Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini
Ingabe Izinsizi Esibhekana Nazo Ekuphileni Ziyisijeziso Esivela KuNkulunkulu?
Ingabe kunesenzakalo esibuhlungu esake sakuvelela esakwenza wazibuza ukuthi ingabe uNkulunkulu ufuna ubhekane nezinsizi? Ukugula, ingozi eshiya umuntu egogekile noma ukufa ngokuzumayo kothile emndenini kungasenza sizizwe sengathi uNkulunkulu uyasijezisa.
Akufanele ucabange kanjalo, kunalokho kufanele kukududuze ukwazi ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu bajabule futhi bangavelelwa izingozi. Lokhu kubonakala eqinisweni lokuthi lapho uNkulunkulu edala abantu bokuqala, wababeka “ensimini yase-Edene,” ipharadesi elalinjengepaki, lapho babezophila khona ngaphandle kwezinsizi.—Genesise 2:15.
Okudabukisayo ukuthi abantu ababili bokuqala bakhetha ukukulahla lokhu kuphila okuhle kangaka, baphula umthetho kaNkulunkulu ngamabomu. Imiphumela ebuhlungu ayigcinanga ngokuthinta bona kuphela, kodwa yathinta nayo yonke inzalo yabo, kuhlanganise nathi. Kungani? Lesi simo singafaniswa nalokho okwenzekayo uma inhloko yekhaya ingakhokhi imali yokuqasha, bese wonke umndeni uxoshwa endlini obuhlala kuyo, ubhekane nobunzima nokuhlupheka. Ngokufanayo, sonke isintu sihlupheka ngenxa yokuhlubuka kwabantu bokuqala. (Roma 5:12) Eminyakeni eminingi edlule, indoda elungileyo, uJobe, yalila yathi uma ubuhlungu nokuhlupheka kwayo ‘kungabekwa esikalini, kungasinda ngisho nangaphezu kwezihlabathi zezilwandle.’—Jobe 6:2, 3.
Enye into esilethela usizi ukungakwazi kwethu ukubona ngale kwesimo samanje. Ngokwesibonelo, cabanga ngomakhi wezindlu owakha futhi athengise izindlu ezisendaweni ethandwa imililo. Ngenxa yokuthi wena wawungakwazi lokho, wathenga indlu lapho wahlala kuyo. Ukuhlala kule ndawo akufaki yini wena nomndeni wakho engozini? Ingabe noma iziphi izinkinga ezinganivelela zingasho ukuthi uNkulunkulu uyanijezisa? IBhayibheli linala mazwi ahlakaniphile: “Noma ubani ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”—IzAga 14:15.
Nokho, kuyaduduza ukwazi ukuthi nakuba sonke siyovelelwa usizi, uNkulunkulu uhlose ukuba maduze isintu sikhululeke kulo. Lapho leso sikhathi sifika, ngeke uphinde ubhekane, ubone noma uzwe ngosizi. Izinyembezi zosizi, ubuhlungu, ukufa nokulila ‘kuyodlula.’ (IsAmbulo 21:4) Siyajabulisa nesithembiso sokuthi abantu ngeke baphinde bakhe izindlu, batshale izivini, bese kucekelwa phansi izimpi noma izinhlekelele. Kunalokho, umsebenzi wezandla zabo “bayowusebenzisa ngokugcwele.”—Isaya 65:21-25.
Njengoba usalindele ukuba uNkulunkulu aluqede ngokuphelele usizi, yini ongayenza manje ukuze unciphise ubuhlungu balo? Okokuqala, iBhayibheli lisiyala ukuba ‘singenciki kokwethu ukuqonda,’ kodwa lithi kufanele ‘sithembele kuJehova ngayo yonke inhliziyo.’ (IzAga 3:5) Mvumele akuqondise futhi akududuze. Lalela ukuhlakanipha kwakhe okuseBhayibhelini. Kuzokusiza ukuba wenze izinqumo ezihlakaniphile futhi kukuvikele kulezo zinsizi ezingagwemeka.—IzAga 22:3.