Ikusasa Lakho Ubani Ongalibikezela?
UKUZAMA ukubikezela ngekusasa kulula, likushaya emhloleni akulula. Kuba ukuphishekela ize uma okubikezelwe kubaphendukela, njengoba izibonelo ezilandelayo zibonisa ngokusobala.
Kusukela ezikhathini zasendulo, umuntu uye wazama ukuthola okuphethwe yikusasa. Ngisho nanamuhla, iningi lethu linesifiso sokwazi ngekusasa. Lokhu kufunwa kolwazi lwezehlakalo ezizayo kuye kwaholela umuntu ekuzameni izindlela eziningi. Ngokwesibonelo, umziniba womuntu uye wahlolwa ukuze kutholakale izimpawu esimweni sobuso, ukuma kogebhezi lwekhanda, nemigqa entendeni yesandla. Umuntu uye wafunda ngezilwane—ukuhamba kwamagundane noma izinyoka, ukundiza kwezinyoni, ngisho nendlela iqhude elingcofa ngayo izinhlamvu zikakolo ezibekwe phansi. Abanye baye basebenzisa izinto ezifana namatshe okubikezela inhlanhla, amaphepha okudlala, amadayisi, izinkambi zetiye, noma ikhofi. Amasu ahlukahlukene njengabantu, amasiko, nezinkathi zezikhathi, kodwa imiphumela iyafana yonke; ukwehluleka.
Nokho, ukhona ongabikezela ikusasa ngokushaya emhloleni. Ubani? UJehova uNkulunkulu. UJehova uhlukile ngoba “umemezela ngaphambili okuyakuza.” Ngisho noma izehlakalo zingakenzeki ngokugcwele, uNkulunkulu angabikezela ukuthi umvuthwandaba uyoba yini. Yebo, uJehova angalembula ikusasa phambi kwamehlo omuntu hhayi nje ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili kodwa emakhulwini eminyaka ngaphambi kwesikhathi!—Isaya 46:10.
Ngakho-ke, ukufuna ulwazi ngekusasa akumelwe kuphelele ezeni. iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liye lasihlelela izici ezibaluleke kakhulu. Yini nje elibonisa ukuthi igcinelwe isintu?
[Izithombe ekhasini 3]
“Azinakuba khona izindiza-mshini ezingamelana nomoya.”—Lord Kelvin isazi esiyiNgisi semathematics, isayensi yemvelo, noMongameli weBritish Royal Society, c. 1985.a
[Imibhalo yaphansi]
a Lezi zingeaphuno zikhishwe encwadini iThe Experts Speak, kaChristopher Cerf noVictor Navasky.
“Ukuze siqale ukuzama ukuqonda ukuthi impilo iyobe injani ngo-1960, kume-lwe siqale ngokuqaphefa ukuthi ukudla, okokugqoka, nendawo yokuhlala kuyobe kungabizi ngisho isenti.”—John Langdon-Davies, intatheli yaseBrithani neLungu leRoyal Anthropological Institute, 1936.
“Lobu ubuthutha obukhulu kunabo bonke esake sa benza. . . . Ngeke iqhume ibhomu, futhi ngikhuluma njengengcweti yeziqhumane.”—INduna yempi uWilliam Leahy, ebonisa uMongameli waseU.S. uHarry Truman ngomsebenzi webhomu yeathomu waseU.S., 1945.
[Umthombo]
U.S. National Archives