa nobuhlungu kuyoba sekuyizinto zesikhathi esidlule. (IsAmbulo 16:16; 21:3, 4; 2 Petru 3:13) Khona-ke, ingabe uyosemukela isimemo somusa sikaNkulunkulu sokuhamba naye?

[Isithombe ekhasini 6]

IZwi likaNkulunkulu, umoya, nenhlangano kungasisiza ukuba siqhubeke ‘sihamba ngokwethembeka noNkulunkulu’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela