“ULizwi WayekuNkulunkulu, ULizwi Waye . . . ”?
ZIMBALWA izindima eBhayibhelini okuye kwalethwa kuzo ukunakekela okukhulu emasontweni eLobukholwa kunoJohane 1:1. Indlela afundeka ngayo ezinguqulweni zamaBhayibheli amaningi iyafana naleyo esenguqulweni yeKing James Version: “Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu [ὁ θεός], uLizwi wayenguNkulunkulu [θεός].”
Abaningi abavumela uZiqu-zintathu bakhomba kulendima ekusekeleni imfundiso yabo. Nokho, lelivesi, liye lahunyushwa ngokwehlukile kwezinye izinguqulo, ngeqiniso lokuthi igama lokuqala lesiGreki lembula umahluko ocashile ekuhunyushweni okufana nokungenhla.
Ngo-1984 kwakhishwa ngesiNgisi inguqulo ethathwe esiJalimaneni ehlaziywe isazi uErnst Haenchen (Das Johannesevangelium. Ein Kommentar). Imhumusha kanje uJohane 1:1: “Ekuqaleni kwakunoLogos, futhi uLogos wayekuNkulunkulu, nonkulunkulu (wohlobo lobunkulunkulu) wayenguLogos.”—John 1. A Commentary on the Gospel of John Chapters 1-6, ikhasi 108, ehunyushwe nguRobert W. Funk.
Lapho iqhathanisa uGenesise 1:1 nevesi lokuqala levangeli likaJohane, lenguqulo iyaphawula: “Nokho, uJohane 1:1, usitshela ngokuthile okwakuvele kukhona kakade ezikhathini zasendulo; ngokumangalisayo, akuyena ‘uNkulunkulu.’ . . . ULogos (asinalo igama ngesiJalimane noma ngesiNgisi elihambelana kahle nencazelo yegama lesiGreki) khona-ke uye waphakanyiswa kangangokuba ucishe abe yisinengiso. Lenkulumo yenziwa yamukeleke kuphela ngosizo lokuqhubekela ekutheni ‘futhi uLogos wayekuNkulunkulu,’ okungukuthi, wayesondelene kakhulu, ehlangene ngokobuntu noNkulunkulu.”
Ingabe lokho kusho ukuthi isazi uHaenchen saphawula esiGrekini umehluko othile phakathi kukaNkulunkulu noLogos, noma uLizwi? Amazwi alandelayo omlobi agxila eqinisweni lokuthi olimini lokuqala awekho amazwi aqondile asetshenziswe negama uthe·osʹ, noma unkulunkulu, engxenyeni yokugcina yomusho. Umlobi uyachaza:
“Ukuze kugwenywe ukungaqondisisi kahle, kungase kuthiwe lapha uθεός [the·osʹ] noὁ θεός [ho the·osʹ] (‘unkulunkulu noNkulunkulu’) babengeyona into efanayo ngalenkathi. Ngakho-ke uPhilo uye wabhala: Uλόγος [uLogos] usho kuphela uθεός (‘unkulunkulu’) futhi akasho uὁ θεός; (‘uNkulunkulu’) ngenxa yokuthi uLogos akayena ngempela uNkulunkulu. . . . Futhi, ngokufanayo, uOrigen, uyahumusha: umVangeli akasho ukuthi uLogos ‘unguNkulunkulu,’ kodwa kuphela ukuthi uLogos ungunkulunkulu.’ Eqinisweni, ngokombhali weculo [elikuJohane 1:1], njengokomVangeli, uYise kuphela ‘owayenguNkulunkulu’ (ὁ θεός; cf. 17:3); ‘iNdodana’ yayingaphansi kwakhe, (cf. 14:28). Kodwa lokhu kuvezwe kuphela kulendima ngoba lapha kugcizelelwa ukusondelana okukhona komunye nomunye.”
Khona uHaenchen uyaphawula: “Kwakulula kakhulu ngemfundiso yobuJuda nobuKristu yokukholelwa kuNkulunkulu oyedwa ukukhuluma ngezidalwa ezingonkulunkulu lezo ezasisemaceleni nangaphansi kukaNkulunkulu kodwa ezazingafani ncamashí naye. UFilipi 2:6-10 uyakufakazela lokho. Kulawomavesi uPawulu uchaza isidalwa esinjalo esiwunkulunkulu, kamuva esaba ngumuntu uJesu Kristu. . . . Khona-ke, kokubili kwabaseFilipi nakuJohane 1:1 akukhulunywa ngobuhlobo obungenakuhlukaniswa obukhona phakathi kwababili koyedwa, kodwa ngobunye obuphakathi kwabantu ababili abahlukene.”—Amakhasi 109, 110.
Khona-ke, kunokuthi uLogos (uJesu) wayenoNkulunkulu futhi wayenguNkulunkulu, uJohane 1:1 uchaza ukuthi uLogos wayenoNkulunkulu uMninimandla onke futhi wayengunkulunkulu.