Izwe Eligcwele Usizi
AKUKAZE kwenzeke ngaphambili emlandweni ukuba isintu sizwe ukuhlushwa, ukucindezeleka, nokuhlupheka okungaka. Izinhlekelele seziye zavama cishe njengomoya esiwuphefumulayo. Uchaza inkathi kusukela ngonyaka ka-1914, omunye umagazini wabika: “Lesi kuye kwaba isikhathi seziphithiphithi nobudlova obukhulu kakhulu, kokubili ngaphandle nangaphakathi kwemingcele yesizwe.”
Okukhathaza kakhulu ukuthambekela onyeni olungalawuleki empini yosuku lwanamuhla. Kwelinye izwe elincane laseAfrika, impi yeminyaka eyisikhombisa yabulala abantu abangaphezu kwezi-20 000. Kwakukhona ukuthumba, ukudlwengula, nezenzo ezifana nalezo. Abantu abadala nabantwana abancane baba izisulu zamabhomu agqitshwayo, amabhomu acitshwayo omlilo, nonya nje oluqondile.
Lapho sicabangela usizi ngokombono wabantu ngabanye, isimo esidabukisayo siba sobala. Ngokwesibonelo, zama ukuzibeka esimweni sowesifazane, owathi enabantwana bakhe, waphoqelelwa ekhonjwe ngesibhamu ukuba acule ashaye nezandla lapho iqembu lamadoda ligenca kancane kancane umyeni wakhe aze afe. Ubuyokwenzenjani? Yebo, ‘izizwe zisosizini’ ngempela futhi umuntu ngamunye uzwa lolosizi.—Luka 21:25.
Ngokuvamile amaKristu ayalugwema usizi ngenxa yokugcina ukungathathi-hlangothi kwangempela nangokugwema izindawo lapho ubudlova bungenzeka khona ngokwengeziwe. (Johane 17:16) Nokho, awanakulugwema lonke usizi, futhi ngezinye izikhathi ayahlupheka, njengoba kunjalo ngalabo abayingxenye yezwe. Ngobudlova nangokudukisa, uSathane uDeveli angabangela ukufa ngokushesha. Njengoba ingxenye yesigijimi esimenyezelwa ezweni lonke oFakazi BakaJehova sihlanganisa ukudalula imisebenzi kaDeveli, akumelwe yini silindele uSathane ukuba asebenzise “amandla okufa” emzamweni wokuqeda labaphathi besigijimi? ImiBhalo ibonisa kanjalo.—Heberu 2:14, 15; IsAmbulo 2:10; 12:12, 17.
AmaKristu Abhekana Nokuhlupheka Okwengeziwe
Ngaphezu kosizi olubhekene nabantu bonke, abalandeli abathembekile bakaJesu Kristu kumelwe bakhuthazelele ushushiso oluza kubo ngenxa yokumelela kwabo okuqinile uMbusi weNdawo Yonke, uJehova uNkulunkulu, noMbuso wakhe. Ngemva kokuchaza izenzakalo ezicindezelayo ezaziyobonisa ukuphela kwesimiso sokubusa komuntu ngaphansi kukaSathane, uJesu wathi: “Lapho-ke bayakunikhaphela [abafundi bakaJesu] osizini, banibulale; niyakuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” UMarku ucaphuna uJesu enezela ngokuthi, “Niyakushaywa.”—Mathewu 24:3, 7-9; Marku 13:9.
Yebo, ngenxa yokuphikelela kwabo beshumayela “lelivangeli lombuso” emhlabeni wonke ngaphansi kwazo zonke izimo, abantu bakaJehova kuye kwadingeka ukuba bakhuthazelele olunye uvivinyo loshushiso—ukushaywa, ukuvinjelwa, ukuboshwa, nezinye izinhlobo zokuphathwa ngonya. (Mathewu 24:14) Phela, abashushisi baye babulala ngisho namanye amaKristu ‘acala’ lawo kuphela kwakuwukufundisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwethemba lesintu!
UJesu wathi: “Okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” (Marku 13:13) Nokho, ingabe thina singakhuthazela futhi singehluleki? Ingabe ukhona noma imuphi umthombo wenduduzo ngisho nasosizini olukhulu kakhulu? Ingabe sinazo izibonelo zalabo abaye bakhuthazela?