IBhokisi Lemibuzo
◼ Ingabe kuyafaneleka ukuba amabandla noma abantu ngabanye basebenzise izimpawu zezinhlangano ezingokomthetho ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova?
Uphawu (logo) luyigama noma uphawu oluklanyelwe ukuba kube lula ukubona inkampani ngokuqinisekile. Uphawu lwe-Watch Tower lumelela i-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania nezinye izinhlangano ezisebenza ngaphansi kwayo. Ezinye izinhlangano ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova zinezimpawu ezihlukile.
Amabandla noma abantu ngabanye akufanele basebenzise izimpawu noma amagama ezinhlangano zethu ezingokomthetho, noma izimpawu ezifana nazo emaHholo OMbuso, ezimpawini ezikhomba amahholo, ezincwadini, ezintweni zomuntu siqu nokunye. Ukusebenzisa izimpawu zenhlangano ngaleyo ndlela kungazidida izikhulu zomphakathi, abamemezeli nabanye ngokuphathelene nokuhlobana kwebandla nezinhlangano zethu ezingokomthetho. Ngokufanayo, izincwadi ezibhaliwe zingase ngephutha zibhekwe njengezigunyazwe noma ezithunyelwe indlunkulu yomhlaba wonke noma ihhovisi legatsha.
Uphawu lwe-Watch Tower, noma izimpawu ezifana nalo, akufanele zisetshenziswe lapho kwakhiwa amaHholo OMbuso esikhathini esizayo ngisho noma iHholo LoMbuso lingaphansi kwenhlangano ye-Watch Tower. Amabandla anamaHholo OMbuso analolu phawu akudingekile ukuba enze ushintsho ngokushesha ezimpawini noma emiklamweni yamahholo, ngoba ushintsho olunjalo lungase luhilele umsebenzi omkhulu nesikhathi esiningi, umzamo nezindleko. Nokho, kufanele lwenziwe ushintsho uma luluncane futhi lungeke luhilele umsebenzi omkhulu. Ngalé kwalokho, lungenziwa lapho isakhiwo silungiswa noma kushintshwa uphawu.